UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ukubonisa Inhlonipho Lapho Simi Emnyango Emakhaya Abantu
AmaKristu ‘awumbukwane wasenkundleni yemidlalo ezweni.’ (1Ko 4:9) Ngakho, akufanele kusimangaze ukuthi abanye abaninikhaya basilunguza ngamafasitela noma basilalele sixoxa bevale izicabha. Bangase babe nanekhamera nomshini wokuqopha amazwi, okwenza bakwazi ukusibona, basilalele futhi basiqophe. Nazi ezinye zezindlela zokubonisa inhlonipho lapho simi emnyango emakhaya abantu.—2Ko 6:3.
NGOKUZIPHATHA (Fil 1:27):
Hlonipha ikhaya ngokungalunguzi endlini. Ungadli, uphuze, ushaye ucingo noma uthumele imiyalezo lapho umi emnyango wothile
NGOKUKHULUMA (Efe 4:29):
Lapho umi emnyango, ungasho lutho ongafuni umninikhaya aluzwe. Abanye abamemezeli bangase bakhethe nokuyeka kancane ukuxoxa ukuze bagxilise ingqondo yabo kulokho abazokusho