Yenza Okuhle, Wabelane Nabanye
1 UDorka “wayenezenzo eziningi ezinhle nezipho eziningi zesihe.” (IzE. 9:36, 39) Umoya wakhe wokuphana wamenza wathandeka kubantu ababemazi nakuJehova uNkulunkulu. EyamaHebheru 13:16 ithi: “Ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye izinto, ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.” Singakwenza kanjani okuhle, sabelane nabanye namuhla?
2 Singazuzisa abanye ngokwabelana nabo ‘ngezinto zethu zenani elikhulu.’ (IzAga 3:9) Imali esiyinikelela umsebenzi womhlaba wonke isiza ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso, amaHholo OMhlangano nezakhiwo zamagatsha emhlabeni wonke. Ukuphana kwethu kuye kwasiza izigidi ukuba zifunde ngoNkulunkulu futhi zijabulele ubudlelwane obakhayo ngokomoya.
3 Ukududuza Abanye: Lapho kugadla inhlekelele, abantu bakaJehova bahlala bekulungele ‘ukwenza okuhle’ kwabakholwa kanye nabo nakulabo abangahlanganyeli ukholo lwabo. (Gal. 6:10) Ngemva kokuqhuma kwesikhungo samakhemikhali eFrance, umbhangqwana othile owawuhlala eduze nalesi sikhungo wathi: “Abafowethu abangamaKristu beza ngokushesha bezosiza ekuhlanzeni indlu yethu nezinye izindlu esakhiweni esihlala kuso. Omakhelwane bamangala kakhulu lapho bebona abantu abaningi kangaka bezosisiza.” Omunye udade wanezela: “Abadala beza bephuthuma bezosisiza. Beza bezosikhuthaza. Empeleni, yilokhu kanye esasikudinga ngaphezu kosizo lwezinto ezibonakalayo.”
4 Nakuba ziziningi izindlela esingenza ngazo okuhle komakhelwane, indlela ezuzisa kunazo zonke esingabasiza ngayo ukwabelana nabo ngolwazi lweqiniso oluyigugu, oluhlanganisa ‘ithemba lokuphila okuphakade’ okuthenjiswe nguJehova uqobo. (Thithu 1:1, 2) Isigijimi seBhayibheli sibalethela induduzo yangempela labo abalilayo ngenxa yezimo zezwe nangenxa yesono sabo. (Math. 5:4) Kwangathi singenza okuhle futhi sabelane nabanye uma kusemandleni ethu ukukwenza.—IzAga 3:27.