Umbhalo Waphansi
c Lapho lihunyushelwa esiGrekini, igama lesiHebheru elithi “inhlanzi” lahunyushwa ngokuthi “isilo sasolwandle,” noma “inhlanzi enkulu.” Nakuba kungenandlela yokusho ngokunembile ukuthi kwakuyisiphi lesi silwane sasolwandle, kuye kwaphawulwa ukuthi olwandle iMedithera kunezinhlanzi ezinkulu ngokwanele ukugwinya umuntu ephelele. Kwezinye izindawo, kunoshaka abakhulu kunalokho; i-whale shark ingaba amamitha angu-15 ubude—mhlawumbe nangaphezulu!