Intsha Iyabuza
Yini Okufanele Ngiyazi Ngokubhema?
Bheka lolu hlu olulandelayo bese ufaka u-✔ ebhokisini eliseceleni kwencazelo onomuzwa wokuthi ichaza indlela ozizwa ngayo.
□ Nginelukuluku
□ Ngilwa nokucindezeleka
□ Ngifuna ukwamukeleka
□ Ngikhathazeke ngokukhuluphala
UMA likhona ibhokisi oliphawulile, kusho ukuthi kunokuthile ofana ngakho nontanga yakho ababhemayo noma asebeke bafisa ukubhema.a Ngokwesibonelo:
Ukwanelisa ilukuluku. “Ngangizibuza ukuthi kunjani, ngakho ngathatha ugwayi kwenye intombazane esikoleni ngaphuma ngayowubhema.”—UTracy.
Ukulwa nokucindezeleka nokufuna ukwamukeleka. “Esikoleni izingane zazivame ukuthi, ‘Ngifuna ugwayi,’ uma sezibhemile bese zithi, ‘Kwathi damu, sengingaqhubeka-ke manje!’ Uma ngicindezelekile, nami ngangivele ngifise ukubhema.”—UNikki.
Ukunciphisa umzimba. “Amanye amantombazane ayabhema ukuze angakhuluphali—kulula kakhulu kunokulandela indlela ethile yokudla!”—USamantha.
Kodwa ngaphambi kokuba wokhele usikilidi wokuqala, noma wesibili, yima bese ucabanga. Ungafani nenhlanzi evele igwinye udobo. Yiqiniso, inhlanzi ingawuthola umvuzo ongatheni, kodwa yeka inani eyolikhokha! Kunalokho, landela iseluleko seBhayibheli futhi usebenzise ‘amandla akho okucabanga ngokucacile.’ (2 Petru 3:1) Phendula le mibuzo elandelayo.
Yini Ngempela Oyaziyo Ngokubhema?
Phawula umusho ngamunye ngokuthi iqiniso noma amanga.
a. ․․․ Ukubhema kwehlisa ukucindezeleka.
b. ․․․ Ngizoyikhipha yonke intuthu.
c. ․․․ Ukubhema ngeke kuyilimaze impilo yami kuze kube yilapho sengikhulile.
d. ․․․ Ukubhema kuzongenza ngikhange ngokwengeziwe kwabobulili obuhlukile.
e. ․․․ Uma ngibhema, kulimala mina hhayi omunye umuntu.
f. ․․․ UNkulunkulu akanandaba nokuthi ngiyabhema yini noma cha.
Izimpendulo
a. Ukubhema kunciphisa ukucindezeleka.—Amanga. Nakuba ukubhema kukudambisa ukuqaleka okwesikhashana, ososayensi bathole ukuthi empeleni i-nicotine iyalenyusa izinga lokucindezeleka.
b. Ngizoyikhipha yonke intuthu.—Amanga. Ucwaningo oluthile lubonisa ukuthi amaphesenti angu-80 entuthu kagwayi oyimuncayo ayahlala emzimbeni wakho.
c. Ukubhema ngeke kuyilimaze impilo yami kuze kube yilapho sengikhulile.—Amanga. Nakuba izingozi ziya zanda lapho ubhema ugwayi, zimbalwa ezenzeka ngokushesha. Abanye abantu bangase babe yimilutha ngemva nje kokubhema kanye. Umthamo womoya amaphaphu akho akwazi ukuwugcina uzoncipha, futhi ungase uhlale ukhwehlela njalo. Isikhumba sakho siyosheshe sishwabane. Ukubhema kuyokwandisa namathuba okuba nenkinga ocansini, ukushaywa uvalo ngaphandle kwesizathu nokucindezeleka.
d. Ukubhema kuzongenza ngikhange ngokwengeziwe kwabobulili obuhlukile.—Amanga. Umcwaningi uLloyd Johnston wathola ukuthi intsha ebhemayo “ayikhangi kangako kwabobulili obuhlukile abaningi.”
e. Uma ngibhema, kulimala mina hhayi omunye umuntu.—Amanga. Izinkulungwane zabantu zibulawa ukuhogela intuthu kagwayi unyaka nonyaka, lokhu kuyowulimaza umkhaya wakini, abangane ngisho nezilwane ezifuyiwe.
f. UNkulunkulu akanandaba nokuthi ngiyabhema yini noma cha.—Amanga. Labo abafuna ukujabulisa uNkulunkulu kumelwe bazihlanze “kukho konke ukungcola kwenyama.” (2 Korinte 7:1) Akungabazeki ukuthi ukubhema kuyawungcolisa umzimba. Uma ukhetha ukungcola, uzilimaze futhi ulimaze nabanye ngokubhema, awunakuba umngane kaNkulunkulu.—Mathewu 22:39; Galathiya 5:19-21.
Indlela Ongenqaba Ngayo
Uyokwenzenjani uma othile ekunika ugwayi? Ngokuvamile iyasebenza impendulo elula kodwa eqinile, njengokuthi “Cha ngiyabonga, angibhemi.” Uma umuntu ephikelela noma ehlekisa ngawe, khumbula ukuthi lesi yisinqumo sakho. Ungase uthi:
● “Ngiye ngahlola izingozi zokubhema futhi nganquma ukuthi akungilungele.”
● “Ngisazowadinga amaphaphu ami.”
Nokho, njengentsha ecashunwe ekuqaleni kwalesi sihloko, ungase uthole ukuthi ukucindezeleka okukhulu kuvela ngaphakathi kuwe. Uma ubhekene naleso simo, yilwa nalesi sifiso ngokuzindla ngemibuzo enjengale:
● Ingabe kuzongizuzisa ngempela ukubhema? Ngokwesibonelo, uma nginquma ukubhema ukuze nje ngamukeleke kwabanye, ingabe ngizokwamukeleka kahle kubo naphezu kokuba kungekho okunye esifana ngakho? Ingabe ngiyafuna nje nempela ukwamukeleka kubantu abafuna ukungibona ngilimaza impilo yami?
● Ukubhema kuzongidlela imali engakanani, kuyilimaze kangakanani impilo yami kuhlanganise nedumela lami kwabanye?
● Ingabe ngikulungele ukulahlekelwa ubungane bami noNkulunkulu ngenxa nje kagwayi?
Nokho, kuthiwani uma kuwukuthi usuyabhema kakade? Yini ongayenza ukuze uyeke?
Indlela Yokuyeka
1. Zimisele. Zibhale phansi izizathu zakho zokuyeka bese uluhlola njalo lolo hlu olubhalile. Isifiso sokuhlanzeka phambi kukaNkulunkulu singaba isisusa esinamandla sokuyeka.—Roma 12:1; Efesu 4:17-19.
2. Funa usizo. Uma ubulokhu ufihla ukuthi uyabhema, sekuyisikhathi sokuba uphumele obala. Tshela labo obubafihlela ukuthi uyabhema nokuthi usuyayeka, ubacele ukuba bakusekele. Uma ufuna ukukhonza uNkulunkulu, thandazela usizo lwakhe.—1 Johane 5:14.
3. Beka usuku ozoyeka ngalo. Zinike isonto elilodwa noma amabili, bese ubhala phansi ekhalendeni usuku ozimisele ukuyeka ngalo. Tshela abakini nabangane bakho ukuthi uyayeka ukubhema ngalolo suku.
4. Wufune futhi uwulahle. Ngaphambi kokuba kufike usuku lwakho lokuwuyeka, wufunisise yonke indawo ugwayi ekamelweni lakho, emotweni nasezimpahleni zokugqoka. Wulahle. Lahla umentshisi nezitsha zomlotha kagwayi.
5. Bhekana nokuqaleka. Phuza kakhulu iziphuzo ezenziwe ngezithelo noma amanzi bese uzinika isikhathi esanele sokulala. Khumbula ukuthi ukuqaleka yinto yesikhashana, kanti izinzuzo ziyohlala njalo!
6. Gwema izinto ezingakwenza uqaleke. Gwema izindawo noma izimo ezingakwenza ulingeke ukuba ubheme. Kungase kudingeke nokuba uhlukane nabangane ababhemayo.—IzAga 13:20.
7. Gwema ukuzikhohlisa. Ungazikhohlisi ngokuthi, “Ngizodonsa kanye nje.” Ukuzikhohlisa okunjalo ngokuvamile kwenza umuntu abuyele kulo mkhuba.—Jeremiya 17:9.
Ungadukiswa
Unyaka ngamunye, izinkampani zikagwayi zichitha izigidi zamarandi zikhangisa. Zazi kahle kamhlophe ukuthi intsha eningi iyoyengeka bese igcina ngokuba yimilutha lapho isikhulile.
Ungavumi ukuba izikhulu zezimboni zikagwayi zithole imali yakho. Kungani kufanele ubanjwe ugibe lwazo? Zona kanye nontanga yakho ababhemayo abakukhathaleli neze. Kunokulalela bona, lalela iseluleko esitholakala eBhayibhelini futhi ufunde “ukuze uzuze.”—Isaya 48:17.
Ungazitholela izihloko ezengeziwe ezithi “Intsha Iyabuza” engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
[Umbhalo waphansi]
a Nakuba lesi sihloko sikhuluma ngalabo ababhema usikilidi, izinkinga nezingozi okukhulunywa ngazo ziyabathinta nalabo abasebenzisa ugwayi ohlafunwayo.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 27]
OKUSHIWO ONTANGA YAKHO
“Uma othile ebengangibuza ukuthi kungani ngingabhemi, bengingathi, ‘Angifuni ukungcolisa amaphaphu ami bese ngifa ngokushesha.’”
“Uma othile ebenganginika ugwayi, bengingathi, ‘Cha ngiyabonga.’ Uma ezama ukungiphoqa ukuba ngiwubheme, bengingathi, ‘Ingabe ungephuca ilungelo lami lokuzikhethela? Ayisenziwa le nto oyenzayo kulesi sikhathi esiphila kuso!’”
[Izithombe]
UBenjamin
UHeather
[Ibhokisi ekhasini 28]
● INGABE BEWAZI?
Ugwayi ongokhelwa—njengohlafunwayo—ungakhipha i-nicotine eningi kunosikilidi futhi unezakhi ezingaphezu kuka-25 ezibangela umdlavuza womphimbo noma womlomo.
[Ibhokisi ekhasini 28]
KUNGANI UNGABUZI ABAZALI BAKHO?
Ukubhekana nokucindezela kontanga kulula uma uzilungiselele. Kungani ungaceli abazali bakho ukuba nenze umdlalo ukuze ulungiselele indlela ongaphendula ngayo uma othile ezama ukukunika usikilidi? Umzali makadlale indima kantanga okucindezelayo. Icebiso: Sebenzisa isihloko esithi “Uhlelo Lokumelana Nokucindezela Kontanga” esisekhasini 132 kuya ku-133 kwethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 2, ukuze uthole amacebiso amahle ngendlela ongaphendula ngayo.
[Isithombe ekhasini 28]
Njengenhlanzi evele igwinye udobo, umuntu obhemayo uyaneliseka uma ebhema kodwa ekugcineni ukhokha ngempilo yakhe