Umbhalo Waphansi
c Kuyinto ephawulekayo ukungaveli kukaJosefa emlandweni wenkonzo kaJesu ngoba uJesu namanye amalungu omkhaya wakubo—unina, abafowabo nodadewabo—kuyakhulunywa ngabo. Ngokwesibonelo edilini lomshado eKhana, sibona uMariya ematasa kakhulu aze acele nokuba kwenziwe okuthile, kodwa akushiwo lutho ngoJosefa. (Johane 2:1-11) Kwesinye isenzakalo, sithola abantu basemzini uKristu akhulela kuwo bebhekisela kuJesu, hhayi njengendodana kaJosefa, kodwa “indodana kaMariya.”—Marku 6:3.