ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 7
Zuza Nakakhulu Lapho Ufunda IBhayibheli
“Ufunda kanjani?”—LUKA 10:26.
INGOMA 97 Ukuphila Kuncike EZwini LikaNkulunkulu
AMAZWIBELAa
1. Yini ebonisa ukuthi imiBhalo yayibalulekile kuJesu?
CABANGA nje ukuthi kwakunjani ukulalela uJesu efundisa. Wayevame ukuyicaphuna kaningi imiBhalo Engcwele, eyazi ngekhanda! Empeleni, amazwi kaJesu okuqala abhalwe phansi awasho ngemva kokubhapathizwa namazwi akhe okugcina awasho ngaphambi kokuba afe ayeyizingcaphuno zemiBhalo.b (Dut. 8:3; IHu. 31:5; Luka 4:4; 23:46) Phakathi neminyaka emithathu nohhafu kusukela emazwini akhe okuqala kuya emazwini akhe okugcina, uJesu wayevame ukufunda nokucaphuna imiBhalo obala bese eyayichaza.—Math. 5:17, 18, 21, 22, 27, 28; Luka 4:16-20.
Kukho konke ukuphila kwakhe, uJesu wabonisa ukuthi uyayithanda imiBhalo futhi wayivumela yathonya lokho ayekwenza (Bheka isigaba 2)
2. Yini eyasiza uJesu wayazi kahle imiBhalo njengoba ayekhula? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)
2 Eminyakeni eminingi ngaphambi kokuba aqale inkonzo yakhe, uJesu wayefunda futhi ezwe iZwi likaNkulunkulu ngokuphindaphindiwe. Ekhaya, akungabazeki ukuthi wayezwa uMariya noJosefa becaphuna imiBhalo ezingxoxweni zabo zansuku zonke.c (Dut. 6:6, 7) Singaqiniseka ukuthi uJesu wayeya esinagogeni njalo ngeSabatha nomndeni wakubo. (Luka 4:16) Njengoba ayelapho, kumele ukuba wayelalelisisa njengoba kufundwa imiBhalo. Ngokuhamba kwesikhathi, uJesu wakwazi ukuzifundela leyo miBhalo Engcwele. Ngenxa yalokho, akagcinanga nje ngokuyazi kahle imiBhalo kodwa wayithanda futhi waphila ngayo. Ngokwesibonelo, khumbula okwenzeka ethempelini lapho uJesu eneminyaka engu-12. Othisha ababewazi kahle kakhulu uMthetho KaMose ‘babemangele ngenxa yokuqonda [kukaJesu] nezimpendulo zakhe.’—Luka 2:46, 47, 52.
3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
3 Nathi singalazi futhi silithande iZwi likaNkulunkulu lapho silifunda njalo. Nokho, singazuza kanjani ngokugcwele kulokho esikufundayo? Singafunda kulokho uJesu akusho kulabo ababewazi uMthetho, okuhlanganisa ababhali, abaFarisi nabaSadusi. Labo baholi benkolo babeyifunda njalo imiBhalo, kodwa bengazuzi. UJesu waveza izindlela ezintathu la madoda ayengazuza ngazo emiBhalweni. Lokho akusho kuwo kuzosisiza sithuthukise ikhono lethu (1) lokuqonda lokho esikufundayo, (2) lokuthola ingcebo engokomoya (3) lokuvumela iZwi likaNkulunkulu lisibumbe.
FUNDA NGENJONGO YOKUBA UQONDE
4. ULuka 10:25-29 usifundisani ngokufunda iZwi likaNkulunkulu?
4 Sifuna ukukuqonda lokho esikufunda eZwini likaNkulunkulu. Ngaphandle kwalokho, ngeke sizuze ngokugcwele. Ngokwesibonelo, cabanga ngengxoxo kaJesu nendoda ‘eyayiyisazi soMthetho.’ (Funda uLuka 10:25-29.) Ngesikhathi le ndoda imbuza ukuthi yini okudingeka iyenze ukuze ithole ukuphila okuphakade, uJesu wayiqondisa eZwini likaNkulunkulu, wayibuza: “Kulotshweni eMthethweni? Ufunda kanjani?” Le ndoda yakwazi ukuphendula ngokucaphuna imiBhalo ekhuluma ngokuthanda uNkulunkulu nokuthanda umakhelwane. (Lev. 19:18; Dut. 6:5) Kodwa phawula lokho eyabe isikusho: “Ubani ngempela umakhelwane wami?” Lokho kwembula ukuthi yayingakuqondi ngempela eyayikufundile. Ngenxa yalokho, yayingazi ukuthi kufanele iyisebenzise kanjani ngendlela efanele leyo miBhalo ekuphileni kwayo.
Singaba nalo ikhono lokufunda ngenjongo yokuqonda
5. Umthandazo nokufunda ungajahi kungakusiza kanjani uthuthukise indlela oqonda ngayo okufundayo?
5 Singayithuthukisa indlela esiliqonda ngayo iZwi likaNkulunkulu ngokuba nemikhuba emihle yokufunda. Nawa amanye amacebiso angakusiza. Thandaza ngaphambi kokuba uqale ukufunda. Sidinga usizo lukaJehova ukuze siqonde imiBhalo, ngakho singamcela asiphe umoya wakhe ongcwele ukuze usisize sigxilise ingqondo yethu kwesikufundayo. Ngemva kwalokho, funda ungajahi. Lokho kuzokusiza ukuqonde okufundayo. Ungase ukuthole kuzuzisa ukufunda ngokuzwakalayo noma ukufunda uhambisane neBhayibheli elirekhodiwe. Uma uwezwa amazwi arekhodiwe futhi uwafunda emakhasini eBhayibheli, lokho kungakusiza uqonde, ukhumbule futhi uzuze nakakhulu kulokho okufunda eZwini likaNkulunkulu. (Josh. 1:8) Lapho usuqedile ukufunda, phinda uthandaze ubonge uJehova ngesipho esiyiZwi lakhe futhi umcele akusize ukusebenzise okufundile.
Kungani ukubhala amaphuzu kafushane kungakusiza ukuqonde futhi ukukhumbule lokho okufundayo? (Bheka isigaba 6)
6. Kungani ukuzibuza imibuzo nokubhala amaphuzu kafushane kungakusiza njengoba ufunda? (Bheka nesithombe.)
6 Nawa amanye amacebiso amabili angakusiza uthuthukise indlela oliqonda ngayo iBhayibheli. Zibuze imibuzo ngalokho okufundayo. Njengoba ufunda indaba ethile, zibuze: ‘Obani abalingiswa abayinhloko? Ubani lo okhulumayo? Ukhuluma nobani futhi uthini? Okwenzekayo kwenzeka kuphi futhi nini?’ Imibuzo enjalo izokusiza ucabange futhi ukwazi ukuyilandela kahle indaba namaphuzu ayinhloko asendabeni. Okunye futhi njengoba ufunda, bhala amaphuzu kafushane. Njengoba ubhala, ukucabanga nakakhulu lokho okufundile bese ukuqonda kangcono. Ukubhala kuyakusiza nokuba ukhumbule okufundile. Ungase ubhale phansi imibuzo, ubhale okutholile lapho ucwaninga, ufingqe amaphuzu ayinhloko, ubhale ukuthi ungakusebenzisa kanjani okufundile noma umane ubhale indlela ozizwa ngayo ngokufundile. Ungase uthole ukuthi ukubhala amaphuzu anjalo kungakusiza ubheke iZwi likaNkulunkulu njengeliwumyalezo awubhalele wena.
7. Iyiphi imfanelo esiyidingayo lapho sifunda futhi kungani? (Mathewu 24:15)
7 UJesu waveza imfanelo ebalulekile esiyidingayo ukuze sikuzwe kahle lokho esikufunda eZwini likaNkulunkulu—ukuqonda. (Funda uMathewu 24:15.) Kuyini ukuqonda? Kuyikhono lokubona ukuthi umqondo othile uhlobana kanjani nomunye nokuthi uhluka kanjani komunye, nokubona lokho okungashiwongo ngokucacile. Ngaphezu kwalokho, njengoba uJesu abonisa, sidinga ukuqonda ukuze sikwazi ukubona izenzakalo ezigcwalisa iziprofetho zeBhayibheli. Siyayidinga futhi le mfanelo ukuze sikwazi ukuzuza ngokugcwele kukho konke esikufunda eBhayibhelini.
8. Ungafunda kanjani ngendlela engakusiza uqonde?
8 UJehova uyazinika izinceku zakhe ukuqonda. Ngakho thandaza kuye, umcele akusize ube nayo le mfanelo. (IzAga 2:6) Ungenza kanjani ngokuvumelana nemithandazo yakho? Kuhlaziye okufundayo, uphawule nokuthi kuhlobana kanjani nezinye izinto ozaziyo. Ukuze ukwazi ukwenza lokhu, bheka izincwadi zethu ezikusiza utadishe iBhayibheli, ezinjengethi INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova. Lezi zincwadi zokutadisha zizokusiza uqonde okushiwo indaba ethile eBhayibhelini futhi ubone nezindlela ongakusebenzisa ngazo ekuphileni kwakho. (Heb. 5:14) Lapho ufunda ngokuqonda, uzoyazi kahle imiBhalo.
FUNDA NGENJONGO YOKUTHOLA INGCEBO ENGOKOMOYA
9. Yiliphi iqiniso elingokomBhalo elibalulekile abaSadusi abangalinakanga?
9 AbaSadusi babezazi kahle izincwadi zokuqala ezinhlanu zemiBhalo YesiHebheru, kodwa babengawanaki amaqiniso abalulekile akulezo zincwadi eziphefumulelwe. Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela uJesu aphendula ngayo lapho abaSadusi bemvivinya ngendaba yovuko. Wababuza: “Anifundanga yini encwadini kaMose, endabeni ephathelene nesihlahla sameva, ukuthi uNkulunkulu wathi kuye: ‘NginguNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu ka-Isaka noNkulunkulu kaJakobe’?” (Marku 12:18, 26) Nakuba abaSadusi babeke bayifunda kaningi le ndaba, umbuzo kaJesu waveza ukuthi babengalinakanga iqiniso elingokomBhalo elibalulekile—imfundiso yovuko.—Marku 12:27; Luka 20:38.d
10. Yini okufanele siyinake njengoba sifunda?
10 Sifundani kulokhu? Lapho sifunda, sifuna ukukunaka konke lokho ivesi noma indaba eseBhayibhelini engasifundisa kona. Asifuni ukugcina ngokuqonda izimfundiso eziyisisekelo nje kuphela kodwa sifuna nokuqonda amaqiniso nezimiso ezijulile.
11. Ngokuvumelana neyesi-2 Thimothewu 3:16, 17, ungayithola kanjani ingcebo eseBhayibhelini?
11 Ungayithola kanjani ingcebo engokomoya lapho ufunda iBhayibheli? Cabanga ngalokho okushiwo eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17. (Yifunde.) Phawula ukuthi “yonke imiBhalo . . . iyasiza” (1) ekufundiseni, (2) ekusoleni, (3) ekuqondiseni izinto (4) nasekuyaleni. Lezi zinzuzo ezine ungazithola ngisho nasezincwadini zeBhayibheli ongazifundi njalo. Hlaziya indaba oyifundayo ukuze ubone ukuthi ikufundisani ngoJehova, ngenjongo yakhe noma ngezimiso zokwesaba uNkulunkulu. Cabanga ngokuthi isiza kanjani ekusoleni. Lokhu ungakwenza ngokuthi uphawule ukuthi amavesi akusiza kanjani ubone futhi ulahle imikhuba noma imicabango emibi, uhlale uthembekile kuJehova. Hlola ukuthi indaba ingasetshenziswa kanjani ukuze iqondise, noma ilungise, umbono oyiphutha okungenzeka ushiwo othile ensimini. Bheka nanoma yisiphi isiyalo ongasithola kulawo mavesi esingakusiza ubheke izinto ngendlela uJehova azibheka ngayo. Uma uhlale ucabanga ngalezi zinzuzo ezine, uzothola ingcebo engokomoya engakusiza uzuze lapho ufunda iBhayibheli.
VUMELA OKUFUNDAYO KUKUBUMBE
12. Kungani uJesu abuza abaFarisi umbuzo othi ‘anifundanga yini?’
12 UJesu wabuza nombuzo othi ‘anifundanga yini?’ ukuze abonise ukuthi abaFarisi babenombono ongafanele ngemiBhalo. (Math. 12:1-7)e Kuleso senzakalo, abaFarisi babesola abafundi bakaJesu ngokwephula umthetho weSabatha. Ebaphendula, waveza izibonelo ezimbili ezisekelwe emiBhalweni, wacaphuna nevesi encwadini kaHoseya ukuze abonise ukuthi abaFarisi babengawuqondi kahle umthetho weSabatha nokuthi babehlulekile ukubonisa isihe. Kungani ukufunda iZwi likaNkulunkulu kungazange kuwabumbe la madoda? Kungoba lapho elifunda ayeligxeka futhi eqhosha. Isimo sawo sengqondo esibi sawenza angakuqonda lokho ayekufunda.—Math. 23:23; Joh. 5:39, 40.
13. Yisiphi isimo sengqondo okufanele sibe naso lapho sifunda iBhayibheli, futhi kungani?
13 Amazwi kaJesu asifundisa ukuthi kudingeka sibe nesimo sengqondo esifanele lapho sifunda iBhayibheli. Ngokungafani nabaFarisi, kumele sithobeke futhi sifundiseke. Kumele ‘sikwamukele ngobumnene ukugxiliswa kwezwi.’ (Jak. 1:21) Uma simnene, sizovumela iZwi likaNkulunkulu lishintshe ubuntu bethu. Okufundiswa iBhayibheli ngesihe, uzwela nothando kungasithonya kuphela uma sigwema ukugxeka nokuqhosha.
Singabona kanjani ukuthi siyalivumela yini iZwi likaNkulunkulu lisibumbe? (Bheka isigaba 14)f
14. Singabona kanjani ukuthi siyalivumela iBhayibheli lisibumbe? (Bheka nezithombe.)
14 Indlela esibaphatha ngayo abanye ingabonisa ukuthi siyalivumela yini iZwi likaNkulunkulu lisibumbe. AbaFarisi abalivumelanga iZwi likaNkulunkulu ukuba libathinte izinhliziyo, futhi ngenxa yalokho ‘babalahla labo abangenacala.’ (Math. 12:7) Ngendlela efanayo, indlela esibheka nesiphatha ngayo abanye yembula ukuthi silivumele yini iZwi likaNkulunkulu ukuba lisibumbe. Ngokwesibonelo, sivamile yini ukubheka okuhle kwabanye noma siyashesha ukubona amaphutha abo? Ingabe sibonisa isihe futhi sikulungele ukuthethelela noma ingabe siyagxeka futhi sibamba amagqubu? Ukuzihlola ngale ndlela kungabonisa ukuthi siyakuvumela yini esikufundayo kuthonye imicabango, imizwa nezenzo zethu.—1 Thim. 4:12, 15; Heb. 4:12.
UKUFUNDA IZWI LIKANKULUNKULU KULETHA INJABULO
15. UJesu wayezizwa kanjani ngemiBhalo Engcwele?
15 UJesu wayeyithanda imiBhalo Engcwele futhi iHubo 40:8 laprofetha ukuthi wayeyozizwa kanjani lapho lithi: “O Nkulunkulu wami, kuyangijabulisa ukwenza intando yakho, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.” Ngenxa yalokho, wayejabule futhi waphumelela ekukhonzeni uJehova. Nathi singajabula futhi siphumelele uma sizama ukufunda nokuthanda iZwi likaNkulunkulu.—IHu. 1:1-3.
16. Yini ozoyenza ukuze uzuze nakakhulu lapho ufunda iZwi likaNkulunkulu? (Bheka ibhokisi elithi “Amazwi KaJesu Angakusiza Ukuqonde Okufundayo.”)
16 Ngokuvumelana nesibonelo sikaJesu nalokho akusho, masithuthukise amakhono ethu okufunda iBhayibheli. Singayithuthukisa indlela esiqonda ngayo izindaba eziseBhayibhelini ngokuthandaza, ukufunda singajahi, ukuzibuza imibuzo nangokubhala amaphuzu kafushane. Singasebenzisa ukuqonda ngokuthi sikuhlaziye esikufundayo sisizwa izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Singaliqonda kangcono iBhayibheli, ngisho nezindaba esingazijwayele kangako, ngokubheka ingcebo engokomoya ekulezo zindaba. Singavumela nokuba iZwi likaNkulunkulu lisibumbe ngokuba nesimo sengqondo esihle lapho silifunda. Lapho sizisebenzisa lezi zindlela, sizozuza nakakhulu lapho sifunda iBhayibheli futhi sisondele nakakhulu kuJehova.—IHu. 119:17, 18; Jak. 4:8.
INGOMA 95 Ukukhanya Kuba Kukhulu
a Sonke esikhonza uJehova silwela ukufunda iZwi lakhe nsuku zonke. Baningi nabanye abalifundayo iBhayibheli, kodwa abakuqondi ngempela lokho abakufundayo. Kwakunjalo nangabanye abantu bangosuku lukaJesu. Ngokuhlola lokho uJesu akusho kulabo ababefunda iZwi likaNkulunkulu, sizothola izifundo ezingasisiza sizuze nakakhulu lapho sifunda iBhayibheli.
b Ngesikhathi ebhapathizwa futhi egcotshwa ngomoya ongcwele, kubonakala sengathi inkumbulo kaJesu yokuphila kwakhe ngaphambi kokuba abe umuntu yabuyiselwa kuye.—Math. 3:16.
c UMariya wayeyazi kahle imiBhalo futhi wayeyicaphuna lapho ekhuluma. (Luka 1:46-55) Kungenzeka ukuthi uJosefa noMariya babengenayo imali yokuthenga amakhophi emiBhalo. Kumele ukuba babelalelisisa lapho iZwi likaNkulunkulu lifundwa esinagogeni ukuze bakwazi ukuzindla ngalo lapho sebesekhaya.
d Bheka isihloko esithi “Sondela KuNkulunkulu—‘UnguNkulunkulu Wabaphilayo’” kuyi-Nqabayokulinda kaFebhuwari 1, 2013.
e Bheka noMathewu 19:4-6, lapho uJesu abuza khona abaFarisi umbuzo ofanayo othi: “Anifundanga yini?” Nakuba babeyifundile imiBhalo ekhuluma ngokudalwa kwabantu, bakushalazela lokho eyayikufundisa ngendlela uNkulunkulu abheka ngayo umshado.
f INCAZELO YESITHOMBE: Phakathi nomhlangano eHholo LoMbuso, omunye wabazalwane abasiza kuyi-sound wenza amaphutha ambalwa. Kodwa ngemva komhlangano, abazalwane bayamncoma ngemizamo yakhe kunokuba bagxile emaphutheni akhe.