Izenzo ZoFakazi BakaJehova Ezikhathini Zanamuhla
IBenin
EBenin, eNtshonalanga Afrika, izinkulungwane eziningi zathengiselwa ebugqilini kusukela ngekhulu le-17 kuya kwele-19. Kodwa labo abasala babanjwa uhlobo lobugqila olubi nakakhulu. Umsebenzi walabo ababezama ukunikeza usizo ngokufundisa iqiniso leBhayibheli wavinjelwa iminyaka engu-14. Funda lombiko womuntu owazibonela ngawakhe okwenzeka lapho umsebenzi uvinjelwa nokuthi bekwenzekani kusukela umsebenzi uvuliwe.
IBrazil
Iningi labantu baseBrazil lithi lingamaKatolika, futhi amaphesenti amaningi abo athambekele nasekusebenziseni imimoya. Iningi labo lalingakaze lilibone iBhayibheli, kwaze kwaba seminyakeni engu-50 edlule. Kodwa manje kulo lonke elaseBrazil abantu banikezwa ithuba lokuzibonela ukuthi iZwi likaNkulunkulu liquketheni. Futhi eminye yemihlangano emikhulu kakhulu yoFakazi BakaJehova ezikhathini zanamuhla iye yaba seBrazil.
IMicronesia
Wake wafisa ukuvakashela eMicronesia? Woza sivakashele lezi ziqhingi. Uzothola ukuthi abantu banobungane. Ubuhle beziqhingi zakhona bungakwenza ucabange ngepharadesi. Nokho, lapho uzibukisisa, uzoqonda ukuthi kungani nalapha abantu bezidinga izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Uzobona nabanye balabo abazikhandlayo ukuze babatshele ngazo.