“Hambisa Omagazini Abadala Nanoma Iyiphi Enye Incwajana Ekhuluma Ngento Umuntu Anesithakazelo Kuyo”
Phakathi nezinyanga esihambisa ngazo incwadi ethi Okufundiswa YiBhayibheli nesicela ngazo izifundo zeBhayibheli ekuhambeleni kokuqala, sikhuthazwa ukuba “sihambise omagazini abadala nanoma iyiphi enye incwajana ekhuluma ngento umuntu anesithakazelo kuyo” noma nini lapho umninikhaya esenayo kakade incwadi futhi engasamukeli isifundo. Ngani?
Izincwajana nomagazini abadala kuxoxa ngezihloko ezihlukahlukene ezihambisana nesikhathi. Okunye okukwenye yalezo zincwadi kungayithinta inhliziyo yomninikhaya. Ngakho, uma upakisha isikhwama sakho sokushumayela, faka nezincwajana eziningana ezihlukahlukene nomagazini abadala. Uma ungenabo omagazini abadala, cishe ungabathola endaweni kamagazini. Khona-ke, uma umninikhaya esenayo kakade incwadi Okufundiswa YiBhayibheli futhi engavumi ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli, ungambonisa omagazini obaphethe noma izincwajana bese umcela ukuba akhethe ayithandayo. Ngemva kwalokho, hlela ukubuyela ukuze uthuthukise isithakazelo. Mhlawumbe kungagcina sekuyisifundo seBhayibheli.