Ukusiza Abangakakulungeli Ukufunda Incwadi Ethi Okufundiswa IBhayibheli
1. Ingabe incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli iyokhanga wonke umuntu zisuka nje? Chaza.
1 Ukuze umuntu abe umkhulekeli kaJehova, kumelwe afunde okufundiswa iBhayibheli. Nokho, abanye basenkolweni engeyona eyobuKristu futhi abalibheki iBhayibheli njengeliyiZwi likaNkulunkulu. Abanye abakholelwa nhlobo kuNkulunkulu futhi abalihloniphi iBhayibheli. Yimaphi amathuluzi asize labo ekuqaleni ababengathandisisi ukwamukela incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli? Ukusikisela okulandelayo kusekelwe kulokho okwashiwo abamemezeli basemazweni angaba ngu-20.
2. Uma othile esitshela ukuthi akakholelwa kuNkulunkulu, yini okufanele sizame ukuyithola, futhi ngani?
2 Abangakholelwa KuNkulunkulu: Uma umuntu ethi akakholelwa kuNkulunkulu, kuyazuzisa ukuthola ukuthi kungani esho kanjalo. Ingabe kungoba ukholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo? Ingabe uphelelwe ukholo kuNkulunkulu ngenxa yokungabi nabulungisa emhlabeni noma ubuzenzisi enkolweni? Ingabe uvela ezweni lapho ukukholelwa kuNkulunkulu kuvinjelwe khona? Mhlawumbe akaphiki ukuthi uNkulunkulu ukhona, umane nje akasiboni isidingo sokukholelwa kuye. Abamemezeli abaningi bathola ukuthi ukumbuza lowo muntu ukuthi, “Ingabe ubulokhu uzizwa ngaleyo ndlela?” kumenza achaze isizathu. Mlalele, ungamngeni emlonyeni. Uma siqonda ukuthi kungani umuntu engakholelwa kuNkulunkulu siyokwazi ukuthi singamphendula kanjani nokuthi iyiphi incwadi esingamnika yona.—IzAga 18:13.
3. Singayibonisa kanjani inhlonipho ngomuntu nezinkolelo zakhe?
3 Lapho uphendula, zama ukugwema ukwenza umuntu azizwe sengathi uhlasela umbono wakhe. Ukusikisela okulandelayo kuvela e-United States: “Kubaluleke kakhulu ukuhlonipha inkululeko yabantu yokunquma ukuthi yini abazoyikholelwa. Kunokufuna ukunqoba impikiswano, kungcono kakhulu ukubabuza imibuzo ebenza bacabange futhi bafinyelele kwezabo iziphetho.” Ngemva kokulalela umninikhaya eveza imizwa yakhe, omunye umbonisi ojikelezayo uvame ukuqala impendulo yakhe ngokumbuza, “Wake wacabanga ukuthi kungenzeka kungale ndlela?”
4. Singawasiza kanjani amaBuddha?
4 Ukuba khona kukaNkulunkulu kuyinto eyinqaba kumaBuddha amaningi. Abanye abamemezeli eBrithani bathanda ukusebenzisa incwajana ethi Lasting Peace and Happiness—How to Find Them lapho beshumayeza abantu abanjalo. Ngemva kokuxoxa ngesethulo sayo, bafunda ingxenye ethi “Is There Really a Most High Creator?” nethi “A Guidebook for the Blessing of All Mankind.” Ngemva kwalokho, bangase bakwazi ukwethula incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli bese bethi kumninikhaya, “Ngisho noma ungakholelwa kuNkulunkulu, ukutadisha iBhayibheli kuyazuzisa ngoba linezeluleko eziwusizo.” Iphayona lase-United States elikhonza ensimini yesiShayina lathi: “Abaningi ensimini yethu bayathanda ukufunda. Ngakho ngokuvamile basuke sebeyifunde yonke incwadi ngaphambi kokuba sibuye. Kodwa bangase bangaqondi ukuthi siyini isifundo seBhayibheli. Ngakho ngithanda ukubanika incwajana ethi Izindaba Ezinhle ekuhambeleni kokuqala ngoba ibhalwe ngendlela ekhuthaza ingxoxo.” Umbonisi wesifunda okhonza ensimini yesiShayina e-United States uthi ungakwazi ukwethula incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ekuhambeleni kokuqala. Nokho, kungangcono ukuqala isifundo esahlukweni 2 esikhuluma ngeBhayibheli, kunasesahlukweni 1 esikhuluma ngoNkulunkulu.
5. Kungani kubalulekile ukuba nesineke?
5 Kuthatha isikhathi ngomuntu ukuba akhe ukholo kuNkulunkulu, ngakho kubaluleke kakhulu ukuba nesineke. Izingxoxo zethu zokuqala zingase zingamshukumiseli ukuba avume ukuthi ukhona uMdali. Kodwa mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi uyovuma ukuthi kungenzeka ukhona, noma angase athi uyaqonda ukuthi kungani umuntu engase aphethe ngokuthi ukhona.
6. Kungani abanye bengase bangabi nasithakazelo eBhayibhelini?
6 Abangenasithakazelo Noma Abangalethembi IBhayibheli: Nokho, ngokuvamile umuntu ovumayo ukuthi kungenzeka uNkulunkulu ukhona akanasithakazelo kokufundiswa iBhayibheli ngoba akakholelwa ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu. Kungenzeka uhlala ezweni elingelona elobuKristu futhi uhlobanisa iBhayibheli neLobukholwa. Noma kungenzeka uhlala ezweni elaziwa ngokuthi elobuKristu kodwa elinabantu abangenandaba nenkolo futhi ucabanga ukuthi iBhayibheli ngeke limsize. Singabasiza kanjani abanjalo ukuba babe nesithakazelo eBhayibhelini futhi ekugcineni bamukele isifundo ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli?
7. Ngokuvamile iyiphi indlela engcono yokusiza abangenasithakazelo eBhayibhelini?
7 Ihhovisi legatsha eGreece labhala: “Indlela enhle kakhulu yokusiza abangenasithakazelo eBhayibhelini ukulivula ubabonise ukuthi lithini. Abamemezeli abaningi baye baqaphela ukuthi ithonya lomyalezo weBhayibheli enhliziyweni yomuntu linamandla kakhulu kunanoma yini bona abangase bayisho. (Heb. 4:12) Ukubona igama likaNkulunkulu eBhayibhelini kuye kwasiza abaningi ukuba babe nesifiso sokulihlola.” Ihhovisi legatsha eNdiya labhala: “Iqiniso ngokuphila nokufa liwakhanga ngempela amaHindu amaningi—siyawakhanga nesithembiso seBhayibheli somhlaba onabantu abangabandlululani ngokwezigaba.” Ukubhekisela ezinkingeni ezikhathaza abantu endaweni kuvame ukunika abamemezeli ithuba lokubabonisa okushiwo iBhayibheli ngalokho uMbuso kaNkulunkulu ozokwenza ukuze ulungise izinto.
8. Singathini kulabo abanombono omubi ngeBhayibheli ngenxa yeLobukholwa?
8 Uma umuntu enombono omubi ngeBhayibheli ngenxa yeLobukholwa, mtshele ukuthi eLobukholwa liye lahlanekezela iBhayibheli nezimfundiso zalo. Ihhovisi legatsha eNdiya labhala: “Ngezinye izikhathi kudingeka sisize abantu ngabanye ukuba babone ukuthi amasonto awabona abanikazi beBhayibheli.” Labika nokuthi amaHindu avame ukuhlabeka umxhwele lapho efunda ingxenye 4 encwajaneni ethi Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?, echaza indlela amasonto aye azama ngayo ukungcolisa nokushabalalisa iZwi likaNkulunkulu. Iphayona laseBrazil lithi kubantu: “Kunganjani uthole okwengeziwe ngalokho okuseBhayibhelini? Abantu abaningi benza kanjalo ngomqondo ovulekile, ngaphandle komuzwa wokuthi bazibophezela enkolweni ethile. Okufundayo kungase kukumangaze.”
9. Kungani kungafanele siphele amandla uma othile ekuqaleni engenasithakazelo kulokho okufundiswa iBhayibheli?
9 UJehova ubheka inhliziyo yomuntu ngamunye. (1 Sam. 16:7; IzAga 21:2) Udonsela abanesimo esihle senhliziyo ekukhulekeleni kweqiniso. (Joh. 6:44) Abaningi babo babengakaze bafundiswe ngoNkulunkulu noma babengajwayelene kangako neBhayibheli. Inkonzo yethu ibanikeza ithuba lokuba ‘basindiswe futhi bafinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’ (1 Thim. 2:4) Ngakho-ke, uma ekuqaleni abathile bengenasithakazelo kulokho okufundiswa iBhayibheli, ungapheli amandla! Sebenzisa elinye lamathuluzi akhona ngolimi lwakho ukuze uvuse isithakazelo kubo. Ngokuhamba kwesikhathi, ungakwazi ukushintshela encwadini eyinhloko esiqhuba ngayo izifundo zeBhayibheli, ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
[Ibhokisi ekhasini 4]
Uma umninikhaya ethi akakholelwa kuNkulunkulu, zama lokhu:
• Mbuze, “Ingabe ubulokhu uzizwa ngaleyo ndlela?” ukuze uthole isizathu.
• Uma engumBuddha, sebenzisa incwajana ethi Lasting Peace and Happiness—How to Find Them, amakhasi 9-12.
• Uma ekholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo, la mathuluzi angaba usizo:
Uchungechunge olukuyi-Phaphama! oluthi “Ingabe Kwaklanywa?”
I-video ethi The Wonders of Creation Reveal God’s Glory
Izincwajana ezithi A Satisfying Life—How to Attain It, ingxenye 4; Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa?; nethi The Origin of Life—Five Questions Worth Asking
• Uma eye waphelelwa ukholo kuNkulunkulu ngenxa yokungabi nabulungisa nokuhlupheka, la mathuluzi angaba usizo:
Incwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You?, isahluko 10
Incwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, ingxenye 6, nethi Iyini Injongo Yokuphila?, ingxenye 6
• Shintshela encwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli ngokushesha nje lapho umninikhaya evuma ukuthi kungenzeka uNkulunkulu ukhona. Kungakuhle ukuqala ngesahluko 2 noma esinye isihloko esifanelana nezidingo zakhe.
[Ibhokisi ekhasini 5]
Uma umninikhaya engakholelwa eBhayibhelini, zama lokhu:
• Xoxani ngezahluko 17 no-18 encwadini ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation?
• Uma engumHindu, sebenzisa incwajana ethi Why Should We Worship God in Love and Truth?
• Uma engumJuda, sebenzisa incwajana ethi Will There Ever Be a World Without War?,a amakhasi 3-11.
• Xoxani ngezinzuzo zokulandela izimiso zeBhayibheli. Amathuluzi ongabonisa ngawo umuntu izinzuzo zokusebenzisa iBhayibheli yilawa:
Uchungechunge olukuyi-Phaphama! oluthi “Usizo Lomkhaya”
I-video ethi The Bible—Its Power in Your Life
Izincwajana ezithi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!, izifundo 9 no-11; Incwadi Yabo Bonke Abantu,b amakhasi 22-26; nethi A Satisfying Life—How to Attain It, ingxenye 2
Uma engumBuddha, sebenzisa incwajana ethi The Pathway to Peace and Happiness, amakhasi 3-7.
Uma engumSulumane, sebenzisa incwajana ethi Real Faith—Your Key to a Happy Life, ingxenye 3.
Uma ushumayela endaweni elingamukelwa kuyo iBhayibheli, kungangcono ungasho ukuthi uwatholephi amazwi ahlakaniphile owashoyo kuze kube yilapho usuphindele kaningana.
• Chaza indlela iziprofetho zeBhayibheli eziye zagcwaliseka ngayo. Amathuluzi ongawasebenzisa yilawa:
I-video ethi The Bible—Accurate History, Reliable Prophecy
Incwajana ethi Incwadi Yabo Bonke Abantu,c amakhasi 27-29
• Shintshela encwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli lapho nje umuntu ebuza ukuthi lifundisani iBhayibheli ngezihloko ezihlukahlukene.
[Imibhalo yaphansi]
a Lezi zincwajana ziyatholakala kuyi-Watchtower Library ekuyi-CD-ROM.
b Lezi zincwajana ziyatholakala kuyi-Watchtower Library ekuyi-CD-ROM.
c Lezi zincwajana ziyatholakala kuyi-Watchtower Library ekuyi-CD-ROM.
[Ibhokisi ekhasini 6]
Uma umninikhaya ethi: “Angikholelwa kuNkulunkulu,” ungase uthi:
• “Ngicela ukukuchazela kafushane ukuthi yini mina eyangenza ngaqiniseka ukuthi ukhona uMdali.” Yibe usuxoxa naye ngamaphuzu asencwadini ethi Ukubonisana, amakhasi 87-91, noma uhlele ukumlethela incwadi owakujabulela ukuyifunda.
• “Kodwa ukube ubekhona uNkulunkulu, ubungathanda abe njani?” Iningi labaninikhaya liphendula ngokuthi belingadonseleka kuNkulunkulu onothando, ubulungisa, isihe nongakhethi. Mbonise eBhayibhelini ukuthi uNkulunkulu unazo lezi zimfanelo. (Ungakwazi nokusebenzisa isahluko 1 encwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli, uqale esigabeni 6.)
Uma umninikhaya ethi: “Angikholelwa eBhayibhelini,” ungase uthi:
• “Baningi abazizwa ngaleyo ndlela. Abanye bacabanga ukuthi iBhayibheli alinembile ngokwesayensi noma ukuthi imithetho yalo ayisizi. Awusho, wake walifunda iBhayibheli? [Lindela impendulo. Yibe usumbonisa isethulo esisekhasini 3 encwajaneni ethi Incwadi Yabo Bonke Abantu, umhambisele yona uma ibandla lenu linayo esitokweni, noma umprintele yona kuyi-Watchtower Library.] Abaningi abasalithandi iBhayibheli ngoba inkolo iye yahlanekezela izimfundiso zalo. Uma ngibuya ngingathanda ukuxoxa nawe ngesibonelo esisekhasini 4 no-5.”
• “Abantu abaningi bazizwa njengawe. Ngicela ukukubonisa okuthile okungihlaba umxhwele ngeBhayibheli. [Funda uJobe 26:7 noma u-Isaya 40:22, obonisa ukuthi iBhayibheli linembile ngokwesayensi.] IBhayibheli linamazwi ahlakaniphile asiza imikhaya. Uma ngibuya ngingathanda ukukubonisa isibonelo salokho.”
• “Ngiyabonga ngokungitshela lokho. Ukube uNkulunkulu wasibhalela isintu incwadi, ucabanga ukuthi ibingathini?” Yibe usumbonisa okuthile eBhayibhelini okuvumelana nempendulo yakhe.