Sebenzisa I-jw.org Enkonzweni Yakho—“Yiba Umngane KaJehova”
Ingxenye ye-jw.org ethi “Izimfundiso ZeBhayibheli” inengxenyana yezingane ethi “Yiba Umngane KaJehova” enezingoma, ama-video nemisebenzi. Uke wayisebenzisa yini enkonzweni yakho? Uma ufundela umzali onezingane ezincane, kungani ungambonisi le ngxenye? Lokhu kungamenza abheke nezinye izingxenye zengosi yethu.
Ngesikhathi ehambisa i-Kingdom News No. 38, omunye umzalwane wahlangana nowesifazane owafunda leli pheshana ngokushesha nje lapho emnika lona. Lo wesifazane wayenezingane ezincane ezazinesithakazelo kuleli pheshana. Umzalwane wachaza kafushane okuqukethwe yileli pheshana futhi wambonisa ikheli lengosi yethu ekhasini elingemuva. Njengoba lo wesifazane ayenesithakazelo, umzalwane wasebenzisa lelo thuba wabadlalela enye yama-video kaKhwezi ngomakhalekhukhwini wakhe.
Udade othile waxoxela asebenza naye onezingane ezincane ngengosi yethu nangokwaziswa enakho ngemikhaya. Lo wesifazane wahlola i-jw.org ekanye nezingane zakhe. Kamuva, watshela lo dade ukuthi izingane zakhe bezigijima indlu yonke zicula zithi “Shumayela IZwi,” okungenye yezingoma ezisengxenyaneni ethi “Yiba Umngane KaJehova.”
Zijwayeze le ngxenyana ye-jw.org futhi udawunilode enye yama-video, izingoma noma imisebenzi ngomakhalekhukhwini wakho. Ngaleyo ndlela uyokulungela ukusebenzisa le ngxenye ye-jw.org enkonzweni. Yeka ithuluzi eliyigugu elisisiza sikhonze iNkosi!—IzE. 20:19.