Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 147
  • Yini Ongayenza Ukuze Uphile Phakade?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Ongayenza Ukuze Uphile Phakade?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • Izimfundiso Ezingamanga Ngokuphila Phakade
  • Singaphila Phakade
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Ukuphila Phakade Akulona Nje Iphupho
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ungaphila Yini Phakade?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ungaphila Ezweni Elisha LikaNkulunkulu Elinokuthula
    Funda KuMfundisi Omkhulu
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 147
Owesilisa ongumntwana uyakhula abe yindoda

Yini Ongayenza Ukuze Uphile Phakade?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli lithembisa ukuthi: “Lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:​17) Yini uNkulunkulu afuna ukuba uyenze?

  • Funda ngoNkulunkulu nangeNdodana yakhe uJesu. Lapho uJesu ethandaza kuNkulunkulu, wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Kusho ukuthini ‘ukungenisa ulwazi’ ngoNkulunkulu nangoJesu? Kusho ukuthi singaba nolwazi ngabo ngokutadisha iBhayibheli, nangokukusebenzisa ekuphileni kwethu lokho esikufunda kulo.a IBhayibheli lisembulela izinto uMuphi wokuphila, onguMdali wethu, uJehova uNkulunkulu azicabangayo. (IzEnzo 17:24, 25) Liphinde lisitshele nangeNdodana yakhe uJesu, okunguye owafundisa abantu ‘amazwi okuphila okuphakade.’​—Johane 6:​67-​69.

  • Bonisa ukholo kuJesu owasifela. UJesu weza emhlabeni ukuze ‘akhonze futhi anikele umphefumulo wakhe ube yisihlengo.’ (Mathewu 20:28) Ngokunikela ngokuphila kwakhe, uJesu wavulela abantu ithuba lokuphila phakade emhlabeni oyiPharadesi.b (IHubo 37:29) UJesu wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Phawula ukuthi kudingeka senze okwengeziwe kunokumane sikholelwe kuJesu. Kufanele ‘sibonise ukuthi sinokholo kuJesu,’ ngokwenza lokho asifundisa khona nangokwenza intando kaYise.​—Mathewu 7:​21; Jakobe 2:​17.

  • Yakha ubungane obuqinile noNkulunkulu. UNkulunkulu ufuna sisondele kuye futhi sibe abangane bakhe. (Jakobe 2:​23; 4:8) UNkulunkulu uphila kuze kube phakade. Akasoze afa, futhi ufuna nabangane bakhe bahlale phakade. Esebenzisa iZwi lakhe, uNkulunkulu uyasitshela ukuthi yini ayifisela labo abamfunayo, uthi kubo: “Kwangathi izinhliziyo zenu zingaphila kuze kube phakade.”​—IHubo 22:26.

Izimfundiso Ezingamanga Ngokuphila Phakade

Amanga: Intuthuko esiyibonayo emhlabeni, izoholela ekuphileni phakade.

Iqiniso: Nakuba intuthuko emkhakheni wezokwelapha ithembisa ukwengeza isikhathi abantu abasiphilayo, lokho akusho ukuthi izogcina isikwazi ukwenza abantu baphile phakade. NguNkulunkulu kuphela, “umthombo wokuphila,” onamandla okunika abantu ukuphila okuphakade. (IHubo 36:9) Uthembisa ukuthi “uyokugwinya ukufa kuze kube phakade,” bese enika bonke abantu abathembekile ukuphila okuphakade.​—Isaya 25:8; 1 Johane 2:​25.

Amanga: Yizinhlanga ezithile kuphela eziyophila phakade.

Iqiniso: UNkulunkulu akakhethi. Empeleni, “ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Bonke abantu abalalela uNkulunkulu, abavela kuzo zonke izinhlanga namasiko, bangaphila phakade.

Amanga: Ngeke kube mnandi ukuphila phakade.

Iqiniso: Isipho sokuphila phakade sivela kuNkulunkulu, uyasithanda futhi ufuna ukuba sijabule. (Jakobe 1:​17; 1 Johane 4:8) Uyazi ukuthi kunezinto ezithile esizidingayo ukuze sijabule. (UmShumayeli 3:​12) UNkulunkulu uthembisa ukuthi labo abayophila phakade emhlabeni bayoba nomsebenzi owanelisayo nabawujabulelayo, oyozuzisa bona nemindeni yabo.​—Isaya 65:22, 23.

Ngaphezu kwalokho, labo abayophila phakade bayoqhubeka befunda izinto ezintsha ngoMdali wabo nemisebenzi ayenzile emangalisayo. Wadala abantu baba nothando lokuphila phakade nokufunda ngaye, yize ‘bengasoze bawuthola nanini umsebenzi uNkulunkulu weqiniso awenzile kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni.’ (UmShumayeli 3:​10, 11) Ngakho, abantu abayophila phakade bayohlale benokuthile okujabulisayo abangakufunda nabangakwenza.

a OFakazi BakaJehova bafundisa abantu iBhayibheli mahhala. Uma ufuna ukwazi okwengeziwe, sicela ubukele ividiyo ethi Siqhutshwa Kanjani Isifundo SeBhayibheli?

b Sicela ubheke isihloko esithi “UJesu UnguMsindisi​—Kanjani?”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela