Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
PHAKATHI nonyaka ka-2000, oFakazi BakaJehova embulungeni yonke babexhome lo mbhalo emaHholo OMbuso: “Asilona uhlobo oluhlehlela emuva . . . kodwa siwuhlobo olunokholo.” (Heb. 10:39) Okushiwo yilo mbhalo kubonisa umoya ababa nawo lapho benza inkonzo yabo emhlabeni wonke. Yiqiniso, abathile bakuthola kunzima ukuxoxa nabantu abangabazi; izimo ezithile zingase zibenze bashaywe uvalo. Nokho, benokholo kuJehova, bayaqhubeka belalela imiyalo yakhe.
Umbiko womhlaba wonke ekhasini 31 unezici ezimbalwa ezivelele abazifeza ngesibusiso sikaJehova phakathi nonyaka wenkonzo owaphela ngo-August 31. Eminye imininingwane iseshadini elisemakhasini 32-9. Ngaphezu kwalokho, kumelwe kukhulunywe ngemihlangano yesigodi eyaba khona.
Imihlangano Yabenzi Bezwi LikaNkulunkulu
Ngo-December 1999 kwamenywa bonke oFakazi BakaJehova, kanye nabantu abathakazelayo, ukuba babe khona eMhlanganweni Wesigodi ‘Wabenzi Bezwi LikaNkulunkulu.’ Owokuqala waba seLong Beach, eCalifornia, e-U.S.A., ngo-May 19 kuya ku-21, 2000. Lapho kuphela lolu chungechunge lwemihlangano ekuqaleni kuka-2001, kuyobe sekuqhutshwe eminye eminingi emhlabeni wonke.
Isimiso sasigxile kuJehova, uMenzi wezinto ezimangalisayo. Sakhuthazwa ukuba singazilibali izinto azenzile kodwa simdumise ngezinhliziyo zethu zonke. (IHu. 9:1; 103:2) Kwanikezwa iseluleko esiwusizo ngokuphila komkhaya nokukhuthazelela iva umuntu ngamunye analo enyameni. Sanxuswa ukuba sisebenze kanzima ekwakheni ingokomoya lethu, singabi izilaleli ezikhohlwayo kodwa silalele izwi likaNkulunkulu, futhi siqhubeke sitshela abanye ngemisebenzi kaJehova emangalisayo. Okuhlangenwe nakho nezingxoxo, kanye nezinkulumo, kwagcizelela ukubaluleka kwaloko okwakuxoxwa ngakho futhi kwazithinta kakhulu izinhliziyo zethu. Idrama yeBhayibheli enamandla, ethi “Izibonelo Eziyisixwayiso Zosuku Lwethu,” yasiza yasiqinisa ukuze sikwazi ukumelana nokuziphatha okungonakalisa ubuhlobo bethu noJehova. Futhi zasakha izingxoxo ezizikile zeziprofetho zezincwadi zeBhayibheli, eka-Isaya nekaZefaniya.
Phakathi kwezinkundla ezasetshenziselwa umhlangano kwakuyiNépstadion, inkundla enkulu kunazo zonke e-Hungary. Ngosuku lokuqala kwakukhona abangaphezu kuka-22 000. Labo ababesilalelile isikhuthazo sokuba babekhona lapho kuqalwa, ngeke nanini bazisole. Ekuphetheni kwesimiso sasekuseni uGerrit Lösch, ilungu leNdikimba Ebusayo, wanikeza inkulumo ekhethekile akhulula kuyo INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiHungary. Kweminye imihlangano eyayingaleyo nyanga, kwakhululwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki nangesiRomania nesi-Albania.
E-Albania, yize kwakuzoba neminye imihlangano ezindaweni ezihlukahlukene kamuva ngaleyo nyanga, oFakazi bakulo lonke elase-Albania naseKosovo basabela esimemweni sokuba babekhona esimisweni sokuvula eTiranë. Abeve bajabula lapho kukhululwa iBhayibheli lesi-Albania! Omunye umzalwane osemusha wathi: “Ukufunda le nguqulo akwenzanga nje iBhayibheli lacaca kakhudlwana futhi laqondakala kalula, kodwa kungenze ngalithanda nakakhulu!” Udade oyiphayona elivamile oneminyaka engaphezu kuka-60, owayeyilungu lephalamende lamaKhomanisi, wabhala: “Hawu, yaze yayinhle into! Kube ngemva kokufunda le nguqulo lapho ngibone khona ukuthi iBhayibheli limnandi kangakanani, ulimi lwayo oluvamile, izinkondlo nezindaba ezimnandi. Izenzakalo ezithinta inhliziyo uvele uzibone ngokucacile ngamehlo engqondo. Lapho ngifunda indlela uJesu enza ngayo izimangaliso, indlela athethiswa ngayo nahlekwa ngayo usulu, ngathinteka ngaphakathi ngendlela okungakaze kwenzeke ngayo ngaphambili!”
Emihlanganweni eyayiseCzech Republic, ngaphandle kwezinye izinto ezinhle ezazitholakala emihlanganweni kwamanye amazwe, izihambeli zakujabulela ukuthola uHlelo Olunezikhombo Lwe-Nguqulo Yezwe Elisha, olunezikhombo eziningi eziseceleni nemibhalo yaphansi futhi oluzoba usizo ekutadisheni kwazo iZwi likaNkulunkulu ngokucophelela. Lapho kwenziwa isaziso sokukhululwa kwayo, abantu abaningi emhlanganweni ePrague nase-Ostrava basukuma bashaya ihlombe eladonsa isikhathi.
Ekuqaleni kwalo nyaka wenkonzo, kwakusaqhubeka imihlangano yesigodi enesihloko esithi “Izwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho” ezingxenyeni ezithile zomhlaba. Kwenziwa umzamo omkhulu wokufinyelela izizwe nezilimi eziningi ngangokunokwenzeka ngaloku kwaziswa okubalulekile. Ngokwesibonelo, eMexico, kwaqhutshwa iMihlangano Yesigodi engu-190 ‘Yezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho,’ kwaba khona abangu-1 073 667. Isimiso sethulwa ngeSpanishi, isiNgisi, isiMaya nangoLimi Lwezandla LwaseMexico, sahunyushelwa olimini lwesiMazateco, isiMixe nesiTzotzil. Imigoqo yolimi yasuka njengoba abantu bazo zonke izinhlobo babezuza ekuqondeni esikunikezwa iBhayibheli mayelana nezinto ezinhle uNkulunkulu azibekele isintu.
Ukubhekana Nezimo Ezinzima
Kulo nyaka wenkonzo odlule kwaphinde kwanikezwa ubufakazi obuhle kakhulu ngoJehova uNkulunkulu noMbuso wakhe ophethwe uMesiya. Bangu-6 035 564 abamemezeli abahlanganyela kulo msebenzi. Isilinganiso sabangu-805 205 sahlanganyela enkonzweni yamaphayona phakathi nonyaka. Ngo-April ingqikithi yamaphayona yafinyelela ku-1 418 062! Nangalo nyaka kwachithwa amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane kunikezwa ubufakazi basobala. Abaningi abenza kanjalo babesebenza ngaphansi kwezimo ezaluvivinya kakhulu ukholo lwabo. Noma kunjalo, ezimweni ezihlukahlukene oFakazi BakaJehova banikeza ubufakazi bokuthi ‘abalona uhlobo oluhlehlela emuva.’
Ngokwesibonelo, sekuyizinyanga eziningi kuliwa eDemocratic Republic of Congo. Engxenyeni yezwe esempumalanga, engakwazi ukuxhumana neKinshasa, lapho kukhona khona ihhovisi legatsha, kunabamemezeli boMbuso abangaphezu kuka-30 000. Kwezinye izindawo amasosha avamise ukumisa izakhamuzi, ezihlanganisa noFakazi BakaJehova, azihlome imibuzo futhi ngezinye izikhathi azishaye. Noma kunjalo oFakazi abayeki ukushumayela. Kunabantu abangaba izigidi ezingu-50 kuleli zwe. Nabo kudingeka bathole ithuba lokuzwa izindaba ezinhle. Abamemezeli balapha bachitha isilinganiso samahora angu-13 ensimini inyanga nenyanga phakathi nonyaka.
Abazalwane nodade baseLiberia nabo babonisa ukholo olumangalisayo. Izinselele zansuku zonke ababhekana nazo azihlanganisi nje kuphela ubunzima obukhulu bezomnotho, kodwa nokulwisana nokukhubazeka okudalwa izifo ezinjengomalaleveva nohudo. Cishe bonke abantu, abancane nabadala, bayathinteka. Ngakho ukusabela esicelweni esithi “Singamenza Yini U-April 2000 Abe Inyanga Ekhetheke Kunazo Zonke Kithi?” kwaba ubufakazi obunamandla bokholo lwabazalwane, ukushisekela kwabo uJehova namandla omoya kaJehova ekuphileni kwabo. Kwaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-3 193. Ingqikithi yamaphayona asizayo navamile yayingamaphesenti angu-32 abo bonke abamemezeli ababikayo. Ngenxa yalo msebenzi ongaka, inani lababa khona eSikhumbuzweni abangu-16 875 lamangaza wonke umuntu, kwathi umbiko wango-May waveza ukuthi kwakuqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingu-10 164.
Impi yombango yaseSri Lanka esithathe iminyaka engu-19 isaqhubeka ibambene. Ngenyanga ka-April 2000, impi eyayibambene ngezihluthu eJaffna Peninsula, enyakatho, yenza abantu abaningi babaleka kule ndawo. Kwathinteka namabandla amahlanu, okungabamemezeli nabantu abathakazelayo abangu-600. Abamemezeli kwadingeka bahlale emagcekeni eHholo LoMbuso nasemizini eseduze eyayishiyiwe. Kunjani ukuphila ezimweni ezinjalo? Umdala walapho wabhala: “Ubumpofu nokungondleki kahle kubonakala yonke indawo. . . . Abazalwane balahlekelwe imizi nezimpahla zabo. Amabhomu agqitshwayo atshalwe yonke indawo. Abazalwane abasebenzi; izingane azikwazi ukuya esikoleni. Ukuphila kuwusizi. Kodwa abazalwane bayabekezela, ngenxa yomoya kaJehova nosizo olungokomoya. . . . Siyakubona ukusekela kukaJehova futhi siyambonga.” Laba bazalwane babeqhubeka beba nemihlangano yebandla, befuna ngisho nezindawo ezisithekile abangaqhubela kuzo umhlangano wesifunda, yize wawungamaqembu amancane kunokuvamile. Kunokuba banciphise imizamo abayenza ensimini, bawandisa umsebenzi wabo wokuyisa izindaba ezinhle komakhelwane babo.
Isimo somnotho e-Ukraine senza kube nzima kakhulu ukuhamba kwezinye izindawo. Kodwa sekuyiminyaka ethile manje udade oneminyaka eyevile ku-80, olazisayo ilungelo lokukhonza uJehova, ehamba amahora amane eya ensimini ashumayela kuyo. Futhi uhamba amakhilomitha ayishumi ezintabeni eya emihlanganweni.
OFakazi BakaJehova eRomania bakhonza ngaphansi kokuphikiswa okukhulu ngabefundisi beSonto Lobu-Orthodox. Njengoba babelungiselela ukuvakashelwa umbonisi wamagatsha uWilly Gournon, abazalwane baqasha inkundla yebhola lezinyawo eBucharest lapho kwakuzoba khona khona inkulumo ekhethekile. Kodwa ngenxa yamalungu amadala esonto lobu-Orthodox, imvume ayibange isakhishwa. Naphezu kwalokho, kwathi sekusele izinsuku ezimbalwa afike umbonisi, isikhulu esithile sangenela, sasiza abazalwane bakwazi ukuqasha iSala Palatului (Palace Hall), lapho izilaleli ezingu-2 184 zalalela khona inkulumo eyayifike ngesikhathi, enesihloko esithi “Qhubekani Nihlola Ukuthi Nisokholweni Yini.” Ngokholo oluvivinyiwe, abamemezeli baseRomania abangaphezu kuka-38 000 bayaqhubeka beshumayela izindaba ezinhle. Phakathi kwabo, isilinganiso sabangu-3 569 singamaphayona, nakuba abaningi kuwo kudingeka benze umsebenzi wokuziphilisa wesikhathi esigcwele.
ETopiya uhulumeni uyasisekela isiqinisekiso somthetho-sisekelo senkululeko yenkolo, kodwa abefundisi baqhatha oFakazi namalungu amasonto abo. Noma nini lapho esensimini, uFakazi angase akhakhabiswe kabi kabi. Kodwa akugcini lapho. Abanikazi bemizi abashiseka ngokweqile baye babashaye ngezinduku, babajikijele nangamatshe. Kodwa ngokholo oluqinile, oFakazi BakaJehova abangu-6 166 bayaqhubeka beyisa izindaba ezinhle zokuthula kubantu abayizigidi ezingu-62 kuleyo ngxenye esenyakatho-mpumalanga ye-Afrika.
Ngesikhathi uBejoma ethola iqiniso eneminyaka engu-61, wayengakwazi ukufunda. Njengoba ayelambele iqiniso, wacela ukuba aqhutshelwe isifundo seBhayibheli zonke izinsuku. Wakhuthalela nokuzifundisa ukufunda nokubhala ukuze akwazi ukufundisa abantu basesigodini sakubo eMadagascar. Esengummemezeli ongabhapathiziwe, waphindela esigodini sakubo waqala ukuqhuba imihlangano. Ngonyaka olandelayo wabhapathizwa. Ngemva kweminyaka emithathu wabhalisela ukuba iphayona. Kodwa akuzange kube lula ukushumayela esigodini sakubo. Abantu abathakazelayo baye bacindezelwa kakhulu. Umphakathi wake waqoqana wonke uzozama ukubashintshisa umqondo. Amalungu emikhaya aze asebenzise ngisho nobuthakathi. Izihlobo zabo ziye zasongela ukudubula uMfoweth’ uBejoma uma eya emzini wabantu abathile abathakazelayo, ngakho isifundo seBhayibheli basiqhubela emzini walo mzalwane. Naphezu kwakho konke loku kuphikiswa, umsebenzi wokushumayela nemihlangano kuyaqhubeka. Ngesikhathi kulotshwa le ndaba, kwakunabamemezeli abane. Bacishe babe ngu-40 ababeba khona emihlanganweni.
Abashisekeli benkolo abeqisayo abangamaJuda kwa-Israel baqhubeka bebhikisha belwa nomsebenzi woFakazi BakaJehova. Babelandela abamemezeli lapho befakaza endlini ngendlu nasemapaki, besusa uchuku ngenjongo yokuthikameza abantu abathakazelayo okwakusuke kuxoxwa nabo. Ezindaweni ezivelele abaphikisi babegaxa nezithombe ezinkulu zabamemezeli ukuze baxwayise umphakathi ukuba ungavumi ukuxoxa noFakazi. Kulo nyaka odlule basongele nabaqashi ngokuthi bazoyiduba imikhiqizo yabo nemisebenzi yabo uma bengazixoshi izisebenzi ezingoFakazi BakaJehova. Ngenxa yalokho, kunikezwe ubufakazi obuningi kuma-TV nasemaphephandabeni ngoFakazi BakaJehova nezinkolelo zabo. Ngesibusiso sikaJehova, inani labamkhonzayo kwa-Israel lande ngamanye amaphesenti angu-7 nyakenye.
Ngenxa yokulwa kwamabutho ahlomile eColombia, kwadingeka ukuba kwenziwe ipheshana elikhethekile elinesihloko esithi “You Are the Light of the World [Ningukukhanya Kwezwe],” ngaphansi kokuqondisa kweNdikimba Ebusayo. Kwasakazwa amapheshana acela ezigidini eziyishumi. Leli pheshana lasiza ekucaciseni ukungathathi hlangothi koFakazi BakaJehova ezimpini. Lachaza lokho oFakazi BakaJehova abakwenzayo ukuze bafundise abantu izindinganiso zokuziphatha okuhle, bafundise abasemajele, basize izithulu, basize izisulu zezinhlekelele zemvelo, futhi banikeze abantu ithemba lekusasa. EColombia, oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-107 613 bamatasa bamemezela “izindaba ezinhle zokuthula.” (Efe. 6:14, 15) Leli pheshana lahanjiswa ensimini yamabandla nasezindaweni ezingazodwa. Amaphayona amabili eSifundazweni SaseCauca athandazela ithuba lokushumayeza ibutho elihlomile elalisebenzela kule ndawo. Imithandazo yawo yaphendulwa lapho ngelinye ilanga efika edolobheni ethola amalungu amaningi aleli butho elapho. La maphayona akwazi ukuhambisa amapheshana amaningi kule ndawo. Ngemva kokulifunda leli pheshana, umphathi-dolobha waseSifundazweni SaseChocó wacela imvume yokudlala wonke ama-video eNhlangano esiteshini sethelevishini sendawo.
Emazweni amaningi, kudinga isineke esikhulu ukuthola izimvume zokwakha iHholo LoMbuso lapho abantu bengabuthanela khona ukuzofunda iZwi likaNkulunkulu. EKassándra, enyakatho yeGrisi, ukuthola imvume yokwakha indawo yokukhulekela kuMasipala kwakumane kuseyisiqalo nje. Ukusongelwa kwabakhi, abambi beziza, izinkampane zikakhonkolo nezezinye izimpahla zokwakha kwabesabisa kangangokuba bayeka ukwenza lo msebenzi noma benqaba ukudayisela abazalwane. Benqatshelwa ukuba basebenzise amanzi kamasipala nogesi. Zathi zisabuya nje esakhiweni ngo-October 21, 1999, kwakhala izinsimbi zesonto. Kwabe sekutheleka isixuku siholwa umphathi-dolobha nabapristi, sizimisele ukucekela phansi yonke into. Esebikelwe ngalokhu, ungqongqoshe wokugcinwa komthetho e-Athens waqinisekisa oFakazi ngokuthi amaphoyisa ayezobasiza. Njengoba lo msebenzi wawuqhubeka, amaphoyisa angaphezu kuka-300 asemadolobheni ahlukahlukene enyakatho yeGrisi ayegadile. Ngo-October 30, iHholo LoMbuso elihle lase lilungele ukusetshenziswa. Abafowethu banikeza ubufakazi bokuthi ngempela ‘abalona uhlobo oluhlehlela emuva.’ Kwethenjwa ukuthi umphumela wale ndaba uzoba usizo ekwakhiweni kwezindlu zokukhulekela kwezinye izingxenye zeGrisi.
Njengoba sazi, ukungezwani osekuthathe iminyaka phakathi kwama-Albania namaSerb ahlala eKosovo kwafinyelela ekungeneleni kwamanye amazwe ngo-1999. Abantu abaningi babalekela emazweni aseduze ukuze baphephe. Lapho abaningi sebebuyile, oFakazi base-Albania, futhi kamuva nabase-Austria, bavakashela abazalwane baseKosovo. Batholani? Konakele yonke indawo. Ebusika, ugesi, amanzi nowoyela wokushisisa kwakuyindlala. Amakhaza ayeshubisa umkantsha ezindaweni ababehlanganela kuzo, kodwa imihlangano ayiyekwanga. Abazalwane nodade babephendula futhi benikeza izinkulumo ngamakhandlela, futhi kwakubanda kangangokuba babewubona umoya ababewuphefumula lapho beculela uJehova izindumiso. Imizi emibili yoFakazi yayicekelwe phansi, kodwa kwanikezwa ubufakazi obuhle lapho abazalwane nodade base-Albania nase-Italy bebasiza ekuyakheni kabusha. Ngenxa yenzondo yobuhlanga etshalwe kubantu abaphila nabo, kudingeka ukuqapha okukhulu lapho abamemezeli besensimini, kodwa bawasebenzisa ngentshiseko amathuba okufakaza—emakethe, eposini, emgwaqweni nakomakhelwane.
Maphakathi no-December 1999, isifundazwe saseVargas esisogwini, eVenezuela, savelelwa inhlekelele yemvelo embi kunazo zonke emlandweni waleli zwe. Ngemva kwemvula enezikhukhula, intaba ethile yadilikela endaweni esogwini ehlala abantu abaningi, yabulala abantu abalinganiselwa ku-50 000, yashiya abangu-400 000 bengenamizi. Phakathi kwalabo okwadingeka babaleke emizini yabo kwakunoFakazi abangaphezu kuka-1 200. Naphezu kwale nhlekelele, enzani amabandla angu-11 ayesele eVargas lapho kuthiwa masingenele inkonzo yamaphayona asizayo ngo-April? Umbiko uthi kwabhalisa abangu-112—isilinganiso sabayishumi ebandleni ngalinye—bajoyina amaphayona avamile angu-77 ayekhonza lapho kakade.
ESuriname, abazalwane ababili abayizishosha bahamba ngamabhayisikili anamasondo amathathu abawashova ngezandla. Bobabili bayaphayona. Omunye walimala emilenzeni; omunye unqanyulwe yomibili imilenze. Basengozini yokuthi uma lina, bangase babhajwe odakeni, kodwa njalo nje bafika emaHholo OMbuso bemoyizela.
Nakuba yonke imihlangano yebandla ibalulekile, iSikhumbuzo sona sibaluleke nakakhulu. Ngo-April 19, 2000, emhlanganweni owawuse-Awaso, ePapua, kwakunabantu abathakazelayo abangu-11 ababehambe ngesikebhe esincane amahora angu-17 olwandle olugubhayo ukuze babe khona. Ngemva kokugubha iSikhumbuzo, izilaleli zahluleka ukubamba izinyembezi lapho zizwa ngentshiseko eyayiboniswe yilaba bantu abathakazelayo, nangothando lwabo ngabazalwane abangamaKristu. Bathi: “Besifuna ukugubha iSikhumbuzo sikaKristu kanye nabanye abakhulekeli bakaJehova; ngakho asizisoli ngokuthi sithathe lolu hambo.”
Ukufinyelela Abantu Abengeziwe Ngezindaba Ezinhle
Umphostoli uPawulu wabhala: “Nginecala kokubili kumaGreki nasemaQabeni, kokubili kwabahlakaniphile nakwabangenangqondo.” (Roma 1:14) Ngesihlengo, uJehova wenze ukuba abantu bazo zonke izinhlobo bakwazi ukuthola ukuphila okuphakade. UPawulu wayekwazi lokho, futhi uKristu wamthuma ukuba abe umphostoli kubantu bezizwe. UPawulu wayeqaphela ukuthi wayenesibopho sokwenza konke ayengakwenza ukuze atshele abanye lezo zindaba ezinhle. Wakwenza ngentshiseko lokho. Nasosukwini lwethu, “isigqila esikholekile nesiqondayo” sikubheka ngokungathi sína ukuthunywa kokushumayela izindaba ezinhle emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yokunikeza ubufakazi. (Math. 24:14, 45-47) Yebo, ukuze abantu kuwo wonke umhlaba bakuqondisise ukubaluleka kwezindaba ezinhle, kudingeka bazizwe noma bazifunde ngolimi lwabo. Lokhu kudinga umsebenzi omkhulu wokuhumusha.
Kulo nyaka odlule, oFakazi BakaJehova banyathelisa ngokokuqala izincwadi zeBhayibheli ngezinye izilimi ezingu-22, ngaphandle kwalezi ebezivele zinyatheliswa. Lezi zilimi ezintsha zikhulunywa abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-31. Ngaphandle kwalezi, abantu abakhuluma isiQuechua eBolivia nasePeru, abangakwazi ukufunda, abazange bashaywe indiva; bakhishelwa incwadi Ulwazi ngamakhasethi. OFakazi BakaJehova manje banyathelisa izincwadi zeBhayibheli ngezilimi ezingu-360.
INqabayokulinda ne-Phaphama! yizincwadi ezimbili eziyinhloko zokusakaza iqiniso leBhayibheli. Ukwenza omagazini besiNgisi abane abangafani njalo ngenyanga kuwumsebenzi omkhulu. Kodwa ukwenza kube nomagazini abaphuma kanye ngenyanga, kabili ngenyanga, noma kanye ngemva kwezinyanga ezintathu, ngezilimi eziningi kudinga umsebenzi omkhulu nakakhulu. Kulo nyaka odlule lokhu kwasho ukwenziwa komagazini abahlukene abangu-4 078. Igatsha laseRussia lilodwa nje manje alisahumushi nje INqabayokulinda ngesiRussia kuphela, kodwa nangezinye izilimi ezingu-7, ezikhulunywa abantu abayizigidi ezingu-36 emazweni angu-13.
Njalo nje INcwadi Yonyaka ihunyushelwa ezilimini ezingu-31, incwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke ihunyushelwa ezilimini ezingu-114. Ngaphezu kwalokho, kulo nyaka odlule kwahunyushwa ezinye izincwadi ngezilimi ezingu-119, izincwajana ezingangomagazini ngezilimi ezingu-265, izincwajana ngezilimi ezingu-34 namapheshana ngezilimi ezingu-273 ngenjongo yokusakaza iqiniso leBhayibheli. INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki yanyatheliswa ngezinye izilimi ezine (isi-Albania, isiHungary, isiRomania nesiShona) phakathi nonyaka, kanti kwakhululwa INguqulo Yezwe Elisha ephelele ngesiXhosa. Kwenziwa namakhasethi e-video angu-24. Ngaphandle kwalezi, kumanje nje iNhlangano yenza izincwadi ezilotshwe ngeBraille ngezilimi ezingu-11. Futhi kulo nyaka odlule idrama yomhlangano yethulwa ngamakhasethi e-video ngolimi lwezandla lwaseMelika, eBrazil, eJapane nolwaseKorea. Konke lokhu kwenziwa ngenjongo yokuba isigijimi esinikeza ukuphila esiseZwini likaNkulunkulu sifinyelele kubantu abaningi ngangokunokwenzeka.
Ukuhlanganyela iqiniso leBhayibheli nabantu abakhuluma isiCreole kungenye inselele. IsiCreole ulimi olususelwa ezilimini ezimbili noma ngaphezulu lwase lwenziwa lula. Sesiwulimi olukhulunywa abantu futhi sibonisa amasiko abo. Kodwa ngokuvamile abantu abakhuluma isiCreole abakwazi ukusifunda. Nokho, oFakazi BakaJehova bangothisha, ngakho eMauritius naseRéunion bafunda ukuzifundela nokubhala isiCreole salapha ukuze bakwazi ukufundela abantu ngolimi lwabo futhi babafundise ukwenza okufanayo. Njengoba yayingekho indinganiso yokubhala izilimi zesiCreole zaseMauritius naseRéunion, iNhlangano yasungula indlela yokuloba amagama eyayizofaneleka. Kwabe sekunyatheliswa incwajana yesiCreole ethi Apply Yourself to Reading and Writing nethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? ukuze zisetshenziswe enkonzweni. Ngemva kokuzisebenzisa, omunye udade wabika ukuthi waqala izifundo zeBhayibheli ezintsha eziyisihlanu. Omunye umzalwane wathi: “Selokhu siqale ukusebenzisa la mathuluzi amasha, sithola ukuthi abantu esibafundelayo bakuqonda kangcono okushiwo yiZwi likaNkulunkulu. Yize bengakwazi ukusifunda kahle isiCreole, uma sibafundela sona, bawezwa kahle amaphuzu.”
Okunye okwenze kwafinyeleleka abantu abengeziwe ngezindaba ezinhle kuye kwaba ilungiselelo lokuhambisa izincwadi elenziwe lula. UJehova ulubusisile ukholo izinceku zakhe ezilubonisile kule ndaba. Abantu bachazelwa ilungiselelo lokunikela ngokuzithandela, kodwa izincwadi azinanani. Kusukela ngo-January 2000, leli lungiselelo lasebenza kuwo wonke amazwe elalingakasebenzi kuwo. Igatsha laseCentral African Republic labhala: “Lokhu kusho ukuthi noma ubani, kungakhathaliseki ukuthi unemali noma cha, angaba nazo izincwadi ezidingekayo ukuze abe umfundi kaKristu. Abamemezeli nomphakathi balazisa kakhulu leli lungiselelo.” I-Indonesia yathi: “Abazalwane base bebheka abantu abanesithakazelo sokufunda izincwadi zethu hhayi abakwazi ukukhokhela izindleko zokunyathelisa.” Igatsha laseNingizimu Afrika liyabika: “Sekunyatheliswa omagazini abaphindwe izikhathi ezingaphezu kwezimbili, abezilimi ezithile banda ngaphezu kokuphindwe kane! . . . Konke lokhu kubonisa ukuthi manje kuhlwanyelwa ‘imbewu’ yeqiniso eningi kunanini ngaphambili.—Math. 13:3-8.”
Esinye isici somsebenzi wangonyaka ophelile kube ukuthumela amaphayona akhethekile esikhashana ezindaweni ezithile isikhathi esilinganiselwe. Ngenxa yalokhu, kwazuza abantu ababengakabutholi ubufakazi. ICôte d’Ivoire yabika imiphumela emihle. Ezinye izikhulu zedolobha zawamukela kahle amaphayona futhi zazingasafuni ahambe. ESipilou, isekela lomphathi-dolobha lawanikeza indawo yokuhlala ngesihle futhi laze lanikela ngegceke lalo ukuba kuqhutshelwe kulo imihlangano. Ngesikhathi odade ababili abangamaphayona abababelwe eTiemelekro beyovalelisa kumphathi-dolobha, wathi: “Hhayi-bo! Anikwazi ukuthi ningavele nihambe kanjalo nje. . . . Ngicabanga ukuthi bakhona abafundi enibatholile kulezi zinyanga ezintathu. Yingakho neza kimi nizocela isiqeshana sendawo ukuze nakhe isonto lenu. Seningayithola-ke leyo ndawo. Ngitsheleni ukuthi ubani ozothatha indawo yenu!”
OFakazi abaningi babamba namathuba okuhlanganyela iqiniso leBhayibheli nabantu okwakungeke kufikwe kubo. Lapho udade waseMarshall Islands ethola umsebenzi wokuba uthisha esiqhingini esincane saseJaluit esingaphandle, wathola ukuthi kwakunguyena kuphela uFakazi kuleso siqhingi. Ngentshiseko waqhubeka eshumayeza omakhelwane bakhe bonke, eqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-9, futhi eqhuba imihlangano yamasonto onke naleli qembu. Lapho inceku ekhonzayo yaseMajuro iya khona ngo-April 19 iyobeka inkulumo yeSikhumbuzo sokufa kukaKristu, kwaba khona abangu-175. Lo dadewethu ongayedwa wayememe abaningi ngangokunokwenzeka kulo mkhosi obalulekile. Ukuze asize laba bantu bakhule ngokomoya, lo mzalwane nomkakhe bahlela ukuthuthela eJaluit bayosebenza nalo dade oselapho kakade.
‘Ukukhuluma Ngesibindi’ Ngenjongo Yokuchitha Ukwaziswa Okungeyikho
AmaKristu ekhulu lokuqala ayezazi iziphithiphithi. Ngokwesibonelo, lapho uquqaba lwamukela izimfundiso zobuKristu e-Ikoniyu, abaphikisi ‘babhebhezela futhi bathonya kabi imiphefumulo yabantu bezizwe ngokumelene nabafowethu.’ Kunokuba bayeke, uPawulu noBarnaba “basebenzisa isikhathi eside bekhuluma ngesibindi ngegunya likaJehova.”—IzE. 14:1-7.
Namuhla abaphikisi bayaqhubeka beqhatha umphakathi noFakazi BakaJehova, ngezinye izikhathi basebenzisa imithombo yezindaba noma eminye imizila yomphakathi ukuze bafeze izinhloso zabo. Ngenxa yalokhu, iPublic Affairs Office eBrooklyn namaPublic Affairs Desk emahhovisi egatsha amaningi eNhlangano achitha isikhathi esiningi elungiselela ukwaziswa okusetshenziselwa ukutshela abalobeli bamaphephandaba, izikhulu, nabanye iqiniso ngesibindi.
Ngo-May 2000 iNhlangano yahlela ukuba i-video entsha ethi Transfusion-Alternative Strategies—Simple, Safe, Effective, ibukiswe engqungqutheleni yezokwelapha eGeneva, eSwitzerland. Kule video kuxoxwa nabanye bodokotela abahlinzayo abaphambili emhlabeni futhi kuboniswa nezindlela ezisetshenziswayo ekuhlinzeni ngaphandle kwegazi. Yafundisa odokotela baseYurophu izindlela zokwelapha oFakazi BakaJehova nabanye abantu ngaphandle kokusebenzisa igazi. Odokotela ababekhona bavele ba-oda amakhophi e-video abalelwa ku-300.
EBelgium kwahlelwa ukuba kube nombukiso womlando ophathelene nokusetshenziswa kwegama elithi Jehova ezinguqulweni zamaBhayibheli. Lo mbukiso waqokomisa umsebenzi wabahumushi nabanyathelisi bakuqala, njengoWilliam Tyndale, nezithiyo ababhekana nazo lapho benza iBhayibheli ukuba litholakale emphakathini. Kwafika nezivakashi ezifunda ezikoleni ezingu-13.
Bangaphezu kuka-70 000 abantu abahambela uMbukiso We-Purple Triangles ohamba emazweni ngamazwe eBrazil nyakenye. OFakazi BakaJehova bathemba ukuthi, njengase-Ikoniyu yasendulo, abantu abaningi ngeke babavumele labo abasonta amaqiniso ukuba bavale izingqondo zabo, kodwa bayolalela ngengqondo ehluzekile lapho betshelwa amaqiniso eBhayibheli.
‘Ukumisa Ngokomthetho Izindaba Ezinhle’
Ngokuvumelana nesibonelo esabekwa umphostoli uPawulu “ekuvikeleni nasekumiseni ngokomthetho izindaba ezinhle,” oFakazi BakaJehova emazweni ahlukahlukene basingatha izindaba zomthetho kulo nyaka odlule. (Fil. 1:7) Ezindaweni ezinjenge-Azerbaijan, iBenin, iRomania neSweden, oFakazi BakaJehova baqashelwa ngokomthetho, hhayi nje njengenhlangano ethile, kodwa njengenkolo, ngaleyo ndlela bathola isivikelo esikhudlwana ngaphansi kwemithetho eqinisekisa inkululeko yokukhulekela.
ERepublic of Georgia, encikene neBlack Sea, abaphikisi babefuna ukuba ukuqashelwa koFakazi BakaJehova ngokomthetho kuhoxiswe. Ecaleni elalihilela omunye woFakazi BakaJehova, izidlamlilo zeSonto Lobu-Orthodox zazigcwele pháma ephasishi lasenkantolo zivimbe ukuba kungangeni muntu owenqaba ukuqabula isiphambano sokhuni ezazisiphethe. Phakathi nokuqulwa kwecala kwakuphakanyiswe izithombe zenkolo neziphambano zokhuni, kuthi lapho inkantolo isahlabe ikhefu, kukhanyiswe amakhandlela enhlanhla. Kwaqubuka udlame phakathi enkantolo lapho izidlamlilo zihlasela abameli, abalobeli bamaphephandaba noFakazi BakaJehova. Abazalwane baseGeorgia bafake isikhalo ngesinqumo esibalahlayo basithumela eNkantolo Ephakeme YaseGeorgia, lapho bethemba khona ukuthi iqiniso liyonqoba. Kwenzeka lokhu nje, abamemezeli baseGeorgia abangu-14 855 basebenza amahora angu-2 887 835 phakathi nonyaka befundisa abantu amaqiniso akhululayo eZwi likaNkulunkulu.
Icala laseMoscow, eRussia, elalihloselwe ukuqeda inhlangano engokomthetho emelela oFakazi BakaJehova kuleli dolobha alikakaphethwa. Okwamanje, abazalwane eMoscow abavunyelwe ukwakha amaHholo OMbuso abawadinga kakhulu kangaka. Kodwa ngo-November 23, 1999, iNkantolo Yomthetho-sisekelo YaseRussia yakhipha isinqumo esibavunayo. Sakhishwa ecaleni leBandla LaseYaroslavl. Ngenxa yokuthi leli bandla alikwazanga ukuveza ubufakazi bokuthi lineminyaka engu-15 likhona, njengoba kusho umthetho wango-1997 ngezinkolo, iziphathimandla zendawo zathi leli bandla aliyeke ukulanda nokusakaza izincwadi zenkolo, futhi umzalwane waseJalimane akayeke ukushumayela kuleli dolobha. Inkantolo yanquma ukuthi le mfuneko yeminyaka engu-15 ayinakusetshenziswa emabandleni ayingxenye “yenhlangano eyodwa yenkolo” esibhalisiwe kakade ngokomthetho ezweni lonke, njengoba kunjalo ngoFakazi BakaJehova. Ukubhaliswa kabusha koFakazi BakaJehova nguMnyango Wezobulungisa WaseRussia kwamukelwa ngo-April 29, 1999. Ngesikhathi uMnyango Wezomthetho usingatha lolu daba, abamemezeli baseRussia basebenza amahora angu-24 782 467 enkonzweni yabo yasobala nyakenye. Baphinde banda ngamaphesenti angu-7 futhi bafinyelela inani labamemezeli abangu-114 284.
Abafowethu eFrance nabo basabhekene nesimo esinzima. Kule minyaka emine edlule, bathole izinqumo ezibavunayo ezingu-921 ezinkantolo ezivamile, bathola ezingu-65 ezinkantolo zamacala adlulisiwe, odabeni oluphathelene nokukhululwa kwabo ekukhokheni intela yamaHholo OMbuso. Ngenxa yokuthi uMnyango Wezintela wazidlulisa lezo zinqumo, lolu daba lwadlulela eConseil d’État YaseFrance, inkantolo ephakeme kunazo zonke eFrance. Ngo-June 23, 2000, leyo nkantolo yanquma ukuthi oFakazi BakaJehova bayakufanelekela ukubhekwa njengenkolo ngaphansi komthetho waseFrance, nokuthi ngenxa yalokho amaHholo OMbuso abo akufanele athelelwe. Okubaluleke nakakhulu ukuthi le nkantolo yathi izinto ezenziwa kulawo maHholo OMbuso “aziwuphazamisi umphakathi.” Kodwa ngemva nje kwezinsuku ezingu-11, kwelinye icala elalihloselwe ukusekela isenzo soMnyango Wezintela sokufuna ukuba oFakazi BakaJehova eFrance bakhokhe amaphesenti angu-60 eminikelweni abayitholayo, inkantolo yaseNanterre yakhipha isinqumo esibhalwe phansi esisikisela ukuthi oFakazi BakaJehova abanakucela ukuba bangayikhokhi intela ngoba abayona inkolo eqashelwayo eFrance. Abazalwane baphezu kokubhala isikhalo abazosithumela eNkantolo Yokudlulisa Amacala eVersailles. Kanti iNational Assembly YaseFrance idingida umthetho ohloselwe ukuqeda noma iziphi izinhlangano okuthiwa ezamahlelo uma lezo zinhlangano noma abaphathi bazo beke balahlwa icala kabili enkantolo. Yize izitha ‘zisebenza okubi kungathi ngomthetho,’ oFakazi BakaJehova bathembela kuMahluleli Omkhulu, lowo bonke abantu abayolandisa kuye.—IHu. 94:20; Roma 14:10.
Ukwanelisa Isidingo Esiphuthumayo SamaHholo OMbuso
Njengoba liqhubeka landa inani labantu abathanda uJehova futhi abamkhonzayo, kunesidingo esikhulu samaHholo OMbuso abangahlanganyela kuwo ukuze bamkhulekele. Ukuze kwaneliswe lesi sidingo, sekunamaHhovisi Ezifunda Okwakha AmaHholo OMbuso emahhovisi egatsha eNhlangano e-Australia, eBrazil, eJalimane, eMexico naseNingizimu Afrika. Besuka kulezi zindawo, abazalwane abanolwazi bahambela amanye amagatsha beyowasiza ukuba enze amalungiselelo afanelana nezidingo zawo. Sikhuluma nje usizo lunikezwa amazwe angu-72 e-Asia/Oceania, eMpumalanga Yurophu, eMpumalanga naseNtshonalanga Afrika, eMelika Ephakathi neseNingizimu, naseziqhingini zaseCaribbean.
Izisebenzi zakwamanye amazwe ezingaphezu kwekhulu zimatasa ziqeqesha abazalwane bendawo ukuze bakwazi ukusebenzisana ndawonye njengamaQembu Akha AmaHholo OMbuso emazweni akubo. Ngenxa yaleli lungiselelo, emazweni angu-30 sekwakhiwe amaHholo OMbuso angu-453, kanti amanye angu-727 asakhiwa. Kugcizelelwa ukuba kwenziwe amapulani amaHholo OMbuso akhiwa ngezinto zendawo nangezindlela zokwakha zezwe ngalinye. EKenya kusetshenziswa amatshe ambiwe enkwalini; eTogo kuvame ukusetshenziswa izitini; eCameroon kusetshenziswa izitini zikakhonkolo, ezibuye zelekwe ngosimende kamuva. Ngale ndlela, abazalwane bendawo basheshe bakwazi ukufunda amakhono abawadingayo ukuze bafeze imisebenzi ebalulekile emsebenzini wokwakha emazweni akubo.
Njengoba abazalwane emazweni ahlukahlukene sebekufundile okwenziwayo, abaningi babonise isifiso esibukhali sokufaka isandla. Abazalwane nodade abaningi bendawo abakhuthele baye basebenza ngokuzithandela. Emazweni athile, lapho izimo zendawo bezingenza bangakwazi ukufaka isandla, kwenziwa amalungiselelo okuba kutholakale ukudla nendawo yokuhlala yalabo abavunyelwe ukuzosebenza, ukuze bakwazi ukugxila kulo msebenzi ophuthumayo wokwakha nokulungisa amaHholo OMbuso emazweni abo.
Ukwakhiwa kwala maHholo OMbuso kuwuthinta kanjani umsebenzi woFakazi BakaJehova emphakathini? Kwafika lo mbiko uvela eBenin, eNtshonalanga Afrika: “Nizokujabulela ukuzwa ukuthi iHholo LoMbuso eliseKrake linikezelwe izolo. Kuleli bandla elinabamemezeli abangu-34 kuba khona isilinganiso sabangu-73 ngeSonto, kodwa njengoba belinikezelwa bekunabangu-651. Esikhathini esingaphambili kuye kwadingeka ukuba abazalwane babekezelele ukubandlululwa nokuhlekwa kuleli dolobha elincane ngoba iHholo LoMbuso langaphambili laliyisidala kakhulu uma liqhathaniswa namanye amasonto. Manje leli Hholo LoMbuso elisha lingesinye sezakhiwo ezinhle kakhulu lapha. Kwababekhona, iningi kwakungabantu bendawo asebeshintshe umbono wabo ngemva kokubona lokho abazalwane abakwenza ngamasonto ambalwa nje.” IBandla LaseNafisi eMalawi lithi: “Njengoba sesineHholo LoMbuso elihle, linikeza ubufakazi obuhle. Ngenxa yalokho, kulula ukuqala izifundo zeBhayibheli lapho sishumayela. Yonke indawo abantu abawuvali umlomo.”
Ngenxa yokwanda eminyakeni yamuva, isidingo samaHholo OMbuso eLiberia siyaphuthuma. Kodwa abazalwane babengeke neze bakwazi ukuwakha. Kwabona bayehluleka ukukhokhela izindawo ezincane abahlala kuzo. Ezindaweni eziningi babevele bahlanganyele emizini yabazalwane, izilaleli eziningi zize zikapakele emgwaqweni. Uma kungenjalo, babehlanganyela emjondolo. Kwakubonakala kungenakhambi lale nkinga kwaze kwaba yilapho kuzwakala izindaba zaleli lungiselelo elihle lokwakha amaHholo OMbuso emazweni anezimali ezincane. Izimali ezinikelwa abazalwane kwamanye amazwe kwakumelwe zisetshenziselwe ukwakha amahholo lapho kunesidingo sangempela khona. Kulezi zinyanga eziyisithupha ezidlule sekwakhiwe amahholo amasha ayisihlanu. Ngokuzimisela kwabo okukhulu abazalwane babonise ukuthi ‘bakulungele’ ukunikela ngamandla abo emsebenzini yize ‘bengenakho’ (bengenazo izimali). (2 Kor. 8:12) Ngokwesibonelo, iBandla LaseNew Georgia lenza ama-block kasimende ayinkulungwane ngezandla ngosuku olulodwa!
Izakhiwo Zamagatsha Ezintsha Nezinwetshiwe
Ukuze kunakekelwe inani elikhulayo loFakazi BakaJehova futhi bahlonyiselwe inkonzo yabo, kuye kwadingeka kube nezakhiwo zamagatsha ezifanelekayo. Eziningana zinikezelwe phakathi nonyaka ophelile. Lezi zakhiwo zinezisebenzi eziyizikhonzi ezimisiwe ezingu-19 587 emhlabeni wonke, zonke zingamalungu e-Order of Special Full-Time Servants.
ENINGIZIMU AFRIKA: Izakhiwo zegatsha eKrugersdorp zazibonakala zinkulu ngokwanele lapho ziqedwa ngo-1987. Pho kungani babenikezela izakhiwo ezinwetshiwe zamahhovisi, izakhiwo zokuhlala ezintsha ezintathu, igalaji lamaloli neshede elikhulu elisha, eminyakeni engu-12 kamuva?
Esinye sezizathu inkululeko enkulu abantu bakaJehova abayijabulelayo ngenxa yokuphela kweMpi Yomshoshaphansi. Ukuvinjelwa koFakazi BakaJehova kwaqedwa emazweni anjengeRwanda, iMalawi, iMozambique ne-Angola. Kusukela kwaqedwa izakhiwo zaleli gatsha ngo-1987, emazweni ayishumi kulawo iNingizimu Afrika ethumela kuwo izimpahla, abamemezeli banda ngamaphesenti angu-148! (EMozambique banda ngamaphesenti angu-523 phakathi naleyo minyaka engu-12.)
Ngaphezu kwalokho, uhulumeni omusha eNingizimu Afrika nokuqedwa kobandlululo kwenze kwaba nenkululeko enkudlwana yokuphuma nokungena kwamanye amazwe ase-Afrika. Ngakho igatsha laseNingizimu Afrika likwazile ukwenza okwengeziwe ukuze lithumele izimpahla emagatsheni angomakhelwane. Ngaphandle kokunyathelisa omagazini, izincwajana nokunye, leli gatsha ligcinela amazwe amaningi aseduze izincwadi zawo futhi liwenzele nama-oda amabandla. Njengoba ukwakhiwa kwamaHholo OMhlangano nawoMbuso kuba nomfutho e-Afrika, amagatsha engeziwe athola izinto zokwakha eNingizimu Afrika.
Ezinye izici: Abamemezeli boMbuso ensimini yegatsha laseNingizimu Afrika nabo banda ngamaphesenti angu-62 kusukela ngo-1987. Kule minyaka embalwa edlule, uMnyango Wabahumushi kudingeke wandiswe ukuze ukwazi ukusingatha umsebenzi owengeziwe wokuhumushela iBhayibheli ezilimini ezingu-7 zalapha—isiBhunu, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa nesiZulu. Akumangalisi-ke ukuthi kuye kwadingeka kwenezelwe izindawo ezibalulekile zegatsha laseNingizimu Afrika.
Ngo-October 23, 1999, kwanikezelwa izakhiwo zegatsha ezandisiwe eNingizimu Afrika. Kulo mcimbi kwakukhona uDaniel Sydlik, ilungu leNdikimba Ebusayo, owanikeza inkulumo emnandi ethi “Ukunikezela Okubonisa Inkazimulo KaNkulunkulu.”
EJAPANE: Ngemva kwamasonto ambalwa, ngo-November 13, kwanikezelwa izakhiwo zegatsha ezinwetshiwe e-Ebina, eJapane. Lezi zakhiwo ezenezelwe zihlanganisa izakhiwo zokuhlala ezinezitezi ezingu-12 nesakhiwo esinamahhovisi eminyango ehlukahlukene esinezitezi ezingu-4. Izisebenzi ezinamakhono zakwamanye amazwe ezingaphezu kuka-70 zasebenza nezisebenzi zalapha zesikhathi eside nezesikhashana ezibalelwa ku-2 000 zaqeda lo msebenzi ngeminyaka emithathu nesigamu.
Lesi simiso sokunikezela saba khona ngemva kweminyaka engu-50 izithunywa zevangeli zokuqala ze-Watch Tower zafika eJapane ngemva kweMpi Yezwe II. Zazikhona ezinye zalezo zithunywa zevangeli ezisakhonza eJapane, kanye nabo bonke ababonisi abajikelezayo eJapane, nezinye izinceku zikaJehova esezimnkantsh’ ubomvu, nezihambeli ezingu-344 ezazivela emazweni angu-37.
Ngesikhathi izithunywa zevangeli zokuqala zifika eTokyo futhi ziwuqala kabusha umsebenzi wokushumayela ngemva kweMpi Yezwe II, kwakunedlanzana nje labakhulekeli bakaJehova abathembekile eJapane. Manje kunabamemezeli boMbuso abakhuthele abangaphezu kuka-221 000 abasakaza izindaba ezinhle kuzo zonke izindawo zaleli zwe. Ngaphandle kwalokho, izincwadi zeBhayibheli ezinyatheliswa eJapane ngezilimi ezingu-27 zithunyelwa kwamanye amazwe, futhi ngesiqondiso seNdikimba Ebusayo, leli gatsha linikeza usizo ngokuqondile emsebenzini wasensimini wamazwe athile e-Asia.
Emhlanganweni okhethekile owalandela inkulumo yokunikezela, uTheodore Jaracz, ilungu leNdikimba Ebusayo, wakhuluma nezilaleli ezingu-61 323 eYokohama International Stadium. Njengoba zazingu-41 sezizonke izindawo ezazixhunywe ngocingo ezweni lonke, kwaba nengqikithi yabangu-269 376. Lesi simiso, esasinemibiko eyethulwa izihambeli zakwamanye amazwe nenkulumo kaMfoweth’ uJaracz enesihloko esithi “Ukufundiswa UJehova—Kuyazuzisa Namuhla Naphakade,” kwanikeza bonke ababekhona isikhuthazo esinamandla sokuqhubeka bethuthuka ngokomoya.
EBENIN: Leli zwe eliseNtshonalanga Afrika libonakala lithela isivuno esikhulu ngokomoya. Kunabamemezeli bezindaba ezinhle abangu-6 343, futhi abangaphezulu kakhulu kwengxenye yalaba babhapathizwa phakathi nawo-1990.
Ukuze kukhonzwe lesi sixuku esandayo sabakhulekeli beqiniso nalabo abaseNiger, kwanikezelwa izakhiwo ezintsha zegatsha, iHholo LoMhlangano elisha nekhaya lezithunywa zevangeli e-Abomey-Calavi, eBenin ngo-January 1, 2000. UGerrit Lösch, ilungu leNdikimba Ebusayo, wasebenzisa leli thuba ukuba agcizelele amaphuzu amabili asemqoka: (1) Isizathu esibalulekile sokuba sikhonze uJehova ukuthi siyamthanda, akulona ithemba lokuthola ukuphila okumi phakade. (2) Funda iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, zonke izinsuku. Azive ziwusizo lezi zikhumbuzo!
EMYANMAR: Ngemva kwamasonto ambalwa kunikezelwe izakhiwo eBenin, kwanikezelwa izakhiwo zegatsha ezintsha eMyanmar. Ihhovisi legatsha lamiswa lapha ngo-1947. Ngo-1977 iNhlangano yathola indawo yokwakha izakhiwo ezifanelekayo. Kodwa, maye, yeka izithiyo okwadingeka zinqotshwe! OFakazi BakaJehova babengabhalisiwe, ngakho babezoyithola kanjani imvume yokwakha? Kwakuzodingeka zilandwe kwamanye amazwe izimpahla zokwakha, pho kwakuzokwenzeka kanjani lokho ngoba akukho nhlangano eyayike yanikwa imvume yalokho? Kwabonakala kungenakwenzeka nokulanda abazalwane phesheya bazosiza ekwakheni, ngoba ama-visa abantu abazokwenza umsebenzi onjalo ayekhishelwa imisebenzi exhaswe uhulumeni kuphela. Kwathi kusenjalo, owesifazane mumbe waya enkantolo wayothi le ndawo iNhlangano eyayilokhu inayo iminyaka engaphezu kuka-20 eqinisweni ingeyakhe. Kodwa ngokushesha izinkinga zaphela. Inqubo kahulumeni ephathelene nanoma ikuphi okwakuyinkinga yashintsha. Futhi lapho isakhiwo sesiqaliwe, inkantolo yasichitha isikhalo salona wesifazane owayefuna ukuthatha le ndawo.
Izimpahla eziningi zokwakha zaziyizipho ezivela kubazalwane base-Australia; ezinye zavela eMalaysia, eSingapore naseThailand. Abazalwane bafika bezosiza bevela e-Australia, eBrithani, eFiji, eGreece, eJalimane, eNew Zealand nase-United States, kanti oFakazi bendawo nabo basiza. Lapho izakhiwo eziphelile zinikezelwa ngo-January 22, 2000, ngesikhathi kuhambele uJohn E. Barr, ilungu leNdikimba Ebusayo, ababekhona baphoqeleka ukuba bathi: “UJehova usenzele izinto ezinkulu, sajabula.”—IHu. 126:3.
La mazwi ayiveza kahle indlela oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke abazizwa ngayo njengoba bebukeza izigigaba zonyaka ophelile.
[Isithombe ekhasini 6]
USamuel Herd ukhulula incwadi ethi “Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu”
[Izithombe ekhasini 6]
Idrama yeBhayibheli ethi “Izibonelo Eziyisi-xwayiso Zosuku Lwethu”
[Isithombe ekhasini 8]
Izihambeli zomhlangano eHungary zijabulela iBhayibheli elisha
[Isithombe ekhasini 14]
OFakazi abajabulile babuthene esifundweni egalaji eKosovo
[Izithombe ekhasini 24]
IHholo LoMbuso eliseKrake, eBenin—elidala nelisha
[Izithombe ekhasini 27]
(1) EMyanmar, (2) EBenin, (3) ENingizimu Afrika, (4) EJapane