Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bt isahl. 11 kk. 85-92
  • ‘Bagcwala Injabulo Nomoya Ongcwele’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Bagcwala Injabulo Nomoya Ongcwele’
  • ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Bahlukaniselwe . . . Umsebenzi’ (IzEnzo 13:1-12)
  • ‘Izwi Lesikhuthazo’ (IzEnzo 13:13-43)
  • “Siphendukela Ezizweni” (IzEnzo 13:44-52)
  • UBarnaba—“INdodana Yenduduzo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Isibonelo Esiphefumlelwe Somsebenzi WobuKristu Wobuthunywa Bevangeli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Abantu BakaJehova Bayaqiniswa Okholweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • ‘Bakhuluma Ngesibindi Begunyazwe UJehova’
    ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
bt isahl. 11 kk. 85-92

ISAHLUKO 11

‘Bagcwala Injabulo Nomoya Ongcwele’

Isibonelo sikaPawulu lapho ebhekene nabantu abanonya nabangasabeli

Isekelwe encwadini yezEnzo 13:1-52

1, 2. Yini eyingqayizivele ngohambo oluzothathwa uBarnaba noSawulu, futhi umsebenzi wabo uzosiza kanjani ekugcwalisekeni kwezEnzo 1:8?

KUNELIKHULU isasasa ebandleni lase-Antiyokiya. Kubo bonke abaprofethi nabafundisi abalapha, umoya ongcwele uqoke uBarnaba noSawulu ukuba bayise izindaba ezinhle ezindaweni ezikude.a (IzE. 13:1, 2) Yiqiniso, akhona amadoda afanelekayo aye athunywa ngaphambili. Kepha esikhathini esidlule izithunywa zevangeli zaziya ezindaweni ubuKristu obase bukhona kakade kuzo. (IzE. 8:14; 11:22) Manje, uBarnaba noSawulu—kanye noJohane Marku, ozoba isikhonzi—bazothunyelwa lapho iningi labantu lingakaze lizizwe khona izindaba ezinhle.

2 Eminyakeni engaba ngu-14 ngaphambili, uJesu wayethe kubalandeli bakhe: “Nizoba ofakazi bami eJerusalema, kulo lonke elaseJudiya naseSamariya, nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) Ukuqokwa kukaBarnaba noSawulu ukuba bakhonze njengezithunywa zevangeli kuzosiza ekugcwalisekeni kwamazwi kaJesu esiprofetho!b

‘Bahlukaniselwe . . . Umsebenzi’ (IzEnzo 13:1-12)

3. Yini eyayenza kube nzima ukuthatha uhambo olude ngekhulu lokuqala?

3 Namuhla, ngenxa yokusungulwa kwezimoto nezindiza, abantu baya kude ngehora elilodwa noma amabili nje kuphela. Kwakungenjalo ngekhulu lokuqala C.E. Ngaleso sikhathi kwakuhanjwa ikakhulukazi ngezinyawo, ngokuvamile ezindaweni ezimbi. Uhambo losuku, mhlawumbe lwamakhilomitha angu-30, lwalukushiya ukhathele uyingcuba!c Ngakho, nakuba ngokungangabazeki uBarnaba noSawulu base bejahe ukuqala isabelo sabo, ngokuqinisekile baqaphela ukuthi kwakuzodingeka umzamo nokuzidela okukhulu.—Math. 16:24.

ENDLELENI

Endulo, ukuthatha uhambo kwakungasheshi, kwakukhathaza futhi cishe kubiza kunokuhamba ngomkhumbi. Noma kunjalo, indlela yokufinyelela izindawo eziningi kwakuwukuhamba ngezinyawo.

Umuntu wayengahamba amakhilomitha angu-30 ngosuku. Wayechayeka esimweni sezulu esibi—ilanga, imvula, ukushisa, amakhaza—nasengozini yokuphangwa yizigebengu. Umphostoli uPawulu wathi ‘wayesohambweni kaningi, ezingozini emifuleni, ezingozini ezigebengwini.’—2 Kor. 11:26.

Kuyo yonke indawo yoMbuso WaseRoma kwakunemigwaqo eminingi egandayiwe. Emigwaqweni emikhulu, abantu abasendleleni babethola amahhotela aqhelelene ngebanga losuku olulodwa. Phakathi nala mahhotela kwakunezitolo zokuthenga lapho umuntu ayengathola khona izinto eziyisisekelo. Ababhali bangaleso sikhathi bachaza lama hhotela nalezi zitolo zokuthenga njengezazingcolile, ziminyene, zinomswakama futhi zigcwele izimbungulu. Zaziyizindawo ezinedumela elibi, zithandwa ukuvakashelwa abantu ababi emphakathini. Abaphathi bala mahhotela nalezi zitolo babevame ukuphanga izihambi futhi ubufebe babungenye yezinto ezazenziwa kuzo.

Akungabazeki ukuthi amaKristu ayenza konke ukuze azigweme lezi zindawo. Kepha lapho ehamba ezindaweni ayengenazihlobo noma abangane kuzo, cishe akukho okunye ayengakwenza.

4. (a) Yini eyaqondisa ukuqokwa kukaBarnaba noSawulu, futhi amanye amakholwa asabela kanjani? (b) Singabasekela kanjani labo abathola izabelo ezingokwasezulwini?

4 Kungani umoya ongcwele waqondisa ukuthi kube uBarnaba noSawulu ‘abahlukaniselwa . . . umsebenzi’? (IzE. 13:2) IBhayibheli alisho. Siyazi ukuthi umoya ongcwele owaqondisa ukuqokwa kwala madoda. Akukho lutho olubonisa ukuthi abaprofethi nabafundisi e-Antiyokiya baphikisana nalesi sinqumo. Kunalokho, basisekela ngokugcwele. Cabanga nje indlela okumelwe ukuba uBarnaba noSawulu bazizwa ngayo njengoba abafowabo abangokomoya bezila ukudla futhi bethandaza ‘bebabeka izandla bebahambisa.’ (IzE. 13:3) Nathi kufanele sibasekele abantu abathola izabelo ezingokwasezulwini, kuhlanganise namadoda amiswa njengabadala bamabandla. Kunokuba sibafele umona abathola amalungelo anjalo, kufanele ‘sibacabangele kakhulu ngenxa yomsebenzi wabo.’—1 Thes. 5:13.

5. Chaza okwakuhilelekile ekushumayeleni esiqhingini saseKhupro.

5 Ngemva kokuya ngezinyawo eSelukiya, itheku eliseduze kwase-Antiyokiya, uBarnaba noSawulu bahamba ngomkhumbi baya esiqhingini saseKhupro, okuyibanga elingaba amakhilomitha angu-160.d Njengowokuzalwa eKhupro, cishe uBarnaba wayesha amashushu ngokuyisa izindaba ezinhle ensimini yakubo. Lapho efika eSalami, idolobha elisogwini olusempumalanga yesiqhingi, la madoda awachithanga sikhathi. Avele “amemezela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni amaJuda.”e (IzE. 13:5) UBarnaba noSawulu basuka ngapha kweKhupro baya ngale, behamba beshumayela emadolobheni ayinhloko. Kuye ngendlela ezahamba ngayo, kungenzeka ukuthi lezi zithunywa zevangeli zahamba amakhilomitha angu-220!

EMASINAGOGENI AMAJUDA

Ngokwezwi nezwi igama elithi “sinagoge” lisho “ukubuthela ndawonye.” Lalibhekisela emhlanganweni noma ebandleni lamaJuda, futhi lagcina selisho indawo noma isakhiwo okwakubuthanelwa kuso.

Kukholelwa ukuthi amasinagoge asungulwa ngemva nje kokuba amaJuda edingiselwe eBhabhiloni iminyaka engu-70, noma maphakathi naleso sikhathi. Amasinagoge ayeyizindawo zokufundisa, ukukhulekela, ukufunda imiBhalo nokukhuthaza izinto ezingokomoya. Ekhulwini lokuqala C.E, idolobha ngalinye ePalestina lalinelalo isinagoge. Amadolobha amakhulu ayenelingaphezu kwelilodwa futhi ayemaningi eJerusalema.

Nokho, ngemva kokudingiselwa eBhabhiloni, akuwona wonke amaJuda aphindela ePalestina. Amaningi aya kwamanye amazwe ukuze ayoqhuba amabhizinisi. Emuva lé ekhulwini lesihlanu B.C.E., imiphakathi yamaJuda yayisitholakala ezifundeni ezingu-127 zoMbuso WasePheresiya. (Esteri 1:1; 3:8) Ngokuhamba kwesikhathi, imiphakathi yamaJuda yanda kulo lonke elaseMedithera. La maJuda ayesakazekile asungula amasinagoge kuyo yonke indawo ayehlala kuyo.

Emasinagogeni kwakufundwa uMthetho njalo ngeSabatha futhi uchazwe. Lapho kwakufundelwa khona kwakunesiteji sesikhulumi esasizungezwe izihlalo ezinhlangothini ezintathu. Noma yibaphi abesilisa abangamaJuda azinikele babengahlanganyela ekufundeni, ekushumayeleni nasekukhuthazeni.

6, 7. (a) Wayengubani uSergiyu Pawulu, futhi kungani uBarjesu azama ukumvimbela ukuba alalele izindaba ezinhle? (b) USawulu wakunqanda kanjani ukuphikisa kukaBarjesu?

6 IKhupro yekhulu lokuqala yayingene yagamanxa ekukhulekeleni kwamanga. Kwabonakala kakhulu lokhu lapho uBarnaba noSawulu befika ePhafu, ogwini olusenyakatho yesiqhingi. Batholana “nendoda engumJuda egama layo linguBarjesu, eyayingumthakathi nomprofethi wamanga. Yayikanye nomphathi-sifundazwe uSergiyu Pawulu, indoda ekhaliphile.”f Ngekhulu lokuqala, amaRoma amaningi afundile—ngisho ‘nendoda ekhaliphile,’ njengoSergiyu Pawulu—ayevame ukuya kumthakathi noma kobhula ngezinkanyezi beyofuna usizo ekwenzeni izinqumo ezibalulekile. Yize kunjalo, isigijimi soMbuso savusa ilukuluku kuSergiyu Pawulu futhi ‘wayelangazelela ukuzwa izwi likaNkulunkulu.’ Akakuthandanga neze lokhu uBarjesu, owayaziwa nangesiqu esithi Eluma, esisho ukuthi “Umthakathi.”—IzE. 13:6-8.

7 UBarjesu wayengasifuni isigijimi soMbuso. Okuwukuphela kwendlela ayengavikela ngayo isikhundla sakhe esinamandla njengomeluleki kaSergiyu Pawulu kwakuwukuba ‘enze umphathi-sifundazwe afulathele ukholo.’ (IzE. 13:8) Kodwa uSawulu wayengeke amvumele umenzi wemilingo aqede isithakazelo sikaSergiyu Pawulu. Wenzani-ke uSawulu? Ukulandisa kuthi: “USawulu, obizwa nangokuthi uPawulu, egcwala umoya ongcwele, wambukisisa [uBarjesu] wathi: ‘O muntu ogcwele yonke inhlobo yokukhohlisa nayo yonke inhlobo yobugebengu, wena ndodana kaDeveli, wena sitha sakho konke okulungile, kungani uqhubeka usonta izindlela zikaJehova ezilungile? Bheka! Isandla sikaJehova siphezu kwakho, uzoba yimpumputhe, ungakuboni ukukhanya kwelanga isikhathi esithile.’ Ngaso leso sikhathi kwehlela phezu kwakhe inkungu nobumnyama, wahamba efuna umuntu ozomhola ngesandla.”g Waba yini umphumela walesi simangaliso? “Umphathi-sifundazwe ebona lokho okwakwenzekile, waba yikholwa, ngoba wakhexa ngenxa yemfundiso kaJehova.”—IzE. 13:9-12.

Umzalwane uvule iBhayibheli njengoba evikela iqiniso phambi kwejaji enkantolo.

NjengoPawulu, silivikela ngesibindi iqiniso lapho siphikiswa

8. Singasilingisa kanjani isibindi sikaPawulu namuhla?

8 UPawulu akazange esatshiswe uBarjesu. Ngokufanayo, nathi akufanele sesabe lapho abaphikisi bezama ukuqeda ukholo lwabantu ababonisa isithakazelo esigijimini soMbuso. Kuyavunywa, kufanele ‘amazwi ethu ngaso sonke isikhathi abe nomusa, anongwe ngosawoti.’ (Kol. 4:6) Ngesikhathi esifanayo, ngeke sifune ukufaka inhlalakahle engokomoya yomuntu othakazelayo engozini ngoba nje sifuna ukugwema izingxabano. Kungafanele nokuba sesabe ukudalula inkolo yamanga, eqhubeka ‘isonta izindlela zikaJehova’ njengoba kwenza uBarjesu. (IzE. 13:10) NjengoPawulu, kwangathi singalimemezela ngesibindi iqiniso, sifinyelele izinhliziyo zabaqotho. Ngisho noma ukusekela kukaNkulunkulu kungase kungabi sobala njengasendabeni kaPawulu, singaqiniseka ukuthi uJehova uyosebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze adonsele abafanelekayo eqinisweni.—Joh. 6:44.

‘Izwi Lesikhuthazo’ (IzEnzo 13:13-43)

9. UPawulu noBarnaba bababekela kanjani isibonelo labo abaholayo ebandleni namuhla?

9 Ngokusobala, kwenzeka ushintsho lapho la madoda esuka ePhafu eya ePherga, esogwini lwe-Asia Minor, eqhele olwandle ngamakhilomitha angu-250. Encwadini yezEnzo 13:13, leli qembu libizwa ngokuthi “uPawulu nabangane bakhe.” Indlela okubekwe ngayo isikisela ukuthi uPawulu manje uyena owayesehola emisebenzini yaleli qembu. Kodwa akukho okubonisa ukuthi uBarnaba waba nomona ngoPawulu. Kunalokho, la madoda amabili aqhubeka esebenza ndawonye ukuze afeze intando kaNkulunkulu. UPawulu noBarnaba bababekela isibonelo esihle labo abaholayo ebandleni namuhla. Kunokuba ancintisane ngokuthola udumo, amaKristu akhumbula amazwi kaJesu: “Nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye.” Wanezela: “Noma ubani oziphakamisayo uyothotshiswa, nanoma ubani ozithobayo uyophakanyiswa.”—Math. 23:8, 12.

10. Chaza indlela esuka ePherga iya e-Antiyokiya yasePhisidiya.

10 Lapho befika ePherga, uJohane Marku wamonyuka kuPawulu noBarnaba waphindela eJerusalema. Asichaziwe isizathu sokuhamba kwakhe isigubhukane. UPawulu noBarnaba baqhubeka nohambo, besuka ePherga baya e-Antiyokiya yasePhisidiya, idolobha elalisesifundazweni saseGalathiya. Lwalungelula lolu hambo ngoba i-Antiyokiya yasePhisidiya iphakeme ngamamitha angu-1 100 ngaphezu kolwandle. Kwakubhoke nezinswelaboya ezindleleni eziyingozi ezisezintabeni. Ngaphezu kwalokho, cishe ngalesi sikhathi uPawulu wayesenezinkinga zempilo.h

11, 12. Lapho uPawulu ekhuluma esinagogeni lase-Antiyokiya yasePhisidiya, wazidonsa kanjani izilaleli?

11 E-Antiyokiya yasePhisidiya, uPawulu noBarnaba bangena esinagogeni ngeSabatha. Ukulandisa kuthi: “Ngemva kokufundwa koMthetho nezincwadi zabaProfethi eningini, izikhulu ezengamele zesinagoge zathumela umyalezo kubo, zathi: ‘Madoda, bafowethu, uma ekhona amazwi akhuthazayo enifuna ukuwasho kubantu, wakhulumeni.’” (IzE. 13:15) UPawulu wasukuma wakhuluma.

12 UPawulu waqala ngokubingelela izilaleli zakhe: “Madoda, ma-Israyeli nani nina abanye enesaba uNkulunkulu.” (IzE. 13:16) Izilaleli zikaPawulu zazingamaJuda namaproselithe. UPawulu wasivusa kanjani isithakazelo salezi zilaleli ezazingayiqapheli indima kaJesu enjongweni kaNkulunkulu? Okokuqala, uPawulu wafingqa umlando wesizwe samaJuda. Wachaza indlela uJehova ‘aphakamisa ngayo lesi sizwe ngesikhathi siphila njengezifiki ezweni laseGibhithe’ nendlela ‘abekezelela ngayo izenzo zaso ehlane’ iminyaka engu-40 ngemva kokukhululwa kwaso. UPawulu walandisa nangendlela ama-Israyeli akwazi ngayo ukudla iZwe Lesithembiso nendlela uJehova ‘alaba ngayo izwe njengefa.’ (IzE. 13:17-19) Kuye kwasikiselwa ukuthi kungenzeka uPawulu wayebhekisela emavesini athile ayesanda kufundwa njengengxenye yokugcina iSabatha. Uma kunjalo, lokhu kungesinye futhi isibonelo esibonisa ukuthi uPawulu wayekwazi ukuba “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo.”—1 Kor. 9:22.

13. Singazishukumisa kanjani izinhliziyo zabasilalele?

13 Nathi kufanele senze abantu bafise ukuzwa izindaba ezinhle esizishumayelayo. Ngokwesibonelo, ukwazi isizinda esingokwenkolo somuntu kungasisiza sikhethe izihloko azozijabulela. Singacaphuna namavesi eBhayibheli okungenzeka lowo muntu uwajwayele. Kungase kube usizo ukuba azifundele kwelakhe iBhayibheli. Funa izindlela zokushukumisa izinhliziyo zabakulalele.

14. (a) UPawulu wazethula kanjani izindaba ezinhle ngoJesu, futhi wakhipha siphi isixwayiso? (b) Isixuku sasabela kanjani enkulumweni kaPawulu?

14 UPawulu wabe esexoxa ngendlela uhlu lwamakhosi akwa-Israyeli olwaholela ngayo ‘kumsindisi, uJesu,’ omanduleli wakhe kwakunguJohane uMbhapathizi. Ngemva kwalokho uPawulu wachaza ukuthi uJesu wabulawa futhi wavuswa kanjani kwabafile. (IzE. 13:20-37) UPawulu wathi: “Ngakho makwazeke kini . . . ukuthi ukuthethelelwa kwezono kumenyezelwa kini ngaye lo . . . Wonke umuntu okholwayo kuthiwa akanacala kukho ngaye lo.” Lo mphostoli wabe esexwayisa izilaleli zakhe: “Qaphelani ukuba lokho okushiwo kubaProfethi kunganehleli: ‘Kubhekeni nina baklolodi, nimangale, nishabalale, ngoba ngenza umsebenzi ezinsukwini zenu, umsebenzi eningasoze nawukholwa ngisho noma umuntu enilandisa wona ngokuningiliziwe.’” Ukusabela kwabantu enkulumweni kaPawulu kwamangaza. “Abantu babancenga ukuba bakhulume ngalezi zindaba ngeSabatha elilandelayo,” kusho iBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, ngemva kokuba umkhandlu wesinagoge uhlakazekile, “abaningi kumaJuda nakumaproselithe ayekhonza uNkulunkulu balandela uPawulu noBarnaba.”—IzE. 13:38-43.

“Siphendukela Ezizweni” (IzEnzo 13:44-52)

15. Kwenzekani ngeSabatha elalandela inkulumo kaPawulu?

15 NgeSabatha elilandelayo, “cishe lonke idolobha” labuthana ndawonye lizolalela uPawulu. AmaJuda athile awakuthandanga lokhu, “aziphikisa ngokuhlambalaza izinto ezazishiwo uPawulu.” Yena noBarnaba bawatshela emakhaleni: “Kwakudingekile ukuba izwi likaNkulunkulu likhulunywe kini kuqala. Njengoba nilenqaba futhi ningazahluleli njengabafanelwe ukuphila okuphakade, bhekani! siphendukela ezizweni. Ngoba uJehova usiyale ngala mazwi: ‘Ngikumise ukuba ube ukukhanya kwezizwe, ukuba ube yinsindiso kuze kube semaphathelweni omhlaba.’”—IzE. 13:44-47; Isaya 49:6.

UPawulu noBarnaba baxoshwa abaphikisi abanonya e-Antiyokiya yasePhisidiya.

“Babangela ukuba uPawulu noBarnaba bashushiswe . . . Abafundi baqhubeka begcwala injabulo nomoya ongcwele.”​—IzEnzo 13:50-52

16. AmaJuda asabela kanjani emazwini ashubile ezithunywa zevangeli, futhi uPawulu noBarnaba basabela kanjani ekuphikisweni?

16 Izilaleli ezingabeZizwe zajabula futhi “bonke labo ababenesimo esihle sengqondo esasiyobenza bathole ukuphila okuphakade baba amakholwa.” (IzE. 13:48) Izwi likaJehova lasakazeka ezweni lonke ngokushesha. Ukusabela kwamaJuda kwakuhluke ngokuphawulekayo. Eqinisweni, lezi zithunywa zevangeli zawatshela ukuthi nakuba izwi likaNkulunkulu lalikhulunywe kuwo kuqala, ayekhethe ukulahla uMesiya futhi ngenxa yalokho ayelindelwe isahlulelo esibi sikaNkulunkulu. AmaJuda agqugquzela abesifazane namadoda avelele edolobha, “babangela ukuba uPawulu noBarnaba bashushiswe, babaxoshela ngaphandle kwemingcele yabo.” Basabela kanjani oPawulu noBarnaba? “Babathintithela uthuli lwezinyawo zabo baya e-Ikoniyu.” Ingabe baphelela lapho ubuKristu e-Antiyokiya yasePhisidiya? Lutho neze! Abafundi abasala “baqhubeka begcwala injabulo nomoya ongcwele.”—IzE. 13:50-52.

17-19. Singasilingisa ngaziphi izindlela isibonelo esihle esabekwa uPawulu noBarnaba, futhi lokho kunganikela kanjani enjabulweni yethu?

17 Indlela laba bantu abathembekile abasabela ngayo lapho bephikiswa isifundisa isifundo esibalulekile. Asiyeki ukushumayela ngisho nalapho abantu abaqavile ezweni bezama ukusiyekisa ukumemezela isigijimi sethu. Phawula nokuthi lapho abantu base-Antiyokiya besenqaba isigijimi sabo, uPawulu noBarnaba ‘bathintitha uthuli lwezinyawo zabo’—isenzo esingabonisi ukuthukuthela kodwa esibonisa ukuthi abanacala ngokuyokwehlela abantu. Lezi zithunywa zevangeli zaqaphela ukuthi zazingeke zikwazi ukulawula indlela abantu abasabela ngayo. Into ezazingayilawula ukuthi zizoqhubeka yini zishumayela noma cha. Futhi yilokho kanye ezakwenza lapho ziya e-Ikoniyu!

18 Kuthiwani ngabafundi abasala e-Antiyokiya? Yiqiniso, babesensimini enzima. Kodwa intokozo yabo yayingaxhomekile ekwamukelweni kwezindaba ezinhle. UJesu wathi: “Abajabulayo yilabo abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!” (Luka 11:28) Futhi abafundi base-Antiyokiya yasePhisidiya banquma ukwenza lokho kanye.

19 NjengoPawulu noBarnaba, kwangathi singahlale sikhumbula ukuthi ukushumayela izindaba ezinhle kuyinto ebaluleke kakhulu. Isinqumo sokwamukela noma ukwenqaba isigijimi sethu siyokwenziwa izilaleli zethu. Uma kungathi diki kubantu esibashumayezayo, singafunda isifundo kubafundi bekhulu lokuqala. Uma silazisa iqiniso futhi sivuma ukuholwa umoya ongcwele, nathi singajabula ngisho siphikiswa.—Gal. 5:18, 22.

UBARNABA—“INDODANA YENDUDUZO”

UJosefa wayeyilungu elivelele lebandla lokuqala eJerusalema, engumLevi, engowokuzalwa eKhupro. Abaphostoli bamnika elinye igama elichaza kahle ubuntu bakhe—elithi Barnaba, okusho ukuthi “iNdodana Yenduduzo.” (IzE. 4:36) Lapho uBarnaba ebona isidingo esithile kubantu ayekholwa nabo, wayeshesha ukusiza.

UBarnaba unikela ngezikhwama ezimbili zemali.

NgePhentekoste lika-33 C.E. kwabhapathizwa abafundi abasha abangu-3 000. Cishe iningi labo lalikade lize eJerusalema ngomkhosi futhi lingahlelanga ukuthi lizohlala kuleli dolobha isikhathi eside. Ibandla lalidinga imali ukuze linakekele lesi sixuku. Ngakho uBarnaba wathengisa isiqephu sendawo futhi ngomusa waletha leyo mali kubaphostoli njengomnikelo.—IzE. 4:32-37.

NjengomKristu ovuthiwe ongumbonisi, uBarnaba wayezimisele ukusiza abanye. Nguye owasiza uSawulu waseTarsu owayesanda kuguquka ngoba bonke abafundi babemesaba ngenxa yedumela lakhe njengomshushisi. (IzE. 9:26, 27) UBarnaba wazithoba lapho uPawulu enika yena noPetru iseluleko esinzima ngokuphathana kwamaJuda namaKristu abeZizwe. (Gal. 2:9, 11-14) Lezi zibonelo ezimbalwa zibonisa ukuthi ngempela uBarnaba wayelilandela igama lakhe—“INdodana Yenduduzo.”

a Bheka ibhokisi elithi “UBarnaba—‘Indodana Yenduduzo,’” ekhasini 86.

b Ngalesi sikhathi amabandla ayesekhona kuze kuyofika e-Antiyokiya yaseSiriya—engamakhilomitha angu-550 enyakatho yeJerusalema.

c Bheka ibhokisi elithi “Endleleni,” ekhasini 87.

d Ngekhulu lokuqala, umkhumbi wawungahamba amakhilomitha angu-160 uma umoya ungahluphi. Uma umoya ubhokile, wawungathatha isikhathi eside kakhulu.

e Bheka ibhokisi elithi “Emasinagogeni AmaJuda,” ekhasini 89.

f IKhupro yayibuswa iSigele SaseRoma. Umphathi omkhulu walesi siqhingi kwakungumbusi wesifundazwe olingana nomphathi-sifundazwe.

g Kusukela manje kuqhubeke, uSawulu ubizwa ngokuthi uPawulu. Abanye baye basikisela ukuthi wathatha leli gama lesiRoma ngoba ehlonipha uSergiyu Pawulu. Nokho, iqiniso lokuthi waligcina igama elithi Pawulu ngisho engasekho eKhupro lisikisela incazelo ehlukile—ukuthi uPawulu, ‘umphostoli ezizweni,’ wanquma ukuthi kusukela ngaleso sikhathi uzosebenzisa igama lakhe lesiRoma. Kungenzeka nokuthi wasebenzisa igama elithi Pawulu ngoba indlela yamaGreki yokubiza igama lakhe lesiHebheru elithi Sawulu ifana nse neyokubiza igama elithile lesiGreki elinencazelo embi.—Roma 11:13.

h Incwadi kaPawulu eya kwabaseGalathiya yalotshwa ngemva kweminyaka eminingana. Kuleyo ncwadi, uPawulu waloba: “Ngathola ithuba lokuqala lokumemezela izindaba ezinhle kini ngenxa yokugula kwami.”—Gal. 4:13.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela