Ukufunda Incwajana Ethi Hlalani Nilindile!
Amabandla emhlabeni wonke azofunda incwajana ethi Hlalani Nilindile! kusukela ngesonto lika-May 23 kuya kwelika-June 20, 2005, eSifundweni Sencwadi Sebandla. Sicela nisebenzise imibuzo elandelayo lapho nilungiselela nalapho niqhuba lo mhlangano. Esifundweni, fundani indaba esencwadini, nifunde nemibhalo ekhonjiwe uma isikhathi sivuma.
Isonto Lika-May 23
◼ Amakhasi 3-4: Yiziphi izimo kweziboniswe lapha eziye zathinta ukuphila kwakho ngokukhethekile? Yini ekubonisa ukuthi lezi akuzona izimo ezenzeka endaweni yangakini nje kuphela?
◼ Ikhasi 5: Yini ekwenza uqiniseke ukuthi uNkulunkulu uyakhathalela ngempela? Yini engase ibonise indlela esimkhathalela ngayo uNkulunkulu nalokho akwenzayo?
◼ Amakhasi 6-8: UMathewu 24:1-8, 14 uthini ngalokho okushiwo yizimo zezwe zamanje? Njengoba kuboniswe kweyesi-2 Thimothewu 3:1-5, siphila kuyiphi inkathi manje? Lezi yizinsuku zokugcina zani? Yini ekwenza uqiniseke ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu ngempela? Uyini uMbuso esishumayela ngawo?
◼ Amakhasi 9-10: Kungani kufanele sicabangisise ngezinqumo zethu zansuku zonke nezinto eziza kuqala ekuphileni kwethu? (Roma 2:6; Gal. 6:7) Njengoba ubukeza imibuzo esekhasini 10, yimiphi imibhalo oyicabangayo okufanele ithonye lokho okwenzayo?
Isonto Lika-May 30
◼ Ikhasi 11: Kungani kufanele ngabanye sicabangisise ngemibuzo ebuzwe kuleli khasi? (1 Kor. 10:12; Efe. 6:10-18) Izimpendulo zethu kule mibuzo zembulani mayelana nezinga esisithatha ngokungathí sina ngalo iseluleko sikaJesu esikuMathewu 24:44?
◼ Amakhasi 12-14: Liyini “ihora lokwahlulela” okukhulunywa ngalo kusAmbulo 14:6, 7? Kusho ukuthini ‘ukwesaba uNkulunkulu, simnike inkazimulo’? Liyini iBhabhiloni Elikhulu, futhi kuyokwenzekani kulo? Isiphi isinyathelo okudingeka sisithathe manje mayelana neBhabhiloni Elikhulu? Yikuphi okunye okuyokwenzeka ngehora lokwahlulela elibikezelwe? Ukuthi asilwazi “usuku noma ihora” lokwahlulela kukaNkulunkulu kusithinta kanjani? (Math. 25:13)
◼ Ikhasi 15: Iyini impikiswano yobukhosi, futhi isithinta kanjani njengomuntu ngamunye?
◼ Amakhasi 16-19: Ayini “amazulu amasha nomhlaba omusha”? (2 Pet. 3:13) Ubani osithembisa lezi zinto? Yiziphi izinguquko eziyolethwa amazulu amasha nomhlaba omusha? Ingabe thina ngabanye siyozuza kuwo?
Isonto Lika-June 6
◼ Amakhasi 20-1: Yisiphi isixwayiso uJesu asinika abalandeli bakhe bekhulu lokuqala mayelana nokubaleka? (Luka 21:20, 21) Lavela nini ithuba lokubaleka? Kungani kuphuthuma ukubaleka ngaphandle kokuzindela? (Math. 24:16-18, 21) Kungani abantu abaningi bengazinaki izixwayiso? Izinkulungwane zabantu eChina nasePhilippines zazuza kanjani ngokulalela izixwayiso ezivela emthonjeni othembekile? Kungani kuphuthuma ngisho nakakhulu ukulalela isixwayiso seBhayibheli mayelana nokuphela kwalesi simiso sezinto? Uma sicabangela ukuphuthuma kwesimo, imuphi umthwalo wemfanelo esinawo? (IzAga 24:11, 12)
◼ Amakhasi 22-3: E-Australia ngo-1974 naseColombia ngo-1985, kungani abaningi bengazange bazishaye mkhuba izixwayiso zenhlekelele, futhi kwaba namiphi imiphumela? Ucabanga ukuthi wawuyokwenzenjani lapho uthola lezi zixwayiso, futhi ngani? Yini engabonisa ukuthi sasiyosilalela yini isixwayiso osukwini lukaNowa? Kungani abantu babefuna ukuhlala eSodoma lasendulo nasezindaweni ezakhelene nalo? Singazuza kanjani ngokucabangisisa ngalokho okwenzeka eSodoma?
Isonto Lika-June 13
◼ Amakhasi 24-7: Sebenzisani “Imibuzo Yesifundo” esekhasini 27.
Isonto Lika-June 20
◼ Amakhasi 28-31: Sebenzisani “Imibuzo Yesifundo” esekhasini 31.
Ukufunda le ncwajana kuyosisiza ukuba ‘sihlale silindile’ futhi sikulungele. Kwangathi inkonzo yethu yasobala ngaso sonke isikhathi ingabonisa ukuphuthuma kwesimemezelo sengelosi, esithi: “Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile.”—Math. 24:42, 44; IsAm. 14:7.