UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ukusebenza Ngokubambisana Lapho Kushunyayelwa Ensimini Enezilimi Ezehlukahlukene
Abantu bavame ukulalela lapho bezwa umyalezo woMbuso ngolimi lwabo. Mhlawumbe yingakho ngePhentekoste lika-33 C.E., uJehova ahlela ukuba ‘amaJuda azinikele avela kuwo wonke amazwe ngaphansi kwezulu’ ezwe izindaba ezinhle ‘ngolimi lwawo,’ ngisho noma ayelukhuluma ulimi oluvamile okwakuyisiHebheru noma isiGreki. (IzE 2:5, 8) Namuhla ezindaweni ezinezilimi ezehlukahlukene, amabandla ezilimi ezingafani angase abe nensimu endaweni efanayo. Abamemezeli emabandleni anjalo, bangasebenza kanjani ngokubambisana ukuze bashumayeze wonke umuntu ngaphandle kokucasula abaninikhaya ngokuphindaphinda insimu?
Bonisanani (IzA 15:22): Ababonisi benkonzo kufanele babonisane ukuze bathole indlela engcono yokushumayela izindaba ezinhle emabandleni asebenza insimu efanayo. Uma insimu yamabandla akhuluma ezinye izilimi ingenkulu, lawo mabandla angase anqume ukuthi ibandla lenu lingayisebenzi imizi ekhuluma izilimi zawo. Noma kunjalo, uma lawo mabandla ehluleka ukuyisebenza njalo yonke insimu ngenxa yokuthi imizi ekhuluma izilimi zawo isabalele kuyo yonke insimu, angase anqume ukuthi ibandla lenu liyisebenze yonke imizi bese liwazisa uma lithola umuntu okhuluma ulimi lwawo othandayo ukufunda. (od 93 ¶37) Noma lawo mabandla angase acele ibandla lenu liwasize athole abantu abakhuluma ulimi lwawo bese lidlulisela amakheli emizi alabo bantu kuwo, ukuze leyo mizi ibe ingxenye yensimi yalawo mabandla. (km 1/13 4, ibhokisi) Khumbula ukuthi ngezinye izikhathi, umuzi owodwa ungase ube nabantu abakhuluma izilimi ezehlukahlukene. Amalungiselelo okuhlanganisa insimu kufanele avumelane nemithetho ekhona evikela imininingwane yezakhamuzi.
Sebenzani ngokubambisana (Efe 4:16): Silandele ngokucophelela noma isiphi isiqondiso osithola kumbonisi wenkonzo webandla lenu. Ingabe uqhuba isifundo nomuntu okhuluma ulimi okungelona olwebandla lenu? Lowo muntu angase athuthuke ngokushesha uma umdlulisela ebandleni noma eqenjini elisebenzisa ulimi lwakhe.
Lungiselela (IzA 15:28; 16:1): Uma uthola umninikhaya okhuluma olunye ulimi ensimini yenu, yenza okusemandleni akho ukuze umxoxele ngezindaba ezinhle. Ungalungiselela ngokuthola ukuthi iziphi izilimi ezikhulunywa abantu ensimini yenu nangokudawuniloda kusengaphambili amaBhayibheli namavidiyo alezo zilimi emshinini wakho ophathwayo. Ungasebenzisa ne-JW Language ukuze ufunde ukubingelela ngalezo zilimi.