Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/89 kk. 1-3
  • Zimemezele Ngokuphuthumayo Izahlulelo ZikaJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Zimemezele Ngokuphuthumayo Izahlulelo ZikaJehova
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • YENZA UMZAMO OKHETHEKILE
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngesipho Esisha
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • IsAmbulo—Izimfihlakalo Zembuliwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Imihlangano Yenkonzo Yasensimini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 3/89 kk. 1-3

Zimemezele Ngokuphuthumayo Izahlulelo ZikaJehova

1 Isikhathi sikaJehova esimisiwe sokukhipha izahlulelo eBabiloni Elikhulu sisondela ngokushesha. (IsAm. 1:3; 19:2) Kodwa okokuqala, kumelwe kukhishwe isixwayiso sokugcina sokubhujiswa kwalo okusondelayo. Ukuze abathandi bokulunga basinde kumelwe, ‘baphume kulo’ futhi basebenzele ukuzuza ukuma okwamukelekayo phambi kukaJehova.​—IsAm. 18:4.

2 Incwadi entsha IsAmbulo​—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! izosisiza ukuba sifeze lomsebenzi wokuxwayisa. Izibeka ngokucacile nangokukhanyayo izahlulelo zikaNkulunkulu kulelizwe elilahliwe. Uma ungakaqedi ukuyifunda lencwadi entsha, kumelwe ubekele eceleni isikhathi sokwenza kanjalo ngokushesha ngangokunokwenzeka.

YENZA UMZAMO OKHETHEKILE

3 Ngenxa yesigijimi sayo esiphuthumayo, bonke abamemezeli bayofuna ukuba nengxenye ekuhambiseni incwadi Umvuthwandaba WesAmbulo endlini ngendlu. Babhale phansi abangekho ekhaya ubuye ubuyele kubo. Abadala kufanele bacabangele ukuhlela imihlangano eyengeziwe yenkonzo yasensimini. Ingabe amalungiselelo enkonzo yantambama ayobasiza abamemezeli? Abanye baye bakuthola kukhiqiza kakhulu ukufakaza kwakusihlwa.

4 Ngaphezu kokuhambisa incwadi Umvuthwandaba WesAmbulo endlini ngendlu, sebenzisa namanye amathuba. Abamemezeli abasebasha bangayihambisa lencwadi kothisha babo. Labo abasebenzayo bangakhuluma nabasebenza nabo ngesikhathi sekhefu lokudla kwasemini futhi babanikeze lencwadi. Nikeza bonke abantu—izihlobo, abadiliva impahla, abantu abadayisayo abeza kwakho, odokotela bezokwelapha, odokotela bamazinyo, abameli, abantu bezamabhizinisi esisebenzelana nabo—ithuba ‘lokuzwa amazwi alesiprofetho.’ (IsAm. 1:3) Bangase bafune ukuba phakathi koquqaba olungenakubalwa oluyosinda umvuthwandaba wesahlulelo saphezulu eArmagedoni.

5 Isihloko Sengxoxo esisha sithi “Ubani Esiyomkhonza?” Isethulo sethu singahlanganisa ukwaziswa okuvela emakhasini 99-100 encwadi Ukubonisana. Buza umninikhaya ukuthi uye waqaphela yini ukuthi ziningi kangakanani izinhlobo zokukhulekela ezikhona, bese uveza ukuthi umuntu unesidingo esiyisisekelo sokukhulekela okuthile okuphakeme kunaye. Nokho, njengoba abantu ezikhathini eziningi beye bakhulekela onkulunkulu bamanga, isAmbulo 14:7 sisinikeza isixwayiso esifike ngesikhathi. Lokhu kuveza isidingo sokukhulekela uMdali wethu, uNkulunkulu weqiniso. Incwadi yesAmbulo ibiza zonke izinkolo zamanga ngegama lokuthi iBabiloni Elikhulu futhi izwakalisa isixwayiso esiphuthumayo esikusAmbulo 18:2a, 4. Nakuba umuntu engase abe qotho ngokokuziphatha futhi azame ukwenza okuhle kwabanye, kuthiwani uma esekela izinhlangano zenkolo yamanga? UNkulunkulu akayivumeli inkambo enjalo. Lokhu kusinikeza okuthile okungathi sina kokucabanga ngakho. Veza incwadi Umvuthwandaba WesAmbulo bese udonsela ukunakekela ephuzwini elikhethekile elithakazelisayo. Khona-ke hambisa lencwadi ngomnikelo ka-R6,00.

6 Isethulo sakho singase sishintshashintshe kuye ngohlobo lwensimu oyisebenzayo. Bukeza ukwaziswa okusencwadini Ukubonisana ngaphansi kwesithi “Inkolo,” amakhasi 99-110, nangaphansi kwesihloko esithi “IBabiloni Elikhulu,” amakhasi 53-58, ukuze uthole ukusikisela kwendlela lokhu okungenziwa ngayo. Kungokuphuthumayo ukuba sihlanganyele ngokugcwele ekumemezeleni lesigijimi saphezulu sokwahlulela nethemba.​—IsAm. 14:6, 7.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela