Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 66
  • Sikhona Ngempela Yini Isihogo? Lithini IBhayibheli Ngesihogo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sikhona Ngempela Yini Isihogo? Lithini IBhayibheli Ngesihogo?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • Ingabe isihogo siyindawo yokushisa abantu phakade?
  • Kuthiwani ngomfanekiso kaJesu wesicebi noLazaru?
  • Ingabe isihogo sisho ukuthi umuntu akanabudlelwane noNkulunkulu?
  • Ukhona yini umuntu owake wakhululwa esihogweni?
  • Obani Abaya Esihogweni?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Kwenzekeni Ngesihogo Somlilo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Siyini Ngempela Isihogo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • “Isihogo” Ingabe Sikhona Ngempela?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 66
Isithombe samasonto esibonisa abantu besha esihogweni.

Sikhona Ngempela Yini Isihogo? Lithini IBhayibheli Ngesihogo?

Impendulo yeBhayibheli

Amanye amaBhayibheli ahunyushwa kudala, njenge-King James Version, asebenzisa igama elithi “isihogo” kwamanye amavesi. (IHubo 16:10; IzEnzo 2:27a) Njengoba ubona esithombeni esitshengisa okufundiswa ezinye izinkolo esikulesi sihloko, abantu abaningi bacabanga ukuthi isihogo yindawo enomlilo ongacimi, okujeziswa kuyo abantu abangalungile. Kodwa ingabe ilokho okufundiswa iBhayibheli?

Kulesi sihloko

  • Ingabe isihogo siyindawo yokushisa abantu phakade?

  • Kuthiwani ngomfanekiso kaJesu wesicebi noLazaru?

  • Ingabe isihogo sisho ukuthi umuntu akanabudlelwane noNkulunkulu?

  • Ukhona yini umuntu owake wakhululwa esihogweni?

  • Amavesi eBhayibheli akhuluma ngesihogo, noma iThuna

  • Okushiwo amaBhayibheli ezilimi zokuqala

  • Umlando wesihogo somlilo

Ingabe isihogo siyindawo yokushisa abantu phakade?

Cha. Amagama ahunyushwe ngokuthi “isihogo” kwamanye amaBhayibheli amadala (ngesiHebheru, “iShiyoli”; ngesiGreki, “iHayidesi”) empeleni asho “iThuna,” abhekisela ethuneni laso sonke isintu. IBhayibheli liveza ukuthi abantu “abaseThuneni” abaphili.

  • Abafile abezwa lutho, ngakho ngeke bakwazi ukuzwa ubuhlungu. “Akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha esihogweni.” (UmShumayeli 9:10, Douay-Rheims Version) Esihogweni akuvimbanisile umsindo wabantu abakhalayo. Esikhundleni salokho, iBhayibheli lithi: “Mabajabhiswe ababi, bathuliswe endaweni yabafileyo [esihogweni, Douay-Rheims].”—IHubo 31:17; King James Version (30:18, Douay-Rheims); IHubo 115:17.

  • UNkulunkulu wathi ngukufa okuyisijeziso sesono, akashongo ukuthi ukuhlukunyezwa esihogweni somlilo. UNkulunkulu watshela umuntu wokuqala, u-Adamu, ukuthi isijeziso sokwephula umthetho kaNkulunkulu kwakuyoba ukufa. (Genesise 2:17) Akashongo lutho ngokuhlushwa kuze kube phakade esihogweni. Kwathi kamuva, u-Adamu esonile, uNkulunkulu wamtshela ukuthi siyoba yini isijeziso sakhe: “Ngoba uluthuli, uyobuyela othulini.” (Genesise 3:19) Wayengeke esaba khona. Uma uNkulunkulu ayezojezisa u-Adamu ngokumusa esihogweni somlilo, nakanjani wayezokusho lokho. UNkulunkulu akakasishintshi isijeziso sokwephulwa kwemithetho yakhe. Ngemva kwesikhathi eside u-Adamu onile, uNkulunkulu waphefumulela umbhali weBhayibheli ukuba abhale lokhu: “Inkokhelo yesono ukufa.” (Roma 6:23) Asikho isidingo sesinye isijeziso, ngoba “lowo ofile ukhululiwe esonweni sakhe.”—Roma 6:7.

  • Indaba yokushiswa kwabantu kuze kube phakade iyenyanyeka kuNkulunkulu. (Jeremiya 32:35) Le mfundiso iyaphikisana nalokho esikufunda eBhayibhelini, ukuthi “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) UNkulunkulu ufuna simkhonze ngoba simthanda, hhayi ngoba sesaba ukuhlukunyezwa kuze kube phakade.—Mathewu 22:36-38.

  • Abantu abalungile baya esihogweni. AmaBhayibheli asebenzisa igama elithi “isihogo” aveza ukuthi abantu abathembekile, njengoJakobe noJobe, babekulindele ukuya esihogweni. (Genesise 37:35; Jobe 14:13) Ngisho noJesu imbala, kuthiwa wayesesihogweni esikhathini esiphakathi kokufa kwakhe nokuvuswa kwakhe. (IzEnzo 2:31, 32) Ngakho kusobala ukuthi igama elithi “isihogo” kula maBhayibheli, limane nje lisho iThuna.b

Kuthiwani ngomfanekiso kaJesu wesicebi noLazaru?

Lo mfanekiso owashiwo uJesu, utholakala kuLuka 16:19-31. Inhloso yalo mfanekiso ukusifundisa ngokuziphatha noma ngendlela kaNkulunkulu yokubuka izinto. Umfanekiso wesicebi noLazaru awuyona indaba eyenzeka ngempela. (Mathewu 13:34) Ukuze ufunde kabanzi ngalo mfanekiso, funda isihloko esithi “Isicebi NoLazaru—Kwakungobani?”

Ingabe isihogo sisho ukuthi umuntu akanabudlelwane noNkulunkulu?

Cha. Imfundiso yokuthi abafile bayazi ukuthi abanabudlelwane noNkulunkulu iyaphikisana nalokhu okushiwo iBhayibheli, elisho ngokucacile ukuthi abafile abazi lutho.—IHubo 146:3, 4; UmShumayeli 9:5.

Ukhona yini umuntu owake wakhululwa esihogweni?

Yebo. IBhayibheli likhuluma ngabantu abangu-9 abaya eThuneni (okuyigama elihunyushwe ngokuthi “isihogo” kwamanye amaBhayibheli) labo bantu bavuswa baphinde baphila.c Ukube kukhona abakubona ngesikhathi besesihogweni, babezosho. Kodwa akekho noyedwa kubo othi washiswa noma othi nje kukhona akuzwa. Kungani? Njengoba iBhayibheli ligcizelela, labo bantu babengezwa lutho, kwakufana nokuthi ‘balele’ zwi ubuthongo.—Johane 11:11-14; 1 Korinte 15:3-6.

a AmaBhayibheli amaningi namuhla awalisebenzisi igama elithi “isihogo” encwadini yezEnzo 2:27. Kunalokho amanye asebenzisa igama elithi “ithuna,” (New Century Version); “indawo yabafile,” (New International Version); “abafile” (The Passion Translation). Amanye asebenzise izinhlamvu zesiGreki athi “iHayidesi.”​—Holman Christian Standard Bible, NET Bible, New American Standard Bible, English Standard Version.

b Bheka ibhokisi elithi “Okushiwo AmaBhayibheli Ezilimi Zokuqala.”

c Funda eyoku-1 AmaKhosi 17:17-24; 2 AmaKhosi 4:32-37; 13:20, 21; Mathewu 28:5, 6; Luka 7:11-17; 8:40-56; Johane 11:38-44; IzEnzo 9:36-42; 20:7-12.

Amavesi eBhayibheli amayelana nesihogo, noma iThuna

Jobe 14:13: “O ukube ubungangithukusa eThuneni [“esihogweni,” Douay-Rheims Version] . . . ukube ubungangikalela isikhathi bese uyangikhumbula!”

Incazelo: Indoda ethembekile uJobe yayazi ukuthi isihogo (iThuna) sasizoyikhulula ezinhlungwini nokuthi uNkulunkulu angakwazi ukuyivusa khona.

IHubo 145:20: “UJehova uqapha bonke abamthandayo, kodwa bonke ababi uyobabhuqa.”

Incazelo: UNkulunkulu uyobaqothula noma ababhubhise ngokuphelele abantu ababi. Ngeke abagcine bephila esihogweni ukuze abazwise ubuhlungu.

UmShumayeli 9:10: “Akukho msebenzi namacebo nalwazi nakuhlakanipha eThuneni [“esihogweni,” Douay-Rheims Version], indawo oya kuyo.”

Incazelo: Labo abaseThuneni, noma esihogweni, abaphili ngakho ababuzwa ubuhlungu. Ngaphezu kwalokho, kusobala ukuthi abantu lo mlobi weBhayibheli ayebhekise amazwi akhe ahlakaniphile kubo babehlanganisa nabantu abalungile.

IzEnzo 2:31: “Ebona kusephambili‚ wakhuluma ngokuvuka kukaKristu ukuthi akashiywanga esihogweni.”—King James Version.

Incazelo: UJesu Kristu waya esihogweni (eThuneni) lapho efa.

Roma 6:23: “Inkokhelo yesono ukufa.”

Incazelo: Ngukufa okuyisijeziso esigcwele sesono, hhayi ukushiswa esihogweni.

IsAmbulo 20:13: “Ukufa nesihogo kwakhipha abafileyo ababekukho.”—King James Version.

Incazelo: Abantu abasesihogweni bafile. Bayophinde baphile ngovuko.

IsAmbulo 20:14: “Ukufa nesihogo kwaphonswa echibini lomlilo.”—King James Version.

Incazelo: Lapho sekukhishwe bonke abantu, isihogo (iThuna) siyobhujiswa phakade, njengokungathi ngomlilo. Ngemva kwalokho, ukufa okubangelwa isono sika-Adamu ngeke kusaba khona.​—Roma 5:12.

Okushiwo amaBhayibheli ezilimi zokuqala

Njengoba sibona ohlwini olungezansi, abahumushi beBhayibheli babadidile abantu ngokusebenzisa izincazelo eziningi lapho behumusha igama elithi “isihogo.” Kwezinye izindawo, kubonakala sengathi babefuna abantu bacabange ukuthi abangalungile bayoshiswa kuze kube phakade, bangabhujiswa.

  • IShiyoli (ngesiHebheru שְׁאוֹל), iHayidesi (ngesiGreki ᾅδης)

    Incazelo: Ithuna elivamile lesintu.—IHubo 16:10; IzEnzo 2:31

    Ahunyushwe ngokuthi: IThuna, isihogo, umgodi (King James Version); indawo yabafileyo (New International Version)

  • IGehena (ngesiGreki γέεννα)

    Incazelo: Imbubhiso yaphakade.—Mathewu 5:30

    Lihunyushwe ngokuthi: IGehena; isihogo (King James Version, New International Version)

  • IThartharusi (ngesiGreki ταρταρόω)

    Incazelo: Isimo esinjengejele samademoni, okuyizidalwa zomoya ezimbi.—2 Petru 2:4

    Lihunyushwe ngokuthi: IThartharusi; isihogo (King James Version, New International Version)

  • I-Apoleia (ngesiGreki ἀπώλεια)

    Incazelo: Imbubhiso.—Mathewu 7:13

    Lihunyushwe ngokuthi: Imbubhiso; isihogo (Good News Bible)

  • I-Pyr (ngesiGreki πῦρ)

    Incazelo: Umlilo, ongokoqobo noma ongokomfanekiso.—Luka 17:29; Jude 23.

    Lihunyushwe ngokuthi: Umlilo, umlilo wesihogo (God’s Word Translation)

Umlando wesihogo somlilo

Umsuka waleli gama kubantu abangamkhonzi uNkulunkulu: AmaGibhithe asendulo ayekholelwa esihogweni somlilo. Incwadi ekhuluma ngemingcwabo ethi Ȧm-Ṭuat (Amduat), izazi-mlando ezithi eyangekhulu lesi-16 B.C.E., ikhuluma ngalabo “abayophonswa phansi emigodini yomlilo; . . . abangeke bakwazi ukubalekela amalangabi.”—The Egyptian Heaven and Hell.

Sasingafundiswa amaKristu okuqala: “Kuyaphawuleka ukuthi [eTestamenteni Elisha] imfundiso yesihogo somlilo yayingeyona ingxenye yentshumayelo yamaKristu okuqala.”—A Dictionary of Christian Theology.

Ifilosofi yamaGreki yangena isinyelela: “Kusukela maphakathi nekhulu lesibili [C.E.] amaKristu ayeqeqeshwe ngefilosofi yamaGreki aqala ukuveza ukholo lwawo esebenzisa ifilosofi . . . Ifilosofi ayelithanda kakhulu kwakungelikaPlato.” (Encyclopædia Britannica) Leyo filosofi yayihlanganisa nokukholelwa ekushisweni ngomlilo uma usufile. “Kuzo zonke izazi zakudala zefilosofi yesiGreki, uPlato waba nethonya elikhulu emibonweni abantu abanayo ngesihogo.”—Histoire des enfers (The History of Hell).

Isihogo somlilo sasetshenziswa njengezaba zokushisa abantu: Phakathi nenkathi yokuqulwa kwamacala ezihlubuki eSpain labo abalahlwe icala lokuhlubuka base beshiswa esigxotsheni kwakuthiwa “banambithiswa ukuthi kuyoba njani ukushiswa esihogweni somlilo,” kungenzeka babenethemba lokuthi bazophenduka bengakafi. (The Spanish Inquisition, kaJean Plaidy) Nendlovukazi uMary I yaseNgilandi yashisa amaProtestani angu-300 esigxotsheni, kubikwa ukuthi wathi “njengoba imiphefumulo yezihlubuki izoshiswa esihogweni phakade ngemva kwalokhu, akukho okufaneleka kangcono ukuba ngikwenze kunokulingisa impindiselo yaphezulu ngokuyishisa la emhlabeni le miphefumulo.”—Universal History, ka-Alexander Tytler.

Ushintsho lwesikhathi sethu: Ezinye izinkolo azisafundisi kakhulu ngesihogo, cishe ukuze zijabulise amalungu azo kunokwenqaba le mfundiso engamanga. (2 Thimothewu 4:3) “Abantu bafuna uNkulunkulu onesisa nonothando . . . Akusathandeki namuhla ukukhuluma ngesono nokuba necala.”—Professor Jackson W.Carroll.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela