Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w21 Septhemba kk. 26-31
  • Lapho Umuntu Esimthandayo Eshiya UJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Umuntu Esimthandayo Eshiya UJehova
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • GWEMA UKUZIBEKA ICALA
  • ONGAKWENZA UKUZE UGCINE UKHOLO LWAKHO LUQINILE
  • IBANDLA LINGASIZA
  • THEMBELA KUJEHOVA FUTHI UNGALILAHLI ITHEMBA
  • Okwenza Ukususa Ekuhlanganyeleni Kube Ilungiselelo Lothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indlela Yokuphatha Umuntu Osusiwe
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
w21 Septhemba kk. 26-31

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 39

Lapho Umuntu Esimthandayo Eshiya UJehova

‘Yeka ukuthi bamzwisa ubuhlungu kaningi kangakanani.’ ​—IHU. 78:40.

INGOMA 102 “Nisize Ababuthakathaka”

AMAZWIBELAa

1. Bazizwa kanjani abanye lapho kususwa umuntu abamthandayo?

UKHONA yini umuntu omthandayo osusiwe ekuhlanganyeleni? Kungaba buhlungu ngempela lokho! UDadeweth’ uHilda uthi, “Lapho umyeni wami othembekile eshona ngemva kweminyaka engu-41 sishadile, ngangizitshela ukuthi abukho ubuhlungu obudlula lobo.b Kodwa ubuhlungu engabuzwa lapho indodana yami ishiya ibandla, umkayo nezingane zayo, abuchazeki.”

Ubaba uphethe ipotimende uyahamba ekhaya. Umama ududuza izingane zakhe ezimbili ezikhalayo.

UJehova uyaqonda ukuthi kubuhlungu kakhulu lapho umuntu omthandayo eyeka ukumkhonza (Bheka izigaba 2-3)d

2-3. Ngokusho kweHubo 78:40, 41, uJehova uzizwa kanjani lapho izikhonzi zakhe zimshiya?

2 Cabanga ukuthi uJehova wezwa ubuhlungu obungakanani lapho amalungu omndeni wakhe wezingelosi ehlubuka kuye! (Jude 6) Cabanga nokuthi waphatheka kabi kangakanani lapho ebona abantu bakhe abathandayo, ama-Israyeli, bevukela ngokuphindaphindiwe. (Funda iHubo 78:40, 41.) Qiniseka ngokuthi uBaba wethu osezulwini onothando naye uzwa ubuhlungu lapho umuntu omthandayo emshiya. Uyabuqonda ubuhlungu obuzwayo. Uzokubonisa uzwela akunike usizo nesikhuthazo osidingayo.

3 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi yini esingayenza ukuze sithole usizo lukaJehova lapho kususwa umuntu esimthandayo. Sizoxoxa nangokuthi singabasiza kanjani abanye ebandleni ababhekene nesimo esifanayo. Kodwa ake siqale sixoxe ngendlela yokucabanga embi okufanele siyigweme.

GWEMA UKUZIBEKA ICALA

4. Abazali abaningi bazizwa kanjani lapho indodana noma indodakazi yabo ishiya uJehova?

4 Lapho indodana noma indodakazi yabo abayithandayo ishiya uJehova, kuvamile ukuba abazali bazibuze ukuthi benze konke okusemandleni yini ukuze bayisize iqhubeke ikhonza uJehova. Ngemva kokususwa kwendodana yakhe, uMfoweth’ uLuke wavuma: “Ngangizitshela ukuthi iphutha lami. Ngangize ngiphuphe kabi nasebusuku. Ngezinye izikhathi ngangikhala, inhliziyo yami yayibuhlungu.” U-Elizabeth, udade owabhekana nesimo esifanayo, wazibuza: “Yini engingayenzanga kahle njengomzali?” Uthi, “Ngacabanga ukuthi ngihlulekile ukugxilisa iqiniso endodaneni yami.”

5. Kusuke kuyiphutha likabani lapho umuntu eshiya uJehova?

5 Kudingeka sikhumbule ukuthi uJehova unike ngamunye wethu isipho esiyinkululeko yokuzikhethela. Lokho kusho ukuthi singakhetha ukuthi sifuna ukumlalela yini noma cha. Abanye abasebasha abangakhuliswanga kahle, bakhetha ukukhonza uJehova futhi bayaphumelela enkonzweni yabo. Abanye abanabazali abaye benza konke okusemandleni abo ukuze babakhulise ngezimiso zeBhayibheli, baye balishiya iqiniso lapho sebekhulile. Ekugcineni umuntu ngamunye kumelwe azikhethele ukuthi uzomkhonza yini uJehova. (Josh. 24:15) Ngakho nina bazali enibhekene naleso simo, ningacabangi ukuthi okwenzekile kuyiphutha lenu!

6. Lapho umzali eshiya uNkulunkulu, lokho kungayithinta kanjani ingane yakhe?

6 Ngezinye izikhathi kuba umzali oshiya iqiniso, aze ashiye ngisho nomndeni wakhe. (IHu. 27:10) Lokho kungazilimaza kakhulu izingane ebezimbheka njengesibonelo esihle. U-Esther, onobaba owasuswa, uthi: “Ngangikhala njalo ngoba ngaqaphela ukuthi akazange nje aqhele eqinisweni kodwa wayekhethe ukushiya uJehova ngamabomu. Ngiyamthanda ubaba, ngakho lapho esuswa ngangihlale ngikhathazekile ngaye. Ngangize ngigule ngenxa yokukhathazeka.”

7. UJehova uzizwa kanjani ngosemusha onomzali osusiwe?

7 Nina enisebasha, uma omunye wabazali benu esusiwe, sizwelana nani! Qinisekani ngokuthi uJehova ubazi kahle ubuhlungu enibuzwayo. Uyanithanda futhi uyabazisa ubuqotho benu, nabafowenu nodadewenu bazizwa kanjalo ngani. Khumbulani nokuthi akufanele nizibeke icala ngalokho abazali benu abakukhethayo. Njengoba kubonisiwe ekuqaleni, uJehova unike wonke umuntu ilungelo lokuzikhethela. Umuntu ngamunye ozinikezele wabhapathizwa kumelwe ‘athwale owakhe umthwalo.’—Gal. 6:5.

8. Yini amalungu omndeni athembekile angayenza lapho esalinde ukuba umuntu amthandayo abuyele kuJehova? (Bheka nebhokisi elithi “Buyela KuJehova.”)

8 Lapho umuntu omthandayo eshiya uJehova, kungokwemvelo ukuba nethemba lokuthi ngelinye ilanga uyobuyela kuYe. Okwamanje yini ongayenza? Yenza konke okusemandleni ukuze ugcine ukholo lwakho luqinile. Ngokwenza kanjalo, uyoba isibonelo esihle kwamanye amalungu omndeni, mhlawumbe ngisho nakulowo osusiwe. Uzothola namandla owadingayo ukuze ubhekane nobuhlungu obuzwayo. Ake sixoxe ngokuthi ungakwenza kanjani lokho.

Buyela KuJehova

Umalusi onothando uphethe imvu, uyibeke esifubeni sakhe.

Omunye umama uthi: “Ithemba enginalo ngendodana yami esusiwe lichazwe kahle emazwini aku-Isaya 55:7: ‘Makabuyele kuJehova, oyoba nesihe kuye, kuNkulunkulu wethu ngoba uyomthethelela.’” Uma ushiye uJehova, ukubuyela kuye ngokushesha, kuzokwenza ujabule kakhulu. Njengoba ubona izinto ezenzeka emhlabeni, kuyacaca ukuthi i-Armagedoni iseduze futhi ingafika noma inini. Ukuphila kulesi simiso kufushane futhi akuqinisekile. Akekho kithina owaziyo ukuthi uyobe ephila yini kusasa.—Jak. 4:13, 14.

Incwajana ethi Buyela KuJehovac ithi: “Qiniseka ngokuthi uJehova uyokusekela njengoba ubuyela kuye. Uyokusiza ubhekane nokukhathazeka, uqede imizwa ebuhlungu futhi uthole ukuthula kwengqondo nenhliziyo ezolile okubangelwa ukuba nonembeza ohlanzekile. Ngemva kwalokho ungase ushukumiseleke ukuba uphinde ukhonze uJehova kanye nabanye abakhulekeli bakhe.”—1 Pet. 2:25.

c Inyatheliswe oFakazi BakaJehova futhi itholakala ngezilimi eziningi ku-jw.org.

ONGAKWENZA UKUZE UGCINE UKHOLO LWAKHO LUQINILE

9. Iziphi izindlela esingathola ngazo amandla kuJehova? (Bheka nebhokisi elithi “ImiBhalo Engakududuza Uma Umuntu Omthandayo Eshiye UJehova.”)

9 Yenza konke okusemandleni ukuze uqinise ukholo lwakho. Kubalulekile ukuba uqhubeke uziqinisa wena kanye namanye amalungu omndeni. Ungakwenza kanjani lokho? Ungathola amandla kuJehova ngokufunda iZwi likaNkulunkulu njalo, ngokuzindla ngalo nangokuya emihlanganweni yobuKristu. UJoanna, onobaba nodadewabo abashiya iqiniso, uthi: “Ngiyazola uma ngifunda ngabantu abafana no-Abhigayili, u-Esteri, uJobe, uJosefa noJesu eBhayibhelini. Izibonelo zabo zingisiza ngibe nemicabango emihle edambisa ubuhlungu. Izingoma zethu eziqanjiwe nazo ziye zangikhuthaza kakhulu.”

ImiBhalo Engakududuza Uma Umuntu Omthandayo Eshiye UJehova

  • IHubo 30:10

  • IHubo 34:4, 6, 18, 19

  • IHubo 39:12

  • IHubo 61:1, 2

  • IHubo 94:17-19

  • Efesu 3:20

  • Filipi 4:6, 7

10. IHubo 32:6-8 lisitshelani ngendlela esingabhekana ngayo nokucindezeleka?

10 Thulula isifuba sakho kuJehova, umtshele konke okukukhathazayo. Lapho uzizwa ucindezelekile, ungayeki ukuthandaza. Ncenga uJehova akusize ubheke izinto ngombono wakhe, nokuba ‘akunike ukuqonda, akufundise indlela okufanele uhambe ngayo.’ (Funda iHubo 32:6-8.) Kuyavunywa ukuthi kungase kube nzima kakhulu ukutshela uJehova indlela ozizwa ngayo ngempela. Kodwa uJehova ubuqonda kahle ubuhlungu obusenhliziyweni yakho. Ukuthanda kakhulu futhi ukunxusa ukuba umthululele isifuba sakho.—Eks. 34:6; IHu. 62:7, 8.

11. Ngokwencwadi yamaHebheru 12:11, kungani kufanele sisethembe isiyalo sikaJehova sothando? (Bheka nebhokisi elithi “Ukususwa Ekuhlanganyeleni—Isiyalo SikaJehova Sothando.”)

11 Sisekele isinqumo sabadala. Ukususwa ekuhlanganyeleni kuyingxenye yelungiselelo likaJehova. Isiyalo sakhe esinothando sizuzisa wonke umuntu, ngisho nomenzi wobubi. (Funda eyamaHebheru 12:11.) Ukukhononda okungase kube khona ngesinqumo sabadala ngokuvamile kubangelwa othile ongalivezi lonke iqiniso ngomenzi wobubi. Asiwazi wonke amaqiniso ahilelekile. Ngakho, kuwukuhlakanipha ukuthemba ukuthi abadala abakhiphe isinqumo balandele izimiso ezingokomBhalo ukuze bahlulelele “uJehova.”—2 IziKr. 19:6.

Ukususwa Ekuhlanganyeleni—Isiyalo SikaJehova Sothando

Ilungiselelo lokususwa ekuhlanganyeleni lilubonisa kanjani uthando lukaNkulunkulu?

  1. 1. Uthando lwenza abadala benze konke abangakwenza ukuze basize umenzi wobubi. UmKristu ususwa ekuhlanganyeleni kuphela uma enze isono esikhulu futhi engaphenduki.​—Heb. 12:7, 9-11.

  2. 2. Ukususwa kuvikela ibandla. Isoni esingaphenduki sifana nomuntu onesifo esibi kakhulu esithelelanayo, odinga ukuhlaliswa yedwa ukuze kuvikelwe abanye angabatheleli ngokugula kwakhe.​—1 Kor. 5:6, 7, 11-13.

  3. 3. Ukususwa kungasiza isoni siphenduke. Abaningi abaye basuswa, ngokuhamba kwesikhathi bayasanguluka babuyele kuJehova.​—Luka 15:11-24.

  4. 4. Lapho umuntu owenze isono ephenduka futhi ebuya, kuba nenjabulo enkulu emazulwini nebandla liphinde limamukele.​—Luka 15:7.

12. Yiziphi izinzuzo abanye abazitholile ngenxa yokusekela isiyalo sikaJehova?

12 Ukusekela isinqumo sabadala sokususa umuntu omthandayo ekuhlanganyeleni, empeleni kungase kumsize abuyele kuJehova. U-Elizabeth okukhulunywe ngaye ekuqaleni uyavuma: “Kwakunzima kakhulu ukuyeka ukuzihlanganisa nendodana yethu. Kodwa ngemva kokubuyela kwayo kuJehova, yavuma ukuthi kwakufanele isuswe. Ngokuhamba kwesikhathi yathi yayifunde izifundo eziningi. Ngasazisa isiyalo sikaJehova.” Umyeni wakhe uMark uyanezela: “Kamuva indodana yethu yangitshela ukuthi okunye okwakuyenze yafuna ukubuya ukuthi yayisibona ukuthi sasenza lokho okwakufanele sikwenze. Ngijabula kakhulu ngokuthi uJehova wasisiza salalela.”

13. Yini engakusiza ubhekane nobuhlungu obuzwayo?

13 Xoxa nabangane abaqonda indlela ozizwa ngayo. Zihlanganise namaKristu avuthiwe angakusiza uhlale unombono ofanele. (IzAga 12:25; 17:17) UJoanna, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ngazizwa nginesizungu. Kodwa ukukhuluma nabangane engibethembayo kwangisiza ngakwazi ukubhekana naleso simo.” Kuthiwani-ke uma abanye ebandleni besho izinto ezikuphatha kabi?

14. Kungani kudingeka ‘siqhubeke sibekezelelana futhi sithethelelana ngokukhululekile’?

14 Babekezelele abafowenu nodadewenu. Ngokuvamile, akubona bonke abantu abazosho izinto ezinhle. (Jak. 3:2) Sonke sinesono, ngakho ungamangali lapho abanye bengazi ukuthi bazothini noma lapho besho izinto ezikuphatha kabi benganakile. Khumbula iseluleko sikaPawulu: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile, ngisho noma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye.” (Kol. 3:13) Omunye udade onesihlobo esasuswa uyachaza: “UJehova ungisizile ngakwazi ukuthethelela abafowethu ababezama ukwenza okuhle kodwa bangizwisa ubuhlungu.” Yini ibandla elingayenza ukuze lisize amalungu omndeni athembekile?

IBANDLA LINGASIZA

15. Yini esingayenza ukuze sisize amalungu omndeni anomuntu amthandayo osanda kususwa?

15 Wamukele ngemfudumalo amalungu omndeni athembekile. UDadeweth’ uMiriam uyavuma ukuthi wayekhathazekile ngokuya emihlanganweni ngemva kokususwa komfowabo. Uthi: “Ngangisaba ukuthi abantu bazothini. Kodwa kunabangane abazwelana nami futhi babengakhulumi izinto ezimbi ngomfowethu. Ngenxa yabo, angizange ngizizwe ngingedwa.” Omunye udade wathi: “Ngemva kokususwa kwendodana yethu, abangane bethu basiduduza. Abanye bavuma ukuthi babengazi ukuthi bazothini. Abanye babekhala nami noma bangibhalele incwadi. Lokho abakwenza kwangisiza kakhulu!”

Umama nabantwana bakhe ababili bamukela abadala ababili ababavakashele.

Ngothando, ibandla lingasekela amalungu omndeni athembekile (Bheka isigaba 17)e

16. Ibandla lingaqhubeka kanjani lisekela labo abanamalungu omndeni asusiwe?

16 Qhubeka uwasekela amalungu omndeni athembekile. Badinga uthando nesikhuthazo sakho manje kunanini ngaphambili. (Heb. 10:24, 25) Ngezinye izikhathi, amalungu omndeni anabantu abasusiwe azizwa engeyona ingxenye yebandla. Ningabenzi bazizwe kanjalo! Abasebasha abanabazali abashiye iqiniso bakudinga kakhulu ukunconywa kanye nesikhuthazo. UMaria, onomyeni owasuswa washiya nomndeni, uthi: “Abanye abangane beza emzini wami basiphekela futhi basisiza ekukhulekeleni komkhaya. Babuzwa ubuhlungu bami, bakhala kanye nami. Babengivikela lapho abantu bekhuluma izinto ezingamanga ngami. Babengikhuthaza ngempela!”—Roma 12:13, 15.

