Siza Abantu Balalele UNkulunkulu
1. Iyiphi incwajana eyakhululwa eMhlanganweni Wesigodi othi “UMbuso KaNkulunkulu Mawuze!” futhi yini eyenza ibe ithuluzi eliwusizo?
1 EMhlanganweni Wesigodi othi “UMbuso KaNkulunkulu Mawuze!” kwakhululwa incwajana ethi, Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade. Ngenxa yokuthi le ncwajana inamagama ambalwa, ingahunyushwa kalula nangokushesha. Empeleni, ngaphambi kokuba ikhululwe, kwagunyazwa ukuba incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade ihunyushelwe ezilimini ezingu-431.
2. Obani abayozuza kule ncwajana?
2 Obani abayozuza ngokukhethekile kule ncwajana? Cabangela lezi zimo ezilandelayo eziphakama njalo emhlabeni wonke:
• Ummemezeli uxoxa nomninikhaya, aqalayo ukukhuluma naye noma wenza impindelo, uyabona ukuthi umninikhaya akakwazi ukufunda noma uyankwankwaza.
• Ummemezeli ushumayela kubantu abakhuluma ulimi esihumusha izincwadi ezimbalwa zalo noma ezingekho nhlobo izincwadi zalo. Noma, iningi labantu abasensimini abakwazi ukufunda ulimi abalukhuluma kahle.
• Ummemezeli usebenzisa ulimi lwezandla ukuze afakaze kumuntu oyisithulu osensimini yakhe.
• Umzali ufisa ukufundisa ingane yakhe encane iqiniso engakakwazi ukufunda.
3. Ihlelwe kanjani incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade?
3 Indlela Ehlelwe Ngayo: Incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade iklanyelwe ukufundwa nalabo abangakwazi kahle ukufunda. Phezulu echosheni elingakwesobunxele lesifundo ngasinye esinamakhasi amabili kunombuzo ophendulwa kulawo makhasi. Imifanekiso ihambisana namagama kanye nemiBhalo ekhonjiwe. Echosheni elimangezansi lamakhasi amaningi kunebhokisi elinamaphuzu engeziwe nemiBhalo ekhonjiwe okungase kuxoxwe ngakho, kuye ngekhono lomfundi.
4. Singayihambisa nini futhi kanjani le ncwajana?
4 Indlela Yokuyisebenzisa: Ungayihambisa le ncwajana noma nini enkonzweni yendlu ngendlu uma unomuzwa wokuthi kuzozuzisa ukuyihambisa, ngisho noma kungahanjiswa izincwajana ngaleyo nyanga. (Bheka ibhokisi elithi “Indlela Engahanjiswa Ngayo.”) Ungayihambisa lapho wenza impindelo ngokumane nje utshele umuntu othakazelayo ukuthi ufisa ukumbonisa okuthile bese umnika incwajana. Ningayifunda ndawonye kanye nemiBhalo lapho nixoxa ngesithombe ngasinye.
5. Singabasiza kanjani esibafundela iBhayibheli ukuba bathuthuke?
5 Siza Umfundi Ukuba Athuthuke: Cishe, ingxoxo yakho iyokwenza umfundi abe nesifiso sokutadisha nesokufunda ukuze angenise ulwazi ngoJehova. (Math. 5:3; Joh. 17:3) Nokho, umfundi uyobe engakakulungeli ukubhapathizwa ngemva kokuqeda le ncwajana. Ngemva kwalokho kufanele nifunde incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma enye incwadi efanelekayo eyomenza aliqonde ngokugcwele iBhayibheli.
6. Kungani ubonga ngaleli thuluzi elisha esizolisebenzisa enkonzweni?
6 Abantu kumelwe balalele uMbusi wendawo yonke uma befuna ukuphila phakade. (Isaya 55:3) Intando kaJehova iwukuba “zonke izinhlobo zabantu,” kuhlanganise nalabo abangakwazi ukufunda, zifunde ukumlalela. (1 Thim. 2:3, 4) Yeka indlela esibonga ngayo ngaleli thuluzi elisha esingalisebenzisela ukufundisa abantu indlela yokulalela uNkulunkulu!
[Ibhokisi ekhasini 7]
Indlela Engahanjiswa Ngayo
Bonisa umninikhaya amakhasi 2-3, bese uthi: “Ungathanda yini ukuphila ezweni elifana naleli? [Lindela impendulo.] ImiBhalo ithembisa [noma, le ncwadi engcwele ithembisa] ukuthi maduzane uNkulunkulu uzokwenza umhlaba ube muhle, ube indawo enokuthula lapho kuyobe kungekho muntu ompofu noma ogulayo. Phawula lokho okumelwe sikwenze ukuze siphile kuleyo ndawo. [Funda u-Isaya 55:3, okhonjiwe ekhasini 3 phezulu.] Leli vesi lisinxusa ukuba ‘size’ kuNkulunkulu futhi ‘simlalele.’ Kodwa simlalela kanjani uNkulunkulu?” Phenya ekhasini 4-5 bese nixoxa ngempendulo. Uma engenaso isikhathi, mshiyele le ncwajana bese wenza amalungiselelo okubuya nizoxoxa ngempendulo.