Qapha Ingqondo Yakho
1. Sithini isihloko somhlangano wesifunda wonyaka wenkonzo ka-2013, futhi siklanyelweni lesi simiso?
1 UJesu wayala abafundi bakhe ukuba bathande uJehova ngenhliziyo yabo, umphefumulo nangengqondo yabo yonke. (Math. 22:37, 38) Imihlangano yesigodi, yesifunda nekhethekile yalo nyaka iklanyelwe ukusisiza siqinise umuntu esinguye ngaphakathi. Njengoba uzokhumbula, isihloko somhlangano wethu wesigodi ka-2012 sithi “Qapha Inhliziyo Yakho!” Umhlangano okhethekile wosuku olulodwa wonyaka wenkonzo ka-2013 unesihloko esithi “Qapha Unembeza Wakho.” Uchungechunge lwemihlangano yesifunda oluzoqala ngenyanga ezayo luyoba nesihloko esithi “Qapha Ingqondo Yakho,” esisekelwe kuMathewu 22:37. Lesi simiso siklanyelwe ukusiza ngamunye wethu ukuba ahlaziye imicabango yakhe ngenjongo yokuyenza imjabulise ngokwengeziwe uJehova.
2. Izimpendulo zamiphi imibuzo okufanele sizithole phakathi nesimiso?
2 Okuyoxoxwa Ngakho: Njengoba silalele emhlanganweni wesifunda, kufanele sithole izimpendulo zale mibuzo, ezingamaphuzu ayinhloko:
• Singakugwema kanjani ukucabanga ‘imicabango yabantu’?
• Singasiza kanjani ekususeni umgubuzelo ophuphuthekisa izingqondo zabangakholwa?
• Isiphi isimo sengqondo esifuna ukuba naso?
• Ziyini izinzuzo zokuzindla ngezinto ezifanele?
• Singamvumela kanjani uJehova ukuba abumbe ukucabanga kwethu?
• Amadoda, amakhosikazi, abazali nabantwana bangaba kanjani nendima enjabulweni yomkhaya?
• Singalulungela kanjani usuku lukaJehova?
• Kusho ukuthini ukubhukula izingqondo zethu ngenjongo yokusebenza?
• Iziphi izinzuzo ezitholwa yilabo abasebenzisa abakufundayo?
3. Kungani kubalulekile ukuba sibe khona ngazo zombili izinsuku, silalelisise futhi sikusebenzise esikufundayo?
3 USathane ulwa nezingqondo zethu futhi ufuna ukuzonakalisa. (2 Kor. 11:3) Ngakho-ke, kumelwe sivikele izingqondo zethu futhi silawule imicabango yethu. Kumelwe siqhubeke sibonakalisa umqondo kaKristu futhi silwe namathonya aleli zwe elingenamthetho. (1 Kor. 2:16) Ngakho, yenza amalungiselelo okuba ube khona ngazo zombili izinsuku zomhlangano wesifunda. Lalelisisa. Ukusebenzisa ukwaziswa okubalulekile okuyokwethulwa kuyosisiza ukuba izingqondo zethu zibhukulele intshiseko enkonzweni yoMbuso.—1 Pet. 1:13.