Ubani Obaluleke Kakhulu Ekuphileni Kwakho?
“Wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”—IHU. 83:18.
1, 2. Ngokuphathelene nensindiso yethu, kungani kunganele ukwazi nje igama likaJehova?
MHLAWUMBE waqala ukubona igama likaJehova lapho uliboniswa othile kumaHubo 83:18. Kungenzeka ukuthi wamangala lapho ufunda lawo mazwi athi: “Ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” Akungabazeki ukuthi kusukela ngaleso sikhathi uye wawusebenzisa lo mBhalo ekusizeni abanye bazi uNkulunkulu wethu onothando, uJehova.—Roma 10:12, 13.
2 Nakuba kubalulekile ukuba abantu balazi igama likaJehova, lolo lwazi lulodwa alwanele. Phawula indlela umhubi aqokomisa ngayo elinye futhi iqiniso elibalulekile ekusindisweni kwethu lapho ethi: “Wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” Yebo, uJehova unguMuntu obaluleke kakhulu endaweni yonke. NjengoMdali wazo zonke izinto, unelungelo lokulindela ukuba zonke izidalwa zakhe zimthobele ngokuphelele. (IsAm. 4:11) Kungesizathu esihle-ke kudingeka sizibuze, ‘Ubani obaluleke kakhulu ekuphileni kwami?’ Kubalulekile ukuba siyihlaziyisise impendulo yethu kulowo mbuzo!
Impikiswano Eyaphakanyiswa Ensimini Yase-Edene
3, 4. USathane wakwazi kanjani ukukhohlisa u-Eva, futhi kwaba namuphi umphumela?
3 Ukubaluleka kwalo mbuzo kungabonakala ngokucacile ezenzakalweni ezenzeka emuva le ensimini yase-Edene. Lapho, ingelosi eyisihlubuki kamuva eyaziwa ngokuthi uSathane uDeveli yayenga khona owesifazane wokuqala, u-Eva, ukuba abeke izifiso zakhe kuqala kunomyalo kaJehova wokungadli izithelo zomuthi othile. (Gen. 2:17; 2 Kor. 11:3) Wawela kulokhu kuyenga kanjalo ebonisa ukuthi wayengabuhloniphi ubukhosi bukaJehova. U-Eva akazange aqaphele uJehova njengoMuntu obaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe. Kodwa uSathane wakwazi kanjani ukukhohlisa u-Eva?
4 USathane wasebenzisa amacebo amaningana acashile lapho ekhuluma no-Eva. (Funda uGenesise 3:1-5.) Okokuqala, akazange asebenzise igama likaJehova. Wamane nje wakhuluma ‘ngoNkulunkulu.’ Ngokuphambene, umlobi wencwadi kaGenesise wasebenzisa igama likaJehova evesini lokuqala laleso sahluko. Okwesibili, esikhundleni sokukhuluma ‘ngomyalo’ kaNkulunkulu, uSathane wamane wabuza ngalokho uNkulunkulu ‘akushilo.’ (Gen. 2:16) Ngale ndlela yobuqili, kungenzeka uSathane wayezama ukunciphisa ukubaluleka kwalowo myalo. Okwesithathu, nakuba ayekhuluma no-Eva kuphela, wasebenzisa isabizwana esisebuningini esithi “nina.” Ngokwenzenjalo, kungenzeka wayezama ukuvusa umuzwa wokuqhosha kuye, ezama ukumenza azizwe ebalulekile—njengokungathi wayengumkhulumeli wakhe nomyeni wakhe. Waba yini umphumela? Kubonakala sengathi u-Eva wagabadela wakhulumela bona bobabili nomyeni wakhe ngokuthi enyokeni: “Singazidla izithelo zemithi yensimu.”
5. (a) USathane wenza ukuba u-Eva agxile kuphi? (b) U-Eva wabonisani ngokudla isithelo esenqatshelwe?
5 USathane wabuye wahlanekezela amaqiniso. Wasikisela ukuthi uNkulunkulu wayengabonisi ubulungisa ngokufuna ukuba u-Adamu no-Eva ‘bangadli kuyo yonke imithi yensimu.’ Ngokulandelayo, wenza u-Eva ukuba acabange ngaye ngokwakhe nangokuthi angakuthuthukisa kanjani ukuphila kwakhe abe “njengoNkulunkulu.” Ekugcineni, wamenza ukuba agxile emthini nasezithelweni zawo kunokuba agxile ebuhlotsheni bakhe naLowo owayemnikeze konke ayenakho. (Funda uGenesise 3:6.) Ngokudabukisayo, ngokudla isithelo salowo muthi, u-Eva wabonisa ukuthi uJehova wayengeyena uMuntu obaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe.
Impikiswano Eyaphakanyiswa Osukwini LukaJobe
6. USathane wawubekela kanjani inselele umlando kaJobe wobuqotho, futhi iliphi ithuba uJobe abe eselinikwa?
6 Emakhulwini eminyaka kamuva, indoda ethembekile uJobe yathola ithuba lokubonisa ukuthi ubani owayebaluleke kakhulu kuyo. Lapho uJehova ekhuluma noSathane ngomlando kaJobe wobuqotho, uSathane waphendula: “Ingabe uJobe umesabé ngeze yini uNkulunkulu?” (Funda uJobe 1:7-10.) USathane akazange aphike ukuthi uJobe wayemlalela uNkulunkulu. Kunalokho, wangabaza izisusa zakhe. Ngobuqili, wamangalela uJobe wathi wayengakhonzi uJehova ngoba emthanda, kodwa ngenxa yezisusa zobugovu. UJobe kuphela owayengabonisa ukuthi lokho kumangalelwa kwakuyiqiniso yini noma cha, futhi wanikwa ithuba lokwenzenjalo.
7, 8. Yibuphi ubunzima uJobe okwadingeka abhekane nabo, futhi wabonisani ngokukhuthazela kwakhe ngokwethembeka?
7 UJehova wavumela uSathane ukuba alethele uJobe uchungechunge lwezinhlekelele ezeza zilandelana. (Jobe 1:12-19) Wasabela kanjani uJobe lapho izinto zimjikela ngaleyo ndlela? Sitshelwa ukuthi “akazange one noma amsole uNkulunkulu.” (Jobe 1:22) Noma kunjalo uSathane akazange adele. Wabuye wakhononda: “Isikhumba ngesikhumba, futhi umuntu uyokhipha konke anakho ngenxa yomphefumulo wakhe.”a (Jobe 2:4) USathane wathi uma uJobe ayengazwiswa ubuhlungu yena uqobo, wayeyobonisa ukuthi uJehova wayengeyena uMuntu obaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe.
8 UJobe wethusa ngenxa yesifo esenyanyekayo esasisesikhunjeni sakhe, wabuye wacindezelwa nawumkakhe ukuba athuke uNkulunkulu afe. Kamuva, abaduduzi bamanga abathathu bammangalela ngokuthi wayeziphathe kabi. (Jobe 2:11-13; 8:2-6; 22:2, 3) Noma kunjalo, kukho konke lokho kuhlupheka, uJobe wenqaba ukulahla ubuqotho bakhe. (Funda uJobe 2:9, 10.) Wabonisa ngokukhuthazela kwakhe ngokwethembeka ukuthi uJehova wayenguMuntu obaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe. UJobe wabuye wabonisa ukuthi kungenzeka ngomuntu ongaphelele ukuba aphendule ukumangalela kukaDeveli kwamanga, nakuba kungaba ngendlela elinganiselwe.—Qhathanisa nezAga 27:11.
Impendulo KaJesu Ephelele
9. (a) USathane wazama kanjani ukulinga uJesu ngesifiso sobugovu? (b) UJesu wasabela kanjani kuleso silingo?
9 Ngemva nje kokubhapathizwa kukaJesu, uSathane wazama ukumyenga ukuba aphishekele izifiso zobugovu kunokuba aqhubeke ebheka uJehova njengoMuntu obaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe. UDeveli walinga uJesu ngezilingo ezintathu. Okokuqala, wazama ukusebenzisa isifiso senyama, wamlinga wathi makaphendule amatshe abe izinkwa. (Math. 4:2, 3) UJesu wayesanda kuzila ukudla izinsuku ezingu-40 futhi eselambe kakhulu. Ngakho, uDeveli wamkhuthaza ukuba asebenzise kabi amandla akhe okwenza izimangaliso ukuze anelise iphango lakhe. Wasabela kanjani uJesu? Ngokungafani no-Eva, uJesu wagxila eZwini likaJehova futhi wasenqaba masinyane leso silingo.—Funda uMathewu 4:4.
10. Kungani uSathane aphonsela uJesu inselele yokuba aziwise esuka embhoshongweni wethempeli?
10 USathane wabuye wazama nokulingela uJesu ukuba enze isenzo sobugovu. Wamphonsela inselele wathi makaziphonse phansi esuka embhoshongweni wethempeli. (Math. 4:5, 6) Yini uSathane ayenethemba lokuyifeza? USathane wathi uma uJesu ayengezukulimala lapho eziphonsa, kwakuyobonisa ukuthi ‘wayeyindodana kaNkulunkulu.’ Kusobala ukuthi uDeveli wayefuna ukuba uJesu akhathazeke ngokweqile ngedumela lakhe, kuze kube seqophelweni lokufuna ukubukisa. USathane wayazi ukuthi umuntu angase amukele inselele eyingozi ngenxa yokuqhosha nesifiso sokungafuni ukulahlekelwa isithunzi sakhe phambi kwabanye. USathane wasebenzisa kabi umBhalo, kodwa uJesu wabonisa ukuthi wayeliqonda ngokuphelele iZwi likaJehova. (Funda uMathewu 4:7.) Ngokwenqaba leyo nselele, uJesu waphinde wabonisa nokuthi uJehova wayenguMuntu obaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe.
11. Kungani uJesu enqaba lapho uDeveli ethembisa ukumnika yonke imibuso yezwe?
11 Emzamweni wakhe wokugcina, uSathane wathembisa ukunika uJesu yonke imibuso yezwe. (Math. 4:8, 9) UJesu wayenqaba ngokushesha. Waqaphela ukuthi ukuyamukela kwakuyosho ukuthi wenqaba ubukhosi bukaJehova—lona kanye ilungelo likaNkulunkulu lokuba oPhezukonke. (Funda uMathewu 4:10.) Kuzo zombili lezi zikhathi, uJesu waphendula uSathane ngokucaphuna imiBhalo eyayinegama likaJehova.
12. Isiphi isinqumo esinzima uJesu abhekana naso ngasekupheleni kwenkambo yakhe yasemhlabeni, futhi yini esiyifundayo endleleni asabela ngayo kuleso sinqumo?
12 Njengoba uJesu ayesondela ekupheleni kwenkambo yakhe yasemhlabeni, wabhekana nesinqumo esinzima kakhulu. Phakathi nayo yonke inkonzo yakhe, wayeshilo ukuthi wayezimisele ukunikela ngokuphila kwakhe njengomhlatshelo. (Math. 20:17-19, 28; Luka 12:50; Joh. 16:28) Nokho, uJesu waqaphela nokuthi wayeyomangalelwa ngamanga, isimiso somthetho samaJuda simlahle ngecala futhi abulawe njengomhlambalazi. Le ndlela ayezofa ngayo yamkhathaza ngokujulile. Wathandaza: “Baba, uma kungenzeka, le ndebe mayidlule kimi.” Kodwa wanezela: “Nokho, kungabi njengoba kuthanda mina, kodwa kube njengoba kuthanda wena.” (Math. 26:39) Yebo, ukwethembeka kukaJesu kuze kube sekufeni kwabonisa ngaphandle kokungabaza ukuthi ubani owayebaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe!
Indlela Thina Esinikeza Ngayo Impendulo
13. Iziphi izifundo esizifundile kuze kube manje esibonelweni sika-Eva, sikaJobe nesikaJesu Kristu?
13 Yini esiyifundile kuze kube manje? Indaba ka-Eva isifundisa ukuthi labo abavumela izifiso zobugovu zibanqobe noma imizwa yokuzibona bebalulekile babonisa ukuthi uJehova akayena uMuntu obalulekile ekuphileni kwabo. Ngokuhlukile kubo, inkambo kaJobe yobuqotho isifundisa ukuthi ngisho nabantu abangaphelele bangabonisa ukuthi babeka uJehova kuqala ngokukhuthazelela ubunzima ngokwethembeka—ngisho nalapho bengayiqondi ngokugcwele imbangela yalezo zinhlupheko. (Jak. 5:11) Ekugcineni, isibonelo sikaJesu sisifundisa ukuba sizimisele ukuthelwa ngehlazo futhi singabheki idumela lethu njengelibaluleke kakhulu. (Heb. 12:2) Kodwa singazisebenzisa kanjani lezi zifundo?
14, 15. Indlela uJesu asabela ngayo lapho elingwa ihluke kanjani kweka-Eva, futhi singamlingisa kanjani uJesu? (Phawula ngesithombe esisekhasini 18.)
14 Ungalokothi uvumele izilingo zikwenze ukhohlwe uJehova. U-Eva wavuma ukuba athikamezeke anake isilingo esasiphambi kwakhe. Wabona isithelo ‘sikufanelekele ukudliwa futhi singokuthile okulangazelelekayo emehlweni, yebo, umuthi wabukeka ufiseleka.’ (Gen. 3:6) Yeka ukuthi lokhu kuhluke kanjani endleleni uJesu asabela ngayo ezilingweni ezintathu! Isikhathi ngasinye, wakwazi ukubona okungale kwaleso silingo esasiphambi kwakhe futhi wacabangela imiphumela yezenzo zakhe. Wancika eZwini likaNkulunkulu futhi wasebenzisa igama likaJehova.
15 Lapho silingelwa ukuba senze izinto ezingamthokozisi uJehova, ikuphi esigxila kukho? Lapho sigxila ngokwengeziwe entweni esilingelwa ukuba siyenze, isifiso esingalungile sokuyenza siyokhula. (Jak. 1:14, 15) Kudingeka sithathe isinyathelo masinyane sokususa leso sifiso, ngisho noma isenzo esinjalo singase sibonakale sinqala njengokususa ilungu elithile lomzimba wethu. (Math. 5:29, 30) NjengoJesu, kudingeka sigxile emiphumeleni yezenzo zethu—indlela eziyobuthinta ngayo ubuhlobo bethu noJehova. Kumelwe sikhumbule lokho iZwi lakhe, iBhayibheli, elikushoyo. Yingale ndlela kuphela esingabonisa ngayo ukuthi uJehova unguMuntu obaluleke kakhulu ekuphileni kwethu.
16-18. (a) Yini engase ibangele izinhliziyo zethu ukuba ziphele amandla? (b) Yini eyosisiza ukuba sibhekane ngokuphumelelayo nezimo ezicindezelayo?
16 Ungalokothi uvumele izinto ezimbi ezikwehlelayo zikwenze ufuthekele uJehova. (IzAga 19:3) Njengoba siya sisondela ekupheleni kwaleli zwe elibi, bayanda abantu bakaJehova abehlelwa izinhlekelele nezinto ezimbi. Asilindele ukuba sivikelwe ngokuyisimangaliso kulesi sikhathi. Noma kunjalo, njengoJobe, singase sithole ukuthi izinhliziyo zethu ziphela amandla lapho sishonelwa esibathandayo noma lapho thina ngokwethu sibhekana nobunzima.
17 UJobe wayengaqondi ukuthi kungani uJehova ayevumela izinto ezithile ukuba zenzeke, nathi ngezinye izikhathi singase singaqondi ukuthi kungani kwenzeka izinto ezimbi. Mhlawumbe sizwé izindaba ngabafowethu abathembekile ababulewe ukuzamazama komhlaba, njengalabo baseHaiti, noma ababulewe enye inhlekelele yemvelo. Noma kungenzeka sazi umgcini wobuqotho othile oye waba isisulu sobudlova noma oye washona engozini esabekayo. Noma kungenzeka kwathina sihlushwa izimo ezithile ezicindezelayo noma izinto esizibona zingenabulungisa. Izinhliziyo zethu ezinomunyu zingase zizibuze: ‘Kungani, Jehova? Kungani kuyimi? Ngoneni?’ (Hab. 1:2, 3) Ezikhathini ezinjalo, yini eyosisiza ukuba sibhekane ngokuphumelelayo nalezo zimo?
18 Kudingeka siqaphele ukuba singaphethi ngokuthi izenzakalo ezinjalo ziyinkomba yokuthi uJehova akajabule ngathi. UJesu waligcizelela leli qiniso lapho ebhekisela ezinhlekeleleni ezimbili ezenzeka osukwini lwakhe. (Funda uLuka 13:1-5.) Izinhlekelele eziningi ziwumphumela ‘wesikhathi nesenzakalo esingalindelekile.’ (UmSh. 9:11) Kodwa kungakhathaliseki ukuthi iyini imbangela yosizi lwethu, singabhekana ngokuphumelelayo naleso simo uma sigxila ‘kuNkulunkulu wenduduzo yonke.’ Uyosinika amandla esiwadingayo ukuze siqhubeke sithembekile.—2 Kor. 1:3-6.
19, 20. Yini eyasiza uJesu ukuba akhuthazelele izimo ezilulazayo, futhi yini engasisiza ukuba senze okufanayo?
19 Ungagxili nanini ekuqhosheni kwakho noma ekwesabeni ukuhlazeka. Ukuthobeka kukaJesu kwamenza ukuba akwazi ‘ukuzidela, athathe isimo senceku.’ (Fil. 2:5-8) Wakwazi ukubekezelela izimo eziningi ezilulazayo ngoba wayencike kuJehova. (1 Pet. 2:23, 24) Ngokwenza kanjalo, uJesu wabeka intando kaJehova kuqala futhi lokho kwamenza waphakanyiselwa esikhundleni esiphakeme. (Fil. 2:9) UJesu wakhuthaza abafundi bakhe ukuba baphishekele indlela yokuphila efanayo.—Math. 23:11, 12; Luka 9:26.
20 Ngezinye izikhathi, olunye uvivinyo lokholo lwethu lungasenza sibe sinamahloni. Noma kunjalo, kufanele siqiniseke njengomphostoli uPawulu owathi: “Ngenxa yalesi sizathu ngiyahlupheka ngalezi zinto, kodwa anginamahloni. Ngoba ngiyamazi lowo engiye ngakholwa nguye, futhi ngiyaqiniseka ukuthi uyakwazi ukukuqapha lokho engimphathise kona kuze kube yilolo suku.”—2 Thim. 1:12.
21. Naphezu kwesimo sengqondo sezwe sobugovu, yini ozimisele ukuyenza?
21 IBhayibheli labikezela ukuthi osukwini lwethu abantu “bayokuba abazithandayo.” (2 Thim. 3:2) Yingakho, sizungezwe isizukulwane esizicabangela sona kuqala. Kwangathi singelokothe singenwe yileso simo sengqondo sobugovu! Kunalokho, kungakhathaliseki ukuthi siyalingwa, sehlelwa izinto ezibuhlungu noma abathile bazama ukusihlaza, kwangathi ngamunye wethu angazimisela ukubonisa ukuthi ngempela uJehova unguMuntu obaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe!
[Umbhalo waphansi]
a Ezinye izazi zeBhayibheli zinomuzwa wokuthi inkulumo ethi “isikhumba ngesikhumba” ingase isikisele ukuthi uJobe wayeyovuma ngobugovu ukuba izingane zakhe nezilwane zilahlekelwe izikhumba zazo, noma ukuphila kwazo, uma nje yena ayezosilondoloza esakhe isikhumba, noma ukuphila. Abanye banomuzwa wokuthi le nkulumo igcizelela ukuthi umuntu angavuma ukulahlekelwa isikhumba esithile uma lokho kuyosindisa ukuphila kwakhe. Ngokwesibonelo, umuntu angase avike ngengalo ukuze angashaywa ekhanda, ngaleyo ndlela alahlekelwe isikhumba esithile ukuze asindise isikhumba sakhe. Kungakhathaliseki ukuthi sisho ukuthini lesi sisho, kusobala ukuthi sisikisela ukuthi uJobe wayengeke abe nankinga yokulahlekelwa yinoma yini uma nje ayezolondoloza ukuphila kwakhe.
Yini Esingayifunda . . .
• endleleni uSathane akhohlisa ngayo u-Eva?
• endleleni uJobe asabela ngayo ezintweni ezibuhlungu ezamehlela?
• kulokho uJesu ayegxile kukho kakhulu?
[Isithombe ekhasini 17]
U-Eva akazange agxile ebuhlotsheni bakhe noJehova
[Isithombe ekhasini 18]
UJesu wazenqaba izilingo zikaSathane, wagxila ekwenzeni intando kaJehova
[Izithombe ekhasini 20]
Ukufakaza ematendeni ngemva kokuzamazama komhlaba eHaiti
Ezikhathini zosizi, singagxila ‘kuNkulunkulu wenduduzo yonke’