Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb22 Mashi k. 9
  • Bangobani Abangane Bakho Ezinkundleni Zokuxhumana?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bangobani Abangane Bakho Ezinkundleni Zokuxhumana?
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2022
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuthiwani Ngobungane Kuyi-Internet?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Gwema Izingozi Ezinkundleni Zokuxhumana
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngezingosi Zokuxhumana Nabantu?—Ingxenye 2
    I-Phaphama!—2011
  • Abantwana Abasebenzisa I-Internet—Lokho Abazali Okufanele Bakwazi
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2022
mwb22 Mashi k. 9

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Bangobani Abangane Bakho Ezinkundleni Zokuxhumana?

Umngane uchazwa ngokuthi “umuntu osondelene nomunye ngenxa yokumthanda noma yokumazisa.” Ngokwesibonelo, uJonathani noDavide baba abangane abangamathe nolimi ngemva kokuba uDavide ebulale uGoliyati. (1Sa 18:1) Bobabili babenezimfanelo ezenza bathandana. Ngakho, ubungane bangempela busekelwe ekumazini kahle umuntu. Ukwazi omunye umuntu kuthatha isikhathi futhi kudinga ukuzikhandla. Noma kunjalo, ezinkundleni zokuxhumana, abantu bangaba abangane nje ngegama ngokuchofoza ibhathini. Kulula ukuba abantu bazifihle lokho abayikho ngenxa yokuthi ku-inthanethi bakukhetha kahle abazokusho futhi ngezinga elithile bayayilawula indlela abantu abafuna bababheke ngayo. Ngenxa yalokho, kuhle ukuba ‘nesimiso sokwakha ubungane.’ Ungesabi ukwenqaba noma ukubaziba abathile lapho befuna ukuba umngane nawe ngenxa nje yokuthi usaba ukubazwisa ubuhlungu. Abanye bangase bakhethe ukungazisebenzisi izinkundla zokuxhumana ngenxa yezingozi ezingase zibe khona. Uma ukhetha ukuzisebenzisa izinkundla zokuxhumana, yini okufanele uhlale uyikhumbula?

BUKELANI IVIDIYO ETHI HLAKANIPHA LAPHO USEBENZISA IZINGOSI ZOKUXHUMANA BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Isiqephu sevidiyo ethi “Hlakanipha Lapho Usebenzisa Izingosi Zokuxhumana.” Intombazanyana iyashaqeka njengoba ibona izithombe zayo zivele kumabonakude.

    Yini okufanele uyicabange ngaphambi kokuba uphawule futhi ufake izithombe zakho ezinkundleni zokuxhumana?

  • Isiqephu sevidiyo ethi “Hlakanipha Lapho Usebenzisa Izingosi Zokuxhumana.” Amadoda amabili amabi abonisa umfana into efakwe enkundleni yokuxhumana, umfana uzivala amehlo.

    Kungani kufanele ubakhethe ngokucophelela abangane ezinkundleni zokuxhumana?

  • Isiqephu sevidiyo ethi “Hlakanipha Lapho Usebenzisa Izingosi Zokuxhumana.” Umfana ulala phezu kwekhompyutha ngemva kokuba engalalanga ubusuku bonke eyisebenzisa.

    Kungani kufanele ugade ukuthi awuchithi isikhathi eside ezinkundleni zokuxhumana?​—Efe 5:15, 16

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela