Indlela Ongasabela Ngayo Kwabafuna Ukuvimba Ingxoxo
Ukukhulumela: Amathemba okuphila kwabantu axhomeke esimweni sabo ngakuJehova uNkulunkulu noMbuso wakhe ngoKristu Jesu. Isigijimi soMbuso kaNkulunkulu sivusa amadlingozi, futhi sikhomba kokuwukuphela kwethemba eliqinisekile lesintu. Siyisigijimi esiguqula ukuphila. Sifuna ukuba wonke umuntu asizwe. Siqaphela ukuthi abambalwa kuphela abayosamukela ngokusazisa, kodwa siyazi ukuthi okungenani abantu bayadinga ukusizwa ukuze bakhethe ngokolwazi. Kodwa akubona bonke abazimisele ukulalela, futhi asizami ukubaphoqelela. Kodwa ngokuhlakanipha ngokuvamile kungenzeka ukuguqulela abangase bavimbe ingxoxo ethubeni lengxoxo eyengeziwe. Nazi izibonelo zalokho abanye oFakazi abanokuhlangenwe nakho abaye bakusebenzisa emizamweni yabo yokufuna abafanelekayo. (Math. 10:11) Esikutusayo akukhona ukuba wazi ngekhanda noma iyiphi yalezimpendulo kodwa kuwukuba ube nomqondo engqondweni, ukubeke ngamazwi akho futhi ukubeke ngendlela eyobonisa isithakazelo sakho esiqotho kumuntu okhuluma naye. Lapho wenza kanjalo, ungaqiniseka ukuthi labo abanezinhliziyo ezivuleke ngokufanele bayolalela futhi basabele ngokwazisa kulokho uJehova akwenzayo ekubadonseleni emalungiselelweni akhe othando okuphila.—Joh. 6:44; IzE. 16:14.
‘ANGINASITHAKAZELO’
● ‘Ngicela ukubuza, Usho ukuthi awunasithakazelo eBhayibhelini, noma inkolo nje ngokwayo ongenasithakazelo kuyo? Ngibuza lokho ngoba siye sahlangana nabaningi ababengabenkolo ngaphambili kodwa abangasayi esontweni ngenxa yokuthi babona ubuzenzisi obuningi emasontweni (noma, banomuzwa wokuthi inkolo ingenye ibhizinisi yokwenza imali; noma, abahambisani nokuhileleka kwenkolo kwezombangazwe; njll.). NeBhayibheli alivumelani nezenzo ezinjalo futhi linikeza okuwukuphela kwesisekelo sokubheka esikhathini esizayo ngethemba.’
● ‘Uma usho ukuthi awunasithakazelo kwenye inkolo, ngiyakuzwa lokho. Kodwa cishe unesithakazelo ekutheni luhlobo luni lwekusasa esingalulindela uma sicabangela ukusongela kwempi yenuzi (noma, indlela esingavikela ngayo izingane zethu ekusebenziseni kabi izidakamizwa; noma, lokho okungenziwa ngobugebengu ukuze singesabi ukuhamba emigwaqweni; njll.). Ingabe akhona amathemba owabonayo ekhambi langempela?’
● ‘Ingabe lokho kungenxa yokuthi usunayo inkolo kakade? . . . Ake ungitshele, Ubona ukuthi siyoke sifike isikhathi lapho wonke umuntu engowenkolo efanayo? . . . Yini ebonakala ivimbela lokho? . . . Ukuze kube okunengqondo, luhlobo luni lwesisekelo olungadingeka?’
● ‘Ngiyakubona lokho. Eminyakeni emibalwa edlule nami ngangizizwa ngendlela efanayo. Kodwa ngafunda okuthile eBhayibhelini okwangisiza ukuba ngibheke izinto ngendlela ehlukile. (Mbonise ukuthi kwakuyini.)’
● ‘Ubungajabula yini uma bengingakubonisa eBhayibhelini ukuthi ungababona kanjani abafileyo bakho abathandekayo (noma, ukuthi injongo yangempela yokuphila iyini; noma, indlela elingasisiza ngayo ukuba sigcine imikhaya yethu inobunye; njll.)?’
● ‘Uma usho ukuthi awunasithakazelo ekuthengeni okuthile, ngicela ukukukhulula kulokho. Angikho emsebenzini wokuthengisa. Kodwa ubungaba nesithakazelo ethubeni lokuphila emhlabeni oyipharadesi, ukhululekile ekuguleni nobugebengu, unomakhelwane abakuthanda ngempela?’
● ‘Ingabe uvame ukuphendula kanjalo uma oFakazi BakaJehova befika? . . . Ingabe wake wazibuza ngempela ukuthi kungani siqhubeka siza noma ukuthi yini esifuna ukuyisho? . . . Kafushane nje, isizathu sokuza kwami kuwena siwukuthi ngazi okuthile nawe okumelwe ukwazi. Kungani ungalaleli kube kanye nje?’
‘ANGINASITHAKAZELO ENKOLWENI’
● ‘Ngiyayazi indlela ozizwa ngayo. Ngokusobala, amasonto awawenzi lomhlaba ube yindawo ephephile yokuhlala kuyo, akunjalo? . . . Ngicela ukubuza, Ingabe ubulokhu uzizwa ngendlela ozizwa ngayo manje sonke isikhathi? . . . Kodwa uyakholelwa kuNkulunkulu?’
● ‘Baningi abantu abanombono onjengowakho. Inkolo ayizange ngempela ibasize. Leso ngesinye isizathu sokuza kwethu—ngoba amasonto awabatshelanga abantu iqiniso ngoNkulunkulu nenjongo yakhe emangalisayo ngesintu.’
● ‘Kodwa ngiyaqiniseka ukuthi unesithakazelo ngekusasa lakho. Bewazi nje ukuthi iBhayibheli labikezela ngazo kanye izimo ezikhona emhlabeni namuhla? . . . Futhi liyabonisa ukuthi umphumela uyoba yini.’
● ‘Ingabe ubulokhu uzizwa ngaleyondlela sonke isikhathi? . . . Uzizwa kanjani ngekusasa?’
‘ANGINASITHAKAZELO KOFAKAZI BAKAJEHOVA’
● ‘Baningi abantu abasitshela lokho. Wake wazibuza ukuthi kungani abantu abanjengami bethanda ukuhambela abantu ngisho noma sazi ukuthi iningi labaninikhaya lingase lingasamukeli? (Nikeza umqondo kaMathewu 25:31-33, uchaze ukuthi ukwehlukaniswa kwabantu bazo zonke izizwe kuyenzeka nokuthi ukusabela kwabo esigijimi soMbuso kuyisici esibalulekile kulokhu. Noma khulumela umqondo okuHezekeli 9:1-11, uchaze ukuthi, ngesisekelo sokusabela kwabantu esigijimini soMbuso, ngamunye “ubekwa uphawu” kungaba olokulondolozwa phakathi nosizi olukhulu noma olokubhujiswa uNkulunkulu.)’
● ‘Ngiyakuqonda lokho, ngoba nami ngangizizwa ngendlela efanayo. Kodwa, ukuze ngenze ubuntu, nganquma ukuba ngilalele omunye wabo. Futhi ngathola ukuthi ngangingatshelwanga iqiniso ngabo. (Phawula ukumangalelwa ngamanga okuvamile bese uchaza esikukholelwayo.)’
● ‘Esikhathini esingeside esidlule ngasho into efanayo kuFakazi owafika ekhaya. Kodwa ngaphambi kokuba ahambe ngabuza umbuzo engangiqiniseka ukuthi akanakuwuphendula. Ungathanda ukuwazi? . . . (Isibonelo: UKayini wamtholaphi umkakhe?)’ (Lokhu kungasetshenziswa yilabo abanakho ngempela okuhlangenwe nakho okunjalo.)
● ‘Uma ungumuntu okholwayo, ngiyakuzwa kulokho. Inkolo yakho ngokungangabazeki isho okukhulu kuwena. Kodwa ngicabanga ukuthi uzovuma ukuthi sobabili sinesithakazelo (yisho isihloko esifanelekile).’
