Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be k. 9-k. 12 isig. 3
  • Jabulela IZwi LikaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Jabulela IZwi LikaNkulunkulu
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lalela Njengoba UJehova Ekhuluma
  • Funda IBhayibheli Nsuku Zonke
  • Lifunde Lonke IZwi LikaNkulunkulu
  • Ukuzuza Ekufundeni IBhayibheli Nsuku Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Funda Ngokuzimisela
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ukufunda IBhayibheli—Kuyazuzisa Futhi Kumnandi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Indlela Yokufunda Nokukhumbula
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be k. 9-k. 12 isig. 3

Jabulela IZwi LikaNkulunkulu

UYAJABULA umuntu ‘onjabulo yakhe isemthethweni kaJehova.’ Umuntu onjalo ufunda iZwi likaNkulunkulu “ngezwi eliphansi imini nobusuku.” (IHu. 1:1, 2, NW) Uba nayo yini injabulo enjalo? Ungayandisa kanjani injabulo oyilethelwa yiZwi likaNkulunkulu?

Lalela Njengoba UJehova Ekhuluma

Ungamane ufunde amagama nje. Sibone ngamehlo engqondo isimo ofunda ngaso. Wezwe amazwi alabo abacashuniwe. Njengoba ufunda isahluko sokuqala seBhayibheli, muzwe uJehova ngokwakhe ekwembula ngokulandelana lokho okwenziwayo ukuze umhlaba ufanelekele ukuhlalwa ngumuntu. Lalela njengoba etshela iNdodana yakhe, iNgcweti Yesisebenzi, ukuthi sesifikile isikhathi sokudala abantu bokuqala. Sibone ngamehlo engqondo isimo: U-Adamu no-Eva bayahlubuka, uNkulunkulu uyabahlulela, abese ebakhipha ePharadesi. (Genesise, izahl. 1-3) Zizwe ushaywa luvalo lapho ufunda ukuthi izwi elivela ezulwini lichaza uJesu Kristu ngokuthi uyiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, nethunywe nguNkulunkulu ukuba ifele isintu. (Math. 3:16, 17) Zama ukubona ngeso lengqondo ukusabela komphostoli uJohane lapho ezwa uJehova ethi: “Bheka! Ngenza zonke izinto zibe zintsha.” (IsAm. 21:5) Ngempela, ukufunda iZwi likaNkulunkulu ngale ndlela kuyisenzo esijabulisayo!

Qhubeka ufunda ukwaziswa okuphefumulelwe futhi uJehova uyomazi njengomuntu omkhulu nowesabekayo. Uyozizwa usondelana kakhulu naLowo osithandayo, osebenzelana nathi ngesihe nosisizayo uma sizama ukwenza intando yakhe ngokuthobeka futhi asibonise indlela yokuphumelela kukho konke esikwenzayo.—Josh. 1:8; IHu. 8:1; Isaya 41:10.

Lapho uzinika isikhathi esiningi sokufunda iBhayibheli, uyokwaneliseka ngokwengeziwe njengoba ukhula olwazini lwenjongo kaNkulunkulu ngawe. Kodwa injabulo iyoba ngaphezu kwalokho. Lapho ukufunda kwakho kukunikeza usizo oludingayo ukuze ubhekane ngokuhlakanipha nezinkinga, uyozizwa njengomhubi owathi: “Izikhumbuzo zakho ziyamangalisa. Yingakho umphefumulo wami uzigcinile.” (IHu. 119:129, NW) Nawe uyojabula njengoba uqonda izimiso ezivela emiBhalweni zokukusiza ukuba ulolonge ukucabanga nezifiso zakho ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu.—Isaya 55:8, 9.

IBhayibheli linikeza isiqondiso sokuziphatha esisivikela ekulimaleni futhi sisibonise indlela efanele. Njengoba silifunda, sithola umuzwa wokuthi uJehova unguBaba owaziyo ukuthi iziphi izinkinga ezingaba umphumela wokwehlulwa izifiso zenyama engaphelele. Akafuni sihlushwe imiphumela enzima esiyoyithola nakanjani uma sidelela izindinganiso zakhe eziphakeme. Uyasikhathalela futhi ufuna sijabulele indlela engcono kakhulu yokuphila. Ukufunda kwethu iZwi lakhe kusisiza ukuba sikuqonde ngokugcwele ukuthi kuyisibusiso kanjani ukuba naye njengoNkulunkulu wethu noBaba osezulwini.

Funda IBhayibheli Nsuku Zonke

Umhubi wathi ngomuntu ofunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke: “Konke akwenzayo kuyophumelela.” (IHu. 1:3, NW) Yebo, naphezu kokungapheleli kwethu, naphezu kokuphila kwethu esimisweni sezinto sikaSathane esibi, futhi naphezu kwemizamo kaDeveli yokusishwabadela, ukufunda iZwi likaNkulunkulu njalo nokusebenzisa elikushoyo kuyosisiza siphumelele kukho konke okuphathelene nobuhlobo bethu noJehova.

Njengoba sicindezelwe yilesi simiso esidala, ukuthola imiqondo yoMdali ngisho nangemizuzu nje embalwa eyigugu usuku nosuku kungasinika amandla. Abanye ababeboshelwe ukholo lwabo babethola kuphela amavesi ahlukahlukene ezihlokweni zamaphephandaba. Babewasika, bawabambe ngekhanda futhi bazindle ngawo. UJehova wayibusisa imizamo yabo ngoba benza lokho izimo zabo ezazikuvumela ukuze bathole ulwazi lweZwi likaNkulunkulu. (Math. 5:3) Nokho, abaningi bethu banenkululeko enkulu kakhulu kunalokho. Akumelwe siphethe ngokuthi ukufunda ngokuxhamazela ivesi leBhayibheli kanye ngosuku kuyoba nethonya eliyisimangaliso. Siyothola izibusiso nokho uma sihlela izinto zethu eziza kuqala ukuze sifunde ingxenye yeBhayibheli usuku ngalunye, sicabange ngayo futhi siyisebenzise ekuphileni kwethu.

Iqiniso liwukuthi noma singahlela kahle kanjani, singaphazamiseka. Lapho lokho kwenzeka, sinakekela izinto ezibaluleke ngempela kuqala. Ngokwesibonelo, ngeke sihlale singawaphuzi ngamabomu amanzi usuku olulodwa noma ezimbili. Khona-ke, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani ekuphileni kwethu kwansuku zonke, kumelwe sisebenzise isikhathi esithile siziqabula ngamanzi eqiniso.—IzE. 17:11.

Lifunde Lonke IZwi LikaNkulunkulu

Ingabe wake walifunda lonke iBhayibheli? Abanye baye bazizwa bephela amandla uma becabanga ngokufunda kusuka kuGenesise kuya kusAmbulo. Noma kunjalo, abaningi ababefuna ukulifunda lonke iBhayibheli baqala ngokufunda imiBhalo YamaKristu YesiGreki. Ngani? Mhlawumbe ngenxa yokuthi bakuthola kulula ukubona indlela lezo zincwadi zeBhayibheli ezibathinta ngayo njengabantu abafuna ukuhamba ezinyathelweni zikaKristu. Noma mhlawumbe kwakungenxa yokuthi imiBhalo YamaKristu YesiGreki yayingabonakali iminingi kangako—ingaphezudlwana nje kwengxenye yesine yeBhayibheli. Kodwa lapho sebeqedile ukufunda lezo zincwadi ezingu-27, babe sebephendukela ezincwadini ezingu-39 zemiBhalo YesiHeberu, baqala ukuyifunda nokuyijabulela. Lapho beqeda imiBhalo YesiHeberu, babe sebenesimiso sokulifunda njalo iBhayibheli, ngakho baqhubeka, bafunda imiBhalo YamaKristu YesiGreki okwesibili, futhi ababange besayeka. Kwangathi nawe ngokufanayo ungenza ukufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke kube umkhuba wokuphila kwakho konke.

Ingabe ukhona ekhaya noma ebandleni ongakwazi ukufunda? Kungani ungaceli ukumfundela iBhayibheli njalo lowo muntu? Uyozuza, futhi naye uyozuza njengoba ezindla ngalokho akuzwayo abese ekusebenzisa ekuphileni kwakhe.—IsAm. 1:3.

Ngokuhamba kwesikhathi, ungase uthande ukwenza ukucwaninga okukhethekile ekufundeni kwakho iBhayibheli. Okunye kwalokhu kungakhulisa ukuqonda kwakho ukuhlobana kwezingxenye ezihlukahlukene zeBhayibheli. Uma iBhayibheli lakho linezikhombo ezibhekisela kweminye imibhalo, zingase zikuyise ekwazisweni okungokomlando nasekwazisweni okufanayo kweminye imibhalo. Zingakusiza ukuba uqonde izimo ezaholela ekubhalweni kwamahubo ahlukahlukene kanye nezincwadi ezabhalwa abaphostoli bakaJesu Kristu. I-Insight on the Scriptures inikeza ukwaziswa okuyisisekelo nokujulile ngabantu, izindawo nezimfanelo okukhulunywa ngazo eBhayibhelini. Amashadi adonsela ukunakekela ekugcwalisekeni kweziprofetho zeBhayibheli, abonise ukuthi yimaphi amakhosi nabaprofethi ababephila ngasikhathi sinye, anikeze nezikhathi okwenzeka ngazo izenzakalo zeBhayibheli eziningi.

Njengoba uzindla ngalokho okufundayo, uyoqonda ukuthi kungani kwaphakama izimo ezithile kubantu bakaNkulunkulu. Uyothola futhi ukuthi kungani uJehova enza ngendlela enza ngayo kubantu bakhe. Uyobona ukuthi uJehova uzibheka kanjani izinto ezenziwa ohulumeni, abantu bebonke nabantu ngabanye. Lokhu kuyokwenza uyibone kangcono indlela acabanga ngayo.

Umlando weBhayibheli uyokuthakazelisa nakakhulu uma uzibona ngamehlo engqondo izindawo okwenzeka kuzo izinto. Amabalazwe ezindawo eziseBhayibhelini abonisa isimo sezwe kanye namabanga phakathi kwezindawo. Ngokwesibonelo, kukuphi ngokuthe ngqó lapho ama-Israyeli awela khona uLwandle Olubomvu? Lalingakanani iZwe Lesithembiso? UJesu wahamba ibanga elingakanani lapho enza inkonzo yakhe yasemhlabeni? UPawulu wabona ziphi izindawo ohambweni lwakhe lwezithunywa zevangeli? Amabalazwe nokuchazwa kokuma kwezwe kunikeza imininingwane eyokwenza ukufunda kwakho kuphile. Ungawatholaphi amabalazwe abonisa amazwe aseBhayibhelini? Amanye akhona kuyi-New World Translation of the Holy Scriptures. Imiqulu ye-Insight iqukethe amabalazwe angu-70 futhi ekugcineni komqulu wokuqala kune-index yamabalazwe. Sebenzisa i-Watch Tower Publications Index ukuze uthole amanye amabalazwe. Uma ungenawo la mathuluzi, sebenzisa amabalazwe akhishwa kuyi-Nqabayokulinda ukuze akusize ekufundeni kwakho iBhayibheli.

EmiBhalweni YesiHeberu, iNkosi uDavide yadumisa uJehova, yathi: “Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi; bukhulu kangaka ubuningi bayo.” (IHu. 139:17) EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki, umphostoli uPawulu wadumisa uJehova ngoba “Ukhanyisé izinhliziyo zethu ukuze azenze zikhanye ngolwazi olukhazimulayo lukaNkulunkulu ngobuso bukaKristu.” (2 Kor. 4:6) Isikhathi sokuphila kukaDavide noPawulu sasihlukene ngamakhulu eminyaka; nokho, bobabili balijabulela iZwi likaNkulunkulu. Nawe ungalijabulela uma uzinika isikhathi sokufunda konke uJehova akunike kona emakhasini eZwi lakhe eliphefumulelwe.

KWENZE KUPHUMELELE UKUFUNDA IBHAYIBHELI NSUKU ZONKE

Ingxenye enkulu yemfundo enikezwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini isekelwe esimisweni sokufunda iBhayibheli. Sikunxusa ukuba uhlanganyele kuso.

Ingxenye elingene yeBhayibheli ihlelelwa ukufundwa ngumuntu siqu nokufundwa esikoleni isonto ngalinye. Lokhu kuyokwenza ugcine ulifunde lonke iBhayibheli.

Ukuze ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kube ingxenye yokuphila kwakho, bekela eceleni isikhathi sako—mhlawumbe ekuseni ngovivi, ntambama, ngesikhathi sokudla kwakusihlwa noma ngaphambi kokulala. Ukufunda ngokubhuduzela iziqeshana zalo nje phakathi nosuku uma kwenzeka uba nesikhathi ngeke kukwenze ukuba ulifunde njalo.

Uma uyinhloko yomkhaya, bonisa ukukhathalela ngokusiza amalungu omkhaya ukuba alandele isimiso esiqondile. Ukufunda iBhayibheli njengomkhaya kungakhuthaza amalungu omkhaya ukuba azifundele ngokwawo iBhayibheli.

Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kudinga ukuzithiba. Awuzalwanga unesifiso sako. Kudingeka ‘wakhe ukulilangazelela’ iZwi likaNkulunkulu. (1 Pet. 2:2) Njengoba uhlakulela lo mkhuba, ukulangazelela kwakho ukudla okungokomoya kuyokhula. Uyobe usuthola ukuthi ufuna ukunaba nakakhulu ngokwenza ukucwaninga okukhethekile ekufundeni iBhayibheli nasekutadisheni ukuze ujulise ukuqonda nokwazisa kwakho ngengcebo engokomoya uJehova asinike yona.

Lapho ufunda iBhayibheli, zinike isikhathi sokuzindla ngalokho okufundayo—lokho elikutshela kona ngoJehova, nendlela elingakuthinta ngayo ukuphila kwakho ngokunenzuzo, nokuthi ungalisebenzisa kanjani ukuze usize abanye.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela