Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb21 Julayi k. 3
  • Yiba Nozwela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yiba Nozwela
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2021
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uzwela—Luyisihluthulelo Somusa Nesihawu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Ingabe UNkulunkulu Uyazwelana Nathi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2018
  • Bonisa Uzwela
    IPhaphama!—2020
  • Buza Imibuzo
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2021
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2021
mwb21 Julayi k. 3

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI | YIJABULELE NAKAKHULU INKONZO YAKHO

Yiba Nozwela

Uzwela ikhono lokuqonda indlela abanye abacabanga ngayo, imizwa yabo nokuthi yini ebalulekile kubo kanye nezidingo zabo. Abanye bayashesha ukubona uma sinozwela, futhi luyisifiso sokusiza esisuka enhliziyweni. Lapho siba nozwela ensimini sibonisa uthando nendlela uJehova anakekela ngayo, futhi lokhu kusondeza abantu kuye.​—Flp 2:4.

Ukubonisa uzwela akuyona nje indlela yokufundisa. Kubonakala endleleni esilalela ngayo, esikhuluma ngayo, esimweni sethu sengqondo, endleleni esinyakaza ngayo nasebusweni bethu lapho sikhuluma. Sibonisa uzwela ngokuthi sibe nendaba nomuntu. Siyaziqaphela izinto azithandayo, azikholelwayo nezimo zakhe. Simnikeza ulwazi oluwusizo futhi simsize kodwa asimphoqi ukuba ashintshe. Uma abantu bevuma ukuba sibasize siyayijabulela nakakhulu inkonzo yethu.

BUKANI IVIDIYO ETHI THUTHUKISA AMAKHONO AKHO UKUZE UTHOLE INJABULO NGOKWENZA ABAFUNDI​—YIBA NOZWELA BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Isiqephu sevidiyo ethi ‘Thuthukisa Amakhono Akho Ukuze Uthole Injabulo Ngokwenza Abafundi​—Yiba Nozwela.’ UMbali uchazela uNonto esitolo sekhofi ukuthi kungani engeke akwazi ukufunda iBhayibheli ngalolo suku.

    UNonto waba kanjani nozwela lapho uMbali efika sekwephuzile?

  • Isiqephu sevidiyo ethi ‘Thuthukisa Amakhono Akho Ukuze Uthole Injabulo Ngokwenza Abafundi​—Yiba Nozwela.’ UNonto ulalela ngozwela.

    UNonto waba kanjani nozwela lapho uMbali ethi ngeke bakwazi ukufunda ngenxa yokuthi ucindezeleke kakhulu?

  • Isiqephu sevidiyo ethi ‘Thuthukisa Amakhono Akho Ukuze Uthole Injabulo Ngokwenza Abafundi​—Yiba Nozwela.’ UNonto usiza uMbali aqoqe indlu yakhe.

    Abantu bayasondela kuJehova lapho sibabonisa uzwela

    UNonto waba kanjani nozwela lapho uMbali ethi akahlelekile kahle?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela