◼ Izikhathi Zesimiso: Umculo owandulela ukuqala kwesimiso uyoqala ngo–9:00 ekuseni ngazo zontathu izinsuku. Ngaleso sikhathi, sonke kufanele sihlale phansi ukuze isimiso siqale ngendlela ehloniphekile. Ingoma nomthandazo wokuphetha kuyokwethulwa ngo–4:25 ntambama ngoLwesihlanu nangoMgqibelo kanti ngeSonto kuyoba ngo–3:20 ntambama.
◼ Imihlangano Yezizwe: Kwezinye izindawo kuzoba nemihlangano yezizwe. Masikhumbule ukuthi ihhovisi legatsha limeme amabandla nezihambeli zakwamanye amazwe ezithile ngokukhethekile ngemva kokubala ngokucophelela inani lezihlalo, indawo yokupaka namagumbi asemahhotela atholakalayo. Kungase kube nesiminyaminya uma abamemezeli beya emhlanganweni wezizwe abangamenyiwe kuwo. Uma izimo zibizela ukuba uye emhlanganweni ohlukile kunalowo owabelwe kuwo, akufanele ukhethe umhlangano wezizwe.
◼ Indawo Yokupaka: Kuzo zonke izindawo zomhlangano esinelungelo lokupaka kuzo, indawo yokupaka iyotholakala mahhala kunoma ubani ofike kuqala. Ngenxa yokuthi ngokuvamile indawo yokupaka ilinganiselwe, kufanele sizame ukugcwalisa izimoto.
◼ Izindawo Zokulala: Amafomu e-Sicelo Sendawo Yokulala Sezidingo Ezikhethekile (CO-5a) ayatholakala uma kunabamemezeli abawadingayo ukuze bafake isicelo sendawo yokulala. IKomiti Yenkonzo Yebandla kufanele icabangele izimfanelo zommemezeli, isebenzisa iziqondiso ezisefomini nasencwadini ka-October 27, 2013, eyayibhalelwe zonke izindikimba zabadala. Leli lungiselelo elabamemezeli abanokuma okuhle kuphela ebandleni, kanye nezingane zabo eziziphatha kahle.
◼ Ukugcina Izihlalo: Lapho amasango endawo yomhlangano evulwa njalo ekuseni, sicela ningagijimi ngoba nijahe ukuthola indawo yokuhlala engcono kuneyabanye abeze emhlanganweni njengokungathi nisemncintiswaneni. Umoya wokuzidela osenza sibafunele okungcono abanye usibonakalisa njengamaKristu eqiniso futhi ushukumisela abantu abasibukayo ukuba badumise uNkulunkulu. (Joh. 13:34, 35; 1 Kor. 13:4, 5; 1 Pet. 2:12) Izihlalo ungazigcinela labo ohamba nabo ngemoto noma ohlala nabo ekhaya kanye nalabo obafundelayo. Kunendawo ebekelwe ngokukhethekile asebekhulile nabanezinkinga zempilo. Njengoba le ndawo ilinganiselwe, osekhulile noma onenkinga yempilo angahlala noyedwa noma ababili kuphela ukuze bamsize.
◼ Ukudla Kwasemini: Sicela niziphathele ukudla kwasemini kunokuba niphume ngesikhathi sekhefu niyokuthenga ngaphandle kwendawo yomhlangano. Ningawaphatha ama-cooler bag amancane angangena ngaphansi kwezihlalo. Ama-cooler bag amakhulu anjengawamapikiniki kufanele agcinwe ngokuvumelana neziqondiso zabalindi. Izitsha ezifayo nophuzo oludakayo akuvunyelwe endaweni yomhlangano.
◼ Iminikelo: Singabonisa ukwazisa ngamalungiselelo omhlangano ngokunikela ngokuzithandela emsebenzini womhlaba wonke emhlanganweni. Noma yimaphi amasheke kufanele abhalwe ukuthi “Christian Congregation of Jehovah’s Witnesses of South Africa.” Ezindaweni zemihlangano eziningana kuyoba nemishini onganikela kuyo usebenzisa ikhadi lasebhange noma lokuthenga ngesikweletu.
◼ Imithi: Uma kunemithi oyisebenzisayo, qiniseka ukuthi uphatha eyanele, ngoba ngeke itholakale emhlanganweni. Imijovo nezinaliti zalabo abanesifo sikashukela kufanele kulahlwe endaweni efanele yezinto eziyingozi hhayi emigqonyeni kadoti esendaweni yomhlangano noma esemahhotela.
◼ Izixwayiso Zokuphepha: Sicela niqaphe ngokukhethekile noma yini engase yenze umuntu ashelele noma imkhube alimale. Unyaka ngamunye abantu abaningi bayalimala ngenxa yezicathulo, ikakhulu ezinezithende eziphakeme. Kuhle ukukhetha izicathulo ezifanelekayo nezikulingana kahle oyokwazi ukuhamba ngazo ngokuphephile endaweni eyehlelayo, ezitebhisini, ezinsimbini ezinezikhala, njalonjalo.
◼ Izinqola Zabantwana Nezihlalo Eziphathwayo: Izinqola zabantwana nezihlalo eziphathwayo akufanele zingeniswe endaweni okuhlala kuyo izilaleli. Nokho, izihlalo zabantwana zokuphepha ezilingana esihlalweni futhi ezingase ziboshelwe eceleni kwabazali zamukelekile.
◼ Amakha: Imihlangano eminingi yesigodi iqhutshelwa ezindaweni ezivalekile ezinemishini yeziphephetha-moya. Ngakho-ke, siyobe sibonisa uthando uma silinganisela ekusebenziseni amakha anamandla angase abaphathe kabi labo abanezinkinga zokuphefumula noma ezihlobene nakho.—1 Kor. 10:24.
◼ Amafomu Athi Siza Ulandelele (S-43): Ifomu elithi Siza Ulandelele, kufanele lisetshenziselwe ukubhala imininingwane yanoma ubani obonisa isithakazelo lapho sishumayela ngokwethukela phakathi nomhlangano. Amafomu agcwalisiwe ningawayisa eNdaweni Yezincwadi noma niwanikeze unobhala webandla lakini lapho senibuyele emakhaya.
◼ Izitolo Zokudlela: Dumisa igama likaJehova ngokuziphatha kahle ezitolo zokudlela. Gqoka ngendlela efanele isikhonzi esingumKristu. Shiya ithiphu efanelekayo uma kuwumkhuba omuhle ukwenza kanjalo.
◼ Inkonzo Yokuzithandela: Bonke abafisa ukusiza kufanele baye eMnyango Wenkonzo Yokuzithandela emhlanganweni. Izingane ezineminyaka engaphansi kuka-16 nazo zingasiza ngokusebenza nabazali noma abanye abantu abadala abagunyazwe abazali.