Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 8/15 kk. 27-31
  • Phishekela Ukuthula

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Phishekela Ukuthula
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Sikhubeka
  • Lapho Ukungezwani Kuhilela Abaningi
  • Lapho Ucelwa Ukuba Usize
  • Ingabe Kufanele Siphishekele Ukuthula Nalapho Kungafanele?
  • Ukuphishekela Ukuthula Kuletha Izibusiso
  • ‘Funa Ukuthula Futhi Ukuphishekele’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • ‘Phishekela Izinto Ezibangela Ukuthula’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indlela Ongathola Ngayo Ukuthula Kwaphezulu Ngokugcwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ukuthula—Ungakuthola Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 8/15 kk. 27-31

Phishekela Ukuthula

“Masiphishekele izinto ezibangela ukuthula.”—ROMA 14:19.

1, 2. Kungani oFakazi BakaJehova benokuthula phakathi kwabo?

KUNZIMA ukuthola ukuthula kweqiniso ezweni lanamuhla. Ngisho nabantu bohlanga olulodwa, abakhuluma ulimi olulodwa, bavame ukuhlukaniswa inkolo, ezombusazwe nezenhlalo. Ngokungafani nabo, abantu bakaJehova banobunye naphezu kokuba bevela “kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi.”—IsAm. 7:9.

2 Isimo esinokuthula ngokuvamile esikhona phakathi kwethu asenzeki ngephutha nje. Ngokuyinhloko yingoba ‘sijabulela ukuthula noNkulunkulu’ esikuthola ngokubonisa ukholo eNdodaneni yakhe, egazi layo elachitheka lemboza izono zethu. (Roma 5:1; Efe. 1:7) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu weqiniso unikeza izinceku zakhe ezithembekile umoya ongcwele, futhi izithelo zalowo moya zihlanganisa nokuthula. (Gal. 5:22) Esinye isizathu sokuba sibe nobunye obunokuthula ukuthi ‘asiyona ingxenye yezwe.’ (Joh. 15:19) Kunokuba sicheme ezindabeni zezombusazwe, asithathi hlangothi. Njengoba sesiye ‘sakhanda izinkemba zethu zaba ngamageja,’ asihlanganyeli ezimpini zombango noma zamazwe.—Isaya 2:4.

3. Ukuthula esingaba nakho kwenza ukuba sikwazi ukwenzani, futhi sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Ukuthula esingaba nakho phakathi kwethu kudlulela ngale kokugwema ukulimaza abafowethu. Nakuba ibandla loFakazi BakaJehova esikulo lingase lakhiwe abantu bezinhlanga namasiko ahlukahlukene, ‘siyathandana.’ (Joh. 15:17) Ukuthula esinakho kusenza “senze okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.” (Gal. 6:10) Ipharadesi lethu elingokomoya liyinto okufanele siyazise futhi siyiqaphe. Ngakho-ke, ake sihlole izindlela esingase siphishekele ngazo ukuthula ebandleni.

Lapho Sikhubeka

4. Yini esingayenza ukuze siphishekele ukuthula lapho sone othile?

4 Umfundi uJakobe wabhala: “Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo.” (Jak. 3:2) Ngakho, izingxabano nokungezwani phakathi kwamaKristu kuyovela nakanjani. (Fil. 4:2, 3) Nokho, izinkinga phakathi kwabantu ababili zingaxazululwa ngaphandle kokuphazamisa ukuthula kwebandla. Ngokwesibonelo, cabanga ngeseluleko okufanele sisisebenzise uma siqaphela ukuthi kungenzeka sone othile.—Funda uMathewu 5:23, 24.

5. Singakuphishekela kanjani ukuthula lapho soniwe?

5 Kufanele senzenjani uma kuyinto encane esoniwe ngayo? Ingabe kufanele silindele ukuba osonile eze kithi azoxolisa? Eyoku-1 Korinte 13:5 ithi: “[Uthando] alunamagqubu.” Lapho soniwe, sisuke siphishekela ukuthula uma sithethelela futhi sikhohlwe, okuwukuthi, singabambi “amagqubu.” (Funda eyabaseKolose 3:13.) Ukoniwa okuncane kwansuku zonke kungasingathwa kangcono ngale ndlela, ngoba ukwenza kanjalo kwenza kube nokuthula phakathi kwamaKristu futhi sibe nokuthula kwengqondo. Isaga esihlakaniphile sithi: “Kungubuhle . . . ukweqa isiphambeko.”—IzAga 19:11.

6. Yini okufanele siyenze uma sikuthola kunzima ukudlulisa ukoniwa?

6 Kufanele senzenjani uma sikuthola kunzima kakhulu ukudlulisa ukoniwa? Ngokuqinisekile, ukusakaza indaba kubo bonke abantu abazimisele ukusilalela akuyona inkambo yokuhlakanipha. Inhlebo enjalo imane nje iphazamise ukuthula kwebandla. Yini okufanele siyenze ukuze sixazulule inkinga ngokuthula? UMathewu 18:15 uthi: “Uma umfowenu ona, hamba uyomambulela iphutha lakhe phakathi kwakho naye ninodwa. Uma ekulalela, uyobe umzuzile umfowenu.” Nakuba uMathewu 18:15-17 ekhuluma ngesono esingathí sina, isimiso esisevesini 15, sibonisa ukuthi kufanele siye kumuntu osonile ngasese futhi sizame ngomusa ukubuyisela ubuhlobo obunokuthula naye.a

7. Kungani kufanele sisheshe sixazulule izingxabano?

7 Umphostoli uPawulu wabhala: “Thukuthelani, kodwa ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka, futhi ningamniki uDeveli indawo.” (Efe. 4:26, 27) UJesu wathi: “Lungisa izindaba masinyane nalowo okumangalele emthethweni.” (Math. 5:25) Ngakho, ukuphishekela ukuthula kusho ukulungisa izindaba ngokushesha. Kungani? Ngoba ukwenza kanjalo kuvimbela ukungezwani ukuba kungabhibhi kuhle kwesilonda esinamagciwane esinganakwa. Masingavumeli ukuqhosha, umona noma ukuthanda kakhulu izinto ezibonakalayo kusivimbele ukuba sixazulule izingxabano ngokushesha.—Jak. 4:1-6.

Lapho Ukungezwani Kuhilela Abaningi

8, 9. (a) Ikuphi ukungaboni ngaso linye okwakukhona ebandleni laseRoma langekhulu lokuqala? (b) Isiphi iseluleko uPawulu asinikeza amaKristu aseRoma ngokuphathelene nengxabano yawo?

8 Ngezinye izikhathi ukungezwani ebandleni akuhileli nje abantu ababili kodwa abaningi. Yilokho okwenzeka kumaKristu aseRoma umphostoli uPawulu awabhalela incwadi ephefumulelwe. Kwakunokungezwani phakathi kwamaKristu angamaJuda naweZizwe. Abathile kulelo bandla babebabukela phansi labo ababenonembeza ababuthaka noma abazwela ngokweqile. Labo bantu babehlulela abanye ngokungafanele ezindabeni zomuntu siqu. Isiphi iseluleko uPawulu asinikeza lelo bandla?—Roma 14:1-6.

9 UPawulu wabeluleka labo bantu nhlangothi zombili. Watshela labo ababeqonda ukuthi babengasekho ngaphansi koMthetho KaMose ukuba bangababukeli phansi abafowabo. (Roma 14:2, 10) Isimo sengqondo esinjalo sasingakhuba amakholwa ayesakuthola kukubi ukudla izinto ezazenqatshelwe ngaphansi koMthetho. UPawulu wabayala: “Yekani ukudiliza umsebenzi kaNkulunkulu ngenxa nje yokudla. . . . Kuhle ukungayidli inyama noma ukungaliphuzi iwayini noma ukungenzi noma yini umfowenu akhubeka ngayo.” (Roma 14:14, 15, 20, 21) Ngakolunye uhlangothi, uPawulu weluleka amaKristu ayenonembeza abazwela ngokweqile ukuba angabahluleli njengabangathembekile labo ababenombono osabalele. (Roma 14:13) Watshela ‘wonke umuntu owayelapho ukuba angazicabangi emkhulu kunalokho okudingeka ukuba akucabange.’ (Roma 12:3) Njengoba ayenikeza iseluleko nhlangothi zombili zale ngxabano, uPawulu wabhala: “Ngakho-ke masiphishekele izinto ezibangela ukuthula nezinto ezakhayo komunye nomunye.”—Roma 14:19.

10. Njengasebandleni laseRoma langekhulu lokuqala, yini edingekayo ukuze sixazulule ukungezwani namuhla?

10 Singaqiniseka ngokuthi ibandla laseRoma lasabela kahle eselulekweni sikaPawulu futhi lenza ushintsho olwaludingeka. Lapho kuba nokungezwani phakathi kwamaKristu namuhla, akufanele yini nathi sixazulule ukungezwani ngomusa, ngokuba sifune futhi sisebenzise iseluleko esingokomBhalo ngokuthobeka? Njengoba kwadingeka kumaKristu aseRoma, namuhla abantu bazo zombili izinhlangothi zengxabano kungase kudingeke benze ukulungisa ukuze ‘babe nokuthula phakathi kwabo.’—Marku 9:50.

Lapho Ucelwa Ukuba Usize

11. Yini umdala okufanele ayiqaphele uma umKristu efuna ukukhuluma naye ngokungezwani kwakhe nomunye umKristu?

11 Kuthiwani uma umKristu efuna ukukhuluma nomdala ngenkinga anayo nesihlobo noma nomunye umKristu? IzAga 21:13 zithi: “Noma ngubani ovala indlebe yakhe ukuze angakuzwa ukukhalaza komuntu ophansi, naye ngokwakhe uyobiza angaphendulwa.” Ngokuqinisekile, umdala ngeke ‘avale indlebe yakhe.’ Nokho, esinye isaga siyaxwayisa: “Ongowokuqala ukweneka udaba lwakhe ecaleni ubonakala elungile kuze kube yilapho ophikisana naye eqala ukumphenya.” (IzAga 18:17, New English Translation) Umdala kufanele alalele ngomusa kodwa kudingeka aqikelele ukuba angathathi uhlangothi lwalowo obika ukoniwa. Ngemva kokulalela indaba, angase abuze owoniwe ukuthi usekhulumile yini nalowo omonile. Umdala angase futhi abukeze izinyathelo ezingokomBhalo lowo owoniwe angase azithathe ukuze aphishekele ukuthula.

12. Nikeza izibonelo ezibonisa ingozi yokusabela ngamawala lapho uzwa isikhalo sothile.

12 Izibonelo ezintathu eziseBhayibhelini ziqokomisa ingozi yokusabela ngamawala ngemva kokuzwa uhlangothi olulodwa lwendaba. UPotifari wakholwa lokho akutshelwa umkakhe ukuthi uJosefa wayezame ukumdlwengula. Ethukuthele ngokungafanele, uPotifari wayala ukuba uJosefa aphonswe etilongweni. (Gen. 39:19, 20) INkosi uDavide yakholwa uZiba, owathi inkosi yakhe, uMefibhosheti, yayicheme nezitha zikaDavide. UDavide wasabela ngamawala wathi: “Bheka! Kungokwakho konke okungokukaMefibhosheti.” (2 Sam. 16:4; 19:25-27) INkosi u-Aritahishashita yatshelwa ukuthi amaJuda ayakha kabusha izindonga zaseJerusalema futhi ayesezohlubuka eMbusweni WasePheresiya. Inkosi yawukholelwa lowo mbiko ongamanga futhi yayala ukuba uyekwe wonke umsebenzi wokwakha kabusha iJerusalema. Ngenxa yalokho, amaJuda awuyeka umsebenzi wokwakha ithempeli likaNkulunkulu. (Ezra 4:11-13, 23, 24) Abadala abangamaKristu benza ngokuhlakanipha ngokulalela iseluleko uPawulu asinikeza uThimothewu sokugwema ukwenza izinqumo ngokuphamazela.—Funda eyoku-1 Thimothewu 5:21.

13, 14. (a) Ikuphi ukulinganiselwa sonke esinakho ngokuphathelene nezingxabano zabanye? (b) Iluphi usizo abadala abanalo ekwenzeni izinqumo ezifanele ngokuphathelene namanye amaKristu?

13 Ngisho noma kubonakala sengathi sezivezwe zombili izinhlangothi, kubalulekile ukuqaphela ukuthi “uma umuntu ecabanga ukuthi usezuze ulwazi lokuthile, akakakwazi njengoba kufanele akwazi.” (1 Kor. 8:2) Siyazi yonke yini imininingwane eholele engxabanweni? Singaziqonda yini ngokuphelele izizinda zabantu abahilelekile? Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba abadala bangavumi ukukhohliswa amanga, ubuqili noma inzwabethi, lapho becelwa ukuba bahlulele! UMahluleli omiswe uNkulunkulu, uJesu Kristu, wahlulela ngokulunga. Akahluleli ‘ngokwanoma yikuphi okubonakala emehlweni akhe, noma amane asole ngokwento ayizwe ngezindlebe.’ (Isaya 11:3, 4) Kunalokho, uJesu uqondiswa umoya kaJehova. Ngokufanayo, abadala abangamaKristu bangacela umoya ongcwele kaNkulunkulu ubaqondise.

14 Ngaphambi kokuba benze izinqumo eziphathelene namakholwa akanye nabo, abadala kudingeka bathandaze bacele usizo lomoya kaJehova futhi bancike esiqondisweni sawo ngokuhlola iZwi lakhe nezincwadi ezikhishwa isigaba senceku ethembekileyo neqondayo.—Math. 24:45.

Ingabe Kufanele Siphishekele Ukuthula Nalapho Kungafanele?

15. Kunini lapho kufanele sibike khona isono esingathí sina esisaziyo?

15 NjengamaKristu, sinxuswa ukuba siphishekele ukuthula. Nokho, iBhayibheli libuye lithi: “Ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumsulwa, [bese kuba] nokuthula.” (Jak. 3:17) Ukuba nokuthula kulandela ubumsulwa, okuwukuthi, ukunamathela ezindinganisweni zikaNkulunkulu zokuziphatha ezihlanzekile nokuhlangabezana nezimfuneko zakhe zokulunga. Uma umKristu azi ngesono esingathí sina esenziwe omunye umKristu, kufanele amkhuthaze ukuba ayosivuma kubadala. (1 Kor. 6:9, 10; Jak. 5:14-16) Uma umenzi wobubi engakwenzi lokho, umKristu owaziyo ngaleso sono kufanele asibike. Uma engakwenzi lokho ngoba ethi uzama ukulondoloza ukuthula nesoni, uyobe enza iphutha futhi ehlanganyela kulobo bubi.—Lev. 5:1; funda izAga 29:24.

16. Yini esingayifunda endabeni kaJehu neNkosi uJehoramu?

16 Okunye ukulandisa okuhilela uJehu kubonisa ukuthi ukulunga kukaNkulunkulu kubaluleke kakhulu kunokuthula. UNkulunkulu wathuma uJehu ukuba ayokhipha isahlulelo saKhe endlini yeNkosi u-Ahabi. Inkosi embi uJehoramu, indodana ka-Ahabi noJezebeli, yagibela inqola yayo iyohlangabeza uJehu futhi yathi kuye: “Ingabe kukhona ukuthula, Jehu?” UJehu waphendula wathini? Wathi: “Kuthula kuni okungaba khona uma kusekhona ubufebe bukaJezebeli unyoko nobuthakathi bakhe obuningi?” (2 AmaKh. 9:22) Ngaso leso sikhathi, uJehu wakhipha umnsalo wakhe wacibishela uJehoramu enhliziyweni. Njengoba nje uJehu athatha isinyathelo, abadala kufanele bangakudebeseleli ukuthatha isinyathelo ngabantu abona ngamabomu nabangaphenduki ngoba bethi bagcina ukuthula. Bayazixosha izoni ezingaphenduki ukuze ibandla liqhubeke linokuthula noNkulunkulu.—1 Kor. 5:1, 2, 11-13.

17. Iyiphi indima wonke amaKristu anayo ekuphishekeleni ukuthula?

17 Izingxabano eziningi eziba khona phakathi kwabafowethu azihileli ukoniwa okungathí sina okudinga ikomiti yokwahlulela. Ngakho, yeka ukuthi kuhle kangakanani ukumboza amaphutha abanye ngothando. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Omboza iseqo ufuna uthando, nalowo oqhubeka ekhuluma ngendaba uhlukanisa abantu abangabangane.” (IzAga 17:9) Ukulalela lawo mazwi kuyosisiza sonke ukuba silondoloze ukuthula ebandleni nobuhlobo obuhle noJehova.—Math. 6:14, 15.

Ukuphishekela Ukuthula Kuletha Izibusiso

18, 19. Iziphi izinzuzo ezitholakala ngokuphishekela ukuthula?

18 Ukuphishekela “izinto ezibangela ukuthula” kusilethela izibusiso ezicebile. Sijabulela ubuhlobo obuseduze noJehova njengoba silingisa izindlela zakhe, futhi siba nesandla ebunyeni obunokuthula bepharadesi lethu elingokomoya. Ukuphishekela ukuthula ngaphakathi ebandleni kusisiza sibone nezindlela esingakuphishekela ngazo ukuthula nalabo esibashumayeza “izindaba ezinhle zokuthula.” (Efe. 6:15) Sikuhlomela kangcono ‘ukuba mnene kubo bonke, sizibambe ngaphansi kobubi.’—2 Thim. 2:24.

19 Khumbula nokuthi kuyoba khona “uvuko lwabalungile nabangalungile.” (IzE. 24:15) Lapho lelo themba ligcwaliseka emhlabeni, izigidi zabantu ezinezizinda, izimo zengqondo nobuntu obuhlukahlukene, ziyobuyiselwa ekuphileni—futhi ziyohlanganisa bonke abafa kusukela “ekusungulweni kwezwe”! (Luka 11:50, 51) Ukufundisa abavusiwe izindlela zokuthula kuyoba yilungelo elikhulu ngempela. Yeka ukuthi ukuqeqeshwa esikuthola manje ukuba sibe abenzi bokuthula kuyoba usizo kangakanani ngaleso sikhathi!

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole isiqondiso esingokomBhalo mayelana nezono ezingathí sina ezinjengokunyundela nokukhwabanisa, bheka INqabayokulinda ka-October 15, 1999, amakhasi 17-22.

Ufundeni?

• Singakuphishekela kanjani ukuthula uma sone othile?

• Yini okufanele siyenze ukuze siphishekele ukuthula lapho soniwe?

• Kungani kungekhona ukuhlakanipha ukuthatha uhlangothi ezingxabanweni zabanye?

• Chaza ukuthi kungani kungafanele siphishekele ukuthula ngisho nalapho kungafanele khona.

[Izithombe ekhasini 29]

UJehova uyabathanda labo abathethelela abanye ngokukhululekile

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela