Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be isif. 33 k. 197-k. 200 isig. 4
  • Ukungacunuli Kodwa Uqine

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukungacunuli Kodwa Uqine
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuba-namasu Okungacunuli-muntu Nokho Kuqiniwe
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Ukufunda Ukuba Nekhono Lokungacasuli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokuqonda
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Indlela Yokuthuthukisa Amakhono Okuxoxa
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be isif. 33 k. 197-k. 200 isig. 4

ISIFUNDO 33

Ukungacunuli Kodwa Uqine

Yini okudingeka uyenze?

Bonisa ukuhlakanipha kulokho okushoyo nokuthi ukusho nini futhi kanjani, ukuze ungabacasuli abanye ngokungenasidingo.

Kungani Kubalulekile?

Uma unesu lokungacunuli, abantu bangase bathambekele ekulaleleni izindaba ezinhle ngomqondo ovulekile. Isu lokungacunuli liyokusiza futhi ukuba ugcine ubuhlobo obuhle namaKristu okanye nawo.

ISU LOKUNGACUNULI yikhono lokusebenzelana nabanye abantu ngaphandle kokubacasula ngokungenasidingo. Lihilela ukwazi ukuthi kunini lapho kufanele ukhulume khona futhi kanjani. Lokhu akusho ukuhlehla kokulungileyo noma ukuhlanekezela amaqiniso. Isu lokungacunuli akumelwe liphanjaniswe nokwesaba abantu.—IzAga 29:25.

Izithelo zomoya ziyisisekelo esihle sokuba nesu lokungacunuli. Ngakho, umuntu oshukunyiswa uthando akafuni ukucasula abanye; ufuna ukubasiza. Umuntu onomusa nomnene akanalo ukhahlo. Umuntu onokuthula ufuna izindlela zokuthuthukisa ubuhlobo obuhle nabanye. Ngisho noma abantu benokhahlo, umuntu obekezelayo uhlale ezolile.—Gal. 5:22, 23.

Nokho, kungakhathaliseki ukuthi isigijimi seBhayibheli sethulwa kanjani, bakhona esiyobacasula. Ngenxa yokonakala kwezinhliziyo zamaJuda amaningi ekhulwini lokuqala, uJesu Kristu waba ‘njengetshe lokukhubekisa nedwala lokucasula’ kuwo. (1 Pet. 2:7, 8) Mayelana nomsebenzi wokumemezela ngoMbuso, uJesu wathi: “Ngize ukuzokokhela umlilo emhlabeni.” (Luka 12:49) Futhi isigijimi soMbuso kaJehova, esihlanganisa isidingo sokuba abantu baqaphele ubukhosi boMdali, siyaqhubeka siwundaba mlonyeni kubantu. Abantu abaningi siyabacasula isigijimi sokuthi uMbuso kaNkulunkulu masinyane uzosusa isimiso sezinto samanje esonakele. Noma kunjalo, silalela uNkulunkulu, siyaqhubeka sishumayela. Njengoba senza kanjalo, sikhumbula iseluleko seBhayibheli: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.”—Roma 12:18.

Isu Lokungacunuli Lapho Sifakaza. Ziningi izimo esikhuluma kuzo nabantu ngokholo lwethu. Yiqiniso, siyakwenza lokho lapho sisenkonzweni yasensimini, kodwa futhi sifuna amathuba afanelekayo lapho sinezihlobo, sinesisebenza nabo kanye nesifunda nabo. Kuzo zonke lezi zimo, isu lokungacunuli liyadingeka.

Uma sethula isigijimi soMbuso ngendlela eyenza abanye bazizwe sengathi siyabasola, bangase bangakuthandi. Uma bengalucelanga usizo futhi mhlawumbe bengenawo umuzwa wokuthi bayaludinga, bangase bacasulwe yinoma yini esiyishoyo esikisela ukuthi kudingeka balungise. Singakugwema kanjani ukubanikeza umqondo ongeyiwo? Ukufunda ikhono lokukhuluma ngomusa kungasiza.

Zama ukuqala ingxoxo ngesihloko esimthakazelisayo umuntu. Uma lowo muntu eyisihlobo, usebenza naye, noma ufunda naye, kungenzeka usuyazazi kakade izinto ezimthakazelisayo. Ngisho noma ungakaze uhlangane nalowo muntu ngaphambili, ungase usho okuthile okuzwe ezindabeni noma okufunde ephephandabeni. Izindaba ezinjalo ngokuvamile ziveza okusezingqondweni zabantu abaningi. Uma usebenza endlini ngendlu, yiba ngumuntu oqaphelayo. Imihlobiso yasendlini, amathoyizi ebaleni, izinto zesonto, nezigqebhezana ezinamatheliswe emotweni epakwe egcekeni kungase kukutshele okwengeziwe ngezinto azikhonzile umninikhaya. Lapho umninikhaya ekuvulela umnyango, mlalele njengoba ekhuluma. Akushoyo kuyofakazela noma kulungise lokho obukucabanga ngezinto azikhonzile nombono wakhe, futhi kuyokutshela okwengeziwe ngalokho okudingeka ukucabangele lapho ufakaza kuye.

Njengoba ingxoxo iqhubeka, xoxa naye ngamaphuzu aseBhayibhelini nasezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini aphathelene naleso sihloko. Kodwa musa ukukhuluma kakhulu. (UmSh. 3:7) Hilela nomninikhaya engxoxweni uma ethanda ukuhlanganyela. Yiba nesithakazelo emibonweni yakhe. Leyo mibono ingakutshela okudingeka ukwazi ngaye ukuze ungamcunuli.

Ngaphambi kokusho noma yini, cabanga ukuthi iyozwakala kanjani komunye umuntu. IzAga 12:8 (NW) ziyawuncoma ‘umlomo onokuqonda.’ Igama lesiHeberu elisetshenziswe lapha linomqondo ohlobene nokuqonda nobuhlakani. Ngakho, ukuqonda kuhlanganisa ukuqapha lapho ukhuluma ngenxa yokuthi usuke uyicabangisisile indaba ukuze wenze ngokuhlakanipha. Ivesi 18 lesahluko esifanayo sezAga lixwayisa ‘ngokuphahluka njengokuhlaba kwenkemba.’ Singakwazi ukumelela amaqiniso eBhayibheli ngaphandle kokucasula abanye.

Ukukhetha amagama ngokuqonda kungakusiza ugweme ukuzibekela imigoqo ngokungadingekile. Uma ukusebenzisa igama elithi “iBhayibheli” kwenza umuntu avele avale ingqondo, ungase usebenzise inkulumo enjengokuthi “imibhalo engcwele” noma “incwadi ephuma ngezilimi ezingaphezu kuka-2 000.” Uma ulibiza ngegama iBhayibheli, ungase ucele umbono womuntu ngalo bese ucabangela impendulo yakhe phakathi nengxoxo eyolandela.

Ukuba nesu lokungacunuli ngokuvamile kuhilela ukuthola ukuthi sinini isikhathi esifanele sokukhuluma. (IzAga 25:11) Ungase ungavumelani nakho konke okushiwo umuntu okhuluma naye, kodwa asikho isidingo sokuphikisa noma imuphi umbono awubekayo ongasekelwe ngokomBhalo. Ungazami ukutshela umninikhaya yonke into ngesikhathi esisodwa. UJesu watshela abafundi bakhe: “Nginezinto eziningi okusamelwe ngizisho kini, kodwa anikwazi ukuzithwala njengamanje.”—Joh. 16:12.

Uma kungenzeka, batuse ngobuqotho labo okhuluma nabo. Ngisho noma umninikhaya ephikisa, ungase ukwazi ukumncoma ngombono wakhe. Umphostoli uPawulu wakwenza lokhu lapho ekhuluma nezazi zefilosofi e-Areyophagu e-Athene. Lezi zazi zefilosofi “zaxoxa naye ngendlela yokuphikisa.” Wayengaliveza kanjani iphuzu lakhe ngaphandle kokuzicasula? Wayebone ama-altare amaningi ababewenzele onkulunkulu babo. Kunokubagxeka abase-Athene ngokukhulekela kwabo izithombe, ngesu lokungacunuli, wabancoma ngokuthanda kwabo inkolo. Wathi: “Ngiyabona ukuthi kukho konke nibonakala nithambekele ngokwengeziwe kunabanye ekwesabeni onkulunkulu.” Le ndlela yamvulela ithuba lokuba anikeze isigijimi ngoNkulunkulu weqiniso. Abanye baba amakholwa ngenxa yalokho.—IzE. 17:18, 22, 34.

Ungathukutheli lapho uphikiswa. Yehlisa umoya. Kubheke njengethuba lokuthola indlela umuntu acabanga ngayo. Ungase umbonge ngokuveza imibono yakhe. Kuthiwani uma evele athi: “Nginesonto lami”? Ngesu lokungacunuli ungase ubuze: “Ingabe bewulokhu ungumuntu othanda inkolo ukuphila kwakho konke?” Ngemva kwempendulo, ungabe usunezela: “Ucabanga ukuthi isintu siyoke sibe nenkolo eyodwa?” Lokhu kungase kukuvulele ithuba lokuqhubeka nengxoxo.

Ukuba nombono ofanele ngathi ngokwethu kungasisiza sibe nesu lokungacunuli. Siqiniseka ngokugcwele ukuthi izindlela zikaJehova ziqondile nokuthi iZwi lakhe liyiqiniso. Sikhuluma ngokuqiniseka ngalezi zinto. Kodwa asikho isizathu sokuzibona silungile. (UmSh. 7:15, 16) Siyajabula ngokwazi iqiniso nokuthola isibusiso sikaJehova, kodwa sazi kahle ukuthi ukwamukelwa nguye kungumphumela womusa wakhe ongafanelwe nokholo lwethu kuKristu, akukhona ukulunga kwethu. (Efe. 2:8, 9) Siyasibona isidingo ‘sokuqhubeka sizivivinya ukuthi sisokholweni yini, sokuqhubeka sihlola lokho thina ngokwethu esiyikho.’ (2 Kor. 13:5) Ngakho, lapho sikhuluma nabantu ngesidingo sokuba bazivumelanise nezimfuneko zikaNkulunkulu, ngokuthobeka nathi siyasisebenzisa leso seluleko seBhayibheli. Akukona okwethu ukwahlulela abanye abantu. UJehova “ukuphathise iNdodana konke ukwahlulela,” futhi kuphambi kwesihlalo sayo sokwahlulela lapho siyolandisa khona ngesikwenzayo.—Joh. 5:22; 2 Kor. 5:10.

Lapho Sinemikhaya Yethu Namanye AmaKristu. Ukusebenzisa kwethu isu lokungacunuli akufanele kugcine enkonzweni yasensimini. Njengoba isu lokungacunuli liwumphumela wezithelo zomoya kaNkulunkulu, kumelwe silibonise nasekhaya lapho sisebenzelana namalungu omkhaya wethu. Uthando luyosishukumisela ukuba sibonise ukukhathalela imizwa yabanye. Umyeni weNdlovukazi u-Esteri wayengeyena umkhulekeli kaJehova, kodwa u-Esteri wamhlonipha umyeni wakhe futhi wabonisa ukuqonda okukhulu lapho ethula udaba olwaluhilela izinceku zikaJehova. (Esteri, izahl. 3-8) Kwezinye izimo, isu lokungacunuli lapho sisebenzelana namalungu omkhaya angebona oFakazi lingase lidinge ukuba kube ukuziphatha kwethu okutusa indlela yeqiniso kuwo, kunokuba thina sichaze izinkolelo zethu.—1 Pet. 3:1, 2.

Ngokufanayo, ukuthi siwazi kahle amalungu ebandla akusho ukuthi singavele siwaphoxaphoxe nje noma singabi namusa kuwo. Akufanele siphethe ngokuthi ngoba avuthiwe, kumelwe avumele noma yini. Akufanele futhi sizithethelele ngokuthi: “Nginjena mina.” Uma sithola ukuthi indlela esikhuluma ngayo iyabacasula abanye, kufanele sizimisele ukushintsha. ‘Uthando lwethu olukhulu ngomunye nomunye’ kumelwe lusishukumisele ‘ukwenza okuhle kulabo abahlobene nathi okholweni.’—1 Pet. 4:8, 15; Gal. 6:10.

Lapho Sikhuluma Nezilaleli. Labo abaye banikeze izinkulumo endaweni yesikhulumi nabo kudingeka babe nesu lokungacunuli. Ezilalelini kunabantu abanezizinda nezimo ezihlukahlukene. Basemazingeni angefani okuthuthuka ngokomoya. Abanye kungenzeka bayaqala ukuba seHholo LoMbuso. Abanye kungenzeka babhekene nesikhathi esicindezelayo isikhulumi esingazi lutho ngaso. Yini engasiza isikhulumi sigweme ukucasula izilaleli?

Ngokuvumelana neseluleko somphostoli uPawulu kuThithu, kwenze umgomo wakho ‘ukungakhulumi kabi nganoma ubani, ukucabangela, ubonise bonke ubumnene.’ (Thithu 3:2) Gwema ukulingisa izwe ngokusebenzisa amagama ehlisa abantu bolunye uhlanga, ulimi noma isizwe. (IsAm. 7:9, 10) Xoxa ngokukhululekile ngezimfuneko zikaJehova futhi ubonise ukuhlakanipha kokuzisebenzisa; kodwa gwema ukujivaza labo abangakahambi ngokuphelele endleleni kaJehova. Kunalokho, bakhuthaze bonke ukuba bazi intando kaNkulunkulu futhi benze okumjabulisayo. Lapho weluleka, amazwi akho wathambise ngokuncoma okufudumele nokuqotho. Ngendlela okhuluma ngayo nangezwi lakho, dlulisela uthando lobuzalwane sonke okumelwe sibe nalo ngomunye nomunye.—1 Thes. 4:1-12; 1 Pet. 3:8.

INDLELA YOKUKWENZA

  • Xoxa nabantu esikhundleni sokubeluleka.

  • Cabangisisa ngokuthi lokho ofuna ukukusho kuyozwakala kanjani komunye umuntu.

  • Ngaphambi kokukhuluma, cabanga ukuthi lesi yisikhathi esifanele yini sokuxoxa ngaleyo ndaba.

  • Uma kungenzeka, ncoma ngobuqotho.

  • Ungathukutheli lapho uphikiswa.

  • Gwema umoya wokuzibona ulungile; ungabahluleli abanye.

ISIVIVINYO: Zifunde ngokucophelela lezi zindaba zeBhayibheli ezilandelayo: 2 Samuweli 12:1-9; IzEnzo 4:18-20. Endabeni ngayinye, phawula (1) ubufakazi besu lokungacunuli (2) namazwi abonisa ukuqina ngokuphathelene nezindlela zikaJehova zokulunga.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela