Sebenzisa Incwajana Ethi “ISethulo SeZwi LikaNkulunkulu”—Ukuze Uqale Ingxoxo
1. Iyiphi incwajana entsha esiyitholile esizoyisebenzisa enkonzweni?
1 Emhlanganweni wesifunda othi “Qhubekani Nifuna Kuqala UMbuso KaNkulunkulu!” kwakhululwa incwajana ethi ISethulo SeZwi LikaNkulunkulu. Singayisebenzisa kanjani le ncwajana entsha lapho silungiselela izintshumayelo esizozisebenzisa enkonzweni? Njengoba inezihloko ezihlukahlukene ezinemiBhalo, ngendlela okwenziwe ngayo encwadini ethi Ukubonisana, le ncwajana ingaba usizo kakhulu ekuqaleni izingxoxo.
2. Singayisebenzisa kanjani incwajana ethi “ISethulo SeZwi LikaNkulunkulu” enkonzweni?
2 Ungase usebenzise umbuzo 8 bese uthi: “Sihambele kafushane omakhelwane kule ndawo ngoba abantu abaningi bazibuza ukuthi, ‘Ingabe NguNkulunkulu Obangela Ukuhlupheka Kwabantu?’ [Kwezinye izindawo, kuphumelela kakhudlwana ukubonisa umninikhaya umbuzo.] Wena ubona kanjani? [Lindela impendulo.] IBhayibheli linikeza impendulo egculisayo yalo mbuzo.” Funda ngokuqondile eBhayibhelini ivesi elilodwa noma ngaphezulu kulawo acashuniwe futhi nixoxe ngawo. Uma umninikhaya enesithakazelo, ungambonisa uhlu lwemibuzo engu-20 esesethulweni bese umcela ukuba akhethe owodwa enizoxoxa ngawo ekuhambeleni okulandelayo. Noma ungamnika enye yezincwadi zethu esizisebenzisela ukuqhuba izifundo zeBhayibheli enokwaziswa okwengeziwe ngendaba enisanda kuxoxa ngayo.
3. Singayisebenzisa kanjani incwajana ethi “ISethulo SeZwi LikaNkulunkulu” ukuze siqale izingxoxo emasimini anabantu abasenkolweni engeyona eyobuKristu?
3 Imibuzo 4 no- 13 kuya ku-17 ingaba usizo ngokukhethekile lapho kushunyayelwa emasimini anabantu abasenkolweni engeyona eyobuKristu. Ngokwesibonelo, ungase usebenzise ukwaziswa okusembuzweni 17 bese uthi: “Siyizisebenzi zomphakathi ezihambela kafushane imindeni. Uyavuma yini ukuthi imindeni ibhekana nezinselele eziningi namuhla? [Lindela impendulo.] Imibhangqwana eminingi iye yathola la mazwi ahlakaniphile ewusizo: ‘Umfazi kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.’ [Akudingeki usho ukuthi lokhu kutholakala kweyabase-Efesu 5:33. Uma uxoxa nowesifazane, ungase ucaphune amazwi akweyabase-Efesu 5:28.] Ucabanga ukuthi ukusebenzisa leso seluleko kungaba usizo emshadweni?”
4. Ungayiphetha kanjani ingxoxo nomuntu osenkolweni engeyona eyobuKristu?
4 Ekuphetheni, yenza amalungiselelo okuqhubeka nengxoxo ngesikhathi esizayo. Mhlawumbe ungahlela ukuba nixoxe ngomunye wemiBhalo osembuzweni owusebenzisile. Ngesikhathi esifanele, tshela umninikhaya ukuthi konke ebenilokhu nixoxa ngakho kusekelwe eBhayibhelini. Kuye ngokuthi benilokhu nixoxa ngani nangokuthi ulibheka kanjani iBhayibheli, mnike incwadi ocabanga ukuthi izomkhanga.—Bheka isenezelo esikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-December 2013.