Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukufakaza Kumuntu Okhuluma Olunye Ulimi
Okwenza Kubaluleke: UJehova unesithakazelo enhlalakahleni engokomoya yabantu ‘bezizwe zonke.’ (IzE. 10:34, 35) Ngakho, uJesu wabonisa ukuthi izindaba ezinhle zaziyoshunyayelwa ‘emhlabeni wonke owakhiwe nasezizweni zonke.’ (Math. 24:14) UZakariya waprofetha ukuthi abantu ‘abavela kuzo zonke izilimi zezizwe’ babeyosabela. (Zak. 8:23) Ngokombono womphostoli uJohane, labo abasinde osizini olukhulu bayohlanganisa abantu ‘abaphuma kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi.’ (IsAm. 7:9, 13, 14) Ngenxa yalokho, lapho sihlangana nomuntu okhuluma olunye ulimi ensimini yethu, kufanele sizame ukumshumayeza.
Zama Lokhu Phakathi Nenyanga:
Phakathi nobusuku bokuKhulekela Komkhaya okulandelayo, phrakthizani ukushumayela kumuntu okhuluma olunye ulimi.