● ‘Khona-ke ngokungangabazeki unenkolo yakho. Ngingabuza ukuthi iyiphi leyonkolo? . . . Siyakujabulela ukuxoxa nabantu benkolo yakini. Uzizwa kanjani nge- (yisho isihloko sakho sengxoxo)?’
● ‘Yebo, ngiyezwa. Kodwa isizathu sokuza kwethu siwukuthi singumkhaya othanda ukubona abantu bephila ndawonye ngokuthula. Sesikhathele ukuzwa izindaba ezinemibiko yokulwa nokuhlupheka nsuku zonke. Ngiyethemba kunjalo nakuwena. . . . Kodwa yini engaletha ushintsho oludingekayo? . . . Siye sathola isikhuthazo ezithembisweni zeBhayibheli.’
● ‘Ngiyakubonga ngokungazisa ukuthi uzizwa kanjani. Ungathanda ukungitshela ukuthi yini lena ongayithandi kithina? Ingabe yilokho esikubonisa khona eBhayibhelini, noma ingabe ukuzokuvakashela kwethu?’
‘NGINENKOLO YAMI’
● ‘Ungathanda ukungitshela ukuthi, Ingabe inkolo yakho iyafundisa ukuthi kuyofika isikhathi lapho abantu abathanda okulungileyo beyophila phakade emhlabeni? . . . Lelo iphuzu elijabulisayo, akunjalo? . . . Likhona lapha eBhayibhelini. (IHu. 37:29; Math. 5:5; IsAm. 21:4)’
● ‘Ngiyavuma ukuthi kulendaba umuntu ngamunye kumelwe azenzele isinqumo sakhe. Kodwa bewazi ukuthi uNkulunkulu ngokwakhe ufuna uhlobo oluthile lwabantu ukuba babe ngabakhulekeli bakhe beqiniso? Phawula lapha kuJohane 4:23, 24. Bekuyosho ukuthini ukukhulekela uNkulunkulu “ngeqiniso”? . . . Yini uNkulunkulu aye wasinikeza yona ukuba asisize sazi ukuthi ikuphi okuyiqiniso nokungelona? . . . (Joh. 17:17) Futhi phawula ukuthi kubaluleke ngani kithina ngabanye. (Joh. 17:3)’
● ‘Ingabe ubungumuntu okholwayo kukho konke ukuphila kwakho? . . . Ingabe ubona ukuthi abantu bayoke bahlangane enkolweni eyodwa? . . . Ngiye ngacabanga kakhulu ngalokho ngenxa yalokho okulosthwe kusAmbulo 5:13. . . . Yini edingekayo ukuze sikufanelekele lokhu?’
● ‘Benginesifiso sokuthola umuntu onjengawe onesithakazelo ezintweni ezingokomoya. Baningi kabi namuhla abangenaso. Ngicela ukubuza ukuthi uzizwa kanjani ngesithembiso seBhayibheli sokuthi uNkulunkulu uzosusa bonke ububi enze lomhlaba ube yindawo lapho kuyohlala khona abantu abathanda ukulunga kuphela? Ingabe kuzwakala kukuhle lokho kuwe?’
● ‘Ingabe ungumuntu okhuthele ezindabeni zesonto? . . . Ingabe kuyagcwala esontweni uma kunezinkonzo kulezinsuku? . . . Ingabe uthola ukuthi amalungu amaningi abonisa isifiso esiqotho ngempela sokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwansuku zonke? (Noma, Ingabe uthola ukuthi kukhona ukuzwana kwemiqondo phakathi kwamalungu ngokuqondene nekhambi lezinkinga ezibhekene nalelizwe?) Sithola ukuthi imfundo yeBhayibheli yasekhaya yomuntu siqu iyasiza.’
● ‘Ngokusobala uyaneliseka ngenkolo yakho. Kodwa abantu abaningi abaneliswa izimo zezwe. Mhlawumbe kunjalo nangawe; akunjalo? . . . Kuholelaphi konke lokhu?’
● ‘Ingabe ungumuntu ojabulela ukufunda iBhayibheli? . . . Ingabe uyasithola isikhathi sokulifunda njalo?’
● ‘Ngiyakubonga ngokungitshela lokho. Ngiyaqiniseka uzovuma ukuthi, kungakhathaliseki isizinda sethu senkolo, sonke sinesithakazelo esikhulu ekuthuleni kwezwe (noma, izindlela zokuvikela izingane zethu emathonyeni amabi; noma, ukuba sendaweni lapho abantu bethandana ngempela; noma, ukujabulela ubuhlobo obuhle nabanye abantu, futhi lokho kungaba inselele uma wonke umuntu ezizwa ecindezelekile).’
● ‘Ngiyajabula ukwazi ukuthi ungumuntu othanda inkolo. Abantu abaningi namuhla bayithatha kancane inkolo. Abanye baze bacabange ukuthi uNkulunkulu akekho. Kodwa ngokwalokho oye wafundiswa khona, ucabanga ukuthi uluhlobo luni lomuntu uNkulunkulu? . . . Phawula ukuthi iBhayibheli lisinikeza igama lakhe siqu. (Eks. 6:3; IHu. 83:18)’
● ‘Lapho uJesu ethuma abafundi bakhe ukuba bayoshumayela, wabatshela ukuba baye kuzo zonke izingxenye zomhlaba, ukuze bahlangane nabantu abaningi ababenezinkolo ezihlukile kwezabo. (IzE. 1:8) Kodwa wayazi ukuthi labo abalambele nabomele ukulunga babeyolalela. Isiphi isigijimi athi sasiyoshunyayelwa osukwini lwethu? (Math. 24:14) LowoMbuso usho ukuthini kithina?’
‘SINGAMAKRISTU KAKADE LAPHA’
● ‘Ngiyajabula ukwazi lokho. Khona-ke ngokungangabazeki uyazi ukuthi uJesu ngokwakhe wenza umsebenzi ofanayo nalona, eya kubantu emakhaya abo, futhi wathuma abafundi bakhe ukuba nabo bawenze. Ingabe ujwayelene nesihloko sokushumayela kwabo? . . . Ilokho esizele ukuzokhuluma ngakho namuhla. (Luka 8:1; Dan. 2:44)’
● ‘Khona-ke ngiyaqiniseka uzokubona ukungathi sína kwalokho okwashiwo uJesu lapha eNtshumayelweni yaseNtabeni. Wayengagwegwesi kodwa futhi ebonisa uthando uma ethi . . . (Math. 7:21-23) Umbuzo-ke esidinga ukuzibuza wona uwukuthi, Ngiyazi kahle kangakanani intando kaBaba wasezulwini? (Joh. 17:3)’
‘NGIMATASATASA’
● ‘Khona-ke ngizofushanisa. Ngizele ukuzoxoxa nawe ngephuzu elilodwa nje elibalulekile. (Khulumela isihloko sakho sengxoxo ngemisho emibili.)’
● ‘Kulungile. Ngiyokujabulela ukuza ngesinye isikhathi, lapho isimo sikuvumela. Kodwa ngaphambi kokuba ngihambe, ngithanda ukufunda umbhalo owodwa nje osinikeza okuthile okubalulekile kokuba sikucabange.’
● ‘Ngiyezwa. Njengomama (noma, umuntu osebenzayo; noma, umfundi) nami ngingumuntu omatasa. Ngakho ngizofushanisa. Sonke sibhekene nesimo esingathi sína. IBhayibheli libonisa ukuthi siseduze kakhulu nesikhathi lapho uNkulunkulu ezobhubhisa isimiso samanje esibi sezinto. Kodwa bakhona abayosinda. Umbuzo uwukuthi, Yini wena kanye nami okumelwe siyenze ukuze sibe phakathi kwabo? IBhayibheli liyawuphendula lowombuzo. (Zef. 2:2, 3)’
● ‘Uyazi, yileso kanye isizathu sokuza kwami. Sonke simatasatasa—simatasatasa kangangokuthi ngisho nezinto ezibalulekile ekuphileni ngesinye isikhathi asizinaki, akunjalo? . . . Ngizofushanisa, kodwa ngiyaqiniseka uzoba nesithakazelo kulombhalo owodwa nje. (Luka 17:26, 27) Akekho kithina ofuna ukuzithola ekulesosimo, ngakho kudingeka sakhe isikhathi ekuphileni kwethu okumatasa sokuba sicabangele lokho iBhayibheli elikushoyo. (Hambisa isipho.)’
● ‘Kungakulungela uma singabuya futhi cishe ngemva kwengxenye yehora, ngemva kokuba sesihambele abanye bomakhelwane bakho?’
● ‘Khona-ke anginakukulibazisa. Mhlawumbe ngingabuya ngolunye usuku. Kodwa ngaphambi kokuba ngihambe, ngithanda ukukunikeza ithuba lokuba uthole nasi isipho esikhethekile. (Mbonise isipho saleyonyanga.) Lencwadi iqukethe imfundo yokutadisha eyokwenza ujwayelane nezimpendulo zeBhayibheli emibuzweni enjengalena (yisho owodwa noma emibili).’
● ‘Ngiyadabuka ukuthi ngifike ngesikhathi esingesihle. Njengoba kungenzeka uyazi, ngingomunye woFakazi BakaJehova. Bengifuna ukuxoxa nawe ngephuzu elibalulekile eliseBhayibhelini. Kodwa njengoba ungenaso isikhathi sokulalela njengamanje, mhlawumbe ngingakushiyela naba omagazini bethu bamuva, abaxoxa (yisho isihloko). Ungabafunda uma usunesikhathi. Sibashiya ngomnikelo omncane wama-. . . ’
● ‘Akunzima ngami ukukuzwa lokho. Kubonakala nje singekho isikhathi esanele sokwenza yonke into. Kodwa wake wacabanga ukuthi ukuphila kungaba okuhluke kanjani uma ubungaphila phakade? Ngiyazi ukuthi lokho kungase kuzwakale kuxakile. Kodwa ake ngikubonise umbhalo owodwa nje weBhayibheli ochaza ukuthi into enjalo ingenzeka kanjani. (Joh. 17:3) Ngakho-ke, esidinga ukukwenza manje ukungenisa lolulwazi ngoNkulunkulu neNdodana yakhe. Kungakho sishiya lencwadi.’
‘KUNGANI NIFIKA KANINGI KANGAKA?’
● ‘Kungenxa yokuthi sikholelwa ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina okubhekiselwe kuzo eBhayibhelini. Sinomuzwa wokuthi kubalulekile ngathi sonke ukuba sicabange ngokuthi umphumela wezimo zamanje uyoba yini. (Yisho esisodwa noma ezimbili zezenzakalo zamuva noma izimo ezikhona.) Umbuzo uwukuthi, Yini esidinga ukuyenza ukuze sisinde ukuphela kwalesimiso sezinto?’
● ‘Kungenxa yokuthi siyamthanda uNkulunkulu nomakhelwane bethu. Yilokho sonke okumelwe sikwenze, akunjalo?’
‘NGIJWAYELENE KAKHULU NOMSEBENZI WENU’
● ‘Ngiyajabula ngokuzwa lokho. Ingabe unesihlobo esiseduze noma umngane onguFakazi? . . . Ngicela ukubuza: Ingabe uyakukholelwa esikufundisa ngeBhayibheli, okungukuthi, ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina,” nokuthi ngokushesha uNkulunkulu uzobhubhisa ababi, nokuthi lomhlaba uzoba ipharadesi lapho abantu bengaphila khona phakade ngempilo ephelele phakathi komakhelwane abathandana ngempela?’
‘ASINAMALI’
● ‘Asihambi sifuna imali. Kodwa siphethe imfundo yamahhala yasekhaya yeBhayibheli. Esinye sezihloko ezihlanganisayo sithi (sebenzisa isihloko sesahluko sencwadi yamuva). Ngingakubonisa ngemizuzu emibalwa ukuthi isebenza kanjani? Ngeke ukhokhe ngisho nesenti.’
● ‘Isithakazelo sethu sikubantu, hhayi emalini yabo. (Qhubeka nengxoxo. Babonise enye yezincwadi bese uchaza indlela engabazuzisa ngayo. Uma bebonisa isithakazelo esiqotho futhi bethembisa ukuthi bazoyifunda, bashiyele yona. Uma kufaneleka, chaza indlela umsebenzi wethu wokushumayela emhlabeni wonke oxhaswa ngayo ngokwezimali.)’
UMA UMUNTU ETHI, ‘NGINGUMBUDDHA’
● Ungaphethi ngokuthi izinkolelo zalowomuntu ziyefana nalezo zamanye amaBuddha. Izimfundiso zamaBuddha azicacile futhi izincazelo zazo ziyehlukana kubantu abahlukene. UbuBuddha bamaJapane buhlukile ebuBuddheni baseNingizimu-mpumalanga Asia. Nabantu futhi, bayehlukana ngokwemibono yabo. Nokho, ngokuvamile amaphuzu alandelayo angase abe usizo: (1) UbuBuddha abumqapheli uNkulunkulu ongaphandle, uMdali ongumuntu. Kodwa amaBuddha amaningi akhulekela izithombe nezinto ezingcwele zikaBuddha. (2) USiddhartha Gautama, owanikezwa isiqu sokuthi uBuddha, wabhekwa njengesibonelo esingokwenkolo sabalandeli bakhe, ukuba bamlingise. Wakhuthaza ukuzuza ukukhanyiselwa ngokutadisha isintu ngokombono wabantu, nokunqamula izimpande zokuhlupheka ngokulawula ingqondo ukuze ususe zonke izifiso zomhlaba. Wafundisa ukuthi ngalendlela umuntu angase afinyelele eNirvana, akhululeke ekuzalweni njalo kwesinye isidalwa. (3) AmaBuddha akhulekela okhokho bawo, ngoba ababheka njengomthombo wokuphila kwawo.
Ukusikisela kwengxoxo: (1) Lapho ukhuluma namaBuddha, gcizelela ukuthi awuyona ingxenye yeLobukholwa. (2) AmaBuddha ayazihlonipha “izincwadi ezingcwele,” futhi ngokuvamile ayalihlonipha iBhayibheli ngenxa yalesosizathu. Esikhundleni sokugxila ekuhlakanipheni nolwazi lwamaBuddha, nikeza isigijimi esiqondile seBhayibheli. Wenze azi ukuthi iBhayibheli alikhona nje ukuhlakanipha kwabantu kodwa liyiZwi eliyigunya loMdali wesintu, uJehova uNkulunkulu. Wabuze ngokuzothile ukuthi ungawabonisa yini iphuzu elithakazelisayo kulencwadi engcwele, iBhayibheli. (3) AmaBuddha amaningi anesithakazelo esibukhali ekuthuleni nasekuphileni komkhaya futhi afuna ukuphila ukuphila okuqotho. Ukuxoxa nganoma iyiphi yalezindaba ngokuvamile kuyamukeleka. (4) Bonisa ukuthi iBhayibheli likhomba kuhulumeni olungileyo wasezulwini phezu komhlaba njengekhambi langempela ezinkingeni ezibhekene nesintu. Lichaza ikusasa lomhlaba nethemba elimangalisayo lokuphila phakade epharadesi lasemhlabeni. (5) Ungase uveze ukuthi iBhayibheli lichaza imvelaphi yokuphila, injongo yokuphila, isimo sabafileyo nethemba lovuko, isizathu sokuba khona kobubi. Intshumayelo yomusa yamaqiniso asobala eZwi likaNkulunkulu iyothola ukusabela kokwazisa ezinhliziyweni zabanjengezimvu.
Incwajana ethi In Search of a Father yalungiselelwa ngokukhethekile ukuba izuzise amaBuddha aqotho.
UMA UMUNTU ETHI, ‘NGINGUMHINDU’
● Kudingeka uqonde ukuthi ifilosofi yamaHindu iyinkimbinkimbi futhi ayinangqondo. Ungase ukuthole kuwusizo ukuba namaphuzu alandelayo engqondweni: (1) UbuHindu bufundisa ukuthi unkulunkulu uBrahman uhlanganisa izimo ezintathu—uBrahma uMdali, uVishnu uMlondolozi, noSiva uMbhubhisi. Kodwa amaHindu awacabangi ngonkulunkulu ongumuntu oziphilela ngokuhlukile. (2) AmaHindu akholelwa ukuthi zonke izinto zemvelo zinomphefumulo ongafi, ukuthi umphefumulo unomjikelezo wokuphindukuzalwa ongapheli, ukuthi izimo ophinde uzalwe kuzo zinqunywa izenzo (Karma), nokuthi ukukhululeka “kulelisondo elingapheli” kungenzeka kuphela ngokususa zonke izifiso zenyama, nokuthi uma lokhu kufinyelelwa, umphefumulo uyohlangana nomoya wendawo yonke. (3) Ngokuvamile, amaHindu ayazihlonipha ezinye izinkolo. AmaHindu akholelwa ukuthi, naphezu kweqiniso lokuthi zifundisa izimfundiso ezingqubuzanayo, zonke izinkolo ziholela eqinisweni elifanayo.
Esikhundleni sokuzama ukubhekana nenkimbinkimbi yefilosofi yamaHindu, nikeza amaqiniso anelisayo atholakala eBhayibhelini eliNgcwele. Amalungiselelo kaJehova othando okuphila avulekele abantu bazo zonke izinhlobo, futhi amaqiniso akhanyayo aseZwini lakhe ayofinyelela izinhliziyo zalabo abalambele futhi bomele ukulunga. IBhayibheli kuphela elinikeza ithemba lekusasa elinesisekelo esiqinile; iBhayibheli kuphela elinikeza izimpendulo ezanelisa ngempela emibuzweni ebalulekile ebhekene naso sonke isintu. Wanikeze ithuba lokuzwa lezozimpendulo. Kungokuthakazelisayo ukuthi iculo lamaHindu elithi Rig-Veda, ingoma 10. 121, linesihloko esithi “KuNkulunkulu Ongaziwa.” Ngezinye izikhathi ungase ukuthole kufanelekile ukubhekisela kulokhu ngendlela efanayo naleyo umphostoli uPawulu abhekisela ngayo ealtare “LIKANKULUNKULU ONGAZIWAYO” eAthene. (IzE. 17:22, 23) Ngokuthakazelisayo, igama likankulunkulu wamaHindu uVishnu, ngaphandle kohlamvu lokuqala, linguIsh-nuh, ngesiKhaledi okusho “indoda uNowa.” Bonisa ukuthi iBhayibheli lithini ngokubaluleka kukaZamcolo wembulunga yonke ngezinsuku zikaNowa. Labo abangathokozi ngethemba lokuphindukuzalwa okungapheli bangase basizwe ukwaziswa okusemakhasini 322, 323, ngaphansi kwesihloko esikhulu esithi “Ukuphindukuzalwa.”
Incwajana ethi The Path of Divine Truth Leading to Liberation nethi From Kurukshetra to Armageddon—And Your Survival ziqukethe ukwaziswa okuyoba yinzuzo kakhulu kumaHindu aqotho.
UMA UMUNTU ETHI, ‘NGINGUMJUDA’
● Okokuqala thola ukuthi lowomuntu uzibheka kanjani njengomJuda. Bambalwa abangokwenkolo. Kwabaningi, ukuba ngumJuda kumane kungubuzwe babo nje.
Nanka amaphuzu ambalwa okunenzuzo ukuba nawo engqondweni: (1) AmaJuda angokwenkolo abheka ukuphinyiselwa kwegama likaNkulunkulu njengokwenqatshelwe. (2) AmaJuda amaningi acabanga ‘ngeBhayibheli’ njengencwadi yobuKristu, kodwa uma ubhekisela ‘emiBhalweni yesiHeberu,’ “imiBhalo,” noma “iTora,” leyonkinga ayiphakami. (3) Isiko liyingxenye eyinhloko yokholo lwawo futhi libhekwa ngamaJuda amaningi angokwenkolo njengelinegunya elilinganayo nemiBhalo. (4) Angase ahlanganise uJesu Kristu nokushushiswa konya okwehlela amaJuda ezandleni zeLobukholwa ngegama likaJesu. (5) Ngokuvamile akholelwa ukuthi uNkulunkulu ufuna ukuba amaJuda agcine iSabatha, okuyinkolelo ehlanganisa ukugwema ukuphatha imali ngalolosuku.
Ukuze wakhe ukuzwana phakathi kwenu, ungase uthi, (1) ‘Ngokungangabazeki uyovuma ukuthi, kungakhathaliseki isizinda sethu, sonke sibhekana neziningi zezinkinga ezifanayo ezweni lanamuhla. Ingabe uyakholelwa ukuthi ngempela kuyoba nekhambi elihlala njalo ezinkingeni ezinkulu ezibhekene nalesizukulwane? (IHu. 37:10, 11, 29; IHu. 146:3-5; Dan. 2:44)’ (2) ‘Asiyona ingxenye yeLobukholwa futhi asikholelwa kuZiqu-zintathu kodwa sikhulekela uNkulunkulu ka-Abrahama. Sinesithakazelo esikhethekile endabeni yeqiniso elingokwenkolo. Ngingakubuza yini ukuthi ubona kanjani ukuthi iqiniso liyini, ikakhulukazi uma sicabangela ukuthi kunomehluko omkhulu wezinkolelo phakathi kwabantu abangamaJuda? . . . (Dut. 4:2; Isaya 29:13, 14; IHu. 119:160)’ (3) ‘Sinesithakazelo esibukhali esithembisweni sikaNkulunkulu kuAbrahama sokuthi ngenzalo yakhe abantu bazo zonke izizwe bayobusiswa. (Gen. 22:18)’
Uma ebonisa ukuntula ukholo kuNkulunkulu, mbuze ukuthi ingabe ubezizwa ngaleyondlela sonke isikhathi yini. Khona-ke mhlawumbe ungaxoxa ukuthi kungani uNkulunkulu eye wavumela ububi nokuhlupheka. Izinkumbulo zikakhukhulelangoqo wamaNazi ziye zabangela amaJuda amaningi ukuba akhathazeke ngalokhu.
Uma uxoxa ngokubaluleka kokusebenzisa igama likaNkulunkulu, okokuqala thola ukuthi uzizwa kanjani ngakho. Veza ukuthi uEksodusi 20:7 uyakwenqabela ukuphatha igama likaNkulunkulu ngendlela eyize, kodwa akakwenqabeli ukulisebenzisa ngenhlonipho. Khona-ke bonisana naye ngemibhalo enjengoEksodusi 3:15 (noma iHubo 135:13); 1 AmaKhosi 8:41-43; Isaya 12:4; Jeremiya 10:25; Malaki 3:16.
Uma nixoxa ngoMesiya: (1) Okokuqala khuluma ngezibusiso zesikhathi esizayo ngaphansi kokubusa kwakhe, esikhundleni sokuthi ungubani. (2) Khona-ke mbonise ngemibhalo ekhomba kuMesiya ongokoqobo. (Gen. 22:17, 18; Zak. 9:9, 10; Dan. 7:13, 14) (3) Kungase kudingeke ukuba ukhulume ngokuza kukaMesiya okubili. (Qhathanisa uDaniyeli 7:13, 14 noDaniyeli 9:24-26.) (4) Lapho ubhekisela kuJesu, kwenze lokho ngomongo ogcizelela isimo sokuthuthuka kwenjongo kaNkulunkulu. Phawula ukuthi lapho uJesu efundisa, isikhathi sase sisondele lapho uNkulunkulu evumela ithempeli lesibili ukuba libhujiswe, lingaphinde futhi lakhiwe. Kodwa uJesu wagcizelela ukugcwaliseka koMthetho nabaProfethi nekusasa elikhazimulayo ababeyoqondisa kulo abantu abakholwayo.