Umbhalo Waphansi
b Kunengqondo ukuphetha ngokuthi abanye babantu abayosinda e-Armagedoni bayobe bekhubazekile. Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu welapha abantu abanayo “yonke inhlobo yesifo,” ngaleyo ndlela esinika amazwibela alokho ayokwenzela abantu abayobe besinde e-Armagedoni, hhayi abayobe bevusiwe. (Math. 9:35) Ngokuqinisekile abavusiwe bayobe beyimiqemane, bengakhubazekile.