Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb21 Januwari k. 13
  • Sihlelelwe Ukushumayela Kubo Bonke Abantu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sihlelelwe Ukushumayela Kubo Bonke Abantu
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2021
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukufakaza Kumuntu Okhuluma Olunye Ulimi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Ukuthuthukisa Insimu Yabakhuluma Izilimi Zakwamanye Amazwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—⁠Ukufinyelela Wonke Umuntu Ensimini Yethu
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
  • Ukusebenza Ngokubambisana Lapho Kushunyayelwa Ensimini Enezilimi Ezehlukahlukene
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2021
mwb21 Januwari k. 13
Umfowethu usebenzisa i-‘JW Language’ emshinini wakhe wezobuchwepheshe.

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Sihlelelwe Ukushumayela Kubo Bonke Abantu

Njengoba nje uJehova awenza ahleleka ama-Israyeli, nanamuhla ubenza bahleleke abantu bakhe ukuze benze intando yakhe. Emhlabeni wonke, amahhovisi amagatsha, izigodi ezingaphansi kwawo, amabandla namaqembu enkonzo yasensimini, konke kuyasebenzisana ukuze kushunyayelwe izindaba ezinhle. Sishumayela kubo bonke abantu, kuhlanganise nalabo abakhuluma olunye ulimi.—IsAm 14:6, 7.

Uke wakucabangela ukufunda olunye ulimi ukuze usize abanye bafunde iqiniso? Ngisho noma ungenaso isikhathi sokufunda olunye ulimi, ungasebenzisa i-JW Language ukuze ufunde izintshumayelo ezilula. Ngemva kokuyisebenzisa enkonzweni, uyothola injabulo efanayo naleyo eyatholwa abafowethu bangekhulu lokuqala, lapho abantu bakwamanye amazwe bemangazwa ukuzwa ‘izinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu’ ngolimi lwabo.—IzE 2:7-11.

BUKELANI IVIDIYO ETHI YIBA UMNGANE KAJEHOVA—SHUMAYELA NGOLUNYE ULIMI, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Isiqephu sevidiyo ethi ‘Yiba Umngane KaJehova​—Shumayela Ngolunye Ulimi.’ Ngeso lengqondo, uKhwezi ubona irobhothi elimsizayo limhumushele njengoba eshumayela kowesifazane okhuluma olunye ulimi.

    Ungayisebenzisa nini i-JW Language?

  • Isiqephu sevidiyo ethi ‘Yiba Umngane KaJehova​—Shumayela Ngolunye Ulimi.’ Indlela yokubingelela neyokuzethula ku-‘JW Language’.

    Yiziphi izinto enazo?

  • Isiqephu sevidiyo ethi ‘Yiba Umngane KaJehova​—Shumayela Ngolunye Ulimi.’ Lona wesifazane uyajabula njengoba uKhwezi embingelela ngesiShayina.

    Abantu bazo zonke izilimi bayakudinga ukuzwa izindaba ezinhle

    Yiziphi izilimi ezikhulunywa abantu basendaweni yangakini?

  • Yini okumelwe ngiyenze uma othile ebonisa ukuthi uyathanda ukuxoxa ngomyalezo woMbuso kodwa ebe ekhuluma olunye ulimi?—od 100-101 ¶39-41

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela