Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be isif. 30 k. 186-k. 189 isig. 4
  • Umuntu Ubonisiwe Isithakazelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umuntu Ubonisiwe Isithakazelo
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubonisa Isithakazelo Somuntu Siqu Kwabanye
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Yiba Nesithakazelo Somuntu Siqu Kwabanye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Indlela Yokuthuthukisa Amakhono Okuxoxa
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Umzamo Wokufinyelela Inhliziyo
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be isif. 30 k. 186-k. 189 isig. 4

ISIFUNDO 30

Umuntu Ubonisiwe Isithakazelo

Yini okudingeka uyenze?

Bonisa ukuthi uyayikhathalela imibono yabanye nenhlalakahle yabo.

Kungani Kubalulekile?

Lena ngenye yezindlela esilingisa ngazo uthando oluboniswa uJehova, futhi ingase isenze sifinyelele inhliziyo yomuntu.

LAPHO sihlanganyela amaqiniso eBhayibheli nabanye, kudingeka senze okungaphezu kokufaka ulwazi ezingqondweni zabo. Kumelwe sithinte izinhliziyo. Enye indlela yokwenza lokhu ukuzibonisa isithakazelo esiqotho izilaleli zethu. Lesi sithakazelo singasibonisa ngezindlela ezihlukahlukene.

Cabangela Umbono Wezilaleli Zakho. Umphostoli uPawulu wacabangela isizinda nombono wezilaleli zakhe. Wachaza: “KumaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze amaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho, nakuba mina ngokwami ngingekho phansi komthetho, ukuze ngizuze labo abaphansi komthetho. Kulabo abangenawo umthetho ngaba njengongenawo umthetho, nakuba ngingeyena ongenawo umthetho ngakuNkulunkulu kodwa ngiphansi komthetho ngakuKristu, ukuze ngizuze labo abangenawo umthetho. Kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka. Ngiye ngaba yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo, ukuze ngazo zonke izindlela ngisindise abathile. Kodwa ngenza zonke izinto ngenxa yezindaba ezinhle, ukuze ngibe umhlanganyeli wazo nabanye.” (1 Kor. 9:20-23) Singaba kanjani “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo” namuhla?

Uma uthola ithuba lokubheka abantu ngaphambi kokukhuluma nabo, ungase uphawule izinto abazikhonzile nezimo abakuzo. Ungakwazi yini ukubona ukuthi benza msebenzi muni? Ingabe uyabubona ubufakazi bezinkolelo zabo ezingokwenkolo? Kukhona yini okushoyo ukuthi bawumkhaya onjani? Ngokwalokho okuphawulayo, ungayishintsha yini intshumayelo yakho ukuze uyenze ifaneleke kakhudlwana ezilalelini zakho?

Ukwenza intshumayelo yakho ifaneleke kakhudlwana kudinga ukuba ucabange kusengaphambili ukuthi uyothini kubantu abasensimini yakini. Kwezinye izindawo, lokhu kuhlanganisa nalabo abayizifiki ezivela kwamanye amazwe. Uma kunabantu abanjalo ensimini yenu, usuyitholile yini indlela ephumelelayo yokufakaza kubo? Njengoba kuyintando kaNkulunkulu ukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso,” kwenze umgomo wakho ukwethula isigijimi soMbuso ngendlela ekhangayo kubo bonke ohlangana nabo.—1 Thim. 2:4.

Lalelisisa. Nakuba uJehova azi konke, uyabalalela abantu. Umprofethi uMikhaya wathola umbono uJehova abonakala kuwo ekhuthaza izingelosi ukuba ziveze imibono yazo mayelana nokusingatha indaba ethile. UNkulunkulu wabe esevumela ingelosi ethile ukuba yenze lokho okwakusikiselwe enye ingelosi. (1 AmaKh. 22:19-22) Lapho u-Abrahama ebonisa ukukhathazeka ngesahlulelo esasiyofikela iSodoma, uJehova wamlalela ngomusa. (Gen. 18:23-33) Enkonzweni yethu, singasilingisa kanjani isibonelo sikaJehova sokulalela?

Khuthaza abanye ukuba baveze imizwa yabo. Buza imibuzo efanelekayo, bese ulinda isikhathi esanele ukuze bakuphendule. Lalelisisa. Ukubanaka kwakho kuyobakhuthaza ukuba bakhulume ngokukhululeka. Uma impendulo yabo iveza okuthile ngezinto abazikhonzile, thola ukwaziswa okwengeziwe ngokuhlakanipha. Ngaphandle kokwenza ingxoxo ibe yisigcawu senkantolo, zama ukubazi kangcono. Ncoma izimpendulo zabo uma ungase ukwazi ukukwenza lokho ngobuqotho. Ngisho noma ungavumelani nemibono yabo, yamukele ngomusa.—Kol. 4:6.

Nokho, kumelwe siqaphele ukuthi isithakazelo sethu kubantu aseqeli ngalé kwemingcele efanele. Ukukhathalela abanye akusiniki igunya lokuba ogaxekile ezindabeni zabo zangasese. (1 Pet. 4:15) Kudingeka siqikelele ukuthi umuntu wobulili obuhlukile akawuhumushi ngenye indlela umusa esimbonisa wona. Njengoba kuhlukahluka lokho okubhekwa njengesithakazelo esifanele kwabanye, kuye ngamazwe nangomuntu ngamunye, kudingeka ukuqapha.—Luka 6:31.

Ukulungiselela kuwusizo ekubeni isilaleli esihle. Uma sikwazi kahle esizokusho, siyokhululeka futhi sinake abanye ngendlela ejwayelekile. Lokhu kuyabakhulula nabo, futhi kungabenza bathambekele nakakhulu ekuxoxeni nathi.

Sibabonisa udumo abanye ngokubalalela. (Roma 12:10) Kunikeza ubufakazi bokuthi siyayazisa imicabango yabo nemizwa yabo. Kungase ngisho kubenze balalelisise lokho esikushoyo. Khona-ke, ngesizathu esihle, iZwi likaNkulunkulu lisiyala ukuba ‘sisheshe ngokuphathelene nokuzwa, sephuze ngokuphathelene nokukhuluma.’—Jak. 1:19.

Siza Abanye Bathuthuke. Ukukhathalela abanye kuyosenza sihlale sicabanga ngabathakazelayo futhi siphinde sibavakashele ukuze sibanike amaqiniso eBhayibheli azanelisa ngokuqondile izidingo zabo. Lapho silungiselela ukuphindela, cabanga ngalokho owakufunda ngabo ekuhambeleni kwangaphambili. Lungiselela indaba ebathintayo. Qokomisa ukuthi ingabasiza kanjani ngokoqobo leyo ndaba, ubasize babone ukuthi bangazuza kanjani kulokho abakufundayo.—Isaya 48:17.

Uma isilaleli sakho siveza isimo noma inkinga ebilokhu isikhathaza, kubheke lokhu njengethuba elikhethekile lokuhlanganyela izindaba ezinhle naso. Landela isibonelo sikaJesu, owayehlale ekulungele ukududuza abacindezelekile. (Marku 6:31-34) Gwema ukuthambekela kokusinikeza ikhambi elisheshayo noma iseluleko ongasicabanganga kahle. Lokhu kungase kwenze umuntu abe nomuzwa wokuthi awunandaba ngempela naye. Kunalokho, bonisa uzwela. (1 Pet. 3:8) Yibe usucwaninga ezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini, bese umnikeza ukwaziswa okwakhayo okuzomsiza abhekane nesimo akuso. Yiqiniso, ukumkhathalela ngothando umuntu okhuluma naye kuyokwenza ungazembuli izimfihlo akuxoxela zona, ngaphandle uma kunesizathu esihle sokwenza kanjalo.—IzAga 25:9.

Kufanele sibabonise isithakazelo somuntu siqu ngokukhethekile labo esibaqhubela izifundo zeBhayibheli. Zicabangele ngomthandazo izidingo zomfundi ngamunye, futhi ulungiselele isifundo unalezo zidingo engqondweni. Zibuze, ‘Yini osekudingeka ayenze manje ukuze aqhubeke ethuthuka ngokomoya?’ Ngothando, siza umfundi ukuba akwazise lokho iBhayibheli nezincwadi ‘zenceku ethembekileyo neqondayo’ ezikushoyo ngendaba. (Math. 24:45) Kwezinye izimo, ukumane unikeze incazelo nje kungase kunganeli. Kungase kudingeke ubonise umfundi indlela yokusebenzisa isimiso esithile seBhayibheli, empeleni nize nenze okuthile ndawonye okubonisa ukuthi sisebenza kanjani.—Joh. 13:1-15.

Kudingeka ukulinganisela nokwahlulela okuhle lapho sisiza abantu ukuba bavumelanise ukuphila kwabo nezindinganiso zikaJehova. Abantu banezizinda ezingefani namakhono angefani, futhi bathuthuka ngamazinga angefani. Ungalindeli okungaphezu kwamandla abo. (Fil. 4:5) Ungabahlali entanyeni ukuba benze izinguquko ekuphileni kwabo. Vumela iZwi likaNkulunkulu nomoya wakhe ubakhuthaze. UJehova ufuna abantu bamkhonze ngenhliziyo evumayo, bangaphoqwa. (IHu. 110:3) Gwema ukuveza eyakho imibono ngezinqumo okumelwe bazenzele zona bona, ngisho noma abanye beyicela imibono yakho, qiniseka ukuthi awubenzeli izinqumo.—Gal. 6:5.

Nikeza Usizo Olungokoqobo. Nakuba uJesu ayeyikhathalela kakhulu inhlalakahle engokomoya yezilaleli zakhe, wayenozwela nangezinye izidingo zazo. (Math. 15:32) Ngisho noma sikhala singashayiwe, ziningi izindlela eziwusizo esingasiza ngazo.

Isithakazelo esinaso ngabanye siyosenza sibe abacabangelayo. Ngokwesibonelo, uma isimo sezulu simphazamisa umuntu okhuluma naye, hambani niye endaweni engconywana, noma uhlele ukuba nibuye niqhube ingxoxo ngesinye isikhathi. Uma ufike ngesikhathi esingesihle, cela ukuphinde ubuye. Uma umakhelwane noma othile othakazelayo egula noma esesibhedlela, bonisa ukumkhathalela ngokuthumela ikhadi noma incwadi emfushane noma ngokumvakashela. Uma kufaneleka, ungase futhi umuphe ukudla noma umenzele isenzo esithile somusa.

Njengoba izifundo zeBhayibheli zithuthuka, zingase zizizwe zinesizungu ngoba zingasachithi isikhathi esiningi nabangane bazo bakuqala. Yiba umngane wazo. Chitha isikhathi ukhuluma nazo ngemva kwesifundo seBhayibheli nangezinye izikhathi. Zikhuthaze ukuba zakhe ubungane obuhle nabanye. (IzAga 13:20) Zisize ukuba ziye emihlanganweni yobuKristu. Hlala nazo kuleyo mihlangano futhi uzisize ngezingane zazo ukuze zizuze kakhulu esimisweni.

Bonisa Isithakazelo Esisuka Enhliziyweni. Ukubonisa abanye isithakazelo akulona ikhono okudingeka ulifundele, kodwa kuyimfanelo yenhliziyo. Izinga lesithakazelo esinaso kwabanye libonakala ngezindlela eziningi. Libonakala endleleni esilalela ngayo nakulokho esikushoyo. Libonakala ngomusa nokucabangela esikubonisa abanye. Ngisho noma sithule futhi singenzi lutho, libonakala ngesimo sethu sengqondo nasebusweni bethu. Uma sibakhathalela ngempela abanye, nakanjani bayokubona lokho.

Isizathu esibaluleke kakhulu sokubonisa isithakazelo esiqotho kwabanye siwukuthi ngokwenza kanjalo, silingisa uthando nomusa kaBaba wethu osezulwini. Lokhu kusisiza ukuba sidonsele izilaleli kuJehova nasesigijimini asinikeze sona ukuba sisisakaze. Ngakho, njengoba uhlanganyela izindaba ezinhle nabanye, lwela ukungakhathaleli ‘nje kuphela izindaba zakho siqu, kodwa futhi nezabanye.’—Fil. 2:4.

INDLELA YOKUBONISA ISITHAKAZELO ESIQOTHO

  • Lalela lapho omunye umuntu ekhuluma. Mbonge ngokuveza imibono nemizwa yakhe. Buza imibuzo ukuze ukuqonde kangcono akucabangayo.

  • Cabanga ngalowo muntu ngemva kokuxoxa naye. Phinde umthinte ngokushesha.

  • Hlanganyela amaqiniso eBhayibheli anelisa izidingo zakhe.

  • Yenza izinto ezizomsiza. Cabangela izidingo zamanje nezesikhathi esizayo.

IZIVIVINYO: (1) Ngaphambi komhlangano webandla, bonisa isithakazelo somuntu siqu kothile okhona. Yenza okungaphezu kokubingelela. Zama ukumazi kangcono lowo muntu. Mbonise ukuthi uyamkhathalela. Kwenze umkhuba lokhu. (2) Enkonzweni yasensimini, mbonise isithakazelo somuntu siqu lowo omtholayo. Yenza okungaphezu kokunikeza ubufakazi. Mazi lowo muntu. Fanelanisa lokho okushoyo nokwenzayo nalokho okufundayo ngaye. Qhubeka ufuna amathuba okwenza lokhu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela