Usizo Lwemikhaya
1. ISabatha lamasonto onke laliyizuzisa kanjani imikhaya yama-Israyeli?
1 Ukugcina iSabatha kwakuyilungiselelo lothando elivela kuJehova elalizuzisa imikhaya. Ama-Israyeli ayephumula emisebenzini yawo evamile futhi abe nesikhathi sokucabanga ngobuhle bukaJehova nangobuhlobo bawo naye. Abazali babengasebenzisa leli thuba ukuze bagxilise uMthetho ezinhliziyweni zezingane zabo. (Dut. 6:6, 7) Isonto ngalinye, iSabatha laliba yithuba labantu bakaJehova lokugxila ezintweni ezingokomoya.
2. ISabatha lisifundisani ngoJehova?
2 Kuyiqiniso ukuthi uJehova akasadingi ukuba imikhaya igcine iSabatha. Kodwa, lowo mthetho usifundisa okuthile ngoNkulunkulu wethu. Ubelokhu enesithakazelo esijulile enhlalakahleni yabantu bakhe engokomoya. (Isaya 48:17, 18) Namuhla, enye indlela uJehova abonisa ngayo ukukhathalela, ilungiselelo lobusuku bokuKhulekela Komkhaya.
3. Iyini injongo yobusuku bokuKhulekela Komkhaya?
3 Iyini Injongo Yobusuku BokuKhulekela Komkhaya? Ngo-January 2009, iSifundo SeBhayibheli Sebandla saqala ukuqhutshwa ngobusuku obufanayo neSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noMhlangano Wenkonzo. Esinye sezizathu salolu shintsho kwakuwukunikeza imikhaya ithuba lokuqinisa ingokomoya layo ngokuhlela ukuba nobusuku bokukhulekela komkhaya isonto ngalinye. Umkhaya ngamunye wakhuthazwa ukuba ushintshe isifundo somkhaya sibe ngobusuku obabusetshenziselwa isifundo sencwadi uma kufaneleka, nokuba usebenzise leso sikhathi ukuze ube nezingxoxo zeBhayibheli ezingakhi phezulu kuhlanganise nesifundo esihlelelwe izidingo zomkhaya.
4. Ingabe ukuKhulekela Komkhaya kufanele kuthathe ihora elilodwa nje vó? Chaza.
4 Ukuze sibe khona eSifundweni Sencwadi Sebandla, kwakudingeka isikhathi sokugqoka, esokuhamba, njalonjalo. Kwabaningi bethu, ukuya kulo mhlangano othatha ihora elilodwa kwakudla ingxenye enkulu yakusihlwa. Njengoba isimiso semihlangano yethu sesihlelwe kabusha, manje lobu busuku sesibusebenzisela ukukhulekela uJehova njengomkhaya. Ngakho-ke, akudingeki ukuba ukuKhulekela Komkhaya kuthathe ihora elilodwa nje kuphela. Kunalokho, kufanele sicabangele izidingo nokulinganiselwa komkhaya wethu bese sihlela isikhathi ngokuvumelana nalokho.
5. Ingabe sonke isikhathi sokuKhulekela Komkhaya kufanele sisetshenziselwe ukufunda ndawonye? Chaza.
5 Ingabe Sonke Leso Sikhathi Kufanele Sisetshenziselwe Ukufunda Ndawonye? Lapho imibhangqwana eshadile nemikhaya enabantwana ixoxa ngezihloko ezingokomBhalo ndawonye, iyakhuthazana. (Roma 1:12) Umkhaya uyasondelana. Ngakho-ke, izingxoxo ezingokomBhalo kufanele zibe umgogodla wobusuku bokuKhulekela Komkhaya. Nokho, ilungu ngalinye lomkhaya kufanele libe nanesikhathi sesifundo somuntu siqu. Ngokwesibonelo, ngemva kokufunda ndawonye, umkhaya ungase uqhubeke undawonye njengoba ilungu ngalinye lizitadishela, mhlawumbe liqedela ukulungiselela imihlangano noma lifunda omagazini. Eminye imikhaya ikhetha ukungayivuli nhlobo ithelevishini ngalobu busuku.
6. Ingase isingathwe kanjani ingxoxo?
6 Ingasingathwa Kanjani Ingxoxo? Akufanele kuhlale kuyimibuzo nezimpendulo ngaso sonke isikhathi. Ukuze ukuKhulekela Komkhaya kuthakazelise futhi kuphile, imikhaya eminingi inohlelo olufanayo nolwemihlangano yethu yaphakathi nesonto. Ihlukanisa ingxoxo yawo ibe yizingxenye eziningana bese izisingatha ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, ingase ifunde iBhayibheli ndawonye, ilungiselele ingxenye ethile yemihlangano ize iprakthize nezintshumayelo zasensimini. Ikhasi 6 linokusikisela okuthile.
7. Abazali kufanele balwele ukuba kube nasiphi isimo?
7 Abazali Kufanele Balwele Ukuba Kube Nasiphi Isimo? Umkhaya wakho uyofunda kangcono lapho kunothando nokukhululeka. Ngezinye izikhathi ningase nifundele ngaphandle uma isimo sezulu sivuma. Zizweni nikhululekile ukuhlaba ikhefu uma kudingeka. Kweminye imikhaya kuba nokuthile okudliwayo ngemva kwesifundo. Nakuba abazali beyokugwema ukusebenzisa ukuKhulekela Komkhaya njengesikhathi sokuthethisa nokujezisa izingane, kungase kudingeke ukuba basebenzise esinye salesi sikhathi ukuze balungise umkhuba noma inkinga ethile abayiphawulile. Kodwa, kungase kube ngcono ukuxoxa ngasese ngezinkinga ezibucayi zengane noma ngesinye isikhathi phakathi nesonto ukuze bagweme ukuyilulaza phambi kwezinye. UkuKhulekela Komkhaya akufanele kube yisikhathi esiyisicefe noma esingakhululekile kodwa kufanele sibonise imfanelo yokujabula kaNkulunkulu esimkhulekelayo.—1 Thim. 1:11.
8, 9. Yikuphi ukulungiselela okufanele kwenziwe yizinhloko zemikhaya?
8 Inhloko Yomkhaya Ingalungiselela Kanjani? Umkhaya uyozuza kakhulu uma inhloko ikulungiselela kusengaphambili ukuKhulekela Komkhaya futhi inqume ukuthi yini okuzoxoxwa ngayo nokuthi iyiphi indlela engcono yokukusingatha. (IzAga 21:5) Indoda yenza kahle ngokuthintana nomkayo ngokuphathelene nalokhu. (IzAga 15:22) Zinhloko zemikhaya, kungani ngesinye isikhathi ningaceli ukusikisela kwezingane zenu? Uma nikucela, niyoziqonda ngokwengeziwe izinto ezizithandayo nezizikhathazayo.
9 Ezikhathini eziningi inhloko yomkhaya ngeke kudingeke ichithe isikhathi esiningi ilungiselela. Cishe, umkhaya uyozijabulela izici ezithile ezivamile zamasonto onke, futhi ngeke kudingeke ukuba inhloko yenze isimiso esisha isonto ngalinye. Ingase ikuthole kuwusizo ukulungiselela ngemva nje kokukhulekela komkhaya lapho isazikhumbula kahle izidingo ezingokomoya zomkhaya wayo. Ezinye izinhloko zemikhaya zibhala uhlu lwamaphuzu okuzoxoxwa ngawo bese ziluchoma lapho umkhaya uzolubona khona kalula, njengasesivalweni sesiqandisi. Lokhu kwenza kube nenjabulo nokulangazela futhi kunika umkhaya isikhathi sokulungiselela uma kudingeka.
10. Labo abangabodwa bangabusebenzisa kanjani ubusuku bokuKhulekela Komkhaya?
10 Kuthiwani Uma Kuyimi Ngedwa Ekhaya? Labo abahlala bodwa bangasebenzisa ubusuku bokuKhulekela Komkhaya ukuze benze isifundo somuntu siqu. Isimiso esihle esivamile sesifundo somuntu siqu kufanele sihlanganise ukufunda iBhayibheli, ukulungiselela imihlangano nokufunda INqabayokulinda ne-Phaphama! Abanye abamemezeli banezela kulesi sifundo ngokucwaninga okuthile. Ngezinye izikhathi, bangase bafise ukucela abanye abamemezeli noma umkhaya ukuba uhlanganyele nabo engxoxweni eyakhayo engokomBhalo.
11, 12. Yiziphi ezinye zezinzuzo zokuba nokuKhulekela Komkhaya njalo?
11 Ziyini Izinzuzo Zokuba NokuKhulekela Komkhaya Kwasikhathi Sonke? Labo abahlanganyela ekukhulekeleni kweqiniso ngenhliziyo yonke basondela kuJehova. Ngaphezu kwalokho, imikhaya ekhulekela ndawonye iqinisa izibopho. Omunye umbhangqwana oshadile wabhala lokhu ngokuphathelene nezibusiso ozijabulelayo: “Njengombangqwana ongamaphayona futhi ongenazingane, siyabulangazelela ubusuku bokuKhulekela Komkhaya. Sizizwa sisondela komunye nomunye nakuBaba wethu osezulwini. Manje uma sivuka ekuseni ngosuku oluhlelelwe ukuba sifunde ndawonye, siyaye sithi: ‘Qagela ukuthi kwenzekani namuhla kusihlwa? Ubusuku bokuKhulekela Komkhaya!’”
12 Ilungiselelo lokuba nobusuku bokukhulekela komkhaya liyayisiza nemikhaya ematasa. Omunye umama ongayedwa okhulisa amadodana amabili futhi oyiphayona elivamile wabhala: “Esikhathini esidlule, sasiba nenkinga yokuba nesifundo somkhaya. Sasingavamile ukuba naso ngenxa yokuthi ngangisuke ngikhathele. Ngangingazi ukuthi ngingasihlelela siphi isikhathi. Ngakho nginibhalele ukuze nginibonge kakhulu ngobusuku bokuKhulekela Komkhaya. Sesiba nesifundo somkhaya njalo futhi sijabulela izinzuzo zaso.”
13. Yini enquma ukuthi umkhaya wakho uyozuza kangakanani ngaleli lungiselelo?
13 NjengeSabatha, ubusuku bokuKhulekela Komkhaya buyisipho esivela kuBaba wasezulwini esingasiza imikhaya. (Jak. 1:17) Indlela imikhaya yama-Israyeli eyasebenzisa ngayo iSabatha yayinquma indlela ayezuza ngayo ngokomoya. Ngendlela efanayo, indlela esisebenzisa ngayo ubusuku esibunikiwe ukuba sikhulekele njengemikhaya inquma izinga imikhaya yethu eyozuza ngalo. (2 Kor. 9:6; Gal. 6:7, 8; Kol. 3:23, 24) Ngokulisebenzisa ngokugcwele leli lungiselelo, umkhaya wakho ungasho amazwi omhubi: “Kepha mina, ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi. Isiphephelo sami ngisibeké eNkosini EnguMbusi uJehova.”—IHu. 73:28.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
UkuKhulekela Komkhaya akufanele kube yisikhathi esiyisicefe noma esingakhululekile kodwa kufanele sibonise imfanelo yokujabula kaNkulunkulu esimkhulekelayo
[Ibhokisi ekhasini 6]
LILONDOLOZE
Amacebiso Athile Ozowasebenzisa Ekukhulekeleni Komkhaya
IBhayibheli:
• Fundani ndawonye ingxenye ethile yokufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke. Uma indaba inabalingiswa, oyedwa angafunda indima yolandisayo abanye bafunde amazwi abalingiswa abahlukahlukene.
• Yidlaleni ngokoqobo indima ethile yokufundwa kweBhayibheli.
• Yabela ilungu ngalinye lomkhaya ukuba lifunde izahluko ezithile zeBhayibheli kusengaphambili nokuba libhale umbuzo owodwa noma emibili elinayo ngendaba. Cwaningani ndawonye umbuzo womuntu ngamunye.
• Isonto ngalinye lungiselelani ikhadi elibhalwe ivesi elithile leBhayibheli bese nizama ukulifaka engqondweni nokulichaza. Wabekeni la makhadi aze abe maningi, bese niwabukeza isonto ngalinye ukuze nibone ukuthi mingaki imiBhalo eniyikhumbulayo.
• Lalelani ukufundwa kweBhayibheli okuqoshiwe njengoba nihambisana nakho emaBhayibhelini enu.
Imihlangano:
• Lungiselelani ndawonye ingxenye ethile yemihlangano.
• Hlabelelani izingoma zoMbuso zesonto elilandelayo.
• Uma kukhona onenkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini noma umboniso eMhlanganweni Wenkonzo, bonisanani ngalokho angase akusho noma nikuprakthize phambi komkhaya.
Izidingo Zomkhaya:
• Cabangelani ukwaziswa okukwethi Intsha Iyabuza noma ethi Funda KuMfundisi Omkhulu.
• Yenzani umdlalo obonisa indlela osemusha angabhekana ngayo nesimo esingase siphakame esikoleni.
• Yenzani umdlalo lapho abazali bedlala indima yezingane nezingane zidlala indima yabazali. Izingane zicwaninga ngesihloko esithile bese zibonisana nabazali ngaso.
Inkonzo:
• Lungiselelani ndawonye intshumayelo enizoyisebenzisa ngaleyo mpelasonto.
• Xoxani ngemigomo efinyelelekayo umkhaya ongazibekela yona ukuze wandise inkonzo yawo ngenkathi yeSikhumbuzo noma ngesikhathi seholidi.
• Nikani ilungu lomkhaya ngalinye imizuzu embalwa yokucwaninga indlela elingaphendula ngayo imibuzo ehlukene engase iphakame enkonzweni yasensimini, bese niyenza ngokoqobo.
Ukusikisela Okwengeziwe:
• Fundani ndawonye isihloko esikomagazini bamuva.
• Ilungu ngalinye malifunde kusengaphambili isihloko esithile elisithanda ngokukhethekile komagazini bamuva, bese lixoxa ngaso.
• Ngezinye izikhathi ningamema ummemezeli noma umbhangqwana ukuba uhlanganyele nani ekuKhulekeleni Komkhaya futhi mhlawumbe nibabuze okuthile ngokuphila kwabo.
• Bukelani futhi nixoxe ngenye yama-video ethu.
• Xoxani ngesithi “Intsha Iyabuza” noma esithi “Ukubukeza Komkhaya” ezitholakala kuyi-Phaphama!
• Xoxani ngesithi “Fundisa Izingane Zakho” noma esithi “Ezentsha Yethu” ezitholakala kuyi-Nqabayokulinda.
• Fundani futhi nixoxe ngengxenye ethile e-Ncwadini Yonyaka yamuva noma encwadini ekhululwe emhlanganweni wesigodi odlule.
• Ngemva kokuya emhlanganweni wesigodi noma wesifunda, bukezani amaphuzu awo.
• Bukani indalo kaJehova bese nixoxa ngalokho esifundisa khona ngaye.
• Yenzani okuthile ndawonye, njengomboniso, ibalazwe noma ishadi.