Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 9/15 kk. 27-32
  • Singabonisa Kanjani Ukuthi Siyamthanda UJehova?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Singabonisa Kanjani Ukuthi Siyamthanda UJehova?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • BONISA UJEHOVA UKUTHI UYABONGA
  • ZINDLA NGALOKHO UJEHOVA AKUFUNDISA KONA
  • YAMUKELA ISIYALO ESIVELA KUJEHOVA
  • NCIKA KUJEHOVA UKUBA AKUSIZE FUTHI AKUVIKELE
  • UJehova Usithanda Ngaziphi Izindlela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Thanda UNkulunkulu Okuthandayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Hlala Useduze NoJehova
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Mawakhiwe Uthando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 9/15 kk. 27-32
1. Umzalwane ongumKristu ushumayeza indoda esihlalweni sasepaki; 2. Ubaba ufundela indodana yakhe encane incwadi Yezindaba ZeBhayibheli; 3. Udade ongumKristu ufundisa abanye ngoJehova

Singabonisa Kanjani Ukuthi Siyamthanda UJehova?

“Sinothando, ngoba yena wasithanda kuqala.”—1 JOHANE 4:19.

IZINGOMA: 56, 138

UZIZWA KANJANI NGOJEHOVA UMA UCABANGA . . .

  1. ngendlela anakekela ngayo izidingo zakho?

  2. ngamaqiniso akufundise wona?

  3. ngendlela akuyala ngayo?

1, 2. UJehova usifundise kanjani ukumthanda?

INDLELA enhle kakhulu ubaba angafundisa ngayo izingane zakhe ukuzibekela isibonelo. Lapho ebonisa izingane zakhe uthando, usuke ezifundisa indlela yokuthanda. Akekho omunye umuntu owake wasithanda ngendlela uBaba wethu, uJehova, asithanda ngayo. Ngakho sifunda ukubonisa uthando “ngoba yena wasithanda kuqala.”—1 Johane 4:19.

2 UJehova usibonise ngayiphi indlela ukuthi “wasithanda kuqala”? IBhayibheli lithi: “Ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela.” (Roma 5:8) UBaba wethu onothando, uJehova, wanikela ngeNdodana yakhe njengesihlengo ukuze asikhulule esonweni nasekufeni. Lesi sipho esiyigugu sasivulela ithuba lokusondelana noJehova nokubonisa ukuthi siyamthanda. Ngokuzidela okungako, uJehova wasibekela isibonelo. Wasifundisa ukuthi kufanele sibonise uthando ngokungabi nabugovu nangokuba nesandla esivulekile.—1 Johane 4:10.

3, 4. Sibonisa kanjani ukuthi siyamthanda uNkulunkulu?

3 Uthando luyimfanelo kaJehova evelele. Ngakho siyaqonda ukuthi kungani uJesu athi umyalo obaluleke kunayo yonke othi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho nangawo onke amandla akho.” (Marku 12:30) UJehova ufuna simthande ngayo “yonke inhliziyo” yethu. Bekungamzwisa ubuhlungu uJehova uma besingathanda omunye umuntu noma enye into kakhulu kunaye. Kodwa uthando lwethu ngaye akufanele lube olomzwelo kuphela. UJehova ulindele nokuba simthande ngayo “yonke ingqondo” yethu nangawo “onke amandla” ethu. Lokhu kusho ukuthi uthando lwethu ngoJehova luhilela indlela esicabanga ngayo nalokho esikwenzayo.—Funda uMika 6:8.

4 Ngakho kufanele sithande uJehova ngokungazigodli. Ngokumenza eze kuqala ekuphileni kwethu, simbonisa ukuthi simthanda ngempela. Esihlokweni esidlule, sixoxe ngezindlela ezine uJehova abonisa ngazo uthando olukhulu ezinganeni zakhe. Manje ake sibone ukuthi singalujulisa kanjani uthando lwethu ngoJehova futhi sibonise ukuthi siyamthanda.

BONISA UJEHOVA UKUTHI UYABONGA

5. Lapho sicabanga ngakho konke uJehova asenzele kona, sishukumiseleka ukuba senzeni?

5 Lapho othile ekunika isipho, cishe ubonisa ukubonga. Futhi ngenxa yokuthi uyasazisa leso sipho, uyasisebenzisa. UJakobe wabhala: “Zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele zivela phezulu, ngoba zehla zivela kuYise wezinkanyiso zasezulwini, futhi kuye akukho ukushintshashintsha kokuphenduka kwethunzi.” (Jakobe 1:17) Asive sibonga ngokuthi uJehova usinika konke esikudingayo ukuze siphile futhi sijabule. Siyaqaphela ukuthi usithanda kangakanani futhi sifuna ukumbonisa ukuthi nathi siyamthanda. Ingabe yileyo ndlela ozizwa ngayo?

6. Yini ama-Israyeli okwakudingeka ayenze uma ayefuna uJehova aqhubeke ewabusisa?

6 Ama-Israyeli athola izinto eziningi ezinhle kuJehova. Kwaphela amakhulu eminyaka ewaqondisa ngemithetho yakhe futhi ewanika konke ayekudinga ukuze aphile. (Duteronomi 4:7, 8) Ama-Israyeli ayengabonisa ukubonga kuJehova ngokulalela leyo mithetho. Ngokwesibonelo, lapho enikela imihlatshelo kuJehova, kwakufanele amnike “okuhle kunakho konke kolibo oluvuthiwe” lwezwe. (Eksodusi 23:19) Ama-Israyeli ayazi ukuthi uJehova uzoqhubeka ewabusisa uma emlalela futhi emnika okungcono anakho.—Funda uDuteronomi 8:7-11.

7. Singazisebenzisa kanjani ‘izinto zethu zenani elikhulu’ ukuze sibonise uJehova ukuthi siyamthanda?

7 Nathi singambonisa uJehova ukuthi siyamthanda ngokumnika ‘izinto zethu zenani elikhulu.’ (IzAga 3:9) Lokhu sikwenza ngokusebenzisa lokho esinakho ukuze simdumise. Ngokwesibonelo, singanikela ukuze sisekele umsebenzi woMbuso ebandleni lethu nasemhlabeni wonke. Kungakhathaliseki ukuthi sinokuningi noma sinokuncane, sonke singasebenzisa lokho esinakho ukuze sibonise uthando esinalo ngoJehova. (2 Korinte 8:12) Kodwa kunezinye izindlela esingambonisa ngazo uJehova ukuthi siyamthanda.

Lapho simethemba ngokwengeziwe uJehova, yilapho kubonakala khona nakakhulu ukuthi siyamthanda

8, 9. Iyiphi enye indlela esimbonisa ngayo uJehova ukuthi siyamthanda? Yini uMike nomndeni wakhe abayenza?

8 UJesu wasifundisa ukuba siqhubeke sifuna uMbuso kuqala futhi singakhathazeki ngokudla nokokwembatha. UBaba wethu uthembisa ukusinika esikudingayo. (Mathewu 6:31-33) Siyamethemba uJehova futhi siyazi ukuthi uzosigcina leso sithembiso. Kakade, lapho umthanda ngempela umuntu, uyamethemba. Empeleni, lapho simethemba ngokwengeziwe uJehova, yilapho simbonisa khona nakakhulu ukuthi siyamthanda. (IHubo 143:8) Ngakho, singase sizibuze: ‘Ingabe izinhlelo zami nendlela engisebenzisa ngayo isikhathi namandla ami kuyabonisa ukuthi ngimthanda ngempela uJehova? Nsuku zonke, ingabe ngincika kuJehova ukuba anakekele izidingo zami?’

9 UMike nomndeni wakhe bathembela kuJehova. Lapho uMike esemncane, wayelokhu efisa ukuyoshumayela kwelinye izwe. Ngisho nangemva kokuba eseshadile futhi esenezingane ezimbili, wayesenaso leso sifiso. Lapho yena nomndeni wakhe befunda ngabazalwane nodade abakhonza lapho kunesidingo esikhulu khona sabamemezeli, banquma ukwenza ukuphila kwabo kube lula. Badayisa umuzi wabo base bethuthela endaweni ethe ukuba ncane. UMike wanciphisa nenani lamakhasimende akhe ebhizinisini lokuhlanza futhi wathola indlela yokuliqondisa ekwelinye izwe ngokusebenzisa i-Internet. Ngenxa yalokho, yena nomndeni wakhe bakwazi ukuthuthela kwelinye izwe futhi bayijabulela kakhulu inkonzo yabo. UMike uthi, “Sazibonela ngawethu ukuba yiqiniso kwamazwi kaJesu alotshwe kuMathewu 6:33.”

ZINDLA NGALOKHO UJEHOVA AKUFUNDISA KONA

10. NjengeNkosi uDavide, kungani kukuhle ukuba sizindle ngalokho esikufundayo ngoJehova?

10 INkosi uDavide yake yabhala: “Amazulu amemezela inkazimulo kaNkulunkulu; umkhathi ulandisa ngomsebenzi wezandla zakhe.” Yanezela: “Umthetho kaJehova uphelele, ubuyisa umphefumulo. Isikhumbuzo sikaJehova sithembekile, sihlakaniphisa ongenalwazi.” Njengoba uDavide ayezindla ngemithetho kaJehova ehlakaniphile kanye nendalo yakhe enhle, wasondelana noJehova futhi wafuna ukubonisa ukuthi uyamthanda. UDavide wathi: “Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makujabulise phambi kwakho, Jehova Dwala lami noMkhululi wami.”—IHubo 19:1, 7, 14.

11. Singalusebenzisa kanjani ulwazi uJehova asinika lona ukuze sibonise ukuthi siyamthanda? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

11 Namuhla, uJehova usifundisa okuningi ngaye, ngenjongo yakhe, ngendalo yakhe nangeZwi lakhe. Izwe likhuthaza abantu ukuba bafunde, kodwa imfundo ephakeme ivame ukwenza abantu baphelelwe uthando abanalo ngoNkulunkulu. Ngokuphambene, uJehova akafuni sibe nolwazi nje kuphela, kodwa usisiza nokuba sihlakaniphe. Ufuna sisebenzise esikufundayo ukuze sizuze futhi sisize nabanye. (IzAga 4:5-7) Ngokwesibonelo, ufuna sabelane ‘ulwazi olunembile lweqiniso’ nabanye abantu futhi sibasize basinde. (1 Thimothewu 2:4) Sibonisa ukuthi siyamthanda uJehova nabantu ngokufundisa abaningi ngangokunokwenzeka ngoMbuso kaNkulunkulu nangalokho ozokwenzela isintu.—Funda iHubo 66:16, 17.

12. Wathini omunye udade osemusha ngesipho esivela kuJehova?

12 Abasha nabo bangazindla ngakho konke uJehova abanike kona nabafundise kona. UShannon usakhumbula indlela azizwa ngayo emhlanganweni ayekuwo lapho eneminyaka engu-11 kanye nodadewabo owayeneminyaka eyishumi. Phakathi nalowo Mhlangano Wesifunda “Wokuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu,” yonke intsha, kuhlanganise noShannon nodadewabo, yacelwa ukuba ihlale endaweni ekhethekile. Ekuqaleni wayethukile. Kodwa wamangala lapho bonke abasha benikezwa incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Lesi sipho esihle kangaka samenza wazizwa kanjani ngoJehova? Uthi: “Yilapho-ke engaqonda khona ukuthi uJehova ungokoqobo nokuthi nami ungithanda kakhulu. Ave sijabula ngokuthi uNkulunkulu wethu omkhulu, uJehova, usinikeza izipho ezinhle neziphelele kanjalo!”

YAMUKELA ISIYALO ESIVELA KUJEHOVA

13, 14. Kufanele sisabele kanjani lapho uJehova esiyala, futhi kungani?

13 IBhayibheli liyasikhumbuza: “UJehova uyamsola lowo amthandayo, njengoba nje nobaba eyisola indodana ayijabulelayo.” (IzAga 3:12) Lapho samukela isiyalo sikaJehova futhi simvumela ukuba asiqeqeshe, sifunda ukwenza okulungile futhi siba nokuthula. Yiqiniso, “asikho isiyalo esibonakala okwamanje sengathi siyajabulisa, kodwa sibanga usizi.” (Hebheru 12:11) Noma kunjalo, kufanele sisabele kanjani lapho uJehova esiyala? Akufanele nanini sisishaye indiva iseluleko esivela kuJehova noma sifukamele intukuthelo uma singakuthandi lokho esikuzwayo. Siyamthanda uJehova, ngakho siyamlalela bese senza izinguquko ezidingekayo.

Lapho senza izinguquko ngokuzithandela ukuze sijabulise uJehova, sibonisa ukuthi simthanda ngempela

14 Ngesikhathi sikaMalaki, amaJuda amaningi awamlalelanga uJehova. Ayengenandaba nokuthi imihlatshelo ayeyinikela yayingamjabulisi. Ngakho uJehova wawanikeza isiyalo esiqinile ngalokhu. (Funda uMalaki 1:12, 13.) Empeleni, uJehova wawanika iseluleko ngokuphindaphindiwe, kodwa enqaba ukulalela. Ngakho wawatshela: “Ngiyothumela phezu kwenu isiqalekiso, futhi ngiyoqalekisa izibusiso zenu.” (Malaki 2:1, 2) Kuyacaca ukuthi uma silokhu senqaba ukulalela iseluleko sikaJehova noma sisibheka njengesingabalulekile, siyolahlekelwa ubungane naye.

Owesifazane ongumKristu ubuka izitayela zezwe efasiteleni lasesitolo

Cabanga ngalokho uJehova akufunayo esikhundleni salokho okuthandwayo ezweni (Bheka isigaba 15)

15. Iyiphi indlela yokucabanga okufanele siyigweme?

15 Izwe likaSathane likhuthaza abantu ukuba baqhoshe futhi babe ogombela kwesabo. Abaningi abathandi ukulungiswa noma ukutshelwa ukuthi benzeni. Abanye balalela iseluleko kuphela ngoba bephoqelekile. Akufanele sibe njalo. IBhayibheli lisiyala ukuba ‘siyeke ukulolongwa sifane nalesi simiso sezinto.’ Kunalokho, kudingeka siqonde ukuthi yini uJehova ayilindele kithi futhi senze okumjabulisayo. (Roma 12:2) Usebenzisa inhlangano yakhe ukuze asinikeze iseluleko ngesikhathi esifanele. Ngokwesibonelo, siyakhunjuzwa ukuthi kufanele siziphathe kanjani lapho sinabobulili obuhlukile, sibakhethe kanjani abangane nokuthi singanquma kanjani ukuthi kufanele senzeni ukuze siphumule. Lapho sisamukela ngokuzithandela iseluleko sikaJehova futhi senza izinguquko ukuze simjabulise, sibonisa ukuthi siyasazisa isiqondiso sakhe nokuthi simthanda ngempela.—Johane 14:31; Roma 6:17.

NCIKA KUJEHOVA UKUBA AKUSIZE FUTHI AKUVIKELE

16, 17. (a) Kungani kufanele sithole ukuthi uJehova ucabangani ngaphambi kokuba senze izinqumo? (b) Yini ama-Israyeli ayenza esikhundleni sokuthembela kuJehova?

16 Izingane ezincane zencika kubazali bazo ukuba bazisize futhi bazivikele. Ngisho nabantu abadala bangalucela usizo kubazali babo. Bayaqaphela ukuthi nakuba bekwazi ukuzenzela izinqumo, abazali babo bangabanikeza iseluleko esihle. UBaba wethu, uJehova, uyasivumela ukuba sizenzele izinqumo. Kodwa ngenxa yokuthi simethemba ngempela futhi siyamthanda, sihlale sicela usizo lwakhe futhi senze konke esingakwenza ukuze sithole ukuthi ucabangani ngaphambi kokuba senze isinqumo. Uma sencika kuJehova, uyosinika umoya wakhe ongcwele ukuze usisize senze okulungile.—Filipi 2:13.

17 Ngesikhathi sikaSamuweli, ama-Israyeli ehlulwa empini lapho elwa namaFilisti. Kunokuba abuze uJehova ukuthi kufanele enzenjani, athi: “Masizithathele umphongolo wesivumelwano sikaJehova eShilo, ube phakathi kwethu futhi usisindise entendeni yesandla sezitha zethu.” Waba yini umphumela waleso sinqumo? “Ukuceka kwaba kukhulu kakhulu, kangangokuthi kwa-Israyeli kwawa amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu ayimigundatshani. Umphongolo kaNkulunkulu wathunjwa.” (1 Samuweli 4:2-4, 10, 11) Ama-Israyeli ayecabanga ukuthi ngokumane athathe uMphongolo ahambe nawo, uJehova wayezowasiza futhi awavikele. Kodwa awazange acele usizo kuJehova noma azame ukuthola ukuthi wayecabangani. Kunalokho, enza lokho ayecabanga ukuthi kulungile, futhi abhekana nemiphumela ebuhlungu kakhulu.—Funda izAga 14:12.

18. IBhayibheli likufundisani ngokwethembela kuJehova?

18 Umhubi owayemthanda ngokujulile uJehova futhi owancika kuye wabhala: “Linda uNkulunkulu, ngoba ngisazomdumisa njengensindiso yami enkulu. O Nkulunkulu wami, umphefumulo wami uqobo ngaphakathi kimi uphelelwa yithemba. Yingakho ngikukhumbula.” (IHubo 42:5, 6) Ingabe yileyo ndlela ozizwa ngayo ngoJehova? Ingabe uzizwa usondelene naye futhi umethemba? Ungafunda ukumethemba ngisho nangokwengeziwe. IBhayibheli liyasitshela: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”—IzAga 3:5, 6.

19. Uzombonisa kanjani uJehova ukuthi uyamthanda?

19 Ngokusithanda kuqala, uJehova usifundisile ukuthi singamthanda kanjani. Masihlale sicabanga ngokuthi kukhulu kangakanani asenzele kona nokuthi usithanda kangakanani. Futhi kwangathi singambonisa ukuthi simthanda ngayo yonke inhliziyo yethu, umphefumulo, ingqondo namandla ethu.—Marku 12:30.

INCAZELO YAMAGAMA ATHILE

  • UJehova wasifundisa indlela yokumthanda: UJehova akagcinanga ngokusitshela ukuthi uyasithanda, kodwa wenze izinto eziningi ezifakazela ukuthi uyasithanda. Lapho sicabanga ngokwengeziwe ngothando lwakhe, yilapho uthando lwethu ngaye luyokhula khona futhi siyofuna nakakhulu ukumlingisa

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela