IBhokisi Lemibuzo
◼ Ngaphambi kokuba ummemezeli ongabhapathiziwe afanelekele ukubhapathizwa, kufanele abe esehlanganyela ngezinga elingakanani emihlanganweni yebandla nasensimini?
Ukubhapathizwa kuyisinqumo esibaluleke kakhulu umuntu angasenza. Ngakho-ke, ngaphambi kokuba umuntu afanelekele ukubhapathizwa, kumelwe aqonde ngezinga elifanele ukuthi yini uNkulunkulu ayifunayo kuye. Ngaphezu kwalokho, kufanele kube ukuthi kakade usebonisa ukuzimisela ukuphila ngezimfuneko zikaNkulunkulu.
AmaKristu ayalwa ukuba angakuyeki ukuhlangana kwawo ndawonye, ngakho ummemezeli ongabhapathiziwe kufanele kube ukuthi ukukhuthalele kakade ukuba khona emihlanganweni yebandla. (Heb. 10:24, 25) Kufanele abe esephendula esifundweni. Cishe, uyobe ebhalisile eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, nakuba lokhu kungeyona imfuneko.
Ngaphezu kwalokho, njengoba amaKristu enikwe umyalo wokushumayela izindaba ezinhle nokwenza abafundi, ummemezeli ongabhapathiziwe kufanele kube ukuthi uya njalo ensimini ngaphambi kokubhapathizwa. (Math. 24:14; 28:19, 20) Kufanele abe esengummemezeli izinyanga ezingaki ngaphambi kokuba abhapathizwe? Kufanele anikwe isikhathi esanele sokubonisa ukuzimisela okungaguquki ukuhlanganyela njalo ngentshiseko ensimini zinyanga zonke. (IHu. 78:37) Nokho, akudingekile kube isikhathi eside kakhulu kusukela eqalile ukushumayela kuze kube yilapho efanelekela ubhapathizo, mhlawumbe kungaba ngemva kwezinyanga ezimbalwa. Kufanele abe esebika amahora amangaki enkonzweni yasensimini? Ayikho imithetho ebekiwe. Abadala kufanele bacabangele izimo zommemezeli ngamunye ezingafani nezabanye futhi babe nokulinganisela.—Luka 21:1-4.
Abadala (noma izinceku ezikhonzayo emabandleni anabadala abambalwa kakhulu) abahlangana nomuntu ofisa ukubhapathizwa kufanele bakhumbule ukuthi abantu abafani futhi kufanele basebenzise ukwahlulela okuhle ekunqumeni ukuthi uyakufanelekela yini ukubhapathizwa. Bayolindela ukuba abe nesifiso sangempela sokuba omunye woFakazi BakaJehova futhi abonise ukuthi uyalazisa ilungelo analo lokuzihlanganisa nenhlangano kaJehova nokuhlanganyela enkonzweni. Abadala bayaqonda ukuthi akakavuthwa ngokomoya nokuthi akakabi nekhono labamemezeli ababhapathiziwe abanokuhlangenwe nakho. Uma abadala benomuzwa wokuthi lowo onesifiso sokubhapathizwa akakafaneleki, kufanele bamtshele ngomusa izizathu ezingokomBhalo zesinqumo sabo futhi bamsize athole usizo olungokomoya.