Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb16 Ephreli k. 3
  • Khuthaza Futhi Uqinise Abanye Ngamazwi Omusa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Khuthaza Futhi Uqinise Abanye Ngamazwi Omusa
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubuqotho BukaJobe—Kungani Kuphawuleka Kangaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • UJobe Wakhuthazela—Nathi Singakwazi!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Incwadi YeBhayibheli Ye-18—UJobe
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Ukwethembeka KukaJobe Kuyavuzwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
mwb16 Ephreli k. 3

AMAGUGU AVELA EZWINI LIKANKULUNKULU | JOBE 16-20

Khuthaza Futhi Uqinise Abanye Ngamazwi Omusa

Amazwi omeluleki kufanele aqinise abanye

16:4, 5

  • UJobe wacindezeleka futhi waba lusizi, ngakho wayedinga ukusekelwa nokukhuthazwa abanye

  • Abangane bakaJobe abathathu abamduduzanga ngalutho. Kunalokho bamsola, banezela ekukhathazekeni kwakhe

Amazwi kaBhilidadi angenamusa enza uJobe walila ecindezelekile

19:2, 25

  • UJobe wakhala kuNkulunkulu ukuba amkhulule ngandlela-thile—ngisho nangokufa

  • UJobe wagxila ethembeni lovuko futhi waqhubeka ekhuthazela ngokwethembeka

U-Elifazi ukhuluma noJobe bebukwa uBhilidadi noZofari

ABAGXEKI BAKAJOBE

U-Elifazi

U-Elifazi:

  • Kungenzeka wayengowaseThemani ezweni lakwa-Edomi. IThemani kukhulunywa ngalo kuJeremiya 49:7 njengeliyindawo yokuhlakanipha kwa-Edomi

  • U-Elifazi, okungenzeka wayemdala kunabo bonke futhi enethonya kulaba “baduduzi,” wakhuluma kuqala. Wanikeza izinkulumo ezintathu futhi wakhuluma isikhathi eside kunalaba abanye ababili

Ukugxeka okungamanga:

  • Wahlekisa ngobuqotho bukaJobe futhi wathi uNkulunkulu akazethembi izinceku zakhe (Jobe 4, 5)

  • Wathi uJobe uyagabadela, ukhohlakele futhi wasikisela ukuthi akamesabi uNkulunkulu (Jobe 15)

  • Wasola uJobe ngokuba nobugovu nokungabi nabulungisa futhi wathi umuntu akanto yalutho kuNkulunkulu (Jobe 22)

UBhilidadi

UBhilidadi:

  • Inzalo kaShuwahi. Kungenzeka wayehlala ngaseMfuleni i-Ewufrathe

  • Waba owesibili ukukhuluma. Izinkulumo zakhe ezintathu zazimfushane futhi zilimaza kakhulu kunezika-Elifazi

Ukugxeka okungamanga:

  • Wasikisela ukuthi amadodana kaJobe ayonile futhi iwafanele inhlekelele eyawehlela, wasikisela nokuthi uJobe akamesabi uNkulunkulu (Jobe 8)

  • Wasikisela ukuthi uJobe wayengumenzi wokubi (Jobe 18)

  • Wathi ubuqotho bomuntu buyize (Jobe 25)

UZofari

UZofari:

  • UmNahamu, cishe owayevela enyakatho-ntshonalanga ye-Arabhiya

  • Waba owesithathu ukukhuluma futhi wamsola ngisho nakakhulu uJobe. Izinkulumo zakhe zaba mbili kuphela

Ukugxeka okungamanga:

  • Wasola uJobe ngokuthi ukhuluma inkulumo eyize futhi wamtshela ukuba ayeke imikhuba emibi (Jobe 11)

  • Wasikisela ukuthi uJobe ukhohlakele futhi uyakujabulela ukwenza isono (Jobe 20)

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela