ISIFUNDO 4
ImiBhalo Yethulwe Kahle
Mathewu 22:41-45
OKUFANELE UKWENZE: Ngaphambi kokufunda umBhalo, siza izilaleli zakho zazi ukuthi uwufundelani.
INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:
Yazi ukuthi uwufundelani umBhalo. Yethula umBhalo ngendlela ezosiza izilaleli zakho zilithole iphuzu ofisa ukulicacisa ngalowo mBhalo.
Bonisa ukuthi lokho okushoyo kuvela eZwini likaNkulunkulu. Uma ukhuluma nabantu abakholelwa kuNkulunkulu, sebenzisa amazwi anjengokuthi ‘iZwi likaNkulunkulu,’ lapho ukhuluma ngeBhayibheli ukuze babone ukuthi linokuhlakanipha okuvela kuMuntu ophakeme kunabo bonke.
Yenza izilaleli zakho zithande ukuzwa ukuthi umBhalo uthini. Buza umbuzo ozowuphendula ngomBhalo, veza inkinga lelo vesi elizoyixazulula, noma uveze iphuzu elithile kulowo mBhalo elizosiza izilaleli zakho ziliqonde iphuzu okhuluma ngalo.