UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“UPawulu Wabonga UNkulunkulu, Wama Isibindi”
Lapho ibandla laseRoma lizwa ukuthi uPawulu wayeza, lathumela iqembu labafowethu elahamba amakhilomitha angu-64 ukuyomhlangabeza. Lwamthinta kanjani uPawulu lolo thando lwabafowethu lokuzidela? “Lapho ebabona, uPawulu wabonga uNkulunkulu, wama isibindi.” (IzE 28:15) Nakuba kwakunguPawulu owayevame ukukhuthaza amabandla ayewavakashela, kulokhu njengoba ayeyisiboshwa kwakunguye owayekhuthazwa.—2Ko 13:10.
Namuhla, ababonisi besigodi bavakashela ibandla ngalinye ukuze bakhuthaze abafowethu nodadewethu. Njengabo bonke abantu bakaNkulunkulu, ngezinye izikhathi nabo bazizwa bekhathele, bekhathazekile futhi bedangele. Lapho umbonisi wesigodi nomkakhe befika ngokuzayo bezokhonza ibandla lenu, yini ongayenza ukuze nabo bakhuthazeke?—Ro 1:11, 12.
Yiba khona emihlanganweni yenkonzo yasensimini. Ababonisi besigodi bayakhuthazeka lapho abamemezeli bezidela ukuze bazuze ngokugcwele kulokho okwenziwa ngeviki elikhethekile. (1Thes 1:2, 3; 2:20) Hlela ukuba yiphayona elisizayo ngenyanga azofika ngayo. Ungasebenza yini naye nomkakhe ensimini noma uye nomunye wabo esifundweni sakho seBhayibheli? Bayakujabulela ukusebenza nabamemezeli abahlukahlukene kuhlanganise nalabo abasanda kuhlanganyela noma labo abanomuzwa wokuthi abanawo amakhono enkonzweni.
Bameme. Ungakwazi yini ukubapha indawo yokulala noma ubalungisele ukudla? Lokhu kwenza umbonisi wesigodi nomkakhe babone ukuthi uyabathanda. Abalindele okuningi.—Luka 10:38-42.
Silalele futhi usisebenzise isiqondiso neseluleko sabo. Umbonisi wesigodi usisiza ngothando ukuba sibone lapho esingathuthukisa khona enkonzweni kaJehova. Ngezinye izikhathi kungase kudingeke ukuba asinikeze iseluleko esiqinile. (1Ko 5:1-5) Uyajabula uma silalela futhi sibonisa ukuthobeka.—Heb 13:17.
Babonge. Mtshele umbonisi wesigodi nomkakhe indlela ukuzikhandla kwabo okukusize ngayo. Ungabatshela ngomlomo noma ubabhalele incwajana noma ikhadi.—Kol 3:15.