Izintshumayelo Ezisikiselwe
INqabayokulinda January 1
“Kubonakala sengathi ukukhohlakala bekulokhu kuyinkinga kuhulumeni. Ucabanga ukuthi kungani kunjalo? [Lindela impendulo.] Ngikuthole kuthakazelisa lokhu okushiwo iBhayibheli. [Funda umShumayeli 7:20.] Lo magazini uqokomisa ikhambi leBhayibheli ngokukhohlakala. Ngicela uzinike isikhathi sokuwufunda. Nawu owakho.”
Phaphama! January
“Iningi labantu likholelwa ukuthi ukuziphendukela kwemvelo kuchaza indlela ukuphila okwaqala ngayo, kodwa abanye abaqiniseki. Ucabanga ukuthi kwaqala kanjani ukuphila? [Lindela impendulo.] Ukucwaninga osekuthathe amashumi eminyaka kubonisa ukuthi ukuphila kuvela kuphela ekuphileni obekukhona ngaphambili. Lokhu kuvumelana namazwi alula atholakala eBhayibhelini. [Funda iHubo 36:9.] Lo magazini ukhuluma ngokuthi kungani iningi liphetha ngokuthi ukuphila kuyinkimbinkimbi futhi kumangalisa kakhulu ukuba kungaba khona ngenxa yokuziphendukela kwemvelo.”