Basize Bathole Ubufakazi Obengeziwe
1 Njengoba sishumayela izindaba ezinhle, ngokuvamile siye sihlangane nabantu abangahlali ensimini yethu noma abakhuluma olunye ulimi, kuhlanganise nolimi lwezandla. Kanti abanye esike saba nezingxoxo zeBhayibheli ezakhayo nabo bangase bathuthe ensimini yethu. Singenzenjani ukuze sihlele ukuba labo bantu bathole ubufakazi obengeziwe? Ngokusebenzisa ifomu elithi Siza Ulandelele (S-43).
2 Ngokuvamile abantu bazilalela kakhudlwana izindaba ezinhle uma bezizwa ngolimi abaluncela. (IzE. 22:1, 2) Uma sihlangana nalabo bantu, kungakuhle sisebenzise ithuluzi elisha elithi Good News for People of All Nations esilithole emhlanganweni wamuva wesigodi. Ngenxa yalesi sizathu, ezikhathini eziningi, uma sihlangana nomuntu okhuluma olunye ulimi, kufanele siligcwalise leli fomu ngisho noma lowo muntu engabonakali efuna ukwazi ngesigijimi soMbuso. Nokho, uma kuneqembu elikhudlwana elikhuluma ulimi lwakwelinye izwe eliye lishunyayezwe njalo ngolimi lwalo, kungase kungadingeki ukuba kugcwaliswe leli fomu ngaphandle uma lowo muntu ekufuna ngempela ukwazi okwengeziwe.
3 Indlela Yokugcwalisa Leli Fomu: Ngobuhlakani, zama ukuthola igama, ikheli kanye nenombolo yocingo yalowo muntu. Yisho ukuthi ubefuna kangakanani ukwazi okwengeziwe, ukuthi angatholakala nini usho nokuthi iyiphi incwadi ayinikezwa noma acela ukuba ayilethelwe kanye nolimi aluzwa kangcono. Ngemva kokugcwalisa leli fomu, linikeze unobhala webandla lakini ngaphandle kokupholisa amaseko, oyobe eselidlulisela ebandleni noma eqenjini elifanele.
4 Ukudlulisa Leli Fomu: Uma unobhala engazi ukuthi iliphi ibandla noma iqembu okufanele athumele kulo leli fomu noma engenalo ikheli okufanele alithumele kulo, kufanele ashayele i-Territory Desk ucingo ehhovisi legatsha ukuze athole ukwaziswa akudingayo. Akusadingekile ukuba azise umbonisi wedolobha lapho edlulisa leli fomu.
5 Noma nini lapho ibandla noma iqembu lithola leli fomu elithi Siza Ulandelele, kufanele kwenziwe amalungiselelo okuba kuyiwe kulowo muntu ngokushesha. Uma sifeza ingxenye yethu ngenkuthalo, singaqiniseka ukuthi uJehova uyovula izinhliziyo zalabo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’—IzE. 13:48.