17. Abadala bangabasekela kanjani futhi babaduduze labo abacindezelekile?

17 Badala, sebenzisani wonke amathuba avelayo ukuze niqinise amalungu omndeni athembekile. Ninomthwalo okhethekile wokududuza enikhonza nabo abanamalungu omndeni ashiye uJehova. (1 Thes. 5:14) Sebenzisani isikhathi sangaphambi nangemva kwemihlangano ukuze nibakhuthaze. Bavakasheleni, nithandaze nabo. Shumayelani nabo, noma ngezinye izikhathi nibameme babe nani ekukhulekeleni komkhaya. Njengabelusi, abadala kudingeka bazwele izimvu zikaJehova ezisosizini, bazithande futhi bazinakekele.—1 Thes. 2:7, 8.

THEMBELA KUJEHOVA FUTHI UNGALILAHLI ITHEMBA

18. Ngokweyesi-2 Petru 3:9, siyini isifiso sikaNkulunkulu ngabenzi bokubi?

18 UJehova “akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa, kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.” (Funda eyesi-2 Petru 3:9.) Nakuba umuntu engase enze isono esikhulu, ukuphila kwakhe kuseyigugu kuNkulunkulu. Cabanga ngokuthi uJehova wakhokha inani elikhulu kangakanani—wanikela ngeNdodana yakhe ethandekayo ukuba ibe isihlengo—ngenxa yokuphila kwezoni. Ngothando, uJehova uzama ukusiza izoni ukuba zibuyele kuye. Unethemba lokuthi zizokhetha ukubuya, njengoba kwenzeka emfanekisweni kaJesu wendodana yolahleko. (Luka 15:11-32) Abaningi abashiya iqiniso, kamuva baye babuyela kuBaba wabo osezulwini onothando. Ibandla nalo labamukela ngemfudumalo. U-Elizabeth, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wajabula lapho indodana yakhe ibuyiselwa ekuhlanganyeleni. Uma ecabanga ngokwenzeka uthi, “Ngibabonga kakhulu labo abasikhuthaza ukuba singalilahli ithemba.”

19. Kungani singaqhubeka sithembela kuJehova?

19 Singathembela kuJehova ngaso sonke isikhathi. Akasoze asinika isiqondiso esingasilimaza. UnguBaba ophanayo nonozwela, obathanda kakhulu bonke labo abamthandayo nabamkhonzayo. Qiniseka ngokuthi uJehova akasoze akushiya lapho usosizini. (Heb. 13:5, 6) UMark, okukhulunywe ngaye ekuqaleni uthi, “UJehova akazange asishiye. Lapho sibhekene nobunzima, usuke engekude nathi.” UJehova uzoqhubeka ekunika “amandla angaphezu kwavamile.” (2 Kor. 4:7) Yebo, ungakwazi ukuhlala uthembekile futhi unethemba ngisho noma umuntu omthandayo eshiya uJehova.

UFUNDENI KULE MIBHALO ELANDELAYO?

  • IHubo 78:40, 41

  • IHubo 32:6-8

  • Hebheru 12:11

INGOMA 44 Umthandazo Womuntu Ophansi

a Kuba buhlungu ngempela lapho umuntu esimthandayo eshiya uJehova! Lesi sihloko sixoxa ngendlela uNkulunkulu azizwa ngayo lapho lokho kwenzeka. Sixoxa nangalokho amalungu omndeni angakwenza ukuze abhekane nobuhlungu, agcine nokholo lwawo luqinile. Lesi sihloko sizoxoxa nangendlela bonke ebandleni abangaduduza futhi basekele ngayo lowo mndeni.

b Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

d INCAZELO YEZITHOMBE: Lapho umzalwane eshiya umndeni wakhe noJehova, umkakhe nezingane bezwa ubuhlungu obukhulu.

e INCAZELO YEZITHOMBE: Abadala ababili bavakashela umndeni osebandleni labo ukuze bawukhuthaze.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela