Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • rs k. 390-k. 393
  • Umthandazo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umthandazo
  • Ukubonisana NgemiBhalo
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uma Umuntu Ethi—
  • Ngemithandazo Ezwiwa NguNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indlela Yokuthola Usizo Ngomthandazo
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Umthandazo Uyilungelo Elikhethekile
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Ukusondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
Bheka Okunye
Ukubonisana NgemiBhalo
rs k. 390-k. 393

Umthandazo

Incazelo: Ukukhuluma noNkulunkulu weqiniso noma nonkulunkulu bamanga ngendlela yokukhulekela, kungaba ngokuzwakalayo noma buthule emicabangweni yakho.

Ingabe unomuzwa onjengowabaningi, wokuthi imithandazo yakho ayiphendulwa?

Imithandazo yobani uNkulunkulu azimisele ukuyizwa?

IHu. 65:2; IzE. 10:34, 35: “Wena ozwayo imikhuleko, beza kuwe bonke abantu.” “UNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.” (Ubuzwe bomuntu, ibala lesikhumba somuntu, noma izimo zomuntu ngokomnotho azithintani nalendaba. Kodwa okuhilelekile isisusa senhliziyo yomuntu nendlela yomuntu yokuphila.)

Luka 11:2: “Nxa nikhuleka, anothi: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho.” (Ingabe imithandazo yakho iqondiswa kuBaba, lowo iBhayibheli elithi igama lakhe nguJehova? Noma, kunalokho, uqondisa imithandazo yakho ‘kosanta’?)

Joh. 14:6, 14, Esd: “UJesu wa ti kuye, Mina ngi indhlela, neqiniso, nokupila, akuko umuntu o za kuBaba, uma e ngezi ngami. Uma ni cela uto ngegama lami, ngo lwenza.” (Ingabe uthandaza ngegama likaJesu Kristu, uqaphela ukuthi njengomuntu oyisoni udinga ukumelelwa nguye?)

1 Joh. 5:14: “Yilesisibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.” (Nokho, ukuze ube nesibindi esinjalo, okokuqala kumelwe wazi intando kaNkulunkulu. Khona-ke qiniseka ukuthi izicelo zakho ziyavumelana nayo.)

1 Pet. 3:12: “Amehlo eNkosi [uJehova] aphezu kwabalungileyo, izindlela zayo zisekunxuseni kwabo, kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.” (Ingabe uye wasebenzisa isikhathi ufunda lokho uJehova akushoyo ngeZwi lakhe ngokuqondene nokulungileyo nokubi?)

1 Joh. 3:22: “Nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.” (Ingabe ngempela isifiso sakho ukuthokozisa uNkulunkulu, futhi ingabe uzama ngobuqotho ukulalela leyomiyalo osuyazi kakade?)

Isaya 55:6, 7: “Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze. Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba-nomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube-kukhulu.” (Ngomusa, uJehova umema ngisho nabantu abaye benza izinto ezimbi ukuba beze kuye ngomthandazo. Kodwa, ukuze bavunyelwe uNkulunkulu, kumelwe baphenduke ngobuqotho ezindleleni zabo ezimbi nemicabango bashintshe inkambo yabo.)

Yini engenza imithandazo yomuntu ingamukeleki kuNkulunkulu?

Math. 6:5: “Nalapho nikhuleka, ningabi-njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.” (NoLuka 18:9-14)

Math. 6:7: “Nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.”

IzAga 28:9: “Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho [kaNkulunkulu], nomkhuleko wakhe uyisinengiso.”

Mika 3:4: “Khona bayakukhala kuJehova, kepha akayikubaphendula; uyakusitheza ubuso bakhe kubo ngalesosikhathi ngenxa yokwenza kwabo izenzo zabo zibe-zimbi.”

Jak. 4:3: “Niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu.”

Isaya 42:8; Math. 4:10: “NginguJehova [“Yahweh,” JB]; yilo igama lami; angiyikunika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.” “Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho [“kuJehova uNkulunkulu wakho,” NW], umkhonze yena yedwa.” (NeHubo 115:4-8, noma 113:4-8, Dy) (Umthandazo uwuhlobo lokukhulekela. Uma uthandaza phambi kwezinto ezibaziweyo, noma izithombe, ingabe lokho kuyomthokozisa uNkulunkulu?)

Isaya 8:19: “Lapho bethi kini: Funani kwabanamadlozi nakubathakathi ababetha imilozi, banyenyeze—pho, abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na?”

Jak. 1:6, 7: “Makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya. Ngakho makangasho lowomuntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi [“uJehova,” NW].”

Iziphi izinto ezifanelekile zokuthandazelwa?

Math. 6:9-13: “Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: [1] Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; [2] mawufike umbuso wakho; [3] mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; [4] usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; [5] usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; [6] ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.” (Phawula ukuthi igama likaNkulunkulu nenjongo kumelwe kuze kuqala.)

IHu. 25:4, 5: “Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho. Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami.”

Luka 11:13: “Uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.”

1 Thes. 5:17, 18: “Khulekani ningaphezi; kukho konke bongani.”

Math. 14:19, 20: “[UJesu] wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku. Badla bonke, basutha.”

Jak. 5:16: “Nikhulekelane.”

Math. 26:41: “Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.”

Fil. 4:6: “Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.”

Uma Umuntu Ethi—

‘Masithandaze kuqala, bese wethula isigijimi sakho’

Ungase uphendule: ‘Ngiyajabula ukwazi ukuthi ungumuntu okwazisayo ukubaluleka komthandazo. OFakazi BakaJehova nabo bathandaza njalo. Kodwa kunokuthile uJesu akusho ngokuqondene nokuthi sithandaza nini nokuthi kanjani okungase kube kusha kuwe. Bewazi ukuthi watshela abafundi bakhe ukuba bangathandazi eningini benombono wokuba abanye babone ukuthi bangabantu abazinikele, abathandazayo? . . . (Math. 6:5)’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Phawula ukuthi waqhubeka wathi ukukhathalela kwethu okuyinhloko kumelwe kube yini nokuthi yini okumelwe siyibeke kuqala emithandazweni yethu. Yilokho engizele ukuzoxoxa nawe ngakho. (Math. 6:9, 10)’

Noma ungase uthi: ‘Ngiyazi ukuthi abameleli bamanye amaqembu enkolo bayakwenza lokho. Kodwa oFakazi BakaJehova abakwenzi, ngoba uJesu wayala abafundi bakhe ukuba benze umsebenzi wabo wokushumayela ngenye indlela. Esikhundleni sokuthi, “Ekungeneni kwenu endlini, nithandaze kuqala,” phawula ukuthi wathini, njengoba kutholakala lapha kuMathewu 10:12, 13. . . . Futhi bheka lapha evesini 7 ukuthi babezokhuluma ngani. . . . LowoMbuso ungabasiza kanjani abantu abanjengawe nami? (IsAm. 21:4)’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela