Imizila Kamagazini—Iwusizo Ekuqaleni Izifundo ZeBhayibheli
1. Kungani sekuyisikhathi eside inhlangano kaJehova ikhuthaza abamemezeli ukuba babe nomzila kamagazini?
1 Abantu abaningi abakuthandi ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli, kodwa bayakujabulela ukufunda omagazini bethu. Ngenxa yalokho, sekuyisikhathi eside inhlangano kaJehova ikhuthaza abamemezeli ukuba babe nomzila kamagazini. Njengoba abantu bebafunda njalo omagazini bethu, ngokuvamile bagcina sebelilangazelela iZwi likaNkulunkulu. (1 Pet. 2:2) Ngokuhamba kwesikhathi, okuthile abakufundayo kungabahlaba umxhwele, kubenze bamukele isifundo seBhayibheli.
2. Singasihlakulela kanjani isithakazelo kulabo abawumzila wethu kamagazini?
2 ‘Nisela’ Imbewu Yeqiniso: Kunokumane ushiye omagazini, xoxa nomninikhaya futhi uzame ukwakha ubungane naye. Lokhu kuyokusiza wazi izimo zakhe, izinto azithandayo nezinkolelo zakhe, okuyokwenza ukwazi ukukhuluma ngokuqondisisa. (IzAga 16:23) Lungiselela isikhathi ngasinye lapho uya kuye. Uma kungenzeka, mxoxele kafushane ngephuzu elithile nomBhalo ohlobene nalo elikulabo bomagazini, unisele imbewu yeqiniso esenhliziyweni yakhe. (1 Kor. 3:6) Bhala usuku omvakashele ngalo, omagazini omshiyele bona, izihloko nemiBhalo enixoxe ngayo.
3. Kufanele siphindele kaningi kangakanani kulabo abayimizila yethu kamagazini?
3 Kufanele Uphindele Kaningi Kangakanani? Kufanele uphindele kanye ngenyanga kulabo abayimizila yakho kamagazini ukuze ubahambisele omagazini bakamuva. Kodwa, kuye ngezimo zakho nesithakazelo somuntu, ungase ukhethe ukumvakashela kaningana. Ngokwesibonelo, ngemva kwesonto elilodwa noma amabili ngemva kokumshiyela omagazini, ungaphindela kuye, uthi: “Ngithe angidlule ukuze ngikubonise okuthile komagazini engakushiyela bona.” Lokho kuyomenza afise ukufunda isihloko esithile. Uma kuwukuthi usesifundile leso sihloko, ungambuza ukuthi ucabangani ngaso bese uxoxa ngaso kafushane. Noma uma umuntu ekujabulela ukufunda izincwadi zethu, ungaphindela kuye umnikeze ipheshana, incwajana noma incwadi ehanjiswa ngaleyo nyanga.
4. Yini esingalokhu siyenza ukuze sibone ukuthi labo abayimizila yethu kamagazini bangathanda yini ukufundelwa?
4 Ungalindi kuze kube yilapho umninikhaya ecela isifundo seBhayibheli. Sicele kuqala. Ngisho noma eke wasenqaba isifundo seBhayibheli ngaphambili, ungalokhu umbonisa isihloko esithi “Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli” esikuyi-Nqabayokulinda ubone ukuthi uyathanda yini ukuba uxoxe ngaso. Mhlawumbe ungaqala isifundo umi emnyango. Uma ungaphumeleli ukuqala isifundo, ungaqhubeka umlethela omagazini ukuze uhlakulele isithakazelo kuye.