Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO

Umbhalo Waphansi

a Ekhulwini lesithathu leminyaka C.E., uTertullian wathi abesifazane “abahlikihla isikhumba sabo ngemithi, bagcobe izihlathi zabo ngempuphu ebomvu, bagqamise amehlo abo ngeantimony [emnyama], bayona kuYe.” Wabuye wagxeka nalabo abashintsha umbala wezinwele zabo. Esebenzisa ngokungeyikho amazwi kaJesu akuMathewu 5:36, uTertullian wasola: “Bayayiphikisa iNkosi! ‘Bheka!’ bayasho, ‘kunokuba senze [izinwele zethu] zibe mhlophe noma zibe mnyama, sizenza zibe phuzi.’” Wanezela: “Ungathola ngisho nabantu abanamahloni ngokuthi sebebadala, futhi bazama ukuguqula izinwele zabo ezimhlophe zibe mnyama.” Lowo kwakuwumbono kaTertullian ngokwakhe. Kodwa wayesonta izinto, ngoba impikiswano yakhe yonke yayisekelwe embonweni wakhe wokuthi abesifazane bayimbangela yokuqalekiswa kwesintu, ngakho kufanele ‘bahambe njengoEva, belila futhi bedabukile’ ngenxa ‘yesihlamba sesono sokuqala.’ IBhayibheli aliyisho into enjalo; uNkulunkulu wabonisa ukuthi uAdamu uyena owabangela ukuba nesono kwesintu.—Roma 5:12-14; 1 Thimothewu 2:13, 14.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela