Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb16 k. 170-k. 171 isig. 7
  • Saphinde Sahlangana Ekugcineni!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Saphinde Sahlangana Ekugcineni!
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Saphendukela Emthonjeni Wokulunga Kweqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Imizwa Ebuhlungu​—Lapho ‘Sinesizathu Sokukhononda’
    Buyela KuJehova
  • “Bekumnandi Ukuhlala Nani”
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
  • Lapho Uphethwe Isifo Esibi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
yb16 k. 170-k. 171 isig. 7
ULinda noSally Ong

I-INDONESIA

Saphinde Sahlangana Ekugcineni!

Ilandiswa uLinda noSally Ong

ULinda: Lapho ngineminyaka engu-12, umama wangitshela ukuthi nganginodadewethu omncane owayenikezwe omunye umkhaya ukuba umkhulise. Ngangizibuza ukuthi naye wayezalwe eyisithulu njengami yini. Ngakhula ngingamazi.

USally: Ngangingazi ukuthi angikhuliswanga abazali bami bangempela. Umama owangikhulisa wayengishaya futhi engiphathisa okwesigqila, ngakho ngakhula ngingajabule futhi nginomzwangedwa—okwangicindezela nakakhulu njengoba ngangizalwe ngiyisithulu. Ngabe sengitholana noFakazi BakaJehova, ngaqala ukufunda iBhayibheli. Lapho umama ekuthola lokhu, wangibhaxabula kabuhlungu ngebhande washintsha nezihluthulelo zendlu, okuyinto eyangenza ngavaleleka endlini. Lapho ngineminyaka engu-20, ngabaleka ekhaya, oFakazi bangithatha ngahlala nabo. Ngasekuqaleni kuka-2012, ngabhapathizwa.

ULinda: Lapho ngineminyaka engu-20, ngaqala ukufundelwa oFakazi BakaJehova. Kamuva, ngaqala ukuya emihlanganweni yesigodi eJakarta, lapho, isimiso sasihunyushelwa abayizithulu. Ngilapho, ngahlangana nabantu abaningi abayizithulu, kuhlanganise noSally, intombazane enguFakazi eyayihlala eNyakatho Sumatra. Ngazizwa nginokusondelana okuthile nayo kodwa ngingazi ukuthi kubangelwa yini.

USally: Mina noLinda saba abangane abakhulu. Ngaba nomuzwa wokuthi siyefana kodwa angizange ngigxile kakhulu kulokho.

ULinda: Ngo-August 2012, ngosuku olungaphambi kokuba ngibhapathizwe, ngaba nomuzwa ojulile wokulangazelela ukuthola udadewethu omncane owayelahlekile. Ngancenga uJehova ngathi: “Ngicela ungisize ngithole udadewethu ngoba ngifuna ukumxoxela ngawe.” Ngokushesha ngemva kwalokho, kungazalelwe umama wathola umyalezo kumakhalekhukhwini wakhe uvela kumuntu othile owayazi ngodadewethu owayelahlekile. Lesi kwakuyisenzakalo sokuqala esaholela ekutheni ngixhumane noSally.

USally: Lapho uLinda echaza ukuthi ngiwudadewabo owalahleka kudala, ngokushesha ngathatha indiza ngaya eJakarta ngiyohlangana naye. Lapho sengisesikhumulweni sezindiza, ngabona uLinda—ekanye nobaba nomama nomunye udadewethu omdala—bezongihlangabeza. Ngangivevezela ngenxa yokwethuka nenjabulo. Sangana sonke futhi saqabulana—umama wanganga isikhathi eside kunabanye. Sonke sasikhala. Lapho ubaba nomama bexolisa behlengezela izinyembezi ngokuthi banginikela kwabanye abantu ukuba bangikhulise, sakhala saphinde sangana.

ULinda: Ngenxa yendlela engafani esakhuliswa lngayo, kuye kwadingeka sifunde ukwamukela ubuntu nemikhuba yethu engafani. Kodwa sithandana ngokujulile.

USally: Manje mina noLinda sihlala ndawonye futhi sihlanganyela ebandleni elilodwa lolimi lwezandla eJakarta.

ULinda: Kwase kuyiminyaka engaphezu kuka-20 mina noSally sihlukene. Siyambonga uJehova ngokuthi siphinde sahlangana ekugcineni!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela