-
Iminyaka Engaphezu Kuka-50 ‘Yokuwela’INqabayokulinda—1996 | Novemba 1
-
-
Iminyaka Engaphezu Kuka-50 ‘Yokuwela’
NJENGOBA ILANDISWA NGU-EMMANUEL PATERAKIS
Eminyakeni engamakhulu angu-19 edlule umphostoli uPawulu wathola isimemo esingavamile: “Welela eMakedoniya usisize.” UPawulu walamukela ngazo zombili leli thuba elisha ‘lokumemezela izindaba ezinhle.’ (IzEnzo 16:9, 10) Nakuba isimemo engasithola singahlehleli emuva kangako, nokho kwakuseminyakeni engu-50 edlule lapho ngivuma ‘ukuwelela’ emasimini amasha ngomoya ka-Isaya 6:8: “Nangu mina; ngithume mina.” Ukuhamba kwami kakhulu kwenza ukuba ngethiwe igama lokugcona elithi Perpetual Tourist (Umbuki Wamazwe Ongakhathali), kodwa imisebenzi yami yayingafani nakancane nokubuka amazwe. Isikhathi esingaphezu kwesisodwa, lapho ngifika egumbini lami lasehhotela, ngangiguqa ngamadolo ngibonge uJehova ngesivikelo sakhe.
NGAZALWA ngo-January 16, 1916, eHierápetra, eCrete, emkhayeni owawungene shí enkolweni yobu-Orthodox. Kusukela ngisewusana, umama wayevame ukuya nami nodadewethu abathathu esontweni ngeSonto. Ubaba yena wayekhetha ukusala ekhaya azifundele iBhayibheli. Ubaba—indoda ethembekile, elungile, nethethelelayo— wayengaconsi phansi kimi futhi ukufa kwakhe, lapho ngineminyaka engu-9, kwangithinta ngokujulile.
Ngiyakhumbula ukuthi lapho ngineminyaka emihlanu, ngafunda ivesi esikoleni elalithi: “Konke okusizungezile kumemezela ubukhona bukaNkulunkulu.” Njengoba ngikhula, ngangiqiniseka ngokuphelele ngalokhu. Ngakho, lapho ngineminyaka engu-11, ngakhetha ukubhala indaba elotshwayo enesihloko esisekelwe kumaHubo 104:24: “Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.” Ngangikhangwa izimangaliso zendalo, ngisho nezinto ezincane njengezimbewu ezinokusazimpikwana okwenza zikwazi ukupheshulwa umoya uzisuse ngaphansi komuthi ezivela kuwo. Ngemva kwesonto elilodwa ngihambise indaba yami, uthisha wami wayifundela ikilasi lonke, futhi kamuva wayifundela isikole sonke. Ngaleso sikhathi, othisha babelwa nemibono yobuKhomanisi futhi bajabula ukuzwa ukuvikela kwami ubukhona bukaNkulunkulu. Mina ngangimane ngijabulela ukuzwakalisa ukukholelwa kwami kuMdali.
Izimpendulo Zemibuzo Yami
Ukuhlangana kwami kokuqala noFakazi BakaJehova ekuqaleni kwawo-1930 kusakhanya bhá engqondweni yami. U-Emmanuel Lionoudakis wayeshumayela kuwo wonke amadolobha namadolobhana aseCrete. Ngamukela izincwajana eziningana kuye, kodwa kwaba enesihloko esithi Where Are the Dead? eyangikhanga ngempela. Ngangibesaba kakhulu abafileyo kangangokuba ngangingangeni nokungena egumbini ubaba ashonela kulo. Njengoba ngangifunda lencwajana ngokuphindaphindiwe futhi ngizwa lokho iBhayibheli elikufundisayo ngesimo sabafileyo, ngezwa ukwesaba kwami okusekelwe kuyinkolelo-ze kunyamalala.
Kanye ngonyaka phakathi nehlobo, oFakazi babehambela idolobha lakithi futhi bangilethele izincwadi ezengeziwe zokufunda. Kancane kancane ukuqonda kwami imiBhalo kwakhula, kodwa ngaqhubeka ngiya eSontweni Lobu-Orthodox. Nokho, incwadi ethi Deliverance, yabangela ushintsho. Yawubonisa ngokucacile umehluko phakathi kwenhlangano kaJehova nekaSathane. Kusukela ngaleso sikhathi, ngaqala ukufunda iBhayibheli kaningana kanye nanoma iyiphi yezincwadi ze-Watch Tower Society engangiyithola. Njengoba oFakazi BakaJehova babevinjelwe eGreece, ngangifunda ngasese ebusuku. Noma kunjalo, ngangithathekile ngalokho engangikufunda kangangokuthi ngangingakwazi ukuzibamba ukuba ngingakhulumi ngakho kubo bonke abantu. Kungakapholi maseko amaphoyisa aqala ukungibeka iso, engihambela njalo noma ngasiphi isikhathi emini nasebusuku ezocinga izincwadi.
Ngo-1936, ngaya emhlanganweni okokuqala ngqá, e-Iráklion eqhele ngamakhilomitha angu-120. Ngakujabulela kakhulu ukuhlangana noFakazi. Iningi labo lalingabantu abasesigabeni esiphansi, ingxenye enkulu ingabalimi, kodwa bangisiza ukuba ngiqiniseke ukuthi leli iqiniso. Ngazinikezela kuJehova ngaso leso sikhathi.
Ukubhapathizwa kwami kuyisenzakalo engingasoze ngasilibala. Ngobunye ubusuku ngo-1938, mina nabantu ababili kwengangifunda nabo iBhayibheli sathathwa uMfoweth’ uLionoudakis ebusuku saya ogwini. Ngemva kokuthandaza, wasicwilisa emanzini.
Lapho Ngiboshwa
Uma ngikubeka ngokuqondile, isikhathi sokuqala ngqá engaphuma ngaso ngiyoshumayela sasigcwele izigigaba. Ngahlangana nothile owayengumngane wami esikoleni owayesengumpristi, futhi ngaba nengxoxo enhle kakhulu naye. Kodwa ngemva kwalokho wachaza ukuthi ngokuvumelana nomyalo wombhishobhi, kwakumelwe angiyise emaphoyiseni. Lapho sisehhovisi lemeya silindele amaphoyisa avela edolobhaneni eliseduze, kwabuthana isixuku ngaphandle. Ngakho ngathatha iTestamente Elisha LesiGreki elalikulelo hhovisi ngaqala ukunikeza inkulumo esekelwe kuMathewu isahluko 24. Ekuqaleni abantu babengafuni ukulalela, kodwa umpristi wangenela. “Myekeni akhulume,” esho. “IBhayibheli lethu.” Ngakwazi ukukhuluma ihora nengxenye. Ngakho, usuku lwami lokuqala enkonzweni lwabuye lwaba isikhathi enganikeza ngaso inkulumo yami yeningi yokuqala. Njengoba amaphoyisa ayengakafiki lapho ngiqeda, imeya nompristi banquma ukuba iqembu lamadoda lingijahe lingikhiphe edolobheni. Ejikeni lokuqala lomgwaqo, ngathi galo yephuka ukuze ngigweme amatshe elaliwajikijela.
Ngosuku olulandelayo amaphoyisa amabili, ephelezelwa umbhishobhi, angibopha emsebenzini. Esiteshini samaphoyisa, ngakwazi ukufakaza kuwo ngisebenzisa iBhayibheli, kodwa njengoba izincwadi zami zeBhayibheli zazingenaso isigxivizo sombhishobhi esifunwa umthetho, ngabekwa icala lokuguqulela abantu kwenye inkolo nokusakaza izincwadi ezingagunyaziwe. Ngadedelwa lapho ngisalinde ukuqulwa kwecala.
Icala lami laqulwa ngemva kwenyanga eyodwa. Lapho ngizivikela ngaveza ukuthi ngangimane ngihlonipha umyalo kaKristu wokushumayela. (Mathewu 28:19, 20) Umahluleli waphendula ngokubhuqa: “Mntanami, Lowo owakhipha lowo myalo wabethelwa. Ngeshwa, anginalo igunya lokukhipha isigwebo esifanayo kuwe.” Nokho, ummeli osemusha engangingamazi wasukuma wangivikela, ethi njengoba kwakudlange ubuKhomanisi nokuphika ubukhona bukaNkulunkulu, inkantolo kwakufanele iziqhenye ngokuthi kunezinsizwa ezizimisele ukuvikela iZwi likaNkulunkulu. Wabe esesondela engihalalisela ngokufudumele ngamazwi okuzivikela engangiwabhalile, ayesefayilini yami. Ehlatshwe umxhwele indlela engangimncane ngayo, wathembisa ukungivikela mahhala. Kunesigwebo esincane sezinyanga ezintathu, ngagwetshwa izinsuku eziyishumi kuphela ejele nenhlawulo yama-drachma angu-300. Ukuphikiswa okunjalo kwamane kwaqinisa isinqumo sami sokukhonza uJehova nokuvikela iqiniso.
Ngesinye isikhathi lapho ngiboshwa, umahluleli waphawula indlela engangicaphuna kalula ngayo iBhayibheli. Wacela ukuba umbhishobhi aphume ehhovisi lakhe, ethi: “Usuwenzile umsebenzi wakho. Ngizoqhubeka naye.” Wabe esekhipha iBhayibheli lakhe, futhi sakhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu intambama yonke. Izenzakalo ezinjalo zangikhuthaza ukuba ngiqhubeke naphezu kobunzima.
Isigwebo Sentambo
Ngo-1940, ngabizelwa inkonzo yezempi futhi ngabhala incwadi ngichaza ukuthi kungani ngingenakuvuma ukubuthwa. Ezinsukwini ezimbili kamuva ngaboshwa futhi ngashaywa kanzima amaphoyisa. Ngabe sengithunyelwa lapho impi yayibambene khona e-Albania, lapho ngaquliswa khona inkantolo yasempini ngenxa yokwenqaba ukulwa. Iziphathimandla zempi zangitshela ukuthi zazingenandaba nokuthi nginephutha noma cha kodwa zazikhathazeke ngomphumela isibonelo sami esasingase sibe nawo emasosheni. Ngagwetshwa intambo, kodwa ngenxa yephutha emaphepheni omthetho, kwathi gidí lapho lesi sigwebo sishintshwa siba iminyaka eyishumi yokusebenza kanzima. Ngachitha izinyanga ezimbalwa ezalandela zokuphila kwami ejele lezempi eGreece ngaphansi kwezimo ezinzima kakhulu, engisahlushwa imiphumela yazo engokomzimba namanje.
Nokho, ijele alizange lingivimbele ukuba ngishumayele. Ngisho nakancane! Kwakulula ukuqala izingxoxo, njengoba abaningi babezibuza ukuthi kungani isakhamuzi esingabuthiwe sisejele lezempi. Enye yalezi zingxoxo nensizwa eqotho yaholela esifundweni seBhayibheli egcekeni lejele. Eminyakeni engu-38 kamuva ngabuye ngahlangana nalensizwa emhlanganweni. Yayilamukele iqiniso futhi yayikhonza njengombonisi webandla esiqhingini saseLefkás.
Lapho amabutho kaHitler ehlasela iYugoslavia ngo-1941, sathuthelwa eningizimu ekude ejele lasePreveza. Phakathi nohambo, iqembu lethu eligadiwe lahlaselwa izindiza zamabhomu zaseJalimane, futhi thina ziboshwa asizange sinikwe ukudla. Lapho ucezwana lwesinkwa enganginalo luphela, ngathandaza kuNkulunkulu: “Uma kuyintando yakho ukuba ngibulawe yindlala ngemva kokuba ungisindise esigwebweni sentambo, khona-ke mayenziwe intando yakho.”
Ngosuku olulandelayo iphoyisa langibizela eceleni lapho simenyezwa ngamagama, futhi ngemva kokuthola ukuthi ngivelaphi, abazali bami bangobani, nokuthi ngangiboshelweni, lathi ngililandele. Langiyisa enkantini yamaphoyisa esedolobheni, langiqondisa etafuleni elalinesinkwa, ushizi, nenyama yemvu ethosiwe, futhi lathi ngisine ngizibethele. Kodwa ngachaza ukuthi njengoba ezinye iziboshwa ezingu-60 zingenakho ukudla, unembeza wami ngeke ungivumele ukuba ngidle. Leli phoyisa laphendula: “Anginakondla wonke umuntu! Uyihlo wayenomusa kakhulu kubaba. Nginesibopho sokwenzela wena okuhle, hhayi abanye.” “Uma kunjalo ngizomane ngibuyele emuva,” ngiphendula. Lacabanga isikhashana labe selinginika isikhwama esikhulu sokuba ngifake ukudla okuningi ngangokusemandleni ami.
Lapho ngibuyela ejele, ngabeka lesi sikhwama phansi ngathi: “Madoda, okwenu lokhu.” Lokhu kwaqondana nokuthi ngobusuku bangayizolo, ngangisolwe ngokuthi ngangibeke ezinye iziboshwa esimweni esibucayi ngoba ngangenqabe ukuhlanganyela nazo ekuthandazeni kuyiNcasakazi uMariya. Nokho, iKhomanisi elithile langivikela. Manje, lapho libona ukudla, lathi kwabanye: “Iphi ‘iNcasakazi yenu uMariya’? Nithe sizokufa ngenxa yalendoda, kodwa yiyo esilethela ukudla.” Ngemva kwalokho laphendukela kimi lathi: “Emmanuel! Woza uzokwenza umthandazo wokubonga.”
Ngemva nje kwalokho, ukusondela kwebutho laseJalimane kwabangela ukuba abaqaphi bejele babaleke, bededela iziboshwa. Ngaya ePatras ukuze ngithole abanye oFakazi ngaphambi kokuba ngidlulele e-Athens ekupheleni kuka-May 1941. Lapho, ngakwazi ukuthola izimpahla zokugqoka nezicathulo futhi ngageza okokuqala ngemva kwesikhathi esingaphezu konyaka. AmaJalimane ayevame ukungimisa lapho ngishumayela, kwaze kwaba sekupheleni kokulawula kwawo, kodwa ayengakaze angibophe. Omunye wawo wathi: “EJalimane siyabadubula oFakazi BakaJehova. Kodwa lapha sifisa sengathi ngabe zonke izitha zethu zingoFakazi!”
Imisebenzi Yangemva Kwempi
Njengokungathi iGreece yayingazange ilwe ngokwanele, yacekelwa phansi ngokwengeziwe impi yombango kusukela ngo-1946 kuya ku-1949, eyabangela ukufa kwezinkulungwane. Abazalwane babedinga isikhuthazo esikhulu ukuze bahlale beqinile ngesikhathi lapho ukuya nje emihlanganweni kwakungaholela ekuboshweni. Abazalwane abaningana bagwetshwa intambo ngenxa yokuma kwabo kokungathathi hlangothi. Kodwa naphezu kwalokho, abantu abaningi basabela esigijimini soMbuso, futhi njalo ngesonto sasiba nobhapathizo kanye noma kabili. Ngo-1947, ngaqala ukusebenza emahhovisi eNhlangano e-Athens phakathi nosuku bese ngihambela amabandla njengombonisi ojikelezayo ebusuku.
Ngo-1948, ngajabulela isimemo sokuya e-Watchtower Bible School of Gilead, e-United States. Kodwa kwakunenkinga. Ngenxa yesigwebo sami sangaphambili, ngahluleka ukuthola incwadi yokungena kwelinye izwe. Nokho, omunye walabo engangifunda nabo iBhayibheli wayejwayelene nojenene. Ngosizo lwalowo mfundi, emasontweni ambalwa nje, ngabe sengiyitholile incwadi yami yokungena kwelinye izwe. Kodwa ngangikhathazekile lapho ngiboshwa ngenxa yokusakaza INqabayokulinda, ngaphambi nje kokuba ngihambe. Iphoyisa langiyisa kumphathi we-State Security Police e-Athens. Ngamangala kakhulu ukuthola ukuthi wayengomunye womakhelwane bami! Leli phoyisa lachaza ukuthi ngangiboshelweni futhi lamnika isixha somagazini. Umakhelwane wami wakhipha inqwaba yomagazini INqabayokulinda edeskini lakhe futhi wathi kimi: “Anginawo umagazini wamuva. Ngingayithatha ikhophi?” Yeka indlela engakhululeka ngayo ngokubona isandla sikaJehova ezindabeni ezinjalo!
Ikilasi le-16 laseGileyadi, ngo-1950, laba okuhlangenwe nakho okwakhayo. Ekupheleni kwalo, ngabelwa eCyprus, lapho ngathola khona ngokushesha ukuthi ukuphikisa kwabefundisi kwakunonya njengaseGreece. Ngokuvamile kwakudingeka sibhekane nezixuku zabashisekeli benkolo ababeshoshozelwa abapristi bobu-Orthodox ukuba babe nobudlova. Ngo-1953 i-visa yami yaseCyprus ayizange ivuselelwe, futhi ngabelwa kabusha e-Istanbul, eTurkey. Nalapha, ngahlala isikhashana. Naphezu kwemiphumela emihle emsebenzini wokushumayela, isimo esishubile sezombangazwe phakathi kweTurkey neGreece, sasho ukuthi kwakudingeka ngiye kwesinye isabelo—e-Egypt.
Lapho ngisejele, ngangivame ukukhumbula amaHubo 55:6, 7. UDavide lapho wayezwakalisa isifiso sokubalekela ehlane. Angikaze ngicabange ukuthi ngolunye usuku yilapho kanye engangiyoba khona. Ngo-1954, ngemva kohambo olukhathazayo lwezinsuku eziningana ngesitimela nangesikebhe eMfuleni iNile, ekugcineni ngafika lapho ngangiya khona—eKhartoum, eSudan. Ukuphela kwento engangifuna ukuyenza kwakuwukugeza bese ngilala. Kodwa ngakhohlwa ukuthi kwakusemini bebade. Amanzi, agcinwa ethangini elisophahleni, angiyobula, engiphoqelela ukuba ngithwale isigqoko selanga izinyanga ezimbalwa kuze kuphole isikhumba sekhanda.
Lapho, ngangivame ukuzizwa ngihlukanisiwe, ngingedwa enkabeni yeSahara, indawo eqhele ngamakhilomitha ayinkulungwane namakhulu ayisithupha ukusuka ebandleni eliseduze, kodwa uJehova wangisekela futhi wanginika amandla okuqhubeka. Ngezinye izikhathi izikhuthazo zazivela emithonjeni engalindelekile neze. Ngolunye usuku ngahlangana nomqondisi weMnyuziyamu yaseKhartoum. Wayenomqondo ovulekile, futhi saba nengxoxo emnandi. Lapho ethola ukuthi ngingumGreki ngokuzalwa, wangibuza ukuthi ngingamsiza yini ngokuba ngiye emnyuziyamu ngiyohumusha imibhalo ethile eqoshwe ngesandla eyatholakala esontweni langekhulu lesithupha. Ngemva kwamahora amahlanu egumbini elingaphansi elicinene, ngathola uqwembe olunegama likaJehova, i-Tetragrammaton. Cabanga ngenjabulo engaba nayo! EYurophu kuvamile ukuhlangana negama laphezulu emasontweni, kodwa kuyivela-kancane enkabeni yeSahara!
Ngemva komhlangano wezizwe ngo-1958, ngabelwa ukuba ngihambele abazalwane emazweni angu-26 nasemasimini aseMpumalanga Ephakathi neSeduze nasendaweni ezungeze iMediterranean njengombonisi ojikelezayo. Ngokuvamile ngangingazi ukuthi kufanele ngiphume kanjani esimweni esinzima, kodwa njalo uJehova wayephendla indlela yokuphuma.
Ngangihlale ngihlatshwa umxhwele ukunakekela inhlangano kaJehova ekubonisayo koFakazi abangabodwa emazweni athile. Ngesinye isikhathi, ngahlangana nomzalwane waseNdiya owayesebenza emayini kawoyela. Kubonakala sengathi kwakunguye kuphela uFakazi kulelozwe. Ekhabetheni lakhe wayenezincwadi ngezilimi ezingu-18 ezihlukene, ayezinika abantu ayesebenza nabo. Ngisho nalapha, lapho zonke izinkolo zakwamanye amazwe zazenqatshelwe ngokuqinile, lomfowethu akazange awukhohlwe umthwalo wakhe wemfanelo wokushumayela izindaba ezinhle. Labo ayesebenza nabo bahlatshwa umxhwele ukubona ukuthi ummeleli wenkolo yakhe wayethunywe ukuba azomvakashela.
Ngonyaka ka-1959 ngahambela eSpain nasePortugal. Womabili lamazwe ayengaphansi kolawulo lwezempi ngaleso sikhathi futhi umsebenzi woFakazi BakaJehova wawungaphansi kokuvinjelwa okuqinile. Ngenyanga eyodwa ngakwazi ukuqhuba imihlangano engaphezu kwekhulu, ngikhuthaza abafowethu ukuba bangayeki nakuba bebhekene nobunzima.
Ngingasengedwa
Kwase kuyiminyaka engaphezu kuka-20 ngikhonza uJehova enkonzweni yesikhathi esigcwele ngingashadile, kodwa ngamane ngazizwa sengikhathele ukuhlala ngihamba ngingenakhaya engizinze kulo. Cishe yileso sikhathi engahlangana ngaso no-Annie Bianucci, owayeyiphayona elikhethekile eTunisia. Sashada ngo-1963. Uthando lwakhe ngoJehova nangeqiniso, ukuzinikela kwakhe enkonzweni kanye nekhono lakhe lokufundisa, nolwazi lwakhe lwezilimi kwaba isibusiso sangempela emsebenzini wethu wezithunywa zevangeli nowokujikeleza enyakatho nasentshonalanga ye-Afrika nase-Italy.
Ngo-August 1965 mina nomkami sabelwa eDakar, eSenegal, lapho ngaba nelungelo lokuhlela ihhovisi legatsha lendawo. ISenegal kwakuyizwe eliphawuleka ngokubekezelelana okungokwenkolo, ngokungangabazeki ngenxa kamongameli wayo, uLeopold Senghor, omunye wabaholi abambalwa beZwe lase-Afrika owabhalela uMongamel’ uBanda waseMalawi esekela oFakazi BakaJehova phakathi noshushiso olwesabekayo olwenzeka eMalawi ngawo-1970.
Isibusiso SikaJehova Esicebile
Ngo-1951, lapho ngisuka eGileyadi ngiya eCyprus, ngahamba namapotimende angu-7. Lapho ngiya eTurkey, ayesehle aba mahlanu. Kodwa ngenxa yokuhamba kakhulu, kwadingeka ngijwayele ukuba nesilinganiso somthwalo esingamakhilogremu angu-20, esasihlanganisa amafayili ami nomshini wami wokubhala omncane. Ngolunye usuku ngathi kuMfoweth’ uKnorr, owayengumongameli we-Watch Tower Society ngaleso sikhathi: “Ungivikela ekuthandeni izinto ezibonakalayo. Ungenza ngiphile ngempahla engamakhilogremu angu-20, futhi ngenelisekile.” Angikaze ngizizwe ngintula ngenxa yokungabi nezinto eziningi.
Inkinga yami eyinhloko phakathi nohambo lwami yayiwukungena nokuphuma emazweni. Ngolunye usuku, ezweni lapho umsebenzi wawuvinjelwe khona, isisebenzi sasehhovisi lentela saqala ukuhlolisisa amafayili ami. Lokhu kwabeka oFakazi bakulelozwe engozini, ngakho ngakhipha incwadi eyayivela kumkami ephaketheni lebhantshi futhi ngathi kulesi sisebenzi: “Ngiyabona ukuthi uyathanda ukufunda izincwadi zeposi. Ungathanda yini ukufunda nalencwadi evela kumkami, engekho emafayilini?” Sidumele, saxolisa futhi sangidedela ukuba ngidlule.
Kusukela ngo-1982 mina nomkami besilokhu sikhonza njengezithunywa zevangeli eNice, eningizimu yeFrance. Ngenxa yobuthakathaka bempilo, angisakwazi ukwenza okungangalokho engangivame ukukwenza. Kodwa lokho akusho ukuthi injabulo yethu iye yancipha. Siye sabona ukuthi ‘umshikashika wethu awulona ize.’ (1 Korinte 15:58) Ngijabulela ukubona abantu abaningi engiye ngaba nelungelo lokufunda nabo eminyakeni edlule kanye namalungu omkhaya wakithi angaphezu kuka-40 bekhonza uJehova ngokwethembeka.
Angizisoli nakancane ngokuzidela ukuphila kwami ‘kokuwela’ okuye kwakuhilela. Kakade, akukho kuzidela esikwenzayo okungaqhathaniswa nalokho uJehova neNdodana yakhe, uKristu Jesu, abaye basenzela khona. Lapho ngicabanga ngeminyaka engu-60 kusukela ngalazi iqiniso, ngingasho ukuthi uJehova uye wangibusisa ngokucebile. Kunjengoba izAga 10:22 zisho, “isibusiso sikaJehova siyacebisa.”
Ngokungangabazeki, ‘umusa kaJehova umnandi kunokuphila.’ (IHubo 63:3) Njengoba izinkinga ezihambisana nokukhula ziya zanda, amazwi omhubi ophefumulelwe avame ukuba khona emithandazweni yami: “Jehova, ngiyethemba wena. Mangingajabhi naphakade. Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova, ithemba lami kwasebusheni bami. Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami; ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube-manje. Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga.”—IHubo 71:1, 5, 17, 18.
[Isithombe ekhasini 25]
Nginomkami u-Annie, namuhla
-
-
“Isipho Esimangalisayo Esivela KuJehova”INqabayokulinda—1996 | Novemba 1
-
-
“Isipho Esimangalisayo Esivela KuJehova”
UMAGAZINI INqabayokulinda ka-May 1, 1996 wawunesihloko esiningilizayo esiphathelene nokungathathi-hlangothi kobuKristu nendlela yokulinganisa imithwalo yemfanelo esinayo kuJehova ‘nakuKesari.’ (Mathewu 22:21) Kuye kwezwakala amazwi amaningi okwazisa ngenxa yokwaziswa okusha okwanikezwa. Phakathi kwawo kunalencwadi elandelayo, eyabhalwa uFakazi waseGreece eyibhekise eNdikimbeni Ebusayo yoFakazi BakaJehova:
“Ngifisa ukuzwakalisa ukubonga kwami okujulile kini nonke bafowethu abathandekayo ngokusinakekela kahle kangaka ngokomoya. Njengoba ngahlala iminyaka engaba ngu-9 ejele ngenxa yokholo lwami lobuKristu, ngiwazisa ngempela amaphuzu akuyi-Nqabayokulinda ka-May 1, 1996. (Isaya 2:4) Lesi kwakuyisipho esimangalisayo esivela kuJehova.—Jakobe 1:17.
“Lapho ngijabulela lezi zihloko, ngakhumbula okwashiwo INqabayokulinda yangaphambili (ka-August 1, 1994, ikhasi 14): ‘Ngokusobala, ukucabangela kuyimfanelo eyigugu, esishukumisela ukuba simthande kakhulu uJehova.’ Yebo, bafowethu, ngiyambonga uJehova ngokuthi ngiyingxenye yenhlangano yakhe enomusa nothando, ekubonisa ngokucacile ukuhlakanipha kwakhe.—Jakobe 3:17.
“Ukukhanya okwandisiwe okukuyi-Nqabayokulinda ka-May 1 kwamukelwe kahle lapha eGreece, ikakhulukazi yilabo abahlala iminyaka eminingana ejele noma abasesejele ngenxa yokholo lwabo. Ngiyaphinda ngiyanibonga. Kwangathi uJehova anganiqinisa ngomoya wakhe ukuze niqhubeke nisinika ukudla okungokomoya okuyigugu kulezi zikhathi ezinezinkathazo.”
-