UJobe Wadumisa Igama LikaJehova
“Maliqhubeke lituswa igama likaJehova.”—JOBE 1:21.
1. Cishe ubani owabhala incwadi kaJobe, futhi wayibhala nini?
UMOSE wayeneminyaka engaba ngu-40 lapho ebalekela ulaka lukaFaro eGibhithe futhi wayohlala kwaMidiyani. (IzE. 7:23) Kungenzeka ukuthi ngenkathi ehlala kulelo zwe wezwa ngokuvivinywa kukaJobe, owayehlala ezweni eliseduze lase-Uze. Ngemva kweminyaka eminingi, lapho uMose nesizwe sakwa-Israyeli beseduze ne-Uze ngasekupheleni kohambo lwabo ehlane, kungenzeka ukuthi wabe esezwa ngokwenzeka kuJobe kamuva. AmaJuda akholelwa ukuthi uMose wabhala incwadi kaJobe ngemva kokuba uJobe esefile.
2. Incwadi kaJobe izikhuthaza ngaziphi izindlela izinceku zikaJehova namuhla?
2 Incwadi kaJobe iqinisa ukholo lwezinceku zikaNkulunkulu namuhla. Ngaziphi izindlela? Le ndaba isisiza ukuba siqonde izenzakalo ezibaluleke kakhulu ezenzeka ezulwini futhi iqokomisa impikiswano ebalulekile yobukhosi bukaNkulunkulu bendawo yonke. Indaba kaJobe isenza sikuqonde ngokwengeziwe okuhilelekile ekugcineni ubuqotho futhi isisiza ukuba siqonde isizathu esenza ukuba ngezinye izikhathi uJehova avumele izinceku zakhe ukuba zihlupheke. Ngaphezu kwalokho, incwadi kaJobe ichaza uSathane uDeveli njengeSitha sikaJehova esikhulu nesabantu. Le ncwadi ibonisa nokuthi abantu abangaphelele njengoJobe bangabugcina ubuqotho babo kuJehova naphezu kovivinyo olukhulu. Ake sihlole ezinye zezenzakalo ezichazwe encwadini kaJobe.
USathane Uvivinya UJobe
3. Yini esiyaziyo ngoJobe, futhi kungani uSathane amhlasela ngokukhethekile?
3 UJobe wayeyindoda ecebile nenethonya, inzalamizi eziphethe kahle. Kusobala ukuthi wayebhekwa njengomeluleki ohlonishwayo owayesiza abampofu. Okubaluleke kunakho konke ukuthi wayemesaba uNkulunkulu. Uchazwa njengomuntu ‘owayengasoleki futhi eqotho, emesaba uNkulunkulu futhi ekugwema okubi.’ Akuyona ingcebo yakhe noma ukuba kwakhe nethonya okwenza uSathane uDeveli amhlasele ngokukhethekile, kodwa ngukuzinikela kwakhe kokwesaba uNkulunkulu.—Jobe 1:1; 29:7-16; 31:1.
4. Buyini ubuqotho?
4 Incwadi kaJobe iqala ngokulandisa ngomhlangano owawusezulwini lapho izingelosi zama khona phambi kukaJehova. USathane naye wayekhona, futhi wamangalela uJobe. (Funda uJobe 1:6-11.) Nakuba uSathane akhuluma ngezinto uJobe ayenazo, wagxila ekuvivinyeni ubuqotho bukaJobe. Igama elithi “ubuqotho” linomqondo wokuba ongasoleki, olungile nongenaphutha. EBhayibhelini lisetshenziswe ngomqondo wokuzinikela komuntu kuJehova ngenhliziyo ephelele.
5. USathane wathini ngoJobe?
5 USathane wathi uJobe wayekhulekela uNkulunkulu ngenxa yobugovu, hhayi ubuqotho. Wagomela ngokuthi uJobe wayeyoba qotho kuJehova kuphela uma ayeqhubeka embusisa futhi emvikela. Ukuze aphendule ukumangalela kukaSathane, uJehova wamvumela ukuba ayihlasele le ndoda ethembekile. Ngenxa yalokho, ngosuku olulodwa nje, uJobe watshelwa ukuthi imfuyo yakhe yebiwe noma ibulewe, izinceku zakhe zibulewe nezingane zakhe eziyishumi zishonile. (Jobe 1:13-19) Ingabe lokhu kuhlasela kukaSathane kwenza uJobe wabulahla ubuqotho bakhe? Ukulandisa okuphefumulelwe kusitshela indlela uJobe asabela ngayo kule nhlekelele: “UJehova uphile, futhi uJehova uthathile. Maliqhubeke lituswa igama likaJehova.”—Jobe 1:21.
6. (a) Kwenzekani komunye umhlangano owawusezulwini? (b) Obani abanye uSathane ayecabanga ngabo lapho engabaza ubuqotho bukaJobe kuJehova?
6 Kamuva kwaba nomunye umhlangano ezulwini. USathane waphinde wamangalela uJobe, wathi: “Isikhumba ngesikhumba, futhi umuntu uyokhipha konke anakho ngenxa yomphefumulo wakhe. Ngiyacela, ake welule isandla sakho, uthinte kuze kufike ethanjeni lakhe nasenyameni yakhe ubone ukuthi ngeke yini akuthuke khona kanye ebusweni bakho.” Phawula ukuthi kulokhu uSathane wamangalela nabanye abantu. Lapho ethi “Umuntu uyokhipha konke anakho ngenxa yomphefumulo wakhe,” uDeveli wayengangabazi ubuqotho bukaJobe kuphela, kodwa nobawo wonke “umuntu” okhulekela uJehova. Ngemva kwalokho, uNkulunkulu wavuma ukuba uSathane ashaye uJobe ngesifo esibuhlungu. (Jobe 2:1-8) Kodwa uvivinyo lukaJobe aluzange luphelele lapho.
Esikufunda Ebuqothweni BukaJobe
7. UmkaJobe nabantu ababemvakashele bamcindezela ngaziphi izindlela uJobe?
7 Ekuqaleni kwalolu vivinyo, umkaJobe wezwa ubuhlungu obufanayo nobomyeni wakhe. Kumelwe ukuba ukushona kwabantabakhe, ukuphela kwengcebo yabo nokubona umyeni wakhe ephethwe isifo esibuhlungu kwamenza waba lusizi kakhulu. Wathi kuye: “Namanje usabambelele ngokuqinile ebuqothweni bakho? Mthuke uNkulunkulu ufe!” Ngemva kwalokho kwafika amadoda amathathu—u-Elifazi, uBhilidadi noSofari—ayebonakala sengathi eze ukuzomduduza. Esikhundleni sokumduduza, akhuluma amazwi angelona iqiniso futhi azibonakalisa ‘engabaduduzi abayinkathazo.’ Ngokwesibonelo, uBhilidadi wasikisela ukuthi abantwana bakaJobe babenze okubi ngakho ukufa kwakubafanele. U-Elifazi wasikisela ukuthi ukuhlupheka kukaJobe kwakuyisijeziso sezono azenza esikhathini esidlule. Waze wangabaza nokuthi labo abagcina ubuqotho bayigugu kuNkulunkulu! (Jobe 2:9, 11; 4:8; 8:4; 16:2; 22:2, 3) Naphezu kwalokhu kucindezeleka okukhulu, uJobe wagcina ubuqotho bakhe. Yiqiniso, wenza iphutha lapho ethi “umphefumulo wakhe ulungile kunokuba athi nguNkulunkulu olungile.” (Jobe 32:2) Noma kunjalo, wahlala ethembekile phakathi nalo lonke lolu vivinyo.
8. Isiphi isibonelo esihle u-Elihu asibekela abeluleki banamuhla?
8 Ngokulandelayo, sitshelwa ngo-Elihu, naye owayevakashele uJobe. U-Elihu waqale walalela okwakushiwo uJobe nabangane bakhe abathathu. Nakuba ayemncane kunala madoda amane, wabonisa ukuhlakanipha okukhulu. Wakhuluma noJobe ngozwela, embiza ngegama. U-Elihu wancoma uJobe ngobuqotho bakhe. Kodwa wabuye wabonisa ukuthi uJobe wayeye wagxila kakhulu ekuzameni ukufakazela ukuthi wayengenaphutha. U-Elihu wabe eseqinisekisa uJobe ngokuthi ukukhonza uNkulunkulu ngokwethembeka kuzuzisa njalo. (Funda uJobe 36:1, 11.) Yeka isibonelo esihle kulabo okudingeka banikeze iseluleko namuhla! U-Elihu wabonisa isineke, walalelisisa, wancoma lapho kufaneleka khona, futhi wanikeza iseluleko esakhayo.—Jobe 32:6; 33:32.
9. UJehova wamsiza kanjani uJobe?
9 Ekugcineni, uJobe wathola isivakashi esikhetheke kakhulu! Ukulandisa kuthi: “UJehova wamphendula uJobe esivunguvungwini.” Ngomusa kodwa ngendlela eqinile, uJehova wasebenzisa ithala lemibuzo ukuze asize uJobe ukuba alungise ukucabanga kwakhe. UJobe wavuma ukusolwa, wathi: “Ngiyinto engelutho . . . Ngiphenduka othulini nasemlotheni.” Ngemva kokuba uJehova ekhulume noJobe, wathi wayebathukuthelele abangane bakaJobe abathathu ngoba babengazange bakhulume “iqiniso.” Kwadingeka ukuba uJobe abathandazele. Lapho esebathandazele, “uJehova ngokwakhe wasinqanda isimo sobuthunjwa sikaJobe lapho ethandazela abangane bakhe, futhi uJehova waqala ukwenezela kukho konke okwakungokukaJobe, ngokuphindwe kabili.”—Jobe 38:1; 40:4; 42:6-10.
Lujule Kangakanani Uthando Lwethu NgoJehova?
10. Kungani uJehova engazange amzibe noma ambhubhise uSathane?
10 UJehova unguMdali wendawo yonke, uMbusi wendalo yonke. Kungani engazange ayizibe inselele kaDeveli? UNkulunkulu wayazi ukuthi ukuziba uSathane noma ukumbhubhisa kwakungeke kuyixazulule impikiswano ayeyiphakamisile. UDeveli wayethe uJobe, inceku kaJehova enhle kakhulu, wayengeke aqhubeke ethembekile uma ayengase alahlekelwe umcebo wakhe. UJobe wahlala ethembekile naphezu kwalolo vivinyo. USathane wabe esethi noma ubani wayeyomfulathela uNkulunkulu uma ezwa ubuhlungu emzimbeni. UJobe wabuzwa lobo buhlungu, kodwa akazange aphule ubuqotho bakhe. Ngakho, nakuba le ndoda ethembekile yayingaphelele, yabonisa ukuthi uSathane ungumqambimanga. Kuthiwani ngabanye abakhulekeli bakaNkulunkulu?
11. UJesu wayinikeza kanjani impendulo ewujuqu enseleleni kaSathane?
11 Empeleni, inceku kaNkulunkulu ngayinye egcina ubuqotho naphezu kwanoma yini uSathane ayivivinya ngayo ibonisa ukuthi ukumangalela kwaleso sitha esinonya kungamanga. UJesu weza emhlabeni futhi wanikeza impendulo ewujuqu enseleleni kaSathane. UJesu wayephelele njengobaba wethu wokuqala, u-Adamu. Ukwethembeka kwakhe kuze kube sekufeni kwabonisa ngokuphelele ukuthi uSathane ungumqambimanga nokuthi ukumangalela kwakhe kungamanga.—IsAm. 12:10.
12. Inceku kaJehova ngayinye inaliphi ithuba nomthwalo wemfanelo?
12 Noma kunjalo, uSathane usaqhubeka evivinya abakhulekeli bakaJehova. Ngamunye wethu unethuba nomthwalo wemfanelo wokubonisa ngobuqotho bakhe ukuthi ukhonza uJehova ngoba emthanda—hhayi ngenxa yobugovu. Siwubheka kanjani lo mthwalo wemfanelo? Sikubheka njengelungelo ukuba qotho kuJehova. Kuyasiduduza futhi ukwazi ukuthi uJehova usinika amandla okukhuthazela, nokuthi akavumi silingwe ngokungaphezu kwamandla ethu, njengoba kwaba njalo kuJobe.—1 Kor. 10:13.
USathane Uyisitha Esedelelayo Futhi Uyisihlubuki
13. Incwadi kaJobe inikeza miphi imininingwane ngoSathane?
13 ImiBhalo YesiHebheru inemininingwane esitshela ngehlazo likaSathane lokubekela uJehova inselele nelokudukisa isintu. EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki, sithola ukwaziswa okwengeziwe ngokuphikisa kukaSathane uJehova, futhi encwadini yesAmbulo, sifunda ngokulwelwa kobukhosi bukaJehova nangendlela uSathane ayogcina ebhujiswe ngayo. Incwadi kaJobe isisiza ukuba sazi okwengeziwe ngenkambo kaSathane yokuhlubuka. Lapho eya emihlanganweni eyayisezulwini, wayengayi ngenjongo yokudumisa uJehova. Wayenomgomo wokulimaza futhi egcwele inzondo. Ngemva kokumangalela uJobe nokunikezwa imvume yokumvivinya, “uSathane wasuka ebusweni bukaJehova.”—Jobe 1:12; 2:7.
14. Isiphi isimo sengqondo uSathane asibonisa ngoJobe?
14 Ngakho, incwadi kaJobe ibonisa ukuthi uSathane uyisitha sabantu esinonya. UJobe wavivinywa ngonya olukhulu isikhathi esingashiwongo esiphakathi komhlangano owawusezulwini ochazwe kuJobe 1:6 nalowo okukhulunywa ngawo kuJobe 2:1. Ukwethembeka kukaJobe kwenza uJehova athi kuSathane: “Ngisho namanje [uJobe] usabambelele ngokuqinile ebuqothweni bakhe, nakuba ungivusa ukuba ngimgwinye ngaphandle kwesizathu.” Kodwa uSathane akazange avume ukuthi lokho ayekushilo kwakuboniswe kungamanga. Kunalokho, wacela ukuba uJobe avivinywe ngolunye uvivinyo olunzima. Ngakho, uDeveli wavivinya uJobe ngesikhathi esanothile nangesikhathi esedla imbuya ngothi. Kusobala ukuthi uSathane akanazwela ngabantu abaswele noma abakhungethwe izinhlekelele. Uyabazonda abantu abagcina ubuqotho. (Jobe 2:3-5) Noma kunjalo, ukwethembeka kukaJobe kwabonisa ukuthi uSathane ungumqambimanga.
15. Izihlubuki zanamuhla zifana ngani noSathane?
15 USathane uyisidalwa sokuqala esaba isihlubuki. Izihlubuki zanamuhla zibonisa izici ezicishe zifane nezikaDeveli. Izingqondo zazo zingase zonakaliswe umoya wokugxeka abantu abathile emabandleni, abadala noma iNdikimba Ebusayo. Ezinye izihlubuki ziphikisana nokusetshenziswa kwegama likaNkulunkulu elithi Jehova. Azinaso isithakazelo sokufunda ngoJehova noma sokumkhonza. Njengoyise, uSathane, izihlubuki zihlasela ngokukhethekile abantu abaqotho. (Joh. 8:44) Yingakho izinceku zikaJehova zikugwema ngokuphelele ukuxhumana nazo!—2 Joh. 10, 11.
UJobe Wadumisa Igama LikaJehova
16. Isiphi isimo sengqondo uJobe asibonisa ngoJehova?
16 UJobe wasebenzisa igama likaJehova futhi walidumisa. Ngisho nalapho eshaqiswe ukuzwa ngokushona kwabantabakhe, akazange asho lutho olungafanele ngoNkulunkulu. Nakuba enza iphutha ngokuthi nguNkulunkulu owayebangele usizi lwakhe, uJobe walidumisa igama likaJehova. Kwamanye amazwi akhe ayisaga awasho kamuva, uJobe wathi: “Bheka! Ukumesaba uJehova—lokho ngukuhlakanipha, nokubalekela okubi kuwukuqonda.”—Jobe 28:28.
17. Yini eyasiza uJobe ukuba agcine ubuqotho bakhe?
17 Yini eyasiza uJobe ukuba agcine ubuqotho bakhe? Kusobala ukuthi ngaphambi kokuba kugadle izinhlekelele, wayevele enobuhlobo obuhle noJehova. Nakuba singenabufakazi bokuthi uJobe wayazi ukuthi uSathane wayebekele uJehova inselele, wayezimisele ukuhlala eqotho. Wathi: “Ngeke ngiziphuce ubuqotho bami ngize ngiphangalale!” (Jobe 27:5) Wabuhlakulela kanjani lobu buhlobo? Ngokungangabazeki, wayekwazisa lokho ayekuzwile ngokusebenzelana kukaNkulunkulu no-Abrahama, u-Isaka noJakobe, ababeyizihlobo zakhe ezikude. Ukuqaphelisisa kwakhe indalo kwamenza wakwazi ukubona izimfanelo zikaJehova eziningi.—Funda uJobe 12:7-9, 13, 16.
18. (a) UJobe wakubonisa kanjani ukuzinikela kwakhe kuJehova? (b) Sisilingisa ngaziphi izindlela isibonelo sikaJobe esihle?
18 Lokho uJobe akuzwa kwamshukumisela ukuba abe nesifiso sokujabulisa uJehova. Wayenza iminikelo njalo ukuze axolisele amalungu omkhaya wakhe uma mhlawumbe enze okuthile okungamjabulisi uNkulunkulu noma ‘ethuké uNkulunkulu enhliziyweni yawo.’ (Jobe 1:5) Nalapho evivinywa kanzima, uJobe washo izinto ezinhle ngoJehova. (Jobe 10:12) Yeka isibonelo esihle! Nathi kumelwe singenise njalo ulwazi olunembile ngoJehova nangezinjongo zakhe. Sinesimiso esihle sezinto ezingokomoya njengokutadisha, ukuya emihlanganweni yebandla, ukuthandaza nokushumayela izindaba ezinhle. Ngaphezu kwalokho, senza konke esingakwenza ukuze senze igama likaJehova laziwe. Njengoba nje ubuqotho bukaJobe bajabulisa uJehova, kanjalo nobuqotho bezinceku zakhe namuhla bujabulisa inhliziyo yakhe. Le ndaba sizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo.
Uyakhumbula?
• Yini eyenza uSathane uDeveli wanaka uJobe?
• Iluphi uvivinyo uJobe alukhuthazelela, futhi wasabela kanjani?
• Yini eyosisiza ukuba sigcine ubuqotho njengoJobe?
• Sifundani ngoSathane encwadini kaJobe?
[Isithombe ekhasini 4]
Indaba kaJobe isiqaphelisa ngempikiswano ebaluleke kakhulu yobukhosi bukaNkulunkulu bendawo yonke
[Isithombe ekhasini 6]
Iziphi izimo ezingavivinya ubuqotho bakho?