Umbhalo Waphansi
b Itabernakele laliyisakhiwo esingcwele esingunxande. Ngokuyisisekelo, laliyitende elikhulu elimiswe ngohlaka lwezingodo. Nokho, kwasetshenziswa izinto zekhethelo zodwa lapho lakhiwa—isikhumba semvu yamanzi, izindwangu ezifekethiswe kahle nezingodo ezibizayo ezinamekwe isiliva negolide. Lesi sakhiwo sasiphakathi nendawo negceke elingunxande futhi kuleli gceke kwakukhona ne-altare elihle lokwenza imihlatshelo. Ngokuhamba kwesikhathi, kusobala ukuthi kwakhiwa namanye amagumbi ezinhlangothini zetabernakele ayesetshenziswa abapristi. Cishe uSamuweli wayelala kwelinye lalawo magumbi.