Umbhalo Waphansi
a OFakazi BakaJehova bayathanda ukuba bona nezingane zabo belashwe. Nokho, ngenxa yokuthi iBhayibheli likwenqabela ngokucacile ukufaka igazi emzimbeni, bayakwenqaba ukumpontshelwa igazi. (Genesise 9:3, 4; IzEnzo 15:28, 29) Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwajana ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?, enyatheliswa yi-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.