Umbhalo Waphansi
a Ukuthi uJona wayedabuka emzini waseGalile kuyinto ephawulekayo ngenxa yokuthi abaFarisi bathi ngoJesu, bezikhukhumeza: “Hlola ubone ukuthi akukho mprofethi oyovela eGalile.” (Johane 7:52) Abahumushi nabacwaningi abaningi basikisela ukuthi abaFarisi babethi akekho noyedwa umprofethi owake wavela noma owayeyoke avele esigodini saseGalile esinabantu abaphansi. Uma kunjalo, lawo madoda ayewuziba umlando kanye nesiprofetho.—Isaya 9:1, 2.